Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibono Ehlala Njalo

Imibono Ehlala Njalo

Imibono Ehlala Njalo

UNYAKA ngamunye, oFakazi BakaJehova bayabuthana emazweni abakuwo babe nemihlangano yesifunda neyesigodi. Lokhu bakwenzela ukuba bathole imfundo nobudlelwane obakhayo ngokomoya. Kodwa nezinye izici zemibuthano yabo zingashiya izivakashi zinemibono ehlala njalo.

Ngokwesibonelo, ngo-July 1999, izinkulungwane zoFakazi BakaJehova eMozambique zabuthana izinsuku ezintathu ezicebisayo eMihlanganweni Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho.’ Abaningi balabo ababekhona babeqala ukuba semhlanganweni. Bahlabeka umxhwele hhayi ngenxa yamazwi abawezwa ezinkulumweni kuphela kodwa futhi nangenxa yalokho abakubona endaweni ababekuyo.

Omunye wababeseHholo Lomhlangano LaseMaputo wathi: “Angikaze ngiyibone indawo enhle kanjena kukho konke ukuphila kwami! Izindlu zangasese zazinensipho nezibuko, futhi zazinephunga lokuhlanzeka. Kwakunokuthula yonke indawo, kungekho msindo wezingane ezilwayo. Kwakungekho kududulana! Ngabona intsha ejabule ixoxa ngezinto ezikhuthazayo. Yangihlaba umxhwele nendlela wonke umuntu ayegqoke kahle ngayo. Ngokuzayo, ngiyofika nezingane zami ngenze nomyeni wami abone ukuthi kumelwe size kulo mhlangano.”

Yebo, ukwethembeka, ubuqotho nokuhlanzeka okungokomzimba koFakazi BakaJehova kuyaqapheleka. Kungani oFakazi behlukile? Kungenxa yokuthi bazama ngempela ukukusebenzisa lokho abakufunda eBhayibhelini. Kungani ungazihlanganisi nabo kulo nyaka emihlanganweni yabo kazwelonke noma kweyamasonto onke ababa nayo eHholo LoMbuso lendawo, uzibonele?

[Isithombe ekhasini 32]

EZAMBIA

[Isithombe ekhasini 32]

EKENYA

[Isithombe ekhasini 32]

EMOZAMBIQUE