Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izihlahla Eziphila Isikhathi Eside

Izihlahla Eziphila Isikhathi Eside

Izihlahla Eziphila Isikhathi Eside

Iwa lingase lingabonakali liyindawo enhle kakhulu yokwakha umuzi wakho, ikakhulu uma liphezulu ezintabeni. Nokho, naphezu kwalokho okubonakala kuyizimo ezingezinhle, ezinye izihlahla zasezindaweni eziphakeme zinamathela zithi né emadwaleni anjalo, zimelane namakhaza asebusika nezomiso zasehlobo.

NGOKUVAMILE, lezi zihlahla ezilukhuni azizinhle njengezasezindaweni eziphansi. Zingase zibe neziqu ezimaqhuzuqhuzu nezijijene futhi zibhashe. Zibazwa futhi zithenwe yisimo sezulu esingenamusa nenhlabathi eyindlala lapho zikhulela khona.

Njengoba zikhuthazela zikwenye yezindawo ezinzima kunazo zonke emhlabeni, ubungase ulindele ukuba izihlahla ezinjalo zisheshe zife. Kodwa kwenzeka okuphambene. Abanye bathi uMethuselah, oyisihlahla i-bristlecone pine, okhula endaweni ephakeme ngamamitha angu-3 000 eZintabeni Ezimhlophe zaseCalifornia, uneminyaka engu-4 700 ubudala. I-Guinness Book of Records 1997 ithi lesi sihlahla sidala kunazo zonke ezisaphila emhlabeni. U-Edmund Schulman, owacwaninga lezi zihlahla zasendulo, wachaza: “I-bristlecone pine . . . kubonakala iphila ngenxa yokuhlupheka. Zonke [izihlahla ezingama-pine] ezindala eziseZintabeni Ezimhlophe zitholakala emamitheni angaba ngu-3 000 ehlane elomile nelinamadwala.” USchulman wathola nokuthi nezihlahla ezindala kunazo zonke ezingezinye izinhlobo zama-pine nazo zikhula ezindaweni ezinzima.

Nakuba kudingeka zimelane nezimo ezinzima, lezi zibonelo zokukhuthazela zizisebenzisa ngokugcwele izinto ezimbili eziwusizo kuzo. Indawo ezikuyo, engenalo uhlaza oluningi, izenza ziphephe emililweni yasemahlathini, okungenye yezinto eziyingozi kakhulu ezihlahleni esezikhulile. Futhi izimpande zazo zibambelela ziqine emadwaleni kangangokuthi zingasuswa ukuzamazama komhlaba kuphela.

EBhayibhelini, izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zifaniswa nezihlahla. (IHubo 1:1-3; Jeremiya 17:7, 8) Nazo zingase zibhekane nokuhlupheka ngenxa yezimo ezikuzo. Ushushiso, impilo engeyinhle, noma ubumpofu obedlulele kungaluvivinya kakhulu ukholo lwazo, ikakhulu lapho lokhu kulingwa kuqhubeka njalo. Nokho, uMdali wazo, owaklama izihlahla ezimelana kahle kangaka nokuhlupheka, uqinisekisa abakhulekeli bakhe ukuthi uyobasekela. IBhayibheli lithembisa labo abama baqine: “Uyonenza niqine, uyonenza nibe namandla.”—1 Petru 5:9, 10.

Isenzo sesiGreki esivame ukuhunyushwa ngokuthi “khuthazela” eBhayibhelini sinomqondo ‘wokuma uqine, uhlale ugxilile, noma uphikelele.’ Njengezihlahla zasezindaweni eziphakeme, izimpande eziqinile ziyisihluthulelo sokukhuthazela. AmaKristu kudingeka agxile kuJesu Kristu ukuze ame aqine. “Njengoba namukele uKristu Jesu iNkosi,” kubhala uPawulu, “qhubekani nihamba ebunyeni naye, nigxilile futhi nakhiwa kuye futhi nisimamiswa okholweni, njengoba nje nafundiswa, nichichima ukholo ekubongeni.”—Kolose 2:6, 7.

UPawulu waqonda ukuthi kunesidingo sokuba nezimpande ezingokomoya eziqinile. Kwayena wayeshikashikana ‘neva enyameni,’ futhi wakhuthazelela ushushiso olunzima kuyo yonke inkonzo yakhe. (2 Korinte 11:23-27; 12:7) Kodwa wathola ukuthi ngamandla kaNkulunkulu wayekwazi ukuqhubeka enkonzweni yakhe. Wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.”—Filipi 4:13.

Njengoba isibonelo sikaPawulu sibonisa, ukukhuthazela kwamaKristu ngokuphumelelayo akuxhomekile ezimweni ezikahle. Njengezihlahla zasezindaweni eziphakeme ezimelana nezivunguvungu ngokuphumelelayo amakhulu eminyaka, singama siqine uma sigxilile kuKristu futhi sinciké emandleni anikezwa nguNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uma sikhuthazela kuze kube sekupheleni, sinethemba lokuzibonela ngokwethu ukugcwaliseka kwesinye futhi isithembiso saphezulu: “Izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi.”—Isaya 65:22; Mathewu 24:13.