Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Jabula Ngokwazi UJehova

Jabula Ngokwazi UJehova

Jabula Ngokwazi UJehova

“Bayajabula labo abezwa izwi likaNkulunkulu nabaligcinayo!”—LUKA 11:28.

1. UJehova waqala nini ukukhuluma nabantu?

UJEHOVA uyabathanda abantu futhi unesithakazelo esijulile enhlalakahleni yabo. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi uyakhuluma nabo. Lokhu waqala ukukwenza ensimini yase-Edene. NgokukaGenesise 3:8, ngolunye usuku “kusihlwa ngokuphola kwelanga,” u-Adamu no-Eva “bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu.” Abathile basikisela ukuthi lokhu kusho ukuthi kwakuyinkambiso kaJehova ukukhuluma no-Adamu ngalesi sikhathi, mhlawumbe zonke izinsuku. Noma ngabe yikuphi, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi uNkulunkulu wayengagcinanga nje ngokwenza isikhathi sokunikeza umuntu wokuqala iziyalezo kodwa wayenze nesokumfundisa lokho okwakudingeka akwazi ukuze afeze imithwalo yakhe yemfanelo.—Genesise 1:28-30.

2. Umbhangqwana wokuqala wazihlukanisa kanjani nesiqondiso sikaJehova, futhi kwaba namuphi umphumela?

2 UJehova wanika u-Adamu no-Eva ukuphila negunya phezu kwezilwane naphezu kwawo wonke umhlaba. Kwakunomthetho owodwa kuphela owenqabelayo—kwakungafanele badle emthini wokwazi okuhle nokubi. Bethonywe nguSathane, u-Adamu no-Eva abawulalelanga umyalo kaNkulunkulu. (Genesise 2:16, 17; 3:1-6) Bakhetha ukuzenzela umathanda, bazinqumele lokho okulungile nokungalungile. Ngokwenza ngobuwula kanjalo, bazihlukanisa nesiqondiso soMdali wabo onothando. Imiphumela yaba yinhlekelele kubo nakubantwana babo ababengakazalwa. U-Adamu no-Eva baguga baze bagcina befile, bengenathemba lovuko. Izizukulwane zabo zathola ifa eliyisono nomphumela waso, ukufa.—Roma 5:12.

3. Kungani uJehova akhuluma noKayini, futhi uKayini wasabela kanjani?

3 Naphezu kokuhlubuka kwase-Edene, uJehova waqhubeka ekhuluma nendalo yakhe engabantu. UKayini, indodana ka-Adamu no-Eva eyizibulo, wayesengozini yokunqotshwa yisono. UJehova wamxwayisa ukuthi wayebheke enhlekeleleni, wameluleka ukuba ‘enze kahle.’ UKayini wasenqaba lesi seluleko sothando, wabulala umfowabo. (Genesise 4:3-8) Kanjalo, abantu abathathu bokuqala emhlabeni bonke badelela isiqondiso esicacile esasivela kulowo owayebanike ukuphila, uNkulunkulu ofundisa abantu bakhe ukuze basizakale. (Isaya 48:17) Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwamdumaza kangakanani lokhu uJehova!

UJehova Uyaziveza Emadodeni Asendulo

4. Mayelana nezizukulwane zika-Adamu, yini uJehova ayeqiniseka ngayo, futhi yimuphi umyalezo wethemba awunikeza ngokuphathelene nalokho?

4 Nakuba ayenelungelo eligcwele lokuyeka ukukhuluma nabantu, uJehova akenzanga kanjalo. Wayeqiniseka ukuthi abanye ezizukulwaneni zika-Adamu babeyosilalela isiqondiso saKhe ngokuhlakanipha. Ngokwesibonelo, lapho egweba u-Adamu no-Eva, uJehova wabikezela ukufika ‘kwenzalo’ eyayiyophikisana neNyoka, uSathane uDeveli. Ngesikhathi esifanele, uSathane wayeyochotshozwa ekhanda afe. (Genesise 3:15) Lesi siprofetho sasiwumyalezo wethemba ojabulisayo kulabo “abezwa izwi likaNkulunkulu nabaligcinayo.”—Luka 11:28.

5, 6. Yiziphi izindlela uJehova akhuluma ngazo nabantu bakhe ngaphambi kwekhulu lokuqala C.E., futhi lokhu kwabazuzisa kanjani?

5 UJehova wakhuluma nezinzalamizi ezithembekile zasendulo, ezinjengoNowa, u-Abrahama, u-Isaka, uJakobe noJobe mayelana nentando yakhe. (Genesise 6:13; Eksodusi 33:1; Jobe 38:1-3) Kamuva, esebenzisa uMose, wanikeza isimiso esigcwele semithetho yesizwe sakwa-Israyeli. UMthetho KaMose wazuzisa u-Israyeli ngezindlela eziningi. Ngokuwugcina, u-Israyeli wahluka kuzo zonke ezinye izizwe waba yisizwe sikaJehova esikhethekile. UNkulunkulu waqinisekisa ama-Israyeli ukuthi uma ayewulalela uMthetho, wayengeke awabusise ngezinto ezibonakalayo nje kuphela, kodwa wayeyowabusisa nangokomoya, awenze umbuso wabapristi, isizwe esingcwele. UMthetho wawunikeza nezimiso zokudla nezenhlanzeko ezazikhuthaza impilo enhle. Nokho, uJehova waxwayisa nangemiphumela eyinhlekelele eyayiyobangelwa ukungalaleli.—Eksodusi 19:5, 6; Duteronomi 28:1-68.

6 Ngokuhamba kwesikhathi, kwanezelwa nezinye izincwadi eziphefumulelwe ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli. Ukulandisa okungokomlando kwaxoxa ngendlela uJehova asebenzelana ngayo nezizwe. Izincwadi ezinezinkondlo zachaza izimfanelo zakhe kamnandi. Izincwadi zeziprofetho zabikezela ngokufezeka kwentando kaJehova esikhathini esizayo. Amadoda asendulo athembekile atadisha futhi asebenzisa ngokucophelela le mibhalo ephefumulelwe. Enye yabhala: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Labo ababezimisele ukulalela, uJehova wabafundisa futhi wabakhanyisela.

Ukukhanya Kuyanda

7. Nakuba uJesu enza izimangaliso, yini ayaziwa ngayo ngokuyinhloko, futhi ngasiphi isizathu?

7 Ngekhulu lokuqala, amaqembu enkolo amaJuda ayesenezele amasiko abantu eMthethweni. UMthetho wasetshenziswa ngokungeyikho, futhi esikhundleni sokuba ukhanyisele, waba umthwalo osindayo ngenxa yalawo masiko. (Mathewu 23:2-4) Nokho, ngo-29 C.E., uJesu wavela njengoMesiya. Umsebenzi wakhe kwakungekhona ukunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu kuphela, kodwa futhi ‘kwakuwukufakazela neqiniso.’ Nakuba enza izimangaliso, ngokuyinhloko wayaziwa ‘njengoMfundisi.’ Ukufundisa kwakhe kwakunjengokukhanya ebumnyameni obungokomoya obabugubuzele izingqondo zabantu. Ngokufanelekile, uJesu ngokwakhe wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe.”—Johane 8:12; 11:28; 18:37.

8. Yiziphi izincwadi eziphefumulelwe ezalotshwa ekhulwini lokuqala C.E., futhi zawazuzisa kanjani amaKristu okuqala?

8 Kamuva, kwanezelwa amaVangeli, ukulandisa okune okuphathelene nokuphila kukaJesu, kanye nencwadi yezEnzo, umlando wokusabalala kobuKristu ngemva kokufa kukaJesu. Kwaba khona nezincwadi eziphefumulelwe ezabhalwa abafundi bakaJesu, kanye nencwadi eyisiprofetho yesAmbulo. Le mibhalo, kanye nemiBhalo YesiHeberu, yaphelelisa uhlu lwezincwadi zeBhayibheli. Ngosizo lwalo mtapo ophefumulelwe, amaKristu ‘kanye nabo bonke abangcwele ayengaqonda ububanzi nobude nokuphakama nokujula’ kweqiniso. (Efesu 3:14-18) Ayengaba ‘nomqondo kaKristu.’ (1 Korinte 2:16) Nokho, lawo maKristu okuqala awazange aziqonde ngokugcwele zonke izici zezinjongo zikaJehova. Umphostoli uPawulu wabhalela ayekholwa nabo: “Manje sibona kalufifi ngesibuko sensimbi.” (1 Korinte 13:12) Isibuko esinjalo sasiyobonisa ukuma kwezinto kodwa hhayi yonke imininingwane. Ukuqondwa okugcwele kakhudlwana kweZwi likaNkulunkulu kwakuseza.

9. Yikuphi ukukhanyiselwa okuye kwaba khona phakathi ‘nezinsuku zokugcina’?

9 Namuhla, siphila enkathini ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ inkathi ‘yezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Umprofethi uDaniyeli wabikezela ukuthi phakathi nalesi sikhathi ‘ukwazi kwakuyoba kuningi.’ (Daniyeli 12:4) Ngakho, uJehova, iSikhulumi Esikhulu, uye wasiza abanhliziyo-ziqotho ukuba baqonde lokho okushiwo yiZwi lakhe. Izixuku zabantu manje ziyaqonda ukuthi uKristu Jesu wabekwa esihlalweni sobukhosi emazulwini angabonakali ngo-1914. Ziyazi nokuthi ngokushesha uzoqeda bonke ububi, aguqule umhlaba ube yipharadesi lembulunga yonke. Lesi sici esibalulekile sezindaba ezinhle zoMbuso sishunyayelwa emhlabeni wonke manje.—Mathewu 24:14.

10. Phakathi namakhulu eminyaka, abantu baye basabela kanjani eselulekweni sikaJehova?

10 Yebo, kuwo wonke umlando, uJehova uye wazisa abantu emhlabeni ngentando nangenjongo yakhe. Umbhalo weBhayibheli uchaza abaningi abalalela, basebenzisa ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu futhi babusiswa ngenxa yalokho. Ulandisa nangabanye abasilahla iseluleko sikaNkulunkulu sothando, balandela inkambo ka-Adamu no-Eva eyinhlekelele. UJesu wachaza lesi simo lapho ekhuluma ngemigwaqo emibili engokomfanekiso. Omunye uholela ekubhujisweni. Njengoba ubanzi futhi uvulekile, uthathwa abaningi abalenqabayo iZwi likaNkulunkulu. Lona omunye umgwaqo uholela ekuphileni okuphakade. Nakuba unyinyekile, bahamba ngawo labo abambalwa abamukela iBhayibheli njengoba linjalo, njengeliyiZwi likaNkulunkulu, bese bephila ngokuvumelana nalo.—Mathewu 7:13, 14.

Ukwazisa Lokho Esinako

11. Ukwazi kwethu iBhayibheli nokulikholelwa kuwubufakazi bani?

11 Ingabe uphakathi kwalabo abaye bakhetha umgwaqo oyisa ekuphileni? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi uyofuna ukuhlala kuwo. Ungakwenza kanjani lokho? Ngokwazisa, zindla njalo ngezibusiso oye wazithola ngenxa yokwazi amaqiniso eBhayibheli. Kona kanye ukuthi uye wazamukela izindaba ezinhle kuwubufakazi besibusiso sikaNkulunkulu. UJesu wabonisa lokhu lapho ethandaza kuYise ngala mazwi: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihlile lezizinto kwabahlakaniphile nabanengqondo futhi uzambulele izingane.” (Mathewu 11:25) Abadobi nabathelisi bawuthola umqondo wemfundiso kaJesu, kanti abaholi benkolo abanemfundo ephakeme abawutholanga. UJesu wathi futhi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa.” (Johane 6:44) Uma usulazi iBhayibheli, uzikholelwa futhi uzilandela izimfundiso zalo, lokhu kuwubufakazi bokuthi uJehova ukudonsile. Kuyisizathu sokujabula.

12. Yiziphi izindlela iBhayibheli elinikeza ngazo ukukhanyiselwa?

12 IZwi likaNkulunkulu linamaqiniso akhululayo futhi linikeza ukukhanyiselwa. Labo abaphila ngokuvumelana nolwazi lweBhayibheli bayakhululwa ezinkolelweni eziyize, ezimfundisweni zamanga nasekungazini okubusa ukuphila kwezigidi. Ngokwesibonelo, ukwazi iqiniso ngomphefumulo kuyasikhulula ekwesabeni ukuthi abafileyo bangasilimaza, noma ukuthi abathandekayo bethu asebashona bayahlupheka. (Hezekeli 18:4) Ukwazi iqiniso ngezingelosi ezimbi kusisiza sigweme izingozi zokusebenzelana nemimoya. Imfundiso yovuko iyabaduduza labo abaye bashonelwa abathandekayo. (Johane 11:25) Iziprofetho zeBhayibheli ziyasibonisa ukuthi sikuyiphi inkathi yesikhathi futhi zisenza sizethembe izithembiso zikaNkulunkulu zekusasa. Ziqinisa nethemba lethu lokuphila phakade.

13. Ukulalela iZwi likaNkulunkulu kusizuzisa kanjani ngokwenyama?

13 Izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu eziseBhayibhelini zisifundisa ukuphila ngendlela eletha izinzuzo ezingokwenyama. Ngokwesibonelo, sifunda ukugwema imikhuba engcolisa imizimba yethu, njengokusebenzisa kabi ugwayi nezinye izidakamizwa. Siyakugwema ukusebenzisa kabi utshwala. (2 Korinte 7:1) Ukulalela imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha kuyasivikela ezifweni ezidluliselwa ngobulili. (1 Korinte 6:18) Ngokugcina iseluleko sikaNkulunkulu sokugwema ukuthanda imali, asiziphuci ukuthula kwengqondo ngokuphishekela ingcebo, njengoba kuye kwenza abaningi. (1 Thimothewu 6:10) Yiziphi izindlela wena oye wazuza ngazo ngokwenyama ngenxa yokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwakho?

14. Umoya ongcwele unaliphi ithonya ekuphileni kwethu?

14 Uma siphila ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu, sithola umoya ongcwele kaJehova. Sihlakulela ubuntu obunjengobukaKristu, obunezimfanelo ezikhangayo ezinjengesihe nesihawu. (Efesu 4:24, 32) Umoya kaNkulunkulu uveza nezithelo zawo kithi—uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Lezi zimfanelo zisenza sibe nobuhlobo obujabulisayo nobunenjongo nabanye, kuhlanganise namalungu omkhaya. Siba namandla angokomzwelo asisiza ukuba sibhekane ngesibindi nezinkinga. Ingabe wena uyayibona indlela umoya ongcwele oye wakuthonya ngayo ukuphila kwakho ngendlela ezuzisayo?

15. Njengoba sivumelanisa ukuphila kwethu nentando kaNkulunkulu, sizuza kanjani?

15 Njengoba sivumelanisa ukuphila kwethu nentando kaNkulunkulu, siqinisa ubuhlobo bethu noJehova. Sikholiseka nakakhulu ukuthi uyasiqonda futhi uyasithanda. Sifunda ngokuzibonela ukuthi uyasisekela ezikhathini ezinzima. (IHubo 18:18) Siyaqonda ukuthi uyayilalela ngempela imithandazo yethu. (IHubo 65:2) Sibe sesincika esiqondisweni sakhe, siqiniseka ukuthi siyosizuzisa. Futhi sinethemba elimangalisayo lokuthi ngesikhathi esifanele uNkulunkulu uyokwenza abathembekileyo bakhe baphelele, abanike isipho sakhe sokuphila okuphakade. (Roma 6:23) Umfundi uJakobe wabhala: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Ingabe wena uye wabuzwa ubuhlobo bakho noJehova buqina njengoba usondela kuye?

Ingcebo Engenakuqhathaniswa Nalutho

16. Yiziphi izinguquko amanye amaKristu ekhulu lokuqala azenza?

16 UPawulu wakhumbuza amaKristu ekhulu lokuqala agcotshwe ngomoya ukuthi amanye awo ayekade eyizifebe, iziphingi, ongqingili, amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki nabaphangi. (1 Korinte 6:9-11) Iqiniso leBhayibheli lawenza enza izinguquko ezinkulu; ‘agezwa ahlanzeka.’ Ake uzame ukucabanga ukuthi ukuphila kwakho bekuyoba njani ukube bewungawazi amaqiniso akhululayo oye wawafunda eBhayibhelini. Ngokuqinisekile iqiniso liyingcebo engenakuqhathaniswa nakancane. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi uJehova uyakhuluma nathi!

17. OFakazi BakaJehova baye bondliwa kanjani ngokomoya emihlanganweni yobuKristu?

17 Ngaphezu kwalokho, cabanga ngesibusiso esinaso sobuzalwane bethu bezinhlanga ezihlukahlukene! “Isigqila esikholekile nesiqondayo” sinikeza ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele, okuhlanganisa amaBhayibheli, omagazini nezinye izincwadi ngenqwaba yezilimi. (Mathewu 24:45-47) Phakathi nonyaka ka-2000, emihlanganweni yebandla oFakazi BakaJehova emazweni amaningi babukeza amaphuzu avelele ezincwadi ezingu-8 eziyinhloko zemiBhalo YesiHeberu. Baxoxa ngezindaba ezihlukahlukene ezisencwadini Ukubonisana NgemiBhalo. Bahlola cishe ingxenye eyodwa kwezine yencwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, bacishe bayifunda yonke ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! Kwaxoxwa ngezihloko ezingu-36 ezikumagazini INqabayokulinda ngaphandle kwezingu-52 ezifundwayo. Ngaphezu kwalokho, abantu bakaJehova bóndliwa ngezi-Nkonzo Zethu ZoMbuso ezingu-12 nezinkulumo zeningi zamasonto onke ezikhuluma ngezihloko ezihlukahlukene zeBhayibheli. Yeka ingcebo yolwazi olungokomoya eye yalungiselelwa!

18. Yiziphi izindlela esisizwa ngazo ebandleni lobuKristu?

18 Emhlabeni wonke, amabandla angaphezu kuka-91 000 anikeza ukusekela nesikhuthazo ngemihlangano nobudlelwane. Sijabulela nokusekela kwamaKristu avuthiwe esikanye nawo azimisele ukusisiza ngokomoya. (Efesu 4:11-13) Yebo, siye sazuza kakhulu ngokuthola ulwazi lweqiniso. Kuyinjabulo ukwazi nokukhonza uJehova. Yeka indlela ayiqiniso ngayo amazwi omhubi owabhala: “Babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova”!—IHubo 144:15.

Uyakhumbula?

• Obani uJehova akhuluma nabo ezikhathini zangaphambi kobuKristu?

• Ukukhanya okungokomoya kwanda kanjani ekhulwini lokuqala? ezikhathini zanamuhla?

• Yiziphi izibusiso ezilethwa ukuphila ngokuvumelana nolwazi ngoJehova?

• Kungani sijabula ngokwazi uNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 8, 9]

UJehova wakhuluma noMose, uNowa no-Abrahama ngentando yakhe

[Isithombe ekhasini 9]

Osukwini lwethu, uJehova uye wasikhanyisela iZwi lakhe

[Izithombe ekhasini 10]

Cabanga ngesibusiso esinaso ngobuzalwane bethu bezinhlanga ezihlukahlukene!