Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ukhuthazelé Kwaze Kwaba Sekupheleni’

‘Ukhuthazelé Kwaze Kwaba Sekupheleni’

‘Ukhuthazelé Kwaze Kwaba Sekupheleni’

KUYI-VIDEO yango-1993 ebukiswa amalungu amasha asendlunkulu yoFakazi BakaJehova, uLyman Alexander Swingle waveza imizwa yakhe ngokukhonza uJehova: “Die with your boots on!” *

UMfoweth’ uSwingle, obeseneminyaka engu-90 ubudala, wenzé kona kanye lokho ayekhuthaze abanye ukuba bakwenze. ‘Ukhuthazelé kwaze kwaba sekupheleni.’ (Mathewu 24:13) Nakuba ayesezinhlungwini, ngoLwesithathu, ngo-March 7, waba khona emhlanganweni weNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova abeyilungu layo. NgoLwesibili olulandelayo isimo sakhe saba sibi kakhulu, kwathi ngo-4:26 ekuseni, ngo-March 14, udokotela wakhe wathi akasekho.

ULyman Swingle waqala inkonzo yakhe endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, ngo-April 5, 1930. Wakhonza khona iminyaka ecishe ibe ngu-71. ULyman waqale wabelwa emnyangweni wokuhlanganisa izincwadi, kamuva wabelwa endaweni yokunyathelisa, futhi wasiza nasekwenzeni uyinki. Empeleni, uMfoweth’ uSwingle wasebenza iminyaka engaba ngu-25 endaweni kayinki. Wakhonza neminyaka engaba ngu-20 eyilungu lomnyango wokubhala wasendlunkulu. Eminyakeni engu-17 yokugcina ekuphileni kwakhe, ubesebenza eHhovisi Likamgcinisikhwama.

ULyman ubengummemezeli woMbuso kaNkulunkulu onesibindi. Lapho esanda kufika eBrooklyn, yena nayehlala naye endlini, u-Arthur Worsley, babehamba ngesinye sezikebhe zoFakazi bakhuphuke uMfula iHudson. Besebenzisa imishini yokukhulisa izwi, babesebenza izimpelasonto eziningi bememezela isigijimi soMbuso emiphakathini engasogwini.

UMfoweth’ uSwingle wazalelwa eLincoln, eNebraska, ngo-November 6, 1910, kodwa ngokushesha ngemva kwalokho umkhaya wathuthela eSalt Lake City, e-Utah. Lapho, ngo-1913, abazali bakhe baba ngabaFundi BeBhayibheli, njengoba babebizwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi. Phakathi neminyaka eyalandela, umkhaya wakwaSwingle wabungaza izikhulumi eziningi eziyizihambeli ezazivela endlunkulu yoFakazi eseBrooklyn, futhi la madoda aba nethonya elihle kuLyman. Ngo-1923, eseneminyaka engu-12 ubudala, wabhapathizwa ebonisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu.

Ngemva kokukhonza iminyaka engaphezu kwengu-26 eBrooklyn engashadile, ukuphila kukaLyman kwaceba kakhulu lapho eshada noCrystal Zircher ngo-June 8, 1956. Babengamathe nolimi, behlanganyela ndawonye enkonzweni kwaze kwaba sekufeni kukaCrystal ngo-1998. Eminyakeni engaba mithathu ngaphambili, uCrystal wayeshaywe unhlangothi owamkhubaza kakhulu. Indlela uLyman ayemnakekela ngayo nsuku zonke yayiyisibonelo sokuzinikela esasishukumisa wonke umuntu, ikakhulukazi labo ababembona uLyman eqhuba umkakhe ngothando esihlalweni sabakhubazekile eceleni kwemigwaqo lapho uCrystal ehambisela abadlulayo INqabayokulinda ne-Phaphama!

UMfoweth’ uSwingle ubeyindoda engagwegwesi nenomusa, ebithandeka kulabo abayaziyo. Njengoyise nonina, ubenethemba elisekelwe eBhayibhelini lokuphila noJesu Kristu eMbusweni wasezulwini, ithemba esiqinisekayo ukuthi seligcwalisekile kuye.—1 Thesalonika 4:15-18; IsAmbulo 14:13.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Lokhu kusho ukufa usalokhu uwukhuthalele umsebenzi wakho.

[Isithombe ekhasini 31]

UMfoweth’ uSwingle wakhonza iminyaka engaba ngu-25 endaweni kayinki

[Isithombe ekhasini 31]

ULyman noCrystal babengamathe nolimi