Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakuvumeli Ukungabaza Konakalise Ukholo Lwakho

Ungakuvumeli Ukungabaza Konakalise Ukholo Lwakho

Ungakuvumeli Ukungabaza Konakalise Ukholo Lwakho

Namuhla ucabanga ukuthi uphile kahle. Ngakusasa uzizwa ungaphathekile kahle. Khona manjalo, usuphelelwe amandla. Ikhanda liyankenketha, umzimba uqaqamba wonke. Sekwenzekeni? Amagciwane ayingozi afohle isimiso sokuzivikela somzimba wakho, ahlasela izitho ezibalulekile. Uma ungatholi ukwelashwa, la magciwane ahlaselayo angayilimaza unomphela impilo yakho—angakubulala nokukubulala.

YEBO, uma amagciwane ekuthola ungenayo impilo enhle, uba sengozini nakakhulu. Ngokwesibonelo, uma umzimba wakho ubuthakathaka ngenxa yokungondleki, amandla akho okumelana namagciwane “aba mancane kangangokuthi negciwane eliwubala lingakubulala,” kusho umlobi wezokwelapha uPeter Wingate.

Uma kunjalo, ubani pho obengakhetha ukuzilambisa? Cishe wenza konke ongakwenza ukuze udle kahle futhi uhlale unempilo. Futhi kungenzeka wenza konke ongakwenza ukuze ugweme ukuzichaya ekungenweni amagciwane. Nokho, ingabe uqapha ngendlela efanayo mayelana nokuhlala ‘uphilile okholweni’? (Thithu 2:2) Ngokwesibonelo, ingabe uyiphaphamele ingozi ebangelwa ukungabaza okunganakekile? Nalokhu kungangena kalula engqondweni nasenhliziyweni yakho, kulimaze ukholo lwakho nobuhlobo bakho noJehova. Abanye abantu babonakala bengayiqaphele le ngozi. Bayaziyeka bachayeke ekungabazeni ngokuzilambisa ngokomoya. Kungenzeka yini ukuthi yilokho okwenzayo nawe?

Ingabe Ukungabaza Kubi Ngaso Sonke Isikhathi?

Yebo, akukhona konke ukungabaza okubi. Ngezinye izikhathi, kudingeka ungasheshi ukwamukela okuthile uze uqiniseke ngamaqiniso. Ukunxusa kwenkolo kokuthi kufanele umane ukholwe, ungangabazi lutho, kuyingozi futhi kuyakhohlisa. Yiqiniso, iBhayibheli lithi uthando “lukholelwa yizo zonke izinto.” (1 Korinte 13:7) UmKristu onothando ukulungele ngempela ukukholelwa labo abaye bazibonakalisa benokwethenjelwa esikhathini esidlule. Kodwa iZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa ‘ngokukholwa amazwi onke.’ (IzAga 14:15) Ngezinye izikhathi umlando womuntu wenza kube nesizathu esizwakalayo sokungabaza. IBhayibheli liyaxwayisa: “Lapho [umkhohlisi] enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye.”—IzAga 26:24, 25.

Nomphostoli uJohane uxwayisa amaKristu ngokukholelwa yizinto engazihlolanga. Uyabhala: “Ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe.” Kunalokho, “vivinyani izinkulumo eziphefumulelwe ukuze nibone ukuthi zisuka kuNkulunkulu yini.” (1 Johane 4:1) “Inkulumo,” imfundiso noma umbono, kungase kubonakale kuvela kuNkulunkulu. Kodwa ingabe kuvela kuye ngempela? Ukungabaza, noma ukungasheshi ukholwe, kungaba yisivikelo sangempela ngoba, njengoba umphostoli uJohane esho, “abakhohlisi abaningi baphumele ezweni.”—2 Johane 7.

Ukungabaza Okungenasisekelo

Yebo, ngokuvamile kuyadingeka ukuhlola amaqiniso ngobuqotho nangokuthobeka ukuze sithole iqiniso. Nokho, lokhu akufani nokuvumela ukungabaza okulimazayo nokungenasisekelo ukuba kukhule engqondweni nasenhliziyweni yethu—ukungabaza okungonakalisa izinkolelo zethu ezigxilile nobuhlobo bethu. Lokhu kungabaza kuchazwa ngokuthi “ukungaqiniseki ngenkolelo noma ngombono okuvame ukuphazamisa ukwenziwa kwezinqumo.” Uyakhumbula yini ukuthi uSathane wakufaka kanjani engqondweni ka-Eva ukungabaza uJehova? Wabuza: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?” (Genesise 3:1) Ukungaqiniseki okwabangelwa yilowo mbuzo owawuzwakala ungenabubi kwakuphazamisa ukwenza kwakhe isinqumo. Zinjalo izindlela zikaSathane. Njengomuntu obhala izincwadi ezinyundelayo, unekhono ekusebenziseni ukugigiyela okubi, amaqiniso angaphelele namanga. USathane uye wonakalisa ubuhlobo obuningi obuhle nobunokwethembana ngokusebenzisa ukungabaza okunganakekile, akutshala ngale ndlela.—Galathiya 5:7-9.

Umfundi uJakobe wayewuqonda kahle umphumela olimazayo walolu hlobo lokungabaza. Ubhala ngelungelo elihle esinalo lokucela usizo kuNkulunkulu ngokukhululekile lapho silingwa. Kodwa uJakobe uxwayisa ngokuthi lapho usuthandaza kuNkulunkulu, ‘qhubeka ucela ngokholo, ungangabazi nhlobo.’ Ukungabaza ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu kungasenza sifane “negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha.” Siba ‘njengomuntu omanqikanqika, ongagxilile ezindleleni zakhe zonke.’ (Jakobe 1:6, 8) Siqala ukungaqiniseki ezinkolelweni zethu, okusenza siyishaye ngapha nangapha. Njengoba kwenzeka ku-Eva, sibe sesichayeka kuzo zonke izinhlobo zezimfundiso namafilosofi obudemoni.

Ukulondoloza Impilo Enhle Engokomoya

Pho, singazivikela kanjani ekungabazeni okulimazayo? Impendulo ilula ngendlela eyisimanga: ngokuyenqaba ngokuqinile inkulumo-ze yobusathane futhi siwasebenzise ngokugcwele amalungiselelo kaNkulunkulu okusenza ‘siqine okholweni.’—1 Petru 5:8-10.

Kubaluleke kakhulu ukuzondla kahle ngokomoya. Umlobi uWingate, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uyachaza: “Ngisho nalapho umzimba uphumule udinga ukulokhu uthola amandla ngenxa yezinqubo zamakhemikhali nokusebenza kwezitho zawo ezibalulekile; futhi izakhi zezicubu eziningi zidinga ukulokhu zishintshwa.” Kunjalo nangempilo yethu engokomoya. Ngaphandle kokuzondla okuqhubekayo ngokomoya, njengomzimba oncishwa ukudla, ukholo lwethu luyokonakala kancane kancane luze lugcine lufile. UJesu Kristu wakugcizelela lokhu lapho ethi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.

Cabanga ngalokho. Salwakha kanjani ukholo oluqinile kwasekuqaleni? “Ukholo lulandela into ezwiweyo,” kubhala umphostoli uPawulu. (Roma 10:17) Usho ukuthi kusukela ekuqaleni sakha ukholo lwethu, ukwethembela kuye, ezithembisweni zakhe nasenhlanganweni yakhe ngokuzondla ngeZwi likaNkulunkulu. Yebo, asizange simane sikholelwe konke esasikuzwa singakuhlolanga. Senza lokho abantu ababehlala emzini waseBereya abakwenza. ‘Sahlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezizinto.’ (IzEnzo 17:11) ‘Sazitholela ngokwethu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo,’ saqiniseka ukuthi lokho esasikuzwa kwakuyiqiniso. (Roma 12:2; 1 Thesalonika 5:21) Kusukela ngaleso sikhathi, cishe sesiye saluqinisa ukholo lwethu njengoba siye sabona ngokucace nakakhulu ukuthi iZwi nezithembiso zikaNkulunkulu akushayi neze phansi.—Joshuwa 23:14; Isaya 55:10, 11.

Gwema Ukuzilambisa Ngokomoya

Manje inselele isiwukulondoloza ukholo lwethu nokugwema noma yikuphi ukungaqiniseki ngezinkolelo okungakwenza buthaka ukwethembela kwethu kuJehova nasenhlanganweni yakhe. Ukuze senze lokhu kumelwe siqhubeke sihlola imiBhalo nsuku zonke. Umphostoli uPawulu uxwayisa ngokuthi “ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye [okungenzeka ekuqaleni babebonakala benokholo oluqinile] bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) La mazwi aphefumulelwe nezimfundiso kudala ukungabaza ezingqondweni zabanye, kubahlukanise noNkulunkulu. Yini esivikelayo thina? Ukuqhubeka ‘sondliwa ngamazwi okholo nawemfundiso enhle esiye sayilandela eduze.’—1 Thimothewu 4:6.

Nokho, ngokudabukisayo abanye namuhla bakhetha ‘ukungondliwa ngamazwi okholo’—ngisho nalapho lokhu kondliwa kungabizi lutho. Njengoba kubonisa omunye wabalobi bencwadi yezAga, kungenzeka ukuba umuntu abe phakathi kokudla okungokomoya okumnandi, njengokungathi usedilini elingokomoya, kodwa angakudli futhi akugaye lokho kudla.—IzAga 19:24; 26:15.

Lokhu kuyingozi. Umlobi uWingate uthi: “Lapho nje umzimba uqala ukudla awawo amaprotheni impilo yawo iyaqala ukonakala.” Lapho ungakutholi ukudla, umzimba wakho uqala ukusebenzisa izinqolobane ezikuwo wonke umzimba. Lapho kungasekho lutho kulezi zinqolobane, umzimba uqala ukudla amaprotheni adingekayo ukuze izicubu ziqhubeke zikhula futhi zilungiseka. Izitho ezibalulekile ziqala ukuyeka ukusebenza. Impilo yakho ibe isiwohloka ngokushesha.

Yilokho okwenzeka ngomqondo ongokomoya kwabathile ebandleni lobuKristu lokuqala. Bazama ukuzondla ngezinqolobane zabo ezingokomoya. Kungenzeka badebeselela isifundo somuntu siqu, base beba buthakathaka ngokomoya. (Heberu 5:12) Umphostoli uPawulu wachaza ingozi yokwenza lokhu lapho ebhalela amaKristu angamaHeberu: “Kudingekile ngathi ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esazizwa, ukuze singalokothi sikhukhuleke.” Wayazi ukuthi kungaba lula kanjani ukukhukhulekela emikhubeni emibi uma ‘sidebeselela insindiso enkulu kangaka.’—Heberu 2:1, 3.

Ngokuthakazelisayo, umuntu ongondlekile akabonakali egula noma ezacile ngaso sonke isikhathi. Ngokufanayo, kungase kungabi sobala ukuthi othile uyalamba ngokomoya. Ungabonakala uphile kahle ngokomoya ngisho noma ungakutholi ukondleka okuhle—kodwa kube okwesikhashana! Nakanjani uyogcina ube buthakathaka ngokomoya, uchayeke ekungabazeni okungenasisekelo, bese uhluleka ukululwela kanzima ukholo. (Jude 3) Ngisho noma kungekho muntu omunye owaziyo, wena uyazi ukuthi uzondla kangakanani ngempela ngokomoya.

Ngakho, qhubeka nesifundo sakho somuntu siqu. Yilwa kanzima nokungabaza. Ukushalazela lokho okubonakala kuwukugula okungasho lutho, ukungenzi lutho mayelana nokungabaza okuphikelelayo, kungaba nemiphumela eyinhlekelele. (2 Korinte 11:3) ‘Ingabe sisezinsukwini zokugcina ngempela? Ungakukholelwa konke yini lokho iBhayibheli elikushoyo? Ingabe lena yinhlangano kaJehova ngempela?’ USathane angajabula afe uma engatshala ukungabaza okunjengalokhu engqondweni yakho. Ungavumeli isimo sengqondo sokungakunaki ukuzondla ngokomoya kukwenze ube yisisulu esilula sezimfundiso zakhe ezikhohlisayo. (Kolose 2:4-7) Landela iseluleko esanikwa uThimothewu. Yiba umfundi okhuthele ‘wemibhalo engcwele’ ukuze ukwazi ‘ukuqhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe.’—2 Thimothewu 3:13-15.

Ungase udinge usizo ukuze wenze lokhu. Umlobi ocashunwe ngaphambili uqhubeka athi: “Lapho indlala isinkulu ngokweqile, izitho zokugaya zingase zilimale kakhulu ngenxa yokuswela amavithamini nezinye izidingo kangangokuthi zingabe zisakwazi ukwamukela ukudla okuvamile ngisho noma zinikwa kona. Abantu abakulesi simo bangase badinge ukudla okungadingi ukugaywa okutheni okwesikhathi esithile.” Kudingeka ukunakekela okukhethekile ukuze kulungiswe imiphumela yokulamba komzimba. Ngokufanayo, umuntu oye wasidebeselela ngokweqile isifundo somuntu siqu seBhayibheli angase adinge usizo olukhulu nesikhuthazo ukuze aphinde alangazelele ukudla okungokomoya. Uma sinjalo isimo sakho, funa usizo futhi wamukele ngenjabulo noma yiluphi olufikayo ukuze impilo namandla akho angokomoya akheke kabusha.—Jakobe 5:14, 15.

‘Ungantengantengi Ngokuntula Ukholo’

Ngemva kokucabanga ngezimo zenzalamizi engu-Abrahama, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi yayinezizathu ezizwakalayo zokungabaza. Kungase kubonakale kunengqondo impela ukuphetha ngokuthi ‘wayengasenathemba lokuba uyise wezizwe eziningi’—naphezu kwesithembiso sikaNkulunkulu. Ngani? Ngokombono womuntu nje, izinto zazingathembisi. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: ‘Wacabanga ngomzimba wakhe siqu, manje owawusufile kakade, nangokufa kwesibeletho sikaSara.’ Noma kunjalo, wenqaba ngokuqinile ukuvumela ukungabaza uNkulunkulu nezithembiso zakhe kugxile enhliziyweni nasengqondweni yakhe. Umphostoli uPawulu uyabhala: ‘Akazange abe buthakathaka okholweni,’ noma “antengantenge ngokuntula ukholo.” U-Abrahama wahlala “eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho [uNkulunkulu] ayekuthembisile uyakwazi futhi nokukwenza.” (Roma 4:18-21) Wayezakhele ubuhlobo obuqinile, bomuntu siqu nobunokwethembana noJehova phakathi kweminyaka eminingi. Wenqaba noma yikuphi ukungabaza okwakungase kwenze lobo buhlobo bube buthakathaka.

Nawe ungenza okufanayo uma ‘uqhubeka ubambe isibonelo samazwi amahle’—uma uzondla kahle ngokomoya. (2 Thimothewu 1:13) Yithathe ngokungathi sína ingozi yokungabaza. USathane ulwa impi engase ibizwe ngokuthi yimpi yamagciwane angokomoya. Uma ukudebeselela ukudla ukudla okungokomoya okunempilo ngesifundo somuntu siqu seBhayibheli nangokuba semihlanganweni yobuKristu, uzichaya kulokho kuhlasela. Kusebenzise kahle ukudla okungokomoya okuyinala, okufika ngesikhathi esifanele, okulungiselelwa “yisigqila esikholekile nesiqondayo.” (Mathewu 24:45) Qhubeka ‘uvumelana namazwi anempilo,’ uhlale ‘uphilile okholweni.’ (1 Thimothewu 6:3; Thithu 2:2) Ungakuvumeli ukungabaza konakalise ukholo lwakho.

[Izithombe ekhasini 21]

Uzondla kahle kangakanani ngokomoya?