Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usizo Lokuqonda IBhayibheli

Usizo Lokuqonda IBhayibheli

Usizo Lokuqonda IBhayibheli

IBHAYIBHELI liyincwadi ehlukile. Abalobi balo bathi baphefumulelwa nguNkulunkulu, futhi okukulo kunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi abakushoyo kuyiqiniso. (2 Thimothewu 3:16) Phakathi kwezinye izinto, iBhayibheli libonisa ukuthi savelaphi, kungani silapha futhi siyaphi. Ngokuqinisekile liyincwadi ekufanelekelayo ukuba siyihlole!

Mhlawumbe usuke wazama ukufunda iBhayibheli kodwa wakuthola kunzima ukuliqonda. Kungenzeka awazi ukuthi kufanele ubhekephi ukuze uthole izimpendulo zemibuzo yakho. Uma kunjalo, awuwedwa. Isimo sakho sinjengesendoda ethile eyayiphila ekhulwini lokuqala. Yayihamba ngenqola isuka eJerusalema iya ezweni lakubo, eTopiya. Lesi sikhulu saseTopiya sasifunda siphimisela incwadi yeBhayibheli ka-Isaya, eyayibhalwe eminyakeni engaphezu kwamakhulu ayisikhombisa ngaphambili.

Ingalindele, yabingelelwa yindoda eyayigijima eceleni kwenqola. Leyo ndoda kwakunguFiliphu, umfundi kaJesu, futhi yabuza umTopiya: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” UmTopiya waphendula: “Ngingakwazi kanjani nje ngempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” Wabe esecela uFiliphu ukuba agibele enqoleni. UFiliphu wachaza lokho okushiwo yindima le ndoda eyayikade iyifunda, wayesememezela kuyo “izindaba ezinhle ngoJesu.”—IzEnzo 8:30-35.

Njengoba nje uFiliphu asiza lowo mTopiya ukuba aqonde iZwi likaNkulunkulu kudala, oFakazi BakaJehova basiza abantu ukuba baqonde iBhayibheli namuhla. Bangakujabulela ukukusiza nawe. Ngokuvamile, kungcono kakhulu ukulitadisha ngendlela ehlelekile iBhayibheli, uqale ngezimfundiso ezingokomBhalo eziyisisekelo. (Heberu 6:1) Njengoba uthuthuka, uyokwazi ukuqonda lokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi “ukudla okuqinile”—okungukuthi, amaqiniso ajulile. (Heberu 5:14) Nakuba kuyiBhayibheli olitadishayo, ezinye izincwadi—izinsiza-kufunda zeBhayibheli—zingakusiza ukuba uthole futhi uqonde izindima zeBhayibheli eziphathelene nezinto ezihlukahlukene.

Ngokuvamile, isifundo singahlelwa ukuba sibe ngesikhathi esilungele wena nasendaweni ekahle kuwe. Abanye batadisha ngisho nangocingo. Lesi sifundo asenzelwa ekilasini; siyilungiselelo elingafaki abanye futhi elenziwa lifanelane nezimo zakho, kuhlanganise nesizinda nemfundo yakho. Akudingeki usikhokhele lesi sifundo seBhayibheli. (Mathewu 10:8) Akukho ukuhlolwa, futhi ngeke wenziwe uzizwe uphoxekile. Imibuzo yakho iyophendulwa, futhi uyofunda indlela yokusondelana noNkulunkulu. Nokho, kungani kufanele utadishe iBhayibheli? Hlola ezinye zezizathu ezingenza ukutadisha iBhayibheli kunezele injabulo ekuphileni kwakho.