Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Ukholelwa Kulokho Okukholelwayo?

Kungani Ukholelwa Kulokho Okukholelwayo?

Kungani Ukholelwa Kulokho Okukholelwayo?

Ukukholelwa kusho “ukwamukela into njengeyiqiniso, eyangempela noma engokoqobo.” I-Universal Declaration of Human Rights yeZizwe Ezihlangene ivikela “ilungelo” lawo wonke umuntu “lokuba nenkululeko yokucabanga, kanembeza nengokwenkolo.” Leli lungelo lihlanganisa inkululeko “yokushintsha inkolo noma inkolelo yakho” uma ufuna ukwenza kanjalo.

NOKHO, umuntu angafunelani ukushintsha inkolo noma inkolelo yakhe? Kuvamile ukuba abantu bathi, “Nginezinkolelo zami, nganelisekile ngazo.” Abaningi banomuzwa wokuthi ngisho nezinkolelo eziyiphutha azilimazi muntu. Ngokwesibonelo, umuntu okholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba cishe ngeke azilimaze noma alimaze abanye. “Kufanele sivele sivume ukungavumelani,” kusho abanye. Ingabe lokho kuhlale kuwukuhlakanipha? Ingabe udokotela angamane nje avume ukungavumelani nozakwabo othile uma lowo zakwabo eqhubeka ekholelwa ukuthi angathinta izidumbu emakhazeni maqede ayohlola iziguli egunjini lasesibhedlela?

Ngokuqondene nenkolo, izinkolelo eziyiphutha zinomlando wokubangela ukulimala okukhulu. Cabanga ngezinto ezishaqisayo ezaba umphumela lapho abaholi benkolo “begqugquzela abashisekeli bobuKristu ukuba babe nobudlova obunonya” phakathi nalokho okuthiwa yiziMpi Ezingcwele Zenkolo zangeNkathi Ephakathi. Noma cabanga ngabadubuli banamuhla “abangamaKristu” basempini yombango yamuva, “ababenamathisele izithombe zeNcasakazi ezidunwini zezibhamu zabo njengamasosha angeNkathi Ephakathi ayenamagama osanta ezibambweni zezinkemba zawo.” Bonke laba bashisekeli babekholelwa ukuthi benza okulungile. Nokho, kusobala ukuthi kule mizabalazo nezimpi ezingokwenkolo nakwezinye, kukhona okwakonakele kakhulu.

Kungani kunokudideka nokungqubuzana okungaka? Impendulo yeBhayibheli ukuthi uSathane uDeveli ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9; 2 Korinte 4:4; 11:3) Umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi abantu abaningi benkolo, ngokudabukisayo ‘babeyobhubha’ ngoba babeyobe bedukiswe nguSathane, owayeyokwenza ‘izibonakaliso nezimangaliso zamanga.’ UPawulu wathi abanjalo babeyokwenqaba “ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe” bese ngenxa yalokho ‘beduka, baze bakholwe ngamanga.’ (2 Thesalonika 2:9-12, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ungakushalazela kanjani ukuthi kungenzeka umuntu akholelwe yinto engamanga? Eqinisweni, kungani ukholelwa kulokho okukholelwayo?

Ingabe Wakhuliswa Ukholelwa Kukho?

Mhlawumbe ukhuliswe ngezinkolelo zomkhaya wakini. Lokho kungaba yinto enhle impela. UNkulunkulu ufuna abazali bafundise izingane zabo. (Duteronomi 6:4-9; 11:18-21) Ngokwesibonelo, insizwa enguThimothewu yazuza kakhulu ekulaleleni unina noninakhulu. (2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15) ImiBhalo iyakukhuthaza ukuhlonipha lokho abazali abakukholelwayo. (IzAga 1:8; Efesu 6:1) Kodwa ingabe uMdali wakho wayehlose ukuba ukholelwe izinto ngenxa nje yokuthi abazali bakho bayazikholelwa? Eqinisweni, ukunamathela ngokungacabangi kulokho izizukulwane ezidlule ezazikukholelwa futhi zikwenza, kungaba yingozi.—IHubo 78:8; Amose 2:4.

Owesifazane ongumSamariya owahlangana noJesu Kristu wayekhuliswe ekholelwa enkolweni yakubo yamaSamariya. (Johane 4:20) UJesu wayihlonipha inkululeko yakhe yokukhetha lokho ayefuna ukukukholelwa, kodwa futhi wathi kuye: “Nina nikhulekela eningakwaziyo.” Eziningi zezinkolelo zakhe ezingokwenkolo empeleni zaziyiphutha, futhi uJesu wamtshela ukuthi kwakuyodingeka enze ushintsho ezinkolelweni zakhe uma ayefuna ukuqhubeka ekhulekela uNkulunkulu ngokwamukelekayo—“ngomoya nangeqiniso.” Kunokuba banamathele ezinkolelweni okungenakungatshazwa ukuthi babezazisa, yena nabanye abanjengaye kwakuyodingeka ngokuhamba kwesikhathi ‘balalele ukholo’ olwalwembulwe ngoJesu Kristu.—Johane 4:21-24, 39-41; IzEnzo 6:7.

Ingabe Wafundiswa Ukuba Ukukholelwe?

Abafundisi nezazi eziningi emikhakheni ekhethekile yolwazi bafanelwe yinhlonipho enkulu. Nokho, umlando ugcwele izibonelo zabafundisi abadumile ababephaphalaza ngokuphelele. Ngokwesibonelo, mayelana nezincwadi ezimbili zesayensi ezabhalwa yisazi sefilosofi esingumGreki u-Aristotle, isazi-mlando uBetrand Russell sathi “cishe akukho nomusho owodwa kuzo owamukelekayo ngokwesayensi yanamuhla.” Ngisho nezanamuhla izazi zivamile ukwenza amaphutha amakhulu. Ngo-1895, usosayensi waseBrithani uLord Kelvin wathi: “Akunakwenzeka ukuba kube khona imishini endizayo esinda ngaphezu komoya.” Ngakho-ke, umuntu ohlakaniphile akamane akholelwe ukuthi into ethile iyiqiniso ngoba nje umfundisi othile onegunya ethi iyilo.—IHubo 146:3.

Kudingeka ukuqapha okufanayo mayelana nemfundo engokwenkolo. Umphostoli uPawulu wayefundiswe kakhulu abafundisi bakhe benkolo futhi ‘ewashisekela kakhulu impela amasiko oyise.’ Nokho, ukushisekela kwakhe izinkolelo ezingokwesiko zokhokho bakhe kwamdalela izinkinga. Kwaholela ekubeni ‘ashushise ibandla likaNkulunkulu futhi alichithe.’ (Galathiya 1:13, 14; Johane 16:2, 3) Okubi nakakhulu, kwaphela isikhathi eside uPawulu elokhu ‘ekhahlela izinkandi,’ emelana namathonya okwakufanele amholele ekubeni akholelwe kuJesu Kristu. Kwadingeka ukungenela okuyisimangaliso kukaJesu uqobo ukuze uPawulu ashukumiseleke ukuba alungise izinkolelo zakhe.—IzEnzo 9:1-6; 26:14.

Ingabe Uthonywe Abezindaba?

Mhlawumbe izinkolelo zakho zithonywe kakhulu abezindaba. Iningi labantu liyajabula ngokuthi kwabezindaba kunenkululeko yokukhuluma, eyenza bakwazi ukuthola ukwaziswa okungaba usizo. Nokho, kunamathonya anamandla akwazi ukulawula abezindaba futhi ngokuvamile abalawulayo. Kuvamile ukuba kunikezwe ukwaziswa okuchemayo nokungathonya ukucabanga kwakho ngendlela ecashile.

Ngaphezu kwalokho, ukuze bakhange izilaleli eziningana, abezindaba bathambekele ekusakazeni izinto ezishaqisayo nezingavamile. Izinto ebezingenakulokotha zishiwo noma zinyatheliswe ukuze zitholwe umphakathi eminyakeni embalwa edlule seziyinto ejwayelekile namuhla. Kancane kancane, izindinganiso zokuziphatha ezamukelwayo zibekelwa inselele futhi ziyakhukhuleka. Kancane kancane ukucabanga kwabantu kuyasonteka. Baqala ukukholelwa ukuthi ‘okubi kungokuhle, nokuhle kungububi.’—Isaya 5:20; 1 Korinte 6:9, 10.

Ukuthola Isisekelo Esiqinile Sezinkolelo

Ukwakhela emibonweni nakumafilosofi abantu kunjengokwakha esihlabathini. (Mathewu 7:26; 1 Korinte 1:19, 20) Ungazisekelaphi-ke izinkolelo zakho ngokuqiniseka? Njengoba uNkulunkulu ekunike ikhono lengqondo lokuhlola okwenzekayo emhlabeni nelokubuza imibuzo mayelana nezinto ezingokomoya, ingabe akunangqondo ukuthi ubeyokwenza nendlela yokuba uthole izimpendulo ezinembile zemibuzo yakho? (1 Johane 5:20) Yebo, kunengqondo! Nokho, ungakuthola kanjani okuyiqiniso, okuyikonakona noma okungokwangempela, ezintweni eziphathelene nokukhulekela? Asingabazi ukusho ukuthi iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, linikeza okuwukuphela kwesisekelo sokwenza lokhu.—Johane 17:17; 2 Thimothewu 3:16, 17.

Omunye angathi: “Yimani-ke, akubona yini abantu abaphatha iBhayibheli abaye babangela ukudideka nokungqubuzana okuningi emhlabeni?” Kuyiqiniso ukuthi abaholi benkolo abathi balandela iBhayibheli baye baveza imibono eminingi edidayo nengqubuzanayo. Lokhu kungenxa yokuthi, empeleni abazange basekele izinkolelo zabo eBhayibhelini. Umphostoli uPetru ubachaza ngokuthi “abaprofethi bamanga” nangokuthi “abafundisi bamanga” ababeyokwakha “amahlelo abhubhisayo.” UPetru uthi ngenxa yezinto abazenzayo, “indlela yeqiniso kuyokhulunywa ngayo ngokuchapha.” (2 Petru 2:1, 2) Noma kunjalo, uPetru uthi, “sinezwi eliyisiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe; futhi nenza kahle ngokulinaka ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama.”—2 Petru 1:19; IHubo 119:105.

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba siqhathanise izinkolelo zethu nalokho elikufundisayo. (1 Johane 4:1) Izigidi zabafundi balo magazini zingakufakazela ukuthi ukwenza kanjalo kuye kwanezela injongo nokuzinza ekuphileni kwazo. Ngakho yiba njengabaseBereya ababenengqondo enhle. ‘Hlola imiBhalo ngokucophelela nsuku zonke’ ngaphambi kokuba unqume ukuthi yini ozoyikholelwa. (IzEnzo 17:11) OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba wenze lokhu. Yebo, kukuwe ukuthi ukhetha ukukholelwani. Nokho, kuwukuhlakanipha ukuqiniseka ukuthi izinkolelo zakho azithonyiwe ukuhlakanipha nezifiso zabantu, kodwa zithonywe yiZwi likaNkulunkulu leqiniso elambuliwe.—1 Thesalonika 2:13; 5:21.

[Izithombe ekhasini 6]

Izinkolelo zakho ungazisekela ngokuqiniseka eBhayibhelini