Luhlala Isikhathi Eside Kunegolide Elicwengekile
Luhlala Isikhathi Eside Kunegolide Elicwengekile
IGOLIDE lifunwa kakhulu ngenxa yobuhle balo nokuhlala kwalo isikhathi eside. Okwenza lithandeke kakhulu ukuthi lihlala libenyezela futhi aligqwali nanini. Lokhu kungenxa yokuthi amanzi, umoya-mpilo, isibabule, cishe nakho konke okunye, akulonakalisi igolide. Izinto eziningi zegolide eziye zatholakala emikhunjini eyacwila nakwezinye izindawo zisabenyezela yize sezinamakhulu eminyaka.
Nokho, ngokuthakazelisayo iBhayibheli lithi kunokuthile okuhlala isikhathi eside futhi ‘okunenani elikhulu kakhulu kunegolide elibhubhayo naphezu kokuvivinywa kwalo ngomlilo.’ (1 Petru 1:7) Igolide ‘elivivinywe,’ noma elicwengwe ngomlilo nangezinye izinqubo lingaba msulwa ngesilinganiso esingamaphesenti angu-99,9. Nokho, ngisho negolide elicwengiwe liyabhubha, noma liyabuthuka, lapho lifakwa kuyi-aqua regia, okuyingxube yezingxenye ezintathu ze-hydrochloric acid neyodwa ye-nitric acid. Ngakho, iBhayibheli linembile ngokwesayensi lapho lithi ‘igolide liyabhubha.’
Ngokuphambene, ukholo lobuKristu lweqiniso ‘lulondoloza umphefumulo uphila.’ (Heberu 10:39) Abantu bangambulala umuntu onokholo oluqinile, njengoba bambulala noJesu Kristu. Kodwa labo abanokholo lwangempela bayathenjiswa: “Zibonakalise ukholekile kuze kube ngisho nasekufeni, futhi ngiyokunika umqhele wokuphila.” (IsAmbulo 2:10) Labo abafa besokholweni bahlala enkumbulweni kaNkulunkulu, futhi uyobavusa. (Johane 5:28, 29) Akukho golide elingenza lokho. Kulokhu, ukholo lunenani elikhulu kakhulu ngempela kunegolide. Nokho, ukuze ukholo lube nalelo nani elikhulu kakhulu, kumelwe futhi luhlolwe noma luvivinywe. Eqinisweni, ‘yisimo esivivinyiwe sokholo’ uPetru athi sinenani elikhulu kunegolide. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza ukuba utadishe iBhayibheli ukuze wakhe futhi ulondoloze ukholo oluqinile kuNkulunkulu weqiniso, uJehova, naseNdodaneni yakhe, uJesu Kristu. NgokukaJesu, lokhu “kusho ukuphila okumi phakade.”—Johane 17:3.