Nqoba Izithiyo Ezikwenza Ungathuthuki!
Nqoba Izithiyo Ezikwenza Ungathuthuki!
IMOTO yakho isegiyeni, injini iyaduma, kodwa ayifuni ukuhamba. Ingabe kunenkinga edinga umakhenika? Cha, kunetshe elikhulu phambi kwelinye lamasondo. Kudingeka ulisuse nje kuphela ukuze imoto ihambe.
Ngendlela efanayo, abanye abatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova banezithiyo eziphazamisa intuthuko yabo engokomoya. Ngokwesibonelo, uJesu waxwayisa ngokuthi izinto ‘ezinjengezinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa’ ‘zingaminyanisa izwi’ leqiniso zivimbele ukukhula.—Mathewu 13:22.
Kwabanye, imikhuba enezimpande noma ubuthakathaka kuvimba intuthuko yabo. Indoda yaseJapane okuthiwa uYutaka yasithanda isigijimi seBhayibheli, nokho yayinenkinga enkulu yokugembula. Yayisizame kaningana ukunqoba lo mkhuba omubi kodwa yahluleka. Ukulutheka kwayo kwayilahlekisela ngemali eningi, izindlu ezintathu, ukuhlonishwa ngumkhaya wayo kanye nesithunzi sayo. Yayingasisusa yini lesi sikhubekiso futhi ibe ngumKristu?
Noma cabanga ngowesifazane okuthiwa uKeiko. Ngosizo lweBhayibheli, wayehlukene nokukhonza izithombe, ukuziphatha okubi nokubikezela inhlanhla. Nokho, uKeiko uyavuma: “Ukubhema kwakuyisithiyo
esikhulu kimi. Ngazama izikhathi eziningi ukukuyeka, kodwa angikwazanga.”Nawe kungenzeka ukuthi unokuthile okubonakala kuyisithiyo esingenakususwa esikuvimbela ukuba uthuthuke. Noma ngabe siyini, qiniseka ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu, singanqotshwa.
Khumbula iseluleko sikaJesu kubafundi bakhe ngemva kokuba behluleke ukuxosha idemoni endodeni enesithuthwane. Ngemva kokuba uJesu ekwenzile lokho ababehluleke ukukwenza, watshela abafundi bakhe: “Uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kulentaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ futhi iyosuka, futhi akukho lutho olungeke lwenzeke kini.” (Mathewu 17:14-20; Marku 9:17-29) Yebo, inkinga engase ibonakale injengentaba enkulu kithi incane futhi ayilutho kuMdali wethu onamandla onke.—Genesise 18:14; Marku 10:27.
Ukubona Izinto Ezithiya Intuthuko
Ngaphambi kokuba unqobe izithiyo zakho, kufanele uthole ukuthi ziyini lezo zithiyo. Ungakwenza kanjani lokho? Ngesinye isikhathi ilungu lebandla, njengomdala noma umuntu okufundela iBhayibheli uyokuqaphelisa okuthile. Kunokucasukela iseluleko esinjalo sothando, kufanele ngokuzithoba ‘uzwe ukulaya, uhlakaniphe.’ (IzAga 8:33) Ngezinye izikhathi, ungase ububone ubuthakathaka bakho ngokutadisha iBhayibheli. Yebo, izwi likaNkulunkulu “liyaphila futhi linamandla.” (Heberu 4:12) Ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kungembula imicabango yakho ejulile nemizwa nezisusa. Likusiza ukuba uzikale ngokwezindinganiso zikaJehova eziphakeme. Liveza futhi libonise izinto ezingase ziphazamise intuthuko yakho engokomoya.—Jakobe 1:23-25.
Ngokwesibonelo, ake sithi omfundela iBhayibheli uke waba nomkhuba wokuhlale ecabanga ngokuziphatha okubi kobulili. Angase angayiboni ingozi yokwenza kanjalo, ezitshela ukuthi empeleni alukho olubi alwenzayo. Njengoba eqhubeka etadisha, angase ahlangane namazwi kaJakobe 1:14, 15: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa isifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesivundile, sizala isono; isono, naso, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.” Manje uyabona ukuthi ukuqhubeka nale nkambo kungayilimaza kanjani intuthuko yakhe! Angasinqoba kanjani lesi siphazamiso?—Marku 7:21-23.
Ukunqoba Izithiyo
Mhlawumbe ngokusizwa ngumKristu ovuthiwe, umfundi angase enze ucwaningo olwengeziwe eZwini likaNkulunkulu, esebenzisa i-Watch Tower Publications Index. * Ngokwesibonelo, isihloko esithi Thoughts [Imicabango], siqondisa umfundi ezihlokweni eziningi ezinyathelisiwe ezikhuluma ngokunqoba imicabango elimazayo. Lezi zihloko ziqokomisa imibhalo yeBhayibheli ewusizo njengabaseFilipi 4:8, ethi: “Noma iziphi izinto eziyiqiniso, noma iziphi izinto ezinokubaluleka okungathi sína, noma iziphi izinto ezilungileyo, noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.” Yebo, imicabango yokuziphatha okubi kumelwe ithathelwe isikhundla imicabango emsulwa neyakhayo!
Phakathi nocwaningo lwakhe, akungabazeki ukuthi umfundi uyothola ezinye izimiso zeBhayibheli eziyomsiza ukuba agweme ukwenza inkinga yakhe ibe yimbi kakhulu. Ngokwesibonelo, izAga 6:27 noMathewu 5:28 zixwayisa ngokondla ingqondo ngezincwadi ezikhuthaza ubulili. Umhubi wathandaza: “Phendula amehlo ami, angaboni okuyize.” (IHubo 119:37) Yiqiniso, ukumane ufunde la mavesi eBhayibheli akwanele. Indoda ehlakaniphile ithi: “Inhliziyo yolungileyo iyacabanga.” (IzAga 15:28) Ngokuzindla hhayi nje kuphela ngalokho uNkulunkulu ayala ngakho kodwa futhi nangokuthi kungani eyala kanjalo, umfundi uyoba nokuqonda okujulile kokuhlakanipha nokuba nengqondo kwezindlela zikaJehova.
IHubo 103:14) Ukuthandaza ngokuphikelela kuNkulunkulu sicela usizo, kuhambisana nemizamo yenkuthalo yokugwema ukuzitika ngemicabango yokuziphatha okubi ekugcineni kuyothela umphumela ofiselekayo—unembeza ohlanzekile nongasindwa yilutho.—Heberu 9:14.
Ekugcineni, lowo ozama kanzima ukunqoba lesi sithiyo sentuthuko yakhe kufanele angangabazi ukufuna usizo lukaJehova. Kakade, uNkulunkulu ukwazi kahle ukwakheka kwethu, ukuthi asiphelele, senziwe ngothuli. (Ungalilahli Ithemba
Kungakhathaliseki ukuthi ulwa nabuphi ubunzima, yazi ukuthi kunezikhathi lapho ungase uwe khona. Uma lokho kwenzeka, kungokwemvelo ukuzizwa ukhungathekile futhi udumazekile. Nokho, khumbula amazwi akweyabaseGalathiya 6:9: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.” Izinceku zikaNkulunkulu ezazizinikele njengoDavide noPetru zake zabhekana nesimo sokwehluleka okudumazayo. Kodwa aziyekanga. Zasamukela ngokuzithoba iseluleko, zenza izinguquko ezidingekayo, futhi zaqhubeka zizibonakalisa ziyizinceku zikaNkulunkulu ezivelele. (IzAga 24:16) Naphezu kwamaphutha kaDavide, uJehova wambiza ngokuthi “indoda ethandwa inhliziyo yami, eyokwenza zonke izinto engizifisayo.” (IzEnzo 13:22) NoPetru ngokufanayo, wanqoba amaphutha akhe futhi waba yinsika ebandleni lobuKristu.
Abaningi namuhla baye bajabulela impumelelo efanayo ekunqobeni izithiyo. UYutaka okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Uyalandisa: “Ukusekela nesibusiso sikaJehova esinyathelweni ngasinye engasithatha kwangisiza ukuba nginqobe inkinga yami yokugembula. Ngijabula kakhulu ukubona ubuqiniso bamazwi kaJesu—ukuthi ngokholo ngisho ‘nezintaba’ zingasuswa.” Ngokuhamba kwesikhathi, uYutaka waba inceku ekhonzayo ebandleni.
Kuthiwani ngoKeiko owayengumlutha kagwayi? Udade owayemfundela wasikisela ukuba afunde izihloko ezihlukahlukene ze-Phaphama! ngendaba yokulutha kukagwayi. UKeiko waze wabhala amazwi akweyesi- 2 Korinte 7:1 emotweni yakhe njengesikhumbuzo sokuba ahlale ehlanzekile emehlweni kaJehova. Noma kunjalo, wahluleka ukuwuyeka. “Ngangikhungatheke kakhulu,” kukhumbula uKeiko. “Ngakho-ke ngazibuza ukuthi yini ngempela engangiyifuna—ngangifuna ukukhonza uJehova noma uSathane?” Ngemva kokuba esenqumile ukuthi wayefuna ukukhonza uJehova, wathandazela usizo ngobuqotho. Uyakhumbula: “Ngiyamangala ukuthi ngakwazi ukuyeka ukubhema ngaphandle kobunzima. Ngiyazisola nje ngokuthi angikwenzanga ngokushesha.”
Nawe ungaphumelela ekunqobeni izithiyo ezikwenza ungathuthuki. Lapho uvumelanisa imicabango, izifiso, amazwi nezenzo zakho nezindinganiso zeBhayibheli, yilapho uyothola khona umuzwa wokuzihlonipha nokuzethemba. Abafowenu nodadewenu abangokomoya namalungu omkhaya wakho bayoqabuleka futhi bakhuthazeke lapho benawe. Okubaluleke kunakho konke, uyojulisa ubuhlobo bakho noJehova uNkulunkulu. Wathembisa ukuthi ‘uyosusa isikhubekiso endleleni yabantu bakhe’ lapho bebalekela ukulawulwa nguSathane. (Isaya 57:14) Ungaqiniseka futhi ukuthi uma wenza umzamo wokususa nokunqoba izithiyo ezikhubaza intuthuko yakho engokomoya, uJehova uyokubusisa ngokucebile.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 12 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi eziningi.
[Isithombe ekhasini 28]
UJesu wathembisa ukuthi ngokholo, izithiyo ezinjengentaba zaziyonqobeka
[Isithombe ekhasini 30]
Ukufunda iBhayibheli kuqinisa umzamo wethu wokunqoba ubuthaka