Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Unelungelo Lokukholelwa Kulokho Okuthandayo

Unelungelo Lokukholelwa Kulokho Okuthandayo

Unelungelo Lokukholelwa Kulokho Okuthandayo

Cishe uyalazisa ilungelo lakho lokukholelwa yinoma yini ofuna ukuyikholelwa. Cishe wonke umuntu uyalazisa. Ngokusebenzisa leli lungelo, abantu abayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha abasemhlabeni baye bavela nezinkolelo ezihlukahlukene ngendlela emangalisayo. Njengokuhlukahluka kwemibala, ukwakheka, ukuthamba, ukunambitheka, amaphunga nemisindo esikuthola endalweni, izinkolelo ezihlukahlukene ngokuvamile zenza ukuphila kuthakazelise futhi kujabulise. Ukuhlukahluka okunjalo kungaba yisinandisi sokuphila ngempela.—IHubo 104:24.

KODWA kunesidingo sokuqapha. Ezinye izinkolelo azihlukile nje kuphela, kodwa futhi ziyingozi. Ngokwesibonelo, ngasekuqaleni kwekhulu lama-20, abanye abantu babekholelwa ukuthi amaJuda namaFreemason ayehlela “ukuhlakaza imiphakathi yobuKristu, akhe umbuso womhlaba ayowubusa ndawonye.” Omunye wemithombo yale nkolelo kwakuyipheshana elaliphikisana namaJuda, elalinesihloko esithi Protocols of the Learned Elders of Zion. Leli pheshana lathi kwakuhlelwa ukusekela ukukhokhiswa intela eyeqile, ukugqugquzela ukwakhiwa kwezikhali, ukuchumisa izinkampani ezinkulu eziyizingqongqo ukuze ‘umcebo wabeZizwe ushatshalaliswe kube kanye.’ Lokhu kumangalelwa kwakuhlanganisa ukuqondisa isimiso sezemfundo ukuze ‘abeZizwe baphendulwe izilwane ezingacabangi,’ ngisho nokwakha ojantshi ngaphansi komhlaba bahlanganise izinhloko-dolobha ukuze abaholi bamaJuda bakwazi ‘ukunqoba noma yibaphi abaphikisi ngokubaqhumisa basakazeke.’

Yebo, lawa kwakungamanga—ayehloselwe ukubhebhethekisa ukuzondwa kwamaJuda. UMark Jones waseBritish Museum uthi: ‘Le nsumansumane engenangqondo yasakazekela emazweni aphesheya isuka eRussia,’ lapho yavela khona okokuqala esihlokweni sephephandaba ngo-1903. Yavela kuyi-Times yaseLondon ngo-May 8, 1920. Ngemva konyaka, i-Times yalidalula leli pheshana ukuthi lingamanga. Umonakalo wase wenziwe kakade. UJones uthi: ‘Amanga anjengalawa akulula ukuwanqanda.’ Lapho nje abantu sebewamukela, akha izinkolelo ezinobutha obukhulu, ezinobuthi neziyingozi—ngokuvamile kube nemiphumela eyinhlekelele, njengoba kuye kwabonisa umlando wekhulu lama-20.—IzAga 6:16-19.

Inkolelo Iqhathaniswa Neqiniso

Yiqiniso, akuwona amanga ahlosiwe kuphela abangela izinkolelo eziyiphutha. Ngezinye izikhathi, simane siqonde izinto ngokungeyikho. Bangaki nje abantu abaye bafa ngaphambi kwesikhathi, benza into ababekholelwa ukuthi ilungile? Kodwa futhi, sivamile nokukholelwa into ethile ngoba nje sifuna ukuyikholelwa. Uprofesa othile uthi ngisho nososayensi “bavamile ukuba nothando olukhulu lwezinto eziqanjwe yibo.” Izinkolelo zabo zifiphaza ikhono labo lokuhlaziya izinto ngokuhluzekile. Uma sekunjalo bangase bachithe ukuphila kwabo konke bezama ukusekela izinkolelo eziyiphutha, kube nhlanga zimuka nomoya.—Jeremiya 17:9.

Izinto ezifanayo ziye zenzeka nasezinkolelweni ezingokwenkolo—lapho kunokungqubuzana okukhulu khona. (1 Thimothewu 4:1; 2 Thimothewu 4:3, 4) Umuntu othile ukholelwa ngokujulile kuNkulunkulu. Omunye uthi abantu abanabufakazi bokusekela ukholo abanalo kuNkulunkulu. Omunye ugomela ngokuthi umuntu unomphefumulo ongafi, osindayo ekufeni. Omunye ukholelwa ukuthi lapho ufa uyayeka ngokuphelele ukuphila. Kusobala ukuthi izinkolelo eziphikisanayo njengalezi azinakuba yiqiniso zonke. Akukhona-ke yini ukuhlakanipha ukuba uqinisekise ukuthi lokho okukholelwayo kuyiqiniso ngempela yini, ukuthi akuyona nje into wena ofuna ukuyikholelwa? (IzAga 1:5) Ungakwenza kanjani lokho? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngale ndaba.

[Isithombe ekhasini 3]

Isihloko sango-1921 esasidalula i-“Protocols of the Learned Elders of Zion”