Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale

Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale

Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale

“Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.”—1 THIMOTHEWU 4:15.

1. Wazi kanjani ukuthi isithelo sesivuthiwe futhi sesilungele ukudliwa?

AKE ucabange ngesithelo osithanda kakhulu—ipetshisi, ipheya, umango, noma esinye. Uyakwazi yini ukusibona uma sesivuthiwe, sesilungele ukudliwa? Ngokuqinisekile. Iphunga, umbala nokuthamba kwaso konke kuyakutshela ukuthi umphimbo uzothokoza. Lapho usiluma, ungase wenanele ubumnandi baso. Yeka ubunsobonsobo! Yeka ubumtoti! Uyasijabulela kakhulu, sehla esiphundu.

2. Ukuvuthwa kubonakala kanjani, futhi kuba namuphi umphumela ebuhlotsheni nabanye?

2 Le nto elula kodwa emnandi ifana nokuthile okwenzeka nakwezinye izici zokuphila. Ngokwesibonelo, njengoba kunjalo nangokuvuthwa kwesithelo, ukuvuthwa komuntu ngokomoya kubonakala ngezindlela ezihlukahlukene. Ukuthi umuntu uvuthiwe sikubona lapho siqaphela ukuqonda, ukuhlakanipha, njalonjalo. (Jobe 32:7-9) Kumnandi ngempela ukuba nobudlelwane nokusebenza nabantu ababonisa izimfanelo ezinjalo esimweni sengqondo nasezenzweni zabo.—IzAga 13:20.

3. Indlela uJesu abachaza ngayo abantu bosuku lwakhe yembulani ngokuvuthwa?

3 Ngakolunye uhlangothi, umuntu angase abe okhulile ngomzimba, kodwa indlela akhuluma futhi enze ngayo yembule ukuthi akavuthiwe ngokomzwelo nangokomoya. Ngokwesibonelo, lapho ekhuluma ngesizukulwane esingalawuleki sosuku lwakhe, uJesu Kristu wathi: “UJohane weza engadli futhi engaphuzi, nokho abantu bathi, ‘Unedemoni’; iNdodana yomuntu yona yafika idla futhi iphuza, noma kunjalo abantu bathi, ‘Bhekani! Umuntu ominzayo nojwayele ukuphuza iwayini.’” Nakuba labo bantu babevuthiwe ngokomzimba, uJesu wathi babenza ‘njengabantwana abancane’—bengavuthiwe neze. Ngakho, wanezela: “Noma kunjalo, ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.”—Mathewu 11:16-19.

4. Yiziphi izindlela intuthuko nokuvuthwa okubonakala ngazo?

4 Emazwini kaJesu singabona ukuthi, ukuthi umuntu unokuhlakanipha kweqiniso yini—okuwuphawu oluyinhloko lokuvuthwa—kuboniswa yizenzo zakhe nemiphumela yazo. Mayelana nalokhu, phawula iseluleko umphostoli uPawulu asinika uThimothewu. Ngemva kokubala izinto uThimothewu okwakufanele aziphishekele, uPawulu wathi: “Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” (1 Thimothewu 4:15) Yebo, ukuthuthukela komKristu ekuvuthweni ‘kuyabonakala,’ noma kuba sobala. Njengesibani esikhanyayo, ukuvuthwa kobuKristu akuyona imfanelo yangaphakathi noma ecashile. (Mathewu 5:14-16) Ngakho-ke, sizohlola izindlela ezimbili eziyinhloko intuthuko nokuvuthwa okungabonakala ngazo: (1) ukukhula olwazini, ekuqondeni nasekuhlakanipheni; (2) ukubonisa izithelo zomoya.

Ubunye Okholweni Nasolwazini

5. Kungachazwa kanjani ukuvuthwa?

5 Izichazamazwi eziningi zichaza ukuvuthwa ngokuthi ukukhula ngokugcwele, nangokuthi ukuba sezingeni lokugcina noma elifiselekayo. Njengoba kushiwo ngaphambili, isithelo sisuke sesivuthiwe uma sesiwuqedile umjikelezo waso wokukhula ongokwemvelo futhi ukubukeka kwaso, umbala, iphunga nokunambitheka kwaso sekufinyelele izinga elibhekwa njengelifiselekayo. Ngakho-ke, ukuvuthwa kuhambisana nokuba sezingeni eliphakeme, ngisho nokuphelela.—Isaya 18:5; Mathewu 5:45-48; Jakobe 1:4.

6, 7. (a) Yini ebonisa ukuthi uJehova unesithakazelo esijulile ekubeni bonke abakhulekeli bakhe bathuthukele ekuvuthweni okungokomoya? (b) Yini ehlobene ngokuseduze nokuvuthwa okungokomoya?

6 UJehova uNkulunkulu unesithakazelo esijulile ekubeni bonke abakhulekeli bakhe bathuthukele ekuvuthweni okungokomoya. Ukuze bakufinyelele, uye wabenzela amalungiselelo amangalisayo ebandleni lobuKristu. Lapho ebhalela amaKristu ase-Efesu, umphostoli uPawulu wathi: “Waphana ngabanye njengabaphostoli, abanye njengabaprofethi, abanye njengabavangeli, abanye njengabelusi nanjengabafundisi, enombono wokulungiswa kwabangcwele, ngenjongo yomsebenzi wokukhonza, ngenjongo yokwakhiwa komzimba kaKristu, kuze kube yilapho sonke sesifinyelele ebunyeni okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu, ekubeni indoda ekhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu; ukuze singabe sisaba izingane sijikijeleka ngapha nangapha sengathi sijikijelwa amagagasi futhi siyiswa lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso ngokukhohlisa kwabantu, ngobuqili ekuklameni isiphambeko.”—Efesu 4:11-14.

7 Kula mavesi, uPawulu wachaza ukuthi esinye sezizathu zokwenza kukaNkulunkulu amalungiselelo angokomoya ayinala kangaka ebandleni siwukuthi kufanele wonke umuntu ‘afinyelele ebunyeni okholweni nasolwazini olunembile,’ abe “indoda ekhule ngokugcwele” futhi abe ‘nesilinganiso sokugcwala sikaKristu.’ Yileyo ndlela kuphela esiyophepha ngayo ekujikijelweni ngapha nangapha yimibono nezimfundiso zamanga njengezingane ezingokomoya. Kanjalo siyakubona ukuhlobana okuseduze phakathi kokuthuthukela ekuvuthweni kobuKristu nokuba ‘nobunye okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu.’ Kunamaphuzu amaningana eselulekweni sikaPawulu okungakuhle siwalalele.

8. Kudingekani ukuze umuntu afinyelele “ebunyeni” okholweni nasolwazini olunembile?

8 Okokuqala, njengoba kumelwe kulondolozwe ‘ubunye,’ umKristu ovuthiwe kumelwe abe sebunyeni futhi avumelane ngokugcwele nakholwa nabo mayelana nokholo nolwazi. Akathuthukisi noma agcizelele eyakhe imiqondo, noma abe nemibono yakhe yedwa mayelana nokuqondwa kweBhayibheli. Kunalokho, ulethemba ngokugcwele iqiniso uJehova uNkulunkulu alembula ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu ‘nangesigqila esikholekile nesiqondayo.’ Ngokukudla njalo ukudla okungokomoya okunikezwa “ngesikhathi esifanele”—ngezincwadi zobuKristu, imihlangano yebandla nemihlangano emincane nemikhulu—singaqiniseka ukuthi silondoloza ‘ubunye’ namaKristu esikanye nawo okholweni nasolwazini.—Mathewu 24:45.

9. Chaza igama elithi “okholweni” ngendlela uPawulu alisebenzisa ngayo encwadini ayibhalela abase-Efesu.

9 Okwesibili, igama elithi “okholweni” alibhekisele ekuqinisekeni umKristu ngamunye anakho, kodwa libhekisele kuyo yonke inkolelo yethu, “ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kwayo. (Efesu 3:18; 4:5; Kolose 1:23; 2:7) Eqinisweni, umKristu angaba kanjani sebunyeni nakholwa nabo uma ekholelwa noma amukela ingxenye ethile kuphela ‘yokholo’? Lokhu kusho ukuthi akumelwe saneliswe ukwazi izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo nje noma ukuba nolwazi lweqiniso olufiphele noma olungaphelele. Kunalokho, kufanele sifune ukusebenzisa wonke amalungiselelo uJehova awenza ngenhlangano yakhe okuba simbe sijule eZwini lakhe. Kumelwe sizame ukuqonda intando nezinjongo zikaNkulunkulu ngokunembe nangokugcwele ngangokunokwenzeka. Lokhu kuhlanganisa ukuba nesikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli, ukuthandaza kuNkulunkulu sicele usizo nesiqondiso sakhe, ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.—IzAga 2:1-5.

10. Asho ukuthini amazwi athi “kuze kube yilapho sonke sesifinyelele,” njengoba esetshenziswe kweyabase-Efesu 4:13?

10 Okwesithathu, uPawulu wethula umgomo okathathu ngamazwi athi “kuze kube yilapho sonke sesifinyelele.” Mayelana negama elithi “sonke,” enye incwadi ehlaziya iBhayibheli inikeza incazelo ethi “hhayi sonke, eyedwa, ngokuhlukana, kodwa sisonke ndawonye.” Ngamanye amazwi, ngamunye wethu kumelwe enze umzamo ofanele wokuphishekela umgomo wokuvuthwa kobuKristu kanye nabo bonke ubuzalwane. I-Interpreter’s Bible ithi: “Lokhu kuvuthwa ngokomoya akufinyelelwa ngumuntu ezihlukanisile kwabanye, njengoba nje isitho esisodwa somzimba singenakukhula ngokugcwele ngaphandle kokuba umzimba wonke uqhubeke ukhula, unempilo.” UPawulu wakhumbuza amaKristu ase-Efesu ukuthi kwakufanele azame ukuqonda lonke ukholo “kanye nabo bonke abangcwele.”—Efesu 3:18a.

11. (a) Ukuthuthuka ngokomoya akusho ukuthini? (b) Yini okudingeka siyenze ukuze sithuthuke?

11 Emazwini kaPawulu kusobala ukuthi ukuthuthuka ngokomoya akusho ukumane sigcwalise izingqondo zethu ngolwazi nokufunda kakhulu. UmKristu ovuthiwe akenzi abanye bakhexe ngokuhlakanipha kwakhe. Kunalokho, iBhayibheli lithi: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.” (IzAga 4:18) Yebo, “umkhondo,” hhayi umuntu, ‘oqhubeka ngokukhanya njalo.’ Uma senza umzamo oqhubekayo wokuhambisana nokuqondwa kweZwi likaNkulunkulu okuya kukhanya, uJehova akunika abantu bakhe, siyobe siyathuthuka ngokomoya. Ukuhambisana nalokhu kuqondwa kusho ukuthuthuka, okuyinto sonke esingayenza.—IHubo 97:11; 119:105.

Bonisa “Izithelo Zomoya”

12. Kungani kubalulekile ukubonisa izithelo zomoya ekufuneni kwethu ukuthuthuka ngokomoya?

12 Nakuba kubalulekile ukufinyelela “ebunyeni okholweni nasolwazini olunembile,” kubaluleke ngokufanayo nokuba sibonise izithelo zomoya kaNkulunkulu kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Ngani? Ngoba, njengoba sesibonile, ukuvuthwa akuyona imfanelo engabonakali noma efihlekile, kodwa kunezici ezibonakala ngokucacile ezingazuzisa futhi zakhe abanye. Yebo, ukufuna kwethu ukuthuthuka ngokomoya akuwona nje umzamo wokubonakala silolongiwe noma wokuziphatha ngendledlana ethile yokuzenzisa. Kunalokho, njengoba sikhula ngokomoya, silandela ukuhola komoya kaNkulunkulu, isimo sethu sengqondo nezenzo zethu kuyoshintsha ngendlela enhle. Umphostoli uPawulu wathi: “Qhubekani nihamba ngomoya futhi ngeke neze nifeze isifiso senyama.”—Galathiya 5:16.

13. Yiluphi ushintsho oluyinkomba ecacile yokuthuthuka?

13 UPawulu wabe esebala “imisebenzi yenyama,” eminingi ‘nebonakalayo.’ Ngaphambi kokuba umuntu aqonde ukubaluleka kwezimfuneko zikaNkulunkulu, ukuphila kwakhe kusuke kufuze izindlela zezwe futhi kungenzeka kugcwele ezinye zezinto uPawulu azibala: “ubufebe, ukungahlanzeki, ukuziphatha okuxekethile, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona, izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi.” (Galathiya 5:19-21) Kodwa njengoba umuntu ethuthuka ngokomoya, kancane kancane uyayinqoba le “misebenzi yenyama” engafiseleki, abe ‘nezithelo zomoya’ esikhundleni sayo. Lolu shintsho olubonakalayo luyinkomba ecacile yokuthi lo muntu uthuthukela ekuvuthweni kobuKristu.—Galathiya 5:22.

14. Chaza inkulumo ethi “imisebenzi yenyama” nethi “izithelo zomoya.”

14 Kufanele siziphawule lezi nkulumo, ethi “imisebenzi yenyama” nethi “izithelo zomoya.” “Imisebenzi” iwumphumela walokho umuntu akwenzayo. Ngamanye amazwi, izinto uPawulu azibala njengeziyimisebenzi yenyama ziwumphumela wezenzo zomuntu zangamabomu noma zethonya lenyama yobuntu enesono. (Roma 1:24, 28; 7:21-25) Ngakolunye uhlangothi, inkulumo ethi “izithelo zomoya” isikisela ukuthi lezi zimfanelo ezibaliwe ziyimiphumela yokusebenza komoya kaNkulunkulu kumuntu, hhayi yalokho okuthiwa ukuthuthukiswa kobuntu. Njengoba nje isihlahla sithela lapho sinakekelwa kahle, nomuntu uveza izithelo zomoya lapho umoya ongcwele usebenza ngokukhululekile ekuphileni kwakhe.—IHubo 1:1-3.

15. Kungani kubalulekile ukunaka zonke izici ‘zezithelo zomoya’?

15 Elinye iphuzu okufanele silihlole ukusebenzisa kukaPawulu igama elithi “izithelo” ukuze ahlanganise zonke izimfanelo ezifiselekayo azibala. Umoya awuvezi izithelo ezihlukahlukene ukuze sikhethe esizithanda kakhulu. Zonke izimfanelo uPawulu azibala—uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba—zibaluleke ngokulinganayo, futhi ndawonye zenza kwenzeke ukuba nobuntu obusha bobuKristu. (Efesu 4:24; Kolose 3:10) Ngakho-ke, nakuba singase sithole ukuthi izimfanelo ezithile kulezi zibonakala kakhudlwana ekuphileni kwethu ngenxa yobuntu nokuthambekela kwethu, kubalulekile ukuba sizinake zonke izici uPawulu azibala. Ngokwenza kanjalo, singabubonisa ngokugcwele kakhudlwana ubuntu obunjengobukaKristu ekuphileni kwethu.—1 Petru 2:12, 21.

16. Uyini umgomo wethu njengoba siphishekela ukuvuthwa kobuKristu, futhi singawufinyelela kanjani?

16 Isifundo esibalulekile esingasifunda endimeni kaPawulu ukuthi njengoba siphishekela ukuvuthwa kobuKristu, umgomo wethu awukona ukuzuza ulwazi oluningi nokufunda kakhulu noma ukuhlakulela izici zobuntu ezilolongekile. Uwukuba umoya kaNkulunkulu usebenze ngokukhululekile ekuphileni kwethu. Uma ukucabanga nezenzo zethu kusabela ekuholeni komoya kaNkulunkulu kulapho siyovuthwa khona ngokomoya. Singawufinyelela kanjani lo mgomo? Kumelwe sichaye izinhliziyo nezingqondo zethu ethonyeni lomoya kaNkulunkulu. Lokhu kuhilela ukuba sibe khona njalo futhi sihlanganyele emihlanganweni yobuKristu. Kufanele futhi sitadishe futhi sizindle njalo ngeZwi likaNkulunkulu, sivumele izimiso zalo ziqondise indlela esibaphatha ngayo abanye kanye nalokho esikukhethayo nezinqumo esizenzayo. Khona-ke nakanjani, intuthuko yethu iyobonakala ngokucacile.

Thuthuka Kube Yinkazimulo KuNkulunkulu

17. Ukuthuthuka kuhlobene kanjani nokukhazimulisa uBaba wethu osezulwini?

17 Ekugcineni, ukwenza intuthuko yethu ibonakale akulethi inkazimulo nodumo kithi, kodwa kuBaba wethu osezulwini, uJehova, owenza sikwazi ukuvuthwa ngokomoya. Ngobusuku bangaphambi kokubulawa kwakhe, uJesu watshela abafundi: “UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami.” (Johane 15:8) Ngezithelo zomoya nangezithelo zoMbuso zenkonzo yabo, abafundi báletha inkazimulo kuJehova.—IzEnzo 11:4, 18; 13:48.

18. (a) Yikuphi ukuvuna okujabulisayo okwenzeka namuhla? (b) Lokhu kuvuna kusibekela yiphi inselele?

18 Namuhla, uJehova uyababusisa abantu bakhe njengoba behlanganyela ekuvuneni okungokomoya embulungeni yonke. Sekuyiminyaka ethile manje kuba nabangaba ngu-300 000 abasanda kuhlanganyela abazinikezela kuJehova unyaka ngamunye, babonise ukuzinikezela kwabo ngobhapathizo lwamanzi. Lokhu kusenza sijabule futhi ngokungangabazeki kuyayithokozisa nenhliziyo kaJehova. (IzAga 27:11) Nokho, ukuze lokhu kuqhubeke kuletha injabulo nodumo kuJehova, bonke labo abasanda kuhlanganyela kudingeka ‘baqhubeke behamba ebunyeni noKristu, begxilile futhi bakhiwa kuye futhi besimamiswa okholweni.’ (Kolose 2:6, 7) Lokhu kubekela abantu bakaNkulunkulu inselele ekabili. Kolunye uhlangothi, uma usanda kubhapathizwa, uyoyamukela yini inselele yokuzikhandla ukuze “intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu”? Ngakolunye, uma usunesikhathi impela useqinisweni, ingabe uyoyamukela inselele yomthwalo wokunakekela inhlalakahle engokomoya yabasanda kuhlanganyela? Kunoma yikuphi, isidingo sokuphokophela ekuvuthweni sisobala.—Filipi 3:16; Heberu 6:1.

19. Yiliphi ilungelo nezibusiso ongakuthola uma wenza intuthuko yakho ibonakale?

19 Bonke abazikhandlayo ukuze benze intuthuko yabo ibonakale balindelwe yizibusiso ezimangalisayo. Khumbula amazwi kaPawulu akhuthazayo ngemva kokuba enxuse uThimothewu ukuba athuthuke: “Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.” (1 Thimothewu 4:16) Ngokukhuthalela ukwenza intuthuko yakho ibonakale, nawe ungaba nengxenye elungelweni lokukhazimulisa igama likaNkulunkulu nasekujabuleleni izibusiso zakhe.

Uyakhumbula?

• Ukuvuthwa okungokomoya kungabonakala ngaziphi izindlela?

• Luhlobo luni lolwazi nokuqonda olubonisa ukuvuthwa?

• Ukubonisa “izithelo zomoya” kuyibonisa kanjani intuthuko engokomoya?

• Iyiphi inselele okufanele siyamukele njengoba siphokophela ekuvuthweni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 13]

Ukuvuthwa kubonakala kalula

[Isithombe ekhasini 15]

Sithuthuka ngokomoya ngokuhambisana neqiniso elambuliwe

[Izithombe ekhasini 17]

Umthandazo usisiza ukuba sibonise “izithelo zomoya”