ISitifiketi Sezenzo Ezinhle
ISitifiketi Sezenzo Ezinhle
YILOKHO i-Association of Congolese ne-African Journalists for the Development (AJOCAD) e-Democratic Republic of Congo ekunikezayo ukuze “iklomelise abantu noma izinhlangano zomphakathi eziziveza ngokufaka kwazo isandla ekuthuthukiseni [iCongo].”
Ngo-November 17, 2000, oFakazi BakaJehova banikezwa iSitifiketi Sezenzo Ezinhle “ngokufaka kwabo isandla ekuthuthukiseni abantu baseCongo ngokubafundisa nangezimfundiso ezisezincwadini zabo.”
Likhuluma ngalo mklomelo, iphephandaba laseKinshasa, i-Phare lathi: “Kunzima ukuthola umuntu waseCongo ongakaze abafunde omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, abanyatheliswa oFakazi BakaJehova. Lab’ omagazini bakhuluma ngazo zonke izici zokuphila.” Leso sihloko saphawula ukuthi lezi zincwadi zibonisa “indlela yokubhekana nezinkinga zanamuhla” zibonise nokuthi “zisho ukuthini ngempela izehlakalo zanamuhla.” I-Phaphama! ngayinye “ihlala ingathathi-hlangothi kwezombangazwe, futhi ayiphakamisi olunye uhlanga ngaphezu kolunye.” Ngaphezu kwalokho, lezi zincwadi zakha “ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nelilondekile eselizothatha isikhundla salesi simiso sezinto esibi samanje, esingenamthetho.”
Njengoba kuphawule i-AJOCAD, izincwadi zoFakazi BakaJehova ziye zazuzisa ingxenye enkulu yabantu baseCongo. Njengoba zitholakala ngezilimi eziningi, isigijimi sazo esinika ithemba singakuzuzisa nawe.
Siza ufunde ngezansi ubone ukuthi ungazuza kanjani.