Ukunqoba ENkantolo Yomthetho-sisekelo
Ukunqoba ENkantolo Yomthetho-sisekelo
OFAKAZI BAKAJEHOVA eJalimane bathole ukunqoba okuyinqopha-mlando eNkantolo Yomthetho-Sisekelo eKarlsruhe. Ngaleyo ndlela baye bathatha iqophelo elibalulekile ngokuphathelene nokuqashelwa kwabo njengenhlangano esemthethweni.
Sekuphele iminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi BakaJehova beshumayela eJalimane. Babhekana nokushushiswa okunzima ezandleni zomashiqela ababili bekhulu leminyaka lama-20—ama-National Socialists namaKhomanisi. Kusukela ngo-1990, oFakazi baye bafuna ukuqashelwa ngokomthetho njengenhlangano esemthethweni. Ngemva kwezinqumo zenkantolo ezimbili ezibavunayo nesisodwa esihoxisiwe, oFakazi badlulisela icala eNkantolo Yomthetho-Sisekelo, eyakhipha isinqumo sayo ngo-December 19, 2000.
Isinqumo NgoFakazi BakaJehova Esikhishwa Ngazwi-linye
Bonke abahluleli abayisikhombisa benkantolo bakhipha isinqumo esivuna oFakazi. Amajaji achitha isinqumo esenziwa ngo-1997 eNkantolo KaHulumeni Yokwengamela futhi ayala ukuba inkantolo iphinde icabangele isicelo soFakazi.
INkantolo Yomthetho-Sisekelo yasebenzisa lesi senzakalo ukuba iphawule ngobudlelwano obuyisisekelo phakathi koMbuso namaqembu enkolo. Ngokuyisisekelo, isikhundla senkolo “asibonakali ngezinkolelo zayo, kodwa ngokuziphatha kwayo.”
Inkantolo yaphawula ukuthi lapho oFakazi bebonisa “ukuma kokungathathi-hlangothi kobuKristu,” abalokothi “bahlasele isimiso sokubusa ngentando yeningi” futhi “abafisi ukubeka olunye uhlobo lukahulumeni esikhundleni sokubusa ngentando yeningi.” Khona-ke, ukungahlanganyeli okhethweni lwezombangazwe akumelwe kuvimbele oFakazi ukuba bafune ukuqashelwa ngokomthetho.—Johane 18:36; Roma 13:1.
Inkantolo yaqhubeka yaphawula ukuthi ikholwa—kungakhathaliseki ukuthi linguFakazi noma lingelenye inkolo—lingase lizithole lisesimweni lapho izindinganiso zokholo lwalo zingqubuzana nalokho okufunwa uHulumeni. Uma lowo muntu elalela unembeza wakhe “ngokulalela izinkolelo zakhe kunokulalela umthetho,” uHulumeni ungase ubheke lokhu njengokufanele futhi okungaphansi kwenkululeko engokwenkolo.—IzEnzo 5:29.
Isinqumo senkantolo savela ezihlokweni eziphambili zamaphephandaba. Cishe wonke amaphephandaba aseJalimane enza umbiko ngaleli cala. Zonke iziteshi ezinkulu zikamabonakude nezomsakazo zakhipha imibiko noma izingxoxo. Kwakuqala ngqá ukuba igama likaJehova lisakazwe kabanzi kangaka eJalimane.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]
AP Photo/Daniel Maurer