Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwenza Ubusha Bakho Buphumelele

Ukwenza Ubusha Bakho Buphumelele

Ukwenza Ubusha Bakho Buphumelele

IZAKHAMUZI zezwe elithile laseYurophu zacelwa ukuba zikhethe phakathi kwezinto ezintathu: ubuhle, ingcebo, noma ubusha. Lapho kukhethwa, ubusha badla ubhedu. Yebo, abantu babo bonke ubudala babheka iminyaka yokweva eshumini nambili nesekuqaleni kwawo-20 njengesikhathi esikhethekile ekuphileni. Futhi wonke umuntu ufuna intsha iphumelele njengoba isuka ebunganeni iya ekubeni abantu abadala. Kodwa kanjani?

Ingabe iBhayibheli lingasiza? Impendulo inguyebo oqinisekile. Ake sihlole izindawo ezimbili lapho iZwi likaNkulunkulu lingaba usizo olukhethekile khona kubantu abasebasha, mhlawumbe lapho lingaba usizo kakhulu kwabasebasha kunakwabanye abantu bobunye ubudala.

Ukuhlalisana Kahle Nabanye

I-Jugend 2000 iwumbiko wokuhlola okuhlukahlukene kwezimo zengqondo, izindinganiso nokuziphatha kwentsha engaphezu kuka-5 000 eJalimane. Lokhu kuhlola kwembula ukuthi lapho intsha iphishekela ezokuzijabulisa—njengokulalela umculo, ukuhlanganyela kwezemidlalo noma ukuzulazula nje—cishe njalo isuke inabanye abantu. Mhlawumbe ifuna ukuba phakathi kontanga bayo ukudlula abantu bobunye ubudala. Ngakho, enye yezimfihlo zokuphumelela ebusheni ukuhlalisana kahle nabanye.

Kodwa akulula njalo ukuhlalisana kahle nabanye. Ngempela, uma kuziwa kwezokuhlalisana nabantu izinsizwa nezintombi ziyavuma ukuthi zivame ukuba nezinkinga. IBhayibheli lingaba usizo lwangempela lapha. IZwi likaNkulunkulu lineziqondiso eziyisisekelo zentsha zokwakha ubuhlobo obulinganiselayo. Lithini iBhayibheli?

Esinye sezimiso ezibaluleke kakhulu kwezokuhlalisana nabantu sibizwa ngokuthi uMthetho Wegolide: “Ngaso sonke isikhathi phatha abanye ngendlela ongathanda bakuphathe ngayo.” Ukuphatha abanye ngenhlonipho, ngesizotha nangomusa kubakhuthaza ukuba nabo bakuphathe ngendlela efanayo. Isenzo somusa singadambisa ukungezwani nokucindezeleka. Uma waziwa ngokuphatha abanye ngokucabangela, usethubeni lokuba bakuqaphele futhi bakwamukele. Ingabe akukwenzi ujabule ukwamukelwa ngabanye?—Mathewu 7:12, Revised English Bible.

IBhayibheli likuyala ukuba “uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” Kudingeka uzithande ngomqondo wokuzinakekela nokuzihlonipha okusesilinganisweni, kungabi kuningi futhi kungabi kuncane kakhulu. Kungani kusiza lokho? Uma ungenakho ukuzihlonipha, ungase ugxeke abanye ngokweqile, okuyokwenza ungabi nobudlelwane obuhle nabo. Kodwa ukuzihlonipha okusesilinganisweni kuyisisekelo ongakhela kuso ubungane obuqinile nabanye.—Mathewu 22:39.

Lapho ubungane sebakhiwe, budinga ukuqiniswa yibo bobabili abahilelekile. Ukusebenzisa isikhathi wakha ubungane kufanele kukujabulise, ngoba “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” Enye indlela yokupha iwukuthethelela, okuhilela ukuwashaya indiva amaphutha amancane nokungalindeli ukuba abanye baphelele. IBhayibheli liyasitshela: “Ukuba nengqondo kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” Ngempela, ‘ngokusemandleni akho, yiba nokuthula nabantu bonke.’ Kuthiwani uma umngane ekutshela ngobuthakathaka bakho? Usabela kanjani? Cabangela lesi seluleko esisebenzayo esivela eBhayibhelini: “Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,” ngoba “umngane ushaya ehlosé okuhle.” Abangane abayithonyi yini imicabango, inkulumo nokuziphatha kwakho? Ngakho-ke, iBhayibheli liyaxwayisa: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” Ngakolunye uhlangothi, “ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha.”—IzEnzo 20:35; Filipi 4:5; Roma 12:17, 18; UmShumayeli 7:9; IzAga 13:20; 27:6, REB; 1 Korinte 15:33.

UMarco ukhulumela izinsizwa nezintombi eziningi lapho ethi: “Izimiso zeBhayibheli ziwusizo olukhulu ekuhlalisaneni kahle nabanye. Kunabantu engibaziyo abazikhathalela bona kuphela nalokho abangakuthola ekuphileni. IBhayibheli lisifundisa ukuba singazicabangeli kakhulu thina, kodwa sicabangele abanye. Ngendlela engibona ngayo, leyo indlela enhle kakhulu yokuba nobudlelwane nabantu.”

Lokho abantu abasha njengoMarco abakufunda eBhayibhelini akugcini ngokubasiza lapho besebasha kuphela, kodwa kubasiza naseminyakeni eminingi ezayo. Futhi ngokuphathelene nekusasa, sithola enye indlela iBhayibheli elingaba usizo ngokukhethekile ngayo esizukulwaneni esisha.

Ukukhathazeka Ngekusasa

Intsha eningi inelukuluku lokwazi. Ifuna ukwazi ukuthi kwenzekani nokuthi kungani kwenzeka, mhlawumbe ukudlula noma yibaphi abanye abantu bobunye ubudala. Futhi iBhayibheli, ukudlula noma iyiphi enye incwadi, lichaza izizathu zezimo zezwe futhi lisitshela lokho okufanele sikulindele esikhathini esizayo. Yilokho-ke isizukulwane esisha esifuna ukukwazi. Singaqiniseka kanjani ngalokho?

Nakuba kunenkolelo eyandile yokuthi intsha iphilela nje olwanamuhla, okunye ukuhlola kwembula okuthe ukuhluka kancane. Kubonisa ukuthi ngokuvamile intsha iyakuqaphelisisa okwenzekayo endaweni eyizungezile, bese ifinyelela eziphethweni zayo ngokuphathelene nokuthi ukuphila cishe kuyobe kunjani esikhathini esizayo. Okufakazela lokhu ukuthi izinsizwa nezintombi ezintathu kwezine “ngokuvamile” noma “njalo” zicabanga ngekusasa. Nakuba ngokuvamile intsha inethemba lokuhle, iningi lentsha libheka ikusasa linokukhathazeka okuthile.

Kungani ikhathazeka? Intsha eningi namuhla isinezinkinga kakade ngobugebengu, ubudlova, nokusebenzisa kabi izidakamizwa. Intsha iyakhathazeka ngokuthola umsebenzi okahle kuleli zwe elincintisanayo. Izizwa icindezelwa ukuba ithole imiphumela emihle yokuhlolwa esikoleni noma ifeze okuningi emsebenzini. Othile oneminyaka engu-17 wabalisa: “Siphila emphakathini ongenalo uzwela futhi onobumina. Wonke umuntu uzama ukwenza noma yini ayifunayo. Njalo kudingeka ubonise ukuthi yini wena okwazi ukuyenza, futhi lokho kuyangicasula.” Osemusha othile oneminyaka engu-22 ubudala wathi: “Asebephumelele baphila kahle futhi bangaphila ngokunethezeka. Labo okungabahambeli kahle, ngezizathu ezithile, abaphumeleli, bavele basalele emuva.” Kungani ukuphila kugcwele ukuncintisana okungaka? Ingabe ukuphila kuyohlala kunjena?

Incazelo Enengqondo

Lapho intsha ibheka umphakathi ngokudumala nokukhungatheka, ivumelana neBhayibheli—ikwazi lokho noma ingakwazi. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi “umphakathi onobumina” wanamuhla uyisibonakaliso sezikhathi. Umphostoli uPawulu wabhala ngosuku lwethu encwadini eya ensizweni okuthiwa uThimothewu: “Kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Kungani zibucayi, futhi kungani kunzima ukubhekana nazo? Ngenxa yokuthi, njengoba uPawulu eqhubeka ebhala, abantu “bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, . . . abangabongiyo, abangathembekile, . . . abanolaka.” Ingabe leyo akuyona incazelo enembile yendlela abantu abaningi abaziphatha ngayo namuhla?—2 Thimothewu 3:1-3.

IBhayibheli lithi lezi zikhathi ezinzima zaziyovela “ezinsukwini zokugcina,” ngaphambi kokufika kwezinguquko ezinkulu kuwo wonke umphakathi wesintu. Lezi zinguquko ziyothinta wonke umuntu, abancane nabadala ngokufanayo. Kuyoba nezinguquko ezinjani? Ngokushesha uhulumeni wasezulwini uzobusa izindaba zesintu futhi izikhonzi zawo ziyojabulela ‘ukuthula okukhulu’ kuyo yonke indawo. “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” Imizwa yokukhathazeka iyoba yinto yesikhathi esidlule.—IHubo 37:11, 29.

IBhayibheli kuphela elinikeza ukuqonda okunokwethenjelwa ngekusasa. Lapho umuntu omusha azi ukuthi yini okufanele ayilindele eminyakeni embalwa ezayo, angase alungiselele lokho okuyokwenzeka futhi azizwe elondekile futhi ekwazi ukulawula ukuphila kwakhe kakhudlwana. Lo muzwa unciphisa ukucindezeleka nokukhathazeka. Ngale ndlela, isidingo esikhethekile sesizukulwane esisha—sokuqonda umphakathi futhi sazi lokho ikusasa elikuphethe—siyanakekelwa eBhayibhelini.

Ukuphumelela Ebusheni

Yini ebonisa impumelelo ebusheni? Imfundo ephakeme, izinto ezibonakalayo noma indathane yabangane? Abaningi bangase bacabange kanjalo. Iminyaka yokweva eshumini nambili neminyaka yasekuqaleni kwawo-20 kumelwe inikeze umuntu isiqalo esihle sokuphila okuza kamuva. Ngamanye amazwi, impumelelo ebusheni ingase ibonise lokho okuyokwenzeka ekuphileni kamuva.

Njengoba sesibonile, iBhayibheli lingamsiza umuntu omusha ukuba enze iminyaka yakhe yobusha ibe impumelelo. Intsha eningi kakade iye yathola ukuthi lokho kuyiqiniso ekuphileni kwayo. Ifunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke bese isebenzisa ekufundayo. (Bheka “Icebiso Elivela Esikhonzini Esisha SikaJehova,” ekhasini 6.) Ngempela, iBhayibheli liyincwadi yentsha namuhla ngoba lingayisiza ‘ifaneleke ngokugcwele, iyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:16, 17.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Enye yezimfihlo zokuphumelela ebusheni ukuhlalisana kahle nabanye

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Intsha ifuna ukwazi ukuthi kwenzekani nokuthi kungani kwenzeka, mhlawumbe ukudlula noma yibaphi abantu bobunye ubudala

[Ibhokisi ekhasini 6, 7]

Icebiso Elivela Esikhonzini Esisha SikaJehova

U-Alexander uneminyaka engu-19 ubudala. Wakhuliswa emkhayeni woFakazi BakaJehova futhi ukujabulela kakhulu ukubonakalisa ukholo lwakhe ngenhliziyo yakhe yonke. Kodwa kwakungenjalo ngaso sonke isikhathi. U-Alexander uyachaza:

“Ungase ungakholelwa ukuthi ngangizihlanganisa noFakazi BakaJehova njengomusha ongabhapathiziwe iminyaka engaphezu kweyisikhombisa. Phakathi naleso sikhathi, ukukhulekela kwami kwakungenziwa ngenhliziyo yonke, kwakumane kuwumkhuba nje. Ngicabanga ukuthi ngangimane nje ngingenaso isibindi sokuzihlolisisa.”

Isimo sengqondo sika-Alexander sabe sesishintsha. Uyaqhubeka:

“Abazali bami nabangane bami basebandleni babelokhu benginxusa ukuba ngifunde iBhayibheli nsuku zonke, ukuze ngimazi njengomuntu uJehova. Ekugcineni, nganquma ukukuzama lokho. Ngakho-ke nganciphisa isikhathi engisichitha ngibukela ithelevishini futhi ngenza ukufunda iBhayibheli kwaba yingxenye yesimiso sami sasekuseni. Ekugcineni, ngaqala ukuqonda lokho iBhayibheli eliyikho ngempela. Ngabona ukuthi lingangisiza kanjani mina njengomuntu. Futhi—okubaluleke kunakho konke—ngaqonda ukuthi uJehova ufuna ngimazi kangcono. Lapho sengikulalele lokho, ubuhlobo bami naye baqala ukukhula, futhi ubungane basebandleni bathuthuka. Yeka umahluko iBhayibheli eliwenzile ekuphileni kwami! Ngizikhuthaza zonke izikhonzi zikaJehova ezisezintsha ukuba zilifunde nsuku zonke iBhayibheli.”

Kunezigidigidi zentsha emhlabeni ezizihlanganisa noFakazi BakaJehova. Ingabe ungomunye wazo? Ingabe ungathanda ukuzuza ngokufunda iBhayibheli njalo? Kungani ungalandeli isibonelo sika-Alexander? Nciphisa izinto ezingabalulekile futhi wenze ukufunda iBhayibheli ingxenye yesimiso sakho sansuku zonke. Nakanjani uyozuza.