Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungayeki Ukwenza Okuhle

Ungayeki Ukwenza Okuhle

Ungayeki Ukwenza Okuhle

“Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—GALATHIYA 6:9.

1, 2. (a) Kungani kudingeka ukukhuthazela ukuze sikhonze uNkulunkulu? (b) U-Abrahama wakubonisa kanjani ukukhuthazela, futhi yini eyamsiza ukuba akhuthazele?

NJENGOFAKAZI BAKAJEHOVA, siyajabula ngokwenza intando kaNkulunkulu. Futhi sithola ukuqabuleka ngokuthwala “ijoka” lokuba abafundi. (Mathewu 11:29) Nokho, ukukhonza uJehova kanye noKristu akulula ngaso sonke isikhathi. Umphostoli uPawulu wakwenza kwacaca lokhu lapho ekhuthaza amaKristu ayekanye nawo: “Ninesidingo sokukhuthazela, ukuze kuthi, ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, namukele ukugcwaliswa kwesithembiso.” (Heberu 10:36) Ukukhuthazela kuyadingeka ngoba ukukhonza uJehova kungaba inselele.

2 Ngokuqinisekile, ukuphila kuka-Abrahama kuyalifakazela lelo qiniso. Kaningi kwadingeka akhethe phakathi kwezinto ezinzima futhi abhekane nezimo ezicindezelayo. Ukuyalwa ukuba ashiye ukuphila okunethezekile kwase-Uri kwakumane nje kuyisiqalo. Ngokushesha wabhekana nendlala, ubutha bomakhelwane, ukucishe alahlekelwe umkakhe, ukuzondwa abantu basezweni lakubo nobudlova bempi. Kwakusazofika izilingo ezinkulu kunalezi. Kodwa u-Abrahama akayekanga ukwenza okuhle. Lokhu kuyinto ephawulekayo uma ucabangela ukuthi wayengenalo iZwi likaNkulunkulu eliphelele, njengathi namuhla. Noma kunjalo, ngokuqinisekile wayesazi isiprofetho sokuqala, uNkulunkulu athi kuso: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe.” (Genesise 3:15) Njengoba leyo Nzalo yayizovela ngaye, ngokusobala u-Abrahama wayezoba isisulu senzondo kaSathane. Ngokuqinisekile, ukuqonda leli qiniso kwamsiza u-Abrahama ukuba azikhuthazelele ngenjabulo izilingo zakhe.

3. (a) Kungani abantu bakaJehova namuhla kufanele bazilindele izinsizi? (b) EyabaseGalathiya 6:9 isinika siphi isikhuthazo?

3 Abantu bakaJehova namuhla nabo kufanele bazilindele izinsizi. (1 Petru 1:6, 7) IsAmbulo 12:17 sisixwayisa ngokuthi uSathane ‘ulwa impi’ nensali egcotshiwe. Ngenxa yokuthi zingabangane abaseduze babagcotshiwe, “ezinye izimvu” nazo ziyizisulu zolaka lukaSathane. (Johane 10:16) Ngaphandle kokuphikiswa amaKristu angase abhekane nakho enkonzweni yawo yasobala, angase futhi abhekane nezingcindezi eziyizilingo ekuphileni kwawo siqu. UPawulu uyasiyala: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.” (Galathiya 6:9) Yebo, nakuba uSathane ezimisele ukuqeda ukholo lwethu, kumelwe simelane naye, siqinile okholweni. (1 Petru 5:8, 9) Ungaba yini umphumela wenkambo yethu yokwethembeka? UJakobe 1:2, 3 uyachaza: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bafowethu, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, njengoba nazi ukuthi lesisimo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela.”

Ukuhlaselwa Ngokuqondile

4. USathane uye wakusebenzisa kanjani ukuhlasela okuqondile njengomzamo wokwaphula ubuqotho babantu bakaNkulunkulu?

4 Ngokuqinisekile ukuphila kuka-Abrama kubonisa lokho “kulingwa okuhlukahlukene” umKristu angabhekana nakho namuhla. Ngokwesibonelo, kwadingeka athathe isinyathelo lapho kuhlasela abaseShineyari. (Genesise 14:11-16) Akumangalisi ukuthi uSathane uyaqhubeka eshushisa ngokuhlasela ngokuqondile. Kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II, ohulumeni bamazwe amaningi baye bavimbela umsebenzi wobuKristu wokufundisa owenziwa oFakazi BakaJehova. INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2001 ilandisa ngobudlova bezitha amaKristu e-Angola okwadingeka abukhuthazelele. Bethembela kuJehova, abafowethu emazweni anjalo baye bama baqina, benqaba ukuyeka! Abazange babhekane nalobo budlova ngokuphindisela ngobudlova noma ngokuvukela, kodwa ngokuphikelela beshumayela ngokuhlakanipha.—Mathewu 24:14.

5. Intsha engamaKristu ingaba kanjani izisulu zoshushiso esikoleni?

5 Nokho, ushushiso aluhileli ubudlova ngaso sonke isikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi u-Abrahama wabusiswa ngamadodana amabili—u-Ishmayeli no-Isaka. UGenesise 21:8-12 usitshela ukuthi ngesinye isikhathi u-Ishmayeli ‘wayedlalisa’ u-Isaka. Encwadini yakhe eya kwabaseGalathiya, uPawulu ubonisa ukuthi lokhu kwakungekona ukudlala nje kobuntwana, ngoba uchaza ukuthi u-Ishmayeli wayeshushisa u-Isaka! (Galathiya 4:29) Ngakho ukugconwa ezinye izingane esikoleni nokujivazwa abaphikisi kungabizwa kufanele ngokuthi ushushiso. Omunye umKristu osemncane okuthiwa uRyan ukhumbula indlela ayehlushwa ngayo izingane zasekilasini lakhe: “Leyo mizuzu engu-15 ngisebhasini ngiya futhi ngibuya esikoleni yayiphenduka amahora ngoba ngangigconwa. Zazokhela umentshisi zishise izingcingo zokubamba amaphepha bese zingishisa ngazo.” Zazilwenzelani lolu nya? “Ukufundiswa kwami ngezimiso zaphezulu kwakungenze ngahluka kwenye intsha esikoleni.” Nokho, ngokusekelwa abazali bakhe, uRyan wakwazi ukukhuthazela ngokwethembeka. Basha ingabe ukugcona kontanga yenu kunenze nadikibala? Ningapheli amandla! Ngokukhuthazela ngokwethembeka, niyobona ukugcwaliseka kwamazwi kaJesu: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi ngokuqamba amanga besho yonke inhlobo yento embi ngani ngenxa yami.”—Mathewu 5:11.

Izinkathazo Zansuku Zonke

6. Yiziphi izinto ezingadala unganambithani phakathi kwamaKristu namuhla?

6 Eziningi zezilingo esibhekana nazo namuhla yizinkathazo ezivamile zansuku zonke. Ngisho no-Abrahama kwadingeka abhekane nokungezwani okwaba khona phakathi kwabelusi bakhe nabomntanomfowabo uLoti. (Genesise 13:5-7) Ngokufanayo namuhla, ukushayisana kobuntu nomona ngezinto ezincane kungase kudale ukunganambithani kuze kusongele nokuthula kwebandla. “Lapho kukhona khona umhawu nokubanga, kukhona isiyaluyalu nayo yonke into embi.” (Jakobe 3:16) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba singadikibali kodwa silahle ukuqhosha sifune ukuthula, njengoba kwenza u-Abrahama, futhi sicabangele abanye kuqala!—1 Korinte 13:5; Jakobe 3:17.

7. (a) Yini umuntu okufanele ayenze uma ezwiswe ubuhlungu omunye umKristu? (b) U-Abrahama wasibeka kanjani isibonelo esihle sokulondoloza ubuhlobo obuhle nabanye?

7 Ukuba nokuthula kungaba yinselele uma sinomuzwa wokuthi esikholwa naye usiphathe kabi. IzAga 12:18 zithi: “Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba.” Amazwi akhulunywe ngokuphahluka, ngisho noma bekungahloswe bubi, angazwisa ubuhlungu obukhulu. Ubuhlungu buba bukhulu nakakhulu uma sinomuzwa wokuthi sinyundelwe noma sihletshiwe. (IHubo 6:6, 7) Kodwa umKristu akanakubuvumela ubuhlungu obunjalo ukuba bumenze adikibale! Uma usesimweni esinjalo, thatha isinyathelo kuqala ulungise indaba ngokukhuluma ngomusa nalowo muntu okonile. (Mathewu 5:23, 24; Efesu 4:26) Zimisele ukumthethelela. (Kolose 3:13) Ngokungalibambi igqubu, sikwazi ukupholisa amanxeba ethu futhi silungise nobuhlobo bethu nomfowethu. U-Abrahama akazange ambambele igqubu uLoti. Ingani u-Abrahama waphuthuma eyovikela uLoti nomkhaya wakhe!—Genesise 14:12-16.

Izilingo Esizibangela Zona

8. (a) AmaKristu ‘angazigwaza kanjani yonke indawo ngobuhlungu obuningi’? (b) Kungani u-Abrahama akwazi ukuba nombono olinganiselayo ngezinto ezibonakalayo?

8 Kuyiqiniso ukuthi ezinye izilingo sizibangela zona thina ngokwethu. Ngokwesibonelo uJesu wayala abalandeli bakhe: “Yekani ukuzibekelela imicebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe.” (Mathewu 6:19) Kodwa, abanye abafowethu “bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi” ngokwenza izinto ezibonakalayo zize ngaphambi kwezithakazelo zoMbuso. (1 Thimothewu 6:9, 10) U-Abrahama wayezimisele ukudela ukunethezeka ngokwezinto ezibonakalayo ukuze ajabulise uNkulunkulu. “Ngokholo wahlala njengomfokazi ezweni lesithembiso njengokungathi kusezweni lesinye isizwe, futhi wahlala ematendeni no-Isaka noJakobe, izindlalifa kanye naye zaso kanye isithembiso esifanayo. Ngoba wayelindele umuzi onezisekelo zangempela, omakhi nomenzi walowomuzi uNkulunkulu.” (Heberu 11:9, 10) Ukholo lwakhe ‘emzini’ wesikhathi esizayo, noma uhulumeni wasezulwini, lwamsiza u-Abrahama ukuba angathembeli engcebweni. Ngeke yini kube ukuhlakanipha ukuba nathi senze okufanayo?

9, 10. (a) Isifiso sokuvelela singaludala kanjani uvivinyo? (b) Umzalwane namuhla angaziphatha kanjani “njengomncane”?

9 Cabangela esinye isici. IBhayibheli lisinika lesi siqondiso esinamandla: “Uma noma ubani ecabanga ukuthi uwutho ebe engelutho, ukhohlisa ingqondo yakhe siqu.” (Galathiya 6:3) Ngaphezu kwalokho siyalwa ukuba ‘singenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo.’ (Filipi 2:3) Abanye bazilethela izilingo ngokwehluleka ukusebenzisa lesi seluleko. Beqhutshwa isifiso sokuvelela esikhundleni sokufisa ukwenza “umsebenzi omuhle,” bayadikibala bathukuthele uma bengatholi malungelo ebandleni.—1 Thimothewu 3:1.

10 U-Abrahama wabeka isibonelo esihle ngokuba “angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange.” (Roma 12:3) Lapho ehlangana noMelkisedeki, u-Abrahama akazange enze sengathi ukuba kwakhe umngane kaNkulunkulu kwakumenza abe ngcono kunabanye. Kunalokho, waqaphela isikhundla esiphakeme sikaMelkisedeki sobupristi ngokukhokha kuye okweshumi. (Heberu 7:4-7) Ngokufanayo, amaKristu namuhla kufanele azimisele ukuziphatha ‘njengabancane’ angafuni ukugqama. (Luka 9:48) Uma kubonakala sengathi labo abaholayo ebandleni bakuncisha amalungelo athile, zihlole ngobuqotho ukuze ubone ukuthi yini ongayilungisa ebuntwini bakho noma endleleni yakho yokusingatha izinto. Esikhundleni sokuthukuthela ngoba ungenawo amalungelo athile, lisebenzise ngokugcwele ilungelo onalo—ilungelo lokusiza abanye bazi uJehova. Yebo, ‘zithobe ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze akuphakamise ngesikhathi esifanele.’—1 Petru 5:6.

Ukholo Ezintweni Ezingabonwa

11, 12. (a) Yini engabangela abanye ebandleni ukuba balahlekelwe umuzwa wokuphuthuma? (b) U-Abrahama wasibeka kanjani isibonelo esihle ngokugxilisa ukuphila kwakhe ekukholelweni ezithembisweni zikaNkulunkulu?

11 Olunye uvivinyo kungaba yilokho okubonakala sengathi ukulibala kokuphela kwalesi simiso sezinto. Ngokweyesi-2 Petru 3:12, amaKristu kumelwe ‘alindele futhi akugcine kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova.’ Nokho, abaningi sekuyiminyaka eminingi belindele lolu “suku,” abanye sekungamashumi eminyaka. Ngenxa yalokho abanye bangase bazizwe bedikibele futhi balahlekelwe umuzwa wokuphuthuma.

12 Nalapha futhi, cabangela isibonelo sika-Abrahama. Konke ukuphila kwakhe wakugxilisa ekukholelweni ezithembisweni zikaNkulunkulu, ngisho noma kwakungeke kwenzeke zigcwaliseke zonke esaphila. Yiqiniso, waphila waze wabona indodana yakhe u-Isaka ikhula. Kodwa kwakuzodlula amakhulu eminyaka ngaphambi kokuba inzalo ka-Abrahama ifaniswe ‘nezinkanyezi zezulu’ noma ‘nesihlabathi sasogwini lolwandle.’ (Genesise 22:17) Nokho u-Abrahama akazange athukuthele noma adangale. Ngakho umphostoli uPawulu wathi ngo-Abrahama nangezinye izinzalamizi: “Bonke laba bafa benokholo, nakuba bengakutholanga ukugcwaliswa kwezithembiso, kodwa bazibona zikude, bazamukela futhi bavuma obala ukuthi bangabafokazi nezakhamuzi zesikhashana ezweni.”—Heberu 11:13.

13. (a) Kukanjani amaKristu namuhla efana “nezakhamuzi zesikhashana”? (b) Kungani uJehova ezosiqeda lesi simiso sezinto?

13 Uma u-Abrahama akwazi ukugcina ukuphila kwakhe kugxile ezithembisweni ‘ezazikude’ ukugcwaliseka, kangakanani-ke thina namuhla osekuseduze kangaka ukuba zigcwaliseke lezi zinto! Njengo-Abrahama, kumelwe sizibheke ‘njengezakhamuzi zesikhashana’ esimisweni sikaSathane, senqabe ukuzinza ekuphileni kokuzitika. Yiqiniso, sifisa sengathi ngabe lokhu “kuphela kwezinto zonke” sekufikile, hhayi nje ukuba kube seduze. (1 Petru 4:7) Mhlawumbe sinezinkinga ezinkulu zempilo. Noma sicindezelwe izingcindezi zezomnotho. Nokho, kumelwe sikhumbule ukuthi uJehova akalethi isiphelo ukuze asindise thina ezimweni ezibuhlungu nje kuphela, kodwa ukuze angcwelise igama lakhe. (Hezekeli 36:23; Mathewu 6:9, 10) Akukhona ukuthi isiphelo siyofika ngesikhathi esivumelana nathi, kodwa ngesikhathi esivumelana nezinjongo zikaJehova.

14. Ukubekezela kukaNkulunkulu kuwazuzisa kanjani amaKristu namuhla?

14 Khumbula futhi ukuthi “uJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabangela ukwephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Phawula, uNkulunkulu “uyanibekezelela”—nina malungu ebandla lobuKristu. Cishe abanye bethu badinga isikhathi esengeziwe sokwenza ushintsho futhi balungise ukuze ‘ekugcineni abathole bengenabala, bengenasici futhi besekuthuleni.’ (2 Petru 3:14) Akufanele-ke yini sibonge ngokuthi uNkulunkulu ubekezele kangaka?

Ukuthola Injabulo Naphezu Kwezithiyo

15. UJesu wakwazi kanjani ukulondoloza injabulo naphezu kwezilingo, futhi ukumlingisa kuwazuzisa kanjani amaKristu namuhla?

15 Ukuphila kuka-Abrahama kuwafundisa izifundo eziningi amaKristu namuhla. Akabonisanga ukholo nje kuphela kodwa nokubekezela, ukuhlakanipha, isibindi nothando olungenabugovu. Ukukhulekela uJehova kwakuza kuqala ekuphileni kwakhe. Nokho kumelwe sikhumbule ukuthi isibonelo esizedlula zonke okumelwe sisilingise sabekwa uJesu Kristu. Naye wabhekana nezilingo nokuvivinywa okuningi, kodwa kuzo zonke, akazange alahlekelwe injabulo. Ngani? Ngoba wagcina ingqondo yakhe igxile ethembeni elaliphambi kwakhe. (Heberu 12:2, 3) Ngakho uPawulu wathandaza: “Manje kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.” (Roma 15:5) Uma sinesimo sengqondo esifanele singayithola injabulo naphezu kwezithiyo uSathane azibeka phambi kwethu.

16. Yini esingayenza uma izinkinga zibonakala zingaphezu kwamandla ethu?

16 Lapho izinkinga zibonakala zingaphezu kwamandla akho, khumbula ukuthi uJehova uyakuthanda, njengoba nje ayethanda u-Abrahama. Ufuna uphumelele. (Filipi 1:6) Thembela kuJehova ngokugcwele, uqiniseke ukuthi ‘ngeke akuvumele ukuba ulingwe ngokungaphezu kwalokho ongakuthwala, kodwa ngokuhambisana nalesosilingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze ukwazi ukusikhuthazelela.’ (1 Korinte 10:13) Jwayela umkhuba wokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke. (IHubo 1:2) Phikelela ekuthandazeni, ucele uJehova ukuba akusize ukhuthazele. (Filipi 4:6) ‘Uyobanika umoya ongcwele labo abacela kuye.’ (Luka 11:13) Wasebenzise amalungiselelo uJehova awenzile ukuze akusekele ngokomoya, njengezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Futhi, funa ukusekela kwabazalwane. (1 Petru 2:17) Yiba khona ngokwethembeka emihlanganweni yobuKristu, ngoba lapho uyothola isikhuthazo osidingayo ukuze ukhuthazele. (Heberu 10:24, 25) Jabula ngesiqinisekiso sokuthi ukukhuthazela kwakho kuholela esimweni sokwamukelwa emehlweni kaNkulunkulu nokuthi ukuthembeka kwakho kujabulisa inhliziyo yakhe!—IzAga 27:11; Roma 5:3-5.

17. Kungani amaKristu engaphelelwa yithemba?

17 UNkulunkulu wayethanda u-Abrahama ‘njengomngane’ wakhe. (Jakobe 2:23) Noma kunjalo, ukuphila kuka-Abrahama kwakugcwele izilingo ezicindezelayo nezinsizi. Ngakho amaKristu angalindela okufanayo kulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezimbi. Eqinisweni, iBhayibheli liyasixwayisa ngokuthi “abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu.” (2 Thimothewu 3:1, 13) Esikhundleni sokuphelelwa yithemba, qaphela ukuthi izingcindezi esibhekana nazo ziwubufakazi bokuthi ukuphela kwesimiso sezinto esibi sikaSathane kuseduze. Kodwa uJesu usikhumbuza ukuthi “oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Ngakho, ‘ungayeki ukwenza okuhle!’ Lingisa u-Abrahama, ube phakathi kwalabo “okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso njengefa.”—Heberu 6:12.

Ingabe Uphawulile?

• Kungani abantu bakaJehova namuhla kufanele bakulindele ukuvivinywa nezinsizi?

• USathane angakusebenzisa kanjani ukuhlasela okuqondile?

• Zingaxazululwa kanjani izingxabano phakathi kwamaKristu?

• Ukuqhosha kungazidala kanjani izilingo?

• U-Abrahama wasibeka kanjani isibonelo esihle ngokulindela ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

Intsha eningi engamaKristu iyashushiswa, igconwa ontanga

[Isithombe ekhasini 29]

Ngesikhathi sika-Abrahama ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu ‘kwakukude,’ kodwa wasekela ukuphila kwakhe kuzo