Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Funa Ukuthula Futhi Ukuphishekele’

‘Funa Ukuthula Futhi Ukuphishekele’

‘Funa Ukuthula Futhi Ukuphishekele’

“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—ROMA 12:18.

1, 2. Yiziphi ezinye zezizathu ezenza kungabi nakuthula okwenziwe abantu okuyohlala njalo?

CABANGA ngendlu enesisekelo esintekenteke, izinsika ezidliwe umuhlwa nophahla oselukhathele. Ingabe ubungathanda ukuthuthela kuyo, ibe umuzi wakho? Cishe ubungeke. Ngisho nokupendwa kabusha bekungeke kukushintshe ukuthi le ndlu isesimweni esibi. Ingawa noma nini.

2 Noma yikuphi ukuthula okuvela kuleli zwe kunjengaleyo ndlu. Kwakhelwe esisekelweni esintekenteke—izithembiso namasu abantu, ‘okungekho kubo ukusiza.’ (IHubo 146:3) Umlando ugcwele uhide lwezingxabano zamazwe, izinhlanga nezizwe. Yiqiniso, ziye zaba khona izikhawu zokuthula, kodwa luhlobo luni lokuthula? Uma amazwe amabili elwa, bese kumenyezelwa ukuthi sekunokuthula ngoba elinye izwe linqotshiwe noma ngoba womabili la mazwe awasaboni nzuzo ekulweni, luhlobo luni lokuthula lolo? Inzondo, izinsolo nomhawu okwabangela leyo mpi kusekhona. Ukuthula okuyisembozo nje sangaphandle, ‘ukupendwa’ kwenzondo, akukhona ukuthula okuhlala njalo.—Hezekeli 13:10.

3. Kungani ukuthula kwabantu bakaNkulunkulu kuhlukile kunoma yikuphi ukuthula okwenziwe abantu?

3 Nokho, ukuthula kwangempela kukhona kuleli zwe elikhungethwe yimpi. Kuphi? Kubalandeli bezinyathelo zikaJesu Kristu abangamaKristu eqiniso alalela amazwi kaJesu futhi azame ukulingisa inkambo yokuphila kwakhe. (1 Korinte 11:1; 1 Petru 2:21) Ukuthula okukhona phakathi kwamaKristu eqiniso ezinhlanga ezihlukahlukene, amazinga okuphila nobuzwe obuhlukahlukene kungokwangempela ngoba kusekelwe ebuhlotsheni obunokuthula anabo noNkulunkulu, bona obusekelwe okholweni analo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu. Ukuthula kwawo kuyisipho esivela kuNkulunkulu, hhayi into eyakhiwe abantu. (Roma 15:33; Efesu 6:23, 24) Kuwumphumela wokuzithoba ‘eNkosini yokuthula,’ uJesu Kristu, nokukhulekela uJehova, “uNkulunkulu wothando nowokuthula.”—Isaya 9:6; 2 Korinte 13:11.

4. UmKristu “ukuphishekela” kanjani ukuthula?

4 Ukuthula akuzenzakaleli kubantu abangaphelele. Ngakho, uPetru wathi umKristu ngamunye kufanele “afune ukuthula futhi akuphishekele.” (1 Petru 3:11) Singakwenza kanjani lokho? Isiprofetho sakudala siyayiveza impendulo. Esebenzisa u-Isaya, uJehova wathi: “Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.” (Isaya 54:13; Filipi 4:9) Yebo, ukuthula kweqiniso kutholwa yilabo abalalela ukufundisa kukaJehova. Ngaphezu kwalokho, ukuthula kanye ‘nothando, injabulo, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba,’ kuyizithelo zomoya kaNkulunkulu ongcwele. (Galathiya 5:22, 23) Umuntu ongenaluthando, ongajabule, ongenasineke, ongenamusa, omubi, ongathembekile, onolaka, noma ongakwazi ukuzithiba akanakuba nalokho kuthula.

“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”

5, 6. (a) EBhayibhelini kusho ukuthini ukuba nokuthula? (b) Obani amaKristu azama ukuba nokuthula nabo?

5 Ukuthula kuye kwachazwa ngokuthi yisimo sokungabi naziphazamiso noma sokuzola. Incazelo enjalo ingahlanganisa izimo eziningi ezingenawo umbango. Phela, ngisho nomuntu ofile unokuthula! Nokho, ukuze umuntu ajabulele ukuthula kweqiniso kudingeka athuthukise ukuthula. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Bayajabula abanokuthula, ngoba bayobizwa ngokuthi ‘amadodana kaNkulunkulu.’” (Mathewu 5:9) UJesu wayekhuluma nabantu kamuva ababeyokuba nethuba lokuba amadodana kaNkulunkulu angokomoya, bathole ukuphila okungenakufa ezulwini. (Johane 1:12; Roma 8:14-17) Futhi ekugcineni, sonke isintu esithembekile esingenalo ithemba lasezulwini siyojabulela ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) Yilabo abanokuthula kuphela abangaba nethemba elinjalo. Igama lesiGreki elisho “abanokuthula,” ngokwezwi nezwi lithi “abenzi bokuthula.” Ngakho-ke, ukuba nokuthula ngomqondo waseBhayibhelini kusikisela ukugqugquzela ukuthula, ngezinye izikhathi wenze kube nokuthula lapho bekungekho khona ngaphambili.

6 Unalokhu engqondweni, cabanga ngeseluleko sikaPawulu kwabaseRoma: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) UPawulu wayengabatsheli abaseRoma ukuba bamane bazole, nakuba lokho kwakuyosiza. Wayebakhuthaza ukuba bakwenze ukuthula. Ukuthula nobani? “Nabantu bonke”—amalungu omkhaya, amanye amaKristu, ngisho nalabo ababengekho enkolweni yabo. Wakhuthaza abaseRoma ukuba benze ukuthula nabanye ‘ngokusemandleni abo.’ Cha, wayengafuni ukuba bayekethise izinkolelo zabo ukuze benze ukuthula. Kunokuba benze abanye babe yizitha ngokungadingekile, kwakufanele bakhulume nabo ngenhloso yokwenza ukuthula. AmaKristu kwakufanele enze kanjalo kungakhathaliseki ukuthi ayesebenzelana nabantu abasebandleni noma abangaphandle kwalo. (Galathiya 6:10) Ngokuvumelana nalokhu, uPawulu wabhala: “Ngaso sonke isikhathi niphishekele okuhle komunye nomunye nakubo bonke abanye.”—1 Thesalonika 5:15.

7, 8. AmaKristu aba kanjani nokuthula kulabo abangekho enkolweni yawo, futhi ngani?

7 Singaba kanjani nokuthula nalabo abanezinkolelo ezihlukile kwezethu futhi abangase baziphikise nokuziphikisa? Phakathi kokunye, siyakugwema ukubonisa umoya wokuziphakamisa. Ngokwesibonelo, akunakuba nokuthula ukukhuluma ngabantu abathile ngokuqondile sibabize ngamagama endelelo. UJehova uye wambula izahlulelo azozikhipha phezu kwezinhlangano namaqembu athile, kodwa asinalungelo lokukhuluma ngomuntu othile ngokuqondile njengokungathi uselahliwe kakade. Yebo, asibahluleli abanye, ngisho nabasiphikisayo. Ngemva kokutshela uThithu ukuba eluleke amaKristu aseKrethe mayelana nokusebenzelana kwawo neziphathimandla ezingabantu, uPawulu wathi awakhumbuze ukuba ‘angakhulumi kabi nganoma ubani, angabi izilwi, abe nengqondo, ebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’—Thithu 3:1, 2.

8 Ukuba nokuthula nalabo abangekho enkolweni yethu kuwusizo kakhulu ekwenzeni iqiniso likhange kubo. Yebo, asihlakuleli ubuhlobo ‘obonakalisa imikhuba enosizo.’ (1 Korinte 15:33) Noma kunjalo, singaba nenhlonipho, futhi kufanele siphathe wonke umuntu ngenhlonipho nangomusa. UPetru wabhala: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.”—1 Petru 2:12.

Ukuba Nokuthula Enkonzweni

9, 10. Yisiphi isibonelo umphostoli uPawulu asibeka ekusebenzelaneni ngokuthula nabangakholwa?

9 AmaKristu ekhulu lokuqala ayaziwa ngesibindi sawo. Ayengasilulazi isigijimi sawo, futhi lapho ebhekene nokuphikiswa, ayezimisela ukulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu. (IzEnzo 4:29; 5:29) Nokho, ayekwazi ukuhlukanisa phakathi kokuba nesibindi nokwedelela. Cabanga indlela uPawulu akhuluma ngayo lapho evikela ukholo lwakhe phambi kweNkosi uHerode Agripha II. UHerode Agripha wayelala nodadewabo uBernike. Nokho, uPawulu akazange afundise u-Agripha ngezimiso zokuziphatha. Kunalokho, wagcizelela amaphuzu ababevumelana ngawo, evuma ukuthi u-Agripha wayeyisazi sezinkambiso zamaJuda futhi ekholelwa kubaprofethi.—IzEnzo 26:2, 3, 27.

10 Ingabe uPawulu wayemane ethopha indoda eyayingase imnike inkululeko? Cha. UPawulu walandela iseluleko sakhe, wakhuluma iqiniso. Akukho lutho alusho kuHerode Agripha olwalungelona iqiniso. (Efesu 4:15) Kodwa uPawulu wayengumenzi wokuthula futhi wayekwazi ukuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Korinte 9:22) Umgomo wakhe kwakuwukuvikela ilungelo lakhe lokushumayela ngoJesu. Njengomfundisi ophumelelayo, waqala ngokusho okuthile yena no-Agripha ababengavumelana ngako. Ngakho uPawulu wasiza leyo nkosi eyayiziphethe kabi ukuba ibubheke kangcono ubuKristu.—IzEnzo 26:28-31.

11. Singaba kanjani abenzi bokuthula enkonzweni yethu?

11 Singaba kanjani abenzi bokuthula enkonzweni yethu? NjengoPawulu, kufanele sigweme izimpikiswano. Kuyavunywa, ngezinye izikhathi kudingeka ‘sikhulume izwi likaNkulunkulu ngokungesabi,’ sivikele ukholo lwethu ngesibindi. (Filipi 1:14) Kodwa ezimweni eziningi umgomo wethu oyinhloko uwukushumayela izindaba ezinhle. (Mathewu 24:14) Uma umuntu eselibona iqiniso lezinjongo zikaNkulunkulu, useyokwazi ukuqala ukulahla imibono yenkolo engamanga futhi azihlanze emikhubeni engahlanzekile. Ngakho-ke, ngezinga okungenzeka ngalo, kuhle ukugcizelela izinto eziyokhanga izilaleli zethu, siqale ngezinto esivumelana nazo ngazo. Ngeke kuzuzise ukwakha ubutha nomuntu obekungathi uma kukhulunywa naye ngobuhlakani, mhlawumbe asilalele isigijimi sethu.—2 Korinte 6:3.

Ukuba Abenzi Bokuthula Emkhayeni

12. Yiziphi izindlela esingaba ngazo abenzi bokuthula emkhayeni?

12 UPawulu wathi labo abashadayo “bayoba nosizi enyameni yabo.” (1 Korinte 7:28) Bayohlangabezana nezinkinga ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, eminye imibhangqwana iyoba nokungavumelani ngezikhathi ezithile. Kufanele kusingathwe kanjani lokhu? Ngendlela enokuthula. Umenzi wokuthula uyozama ukunqanda impikiswano ingabhebhetheki. Kanjani? Okokuqala, ngokuqapha ulimi. Lapho lisetshenziselwa ukukhuluma izinkulumo ezibhuqayo nezintinyelayo, leli lungu elincane lingaba ngempela ‘yinto engalawuleki elimazayo, egcwele ubuthi obubulalayo.’ (Jakobe 3:8) Umenzi wokuthula usebenzisa ulimi lwakhe ukuze akhe kunokuba abhidlize.—IzAga 12:18.

13, 14. Singakulondoloza kanjani ukuthula lapho sona ngenkulumo noma lapho kunokuhluthuka?

13 Njengoba singaphelele, sonke ngezinye izikhathi sikhuluma izinto esizisolayo ngazo kamuva. Lapho kwenzeka lokhu, shesha ukulungisa izinto—wenze ukuthula. (IzAga 19:11; Kolose 3:13) Gwema ukuhilwa “yizinkulumo-mpikiswano ngamazwi” ‘nezimpikiswano ezishisayo ngobala.’ (1 Thimothewu 6:4, 5) Kunalokho, bheka ngalé kwalokho okubonakala kalula, uzame ukuqonda imizwa yomngane wakho womshado. Uma ekhuluma nawe ngendlela enokhahlo, ungaphindiseli ngokufanayo. Khumbula ukuthi “impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.”—IzAga 15:1.

14 Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ucabangele iseluleko sezAga 17:14 (NW): “Ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.” Hlehla esimweni esishubile. Kamuva, lapho igwebu selehlile, cishe uzokwazi ukuxazulula inkinga ngokuthula. Kwezinye izimo, kungase kube ngcono ukucela usizo kumbonisi ovuthiwe ongumKristu. Amadoda anjalo anokuhlangenwe nakho nanozwela angaba usizo oluqabulayo lapho ukuthula komshado kusengozini.—Isaya 32:1, 2.

Ukuba Abenzi Bokuthula Ebandleni

15. NgokukaJakobe, yimuphi umoya omubi owaba khona kumaKristu athile, futhi kungani lowo moya ‘ungowasemhlabeni,’ ‘ungowobulwane’ futhi ‘ungowobudemoni’?

15 Ngokudabukisayo, amaKristu athile ekhulu lokuqala anikeza ubufakazi bokuba nomhawu nokubanga—izinto eziphambene nokuthula. UJakobe wathi: “Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu, kodwa okwasemhlabeni, okobulwane, okobudemoni. Ngoba lapho kukhona khona umhawu nokubanga, kukhona isiyaluyalu nayo yonke into embi.” (Jakobe 3:14-16) Abanye bakholelwa ukuthi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukubanga’ lihlobene nokuzifunela udumo ngobugovu, ukulwela isikhundla. Kuyafaneleka ukuba uJakobe athi “okwasemhlabeni, okobulwane, okobudemoni.” Kuwo wonke umlando, ababusi bezwe baye babangisana, njengezilwane zasendle ezilwayo. Ukubanga “okwasemhlabeni” ngempela, “okobulwane.” Futhi “okobudemoni.” Le mfanelo ecashile yaqale yaboniswa yingelosi eyayinxanele isikhundla, eyamelana noJehova uNkulunkulu yaba nguSathane, umbusi wamademoni.

16. AmaKristu athile ekhulu lokuqala awubonisa kanjani umoya onjengokaSathane?

16 UJakobe wanxusa amaKristu ukuba angavumi ukuba nomoya wokubanga, ngoba awulethi kuthula. Wabhala: “Zivela kumuphi umthombo izimpi futhi kuvela kumuphi umthombo ukulwa phakathi kwenu? Ingabe akuveli kulomthombo, okuwukuthi, ekunxaneleni kwenu ukujabulisa izinzwa okulwayo emalungwini enu?” (Jakobe 4:1) Lapha, ‘ukunxanela ukujabulisa izinzwa’ kungabhekisela ekuhaheleni izinto ezibonakalayo ngobugovu noma esifisweni sokuvelela, sokulawula noma sokuba nethonya. NjengoSathane, cishe abanye emabandleni babefuna ukugqama kunokuba ‘bancane,’ njengoba uJesu athi abalandeli bakhe babeyoba njalo. (Luka 9:48) Umoya onjalo ungaqeda ukuthula ebandleni.

17. AmaKristu namuhla angaba kanjani abenzi bokuthula ebandleni?

17 Namuhla, kumelwe nathi simelane nokuthambekela kokuthanda izinto ezibonakalayo, umhawu noma isifiso sokuvelela. Uma singabenzi bokuthula bangempela, ngeke sizizwe sisengozini uma abathile ebandleni benamakhono ngaphezu kwethu ezintweni ezithile, futhi ngeke sibenze babhekeke kabi kwabanye ngokusola izisusa zabo. Uma sinekhono eliphawulekayo, ngeke silisebenzisele ukuzenza sibonakale singcono kunabanye, njengokungathi sisikisela ukuthi ibandla liyophumelela kuphela ngenxa yamakhono nobuciko bethu. Umoya onjalo ungabangela ukuhlukana; ngeke ulethe ukuthula. Abenzi bokuthula ababukisi ngamakhono abo, kodwa ngokuthobeka bawasebenzisela ukukhonza abafowabo nokuletha udumo kuJehova. Bayaqaphela ukuthi ekugcineni, uthando yilona oluveza umKristu weqiniso—hhayi amakhono.—Johane 13:35; 1 Korinte 13:1-3.

“Ukuthula Kube Ngababonisi Bakho”

18. Abadala bakuthuthukisa kanjani ukuthula phakathi kwabo?

18 Abadala bebandla bayahola ekubeni abenzi bokuthula. UJehova wabikezela mayelana nabantu bakhe: “[Ngiyakubeka] ukuthula kube ngababonisi bakho, nokulunga kube ngababusi bakho.” (Isaya 60:17) Ngokuvumelana nala mazwi angokwesiprofetho, labo abakhonza njengabelusi abangamaKristu bayazikhandla ukuze bathuthukise ukuthula phakathi kwabo nasemhlanjini. Abadala bangagcina ukuthula ngokubonisa “ukuhlakanipha okuvela phezulu” okunokuthula nokunengqondo. (Jakobe 3:17) Njengoba benezizinda nokuhlangenwe nakho okungafani ekuphileni, ngezinye izikhathi abadala ebandleni bayoba nemibono engafani. Ingabe lokhu kusho ukuthi abanakho ukuthula? Ngeke kube njalo uma leso simo sisingathwa kahle. Abenzi bokuthula baveza imicabango yabo ngokuthobeka bese belalela eyabanye ngenhlonipho. Kunokuba aphoqelele ukuba kwenziwe ngendlela yakhe, umenzi wokuthula uyocabangela umbono womfowabo ngomthandazo. Uma kungekho simiso seBhayibheli esiphulwayo, ngokuvamile lokho kuvumela imibono ehlukahlukene. Lapho abanye bengavumelani naye, umenzi wokuthula uyovumela futhi asekele isinqumo seningi. Kanjalo uyobonisa ukuthi unengqondo. (1 Thimothewu 3:2, 3) Ababonisi abanokuhlangenwe nakho bayazi ukuthi ukulondoloza ukuthula kubaluleke ngaphezu kokuba kwenziwe izinto ngendlela yabo.

19. Abadala baba kanjani abenzi bokuthula ebandleni?

19 Abadala bathuthukisa ukuthula namalungu omhlambi ngokuwasekela, bangayigxeki ngokungafanele imizamo yawo. Kuyavunywa, ngezinye izikhathi amanye angase adinge ukulungiswa. (Galathiya 6:1) Kodwa umsebenzi wombonisi ongumKristu awukona ngokuyinhloko ukunikeza isiyalo. Ngokuvamile uyancoma. Abadala abanothando bazama ukubona okuhle kwabanye. Ababonisi bayakwazisa ukuzikhandla kwamanye amaKristu, futhi abangabazi ukuthi abakholwa nabo benza okusemandleni abo.—2 Korinte 2:3, 4.

20. Ibandla lizuza kanjani uma wonke umuntu engumenzi wokuthula?

20 Ngakho, emkhayeni, ebandleni, nasekusebenzelaneni nalabo abangahambisani nezinkolelo zethu, sizama ukuba nokuthula, sisebenzele ukuthula. Uma sikuhlakulela ngenkuthalo ukuthula, siyoba nesandla ekwandiseni injabulo yebandla. Ngesikhathi esifanayo, siyovikeleka futhi siqiniswe ngezindlela eziningi, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.

Uyakhumbula?

• Kusho ukuthini ukuba nokuthula?

• Singaba kanjani nokuthula lapho sisebenzelana nabangebona oFakazi?

• Yiziphi ezinye zezindlela zokuhlakulela ukuthula emkhayeni?

• Abadala bangakuthuthukisa kanjani ukuthula ebandleni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

Abenzi bokuthula bayawugwema umoya wokuziphakamisa

[Izithombe ekhasini 10]

AmaKristu angabenzi bokuthula enkonzweni, ekhaya nasebandleni