Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Lapho ikhuluma ngeNdodana kaNkulunkulu, eyabaseKolose 1:16 ithi “zonke ezinye izinto zidalwe ngayo futhi zadalelwa yona.” Kungamuphi umqondo zonke izinto “zadalelwa” iNdodana kaNkulunkulu, uJesu?

UJehova wasebenzisa iNdodana yakhe ezelwe yodwa njengengcweti yesisebenzi lapho edala zonke ezinye izinto, okungukuthi, zonke ezinye izinto ngaphandle kukaJesu ngokwakhe. (IzAga 8:27-30; Johane 1:3) Ngokufanelekile, iNdodana iyajabula ngale misebenzi, futhi ngalo mqondo “zadalelwa” yona.

Siyazi ukuthi abazali abangabantu balindela ukuthola injabulo, futhi ngokuvamile bayayithola, ngezingane zabo—amadodana namadodakazi abo. Ngakho, isaga seBhayibheli sikhuluma ‘ngendodana ethokozisa uyise.’ (IzAga 3:12; 29:17) Ngokufanayo, uJehova uNkulunkulu wayethola injabulo ku-Israyeli lapho abantu bakhe bethembekile. (IHubo 44:3; 119:108; 147:11) Uyajabula futhi ngokwethembeka kwabaqotho bakhe ngisho nasesikhathini sethu.—IzAga 12:22; Heberu 10:38.

Ngakho, kwakufaneleka ukuba uNkulunkulu avumele lowo ayesebenza naye, uJesu, ukuba ajabulele lokho akufeza. Eqinisweni, izAga 8:31 zithi iNdodana ‘yayijabule ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yayo ikanye namadodana abantu.’ EyabaseKolose 1:16 isho ngalo mqondo ukuthi: “Zonke ezinye izinto zidalwe ngayo futhi zadalelwa yona.”