Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sasikade Siyizimpisi—Manje Sesiyizimvu!

Sasikade Siyizimpisi—Manje Sesiyizimvu!

Sasikade Siyizimpisi—Manje Sesiyizimvu!

Lapho sisengamantombazanyana, mina noSakina sasakhelene. USakina wayenomzimba eyisiququvela, mina ngimncanyana ngiwucecevane. Sasixabana njalo, kodwa ngolunye usuku kwasuka esinamathambo. Kusukela ngalolo suku, asiphindanga sakhulumisana noma sabingelelana. Ekugcineni, sobabili sathutha, sadukelana.

Ngo-1994, ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi kancane kancane ubuntu bami bashintsha. Ngemva kweminyaka emine, lapho ngisemhlanganweni wosuku olukhethekile eBujumbura, eBurundi, ngashaqeka lapho ngizithela kuSakina. Ngangijabula ukumbona elapho, kodwa sabingelelana sakugcina icala. Kamuva ngalolo suku, angikholwanga lapho ngimbona ephakathi kwababezobhapathizwa! Naye wayeseshintshe kakhulu. Wayengaseyena uphuma-silwe engangivame ukuxabana naye. Yeka ukuthi kwaba mnandi kanjani ukumbona enikeza ubufakazi basobala bokuthi wayezinikezele kuNkulunkulu ngokubhapathizwa ngamanzi!

Lapho ephuma emanzini, ngaphuthuma ngayomanga ngase ngimhlebela: “Usakhumbula ukuthi sasilwa kanjani?” Wathi: “Ehhe, ngiyakhumbula, kodwa sekwadlula lokho. Sengingumuntu omusha manje.”

Sobabili siyajabula ngokuthi siye sathola iqiniso leBhayibheli elibangela ubunye nangokuthi siye sashintsha ubuntu bethu obabunjengobezimpisi baba obezimvu zikaMalusi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu. Iqiniso leBhayibheli liyakushintsha ngempela ukuphila kwabantu.