Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuthula KukaKristu Kungalawula Kanjani Ezinhliziyweni Zethu?

Ukuthula KukaKristu Kungalawula Kanjani Ezinhliziyweni Zethu?

Ukuthula KukaKristu Kungalawula Kanjani Ezinhliziyweni Zethu?

“Ukuthula kukaKristu makulawule ezinhliziyweni zenu, ngoba eqinisweni, nabizelwa kukho nimzimba munye.”—KOLOSE 3:15.

1, 2. “Ukuthula kukaKristu” kulawula kanjani enhliziyweni yomKristu?

KWABANINGI, igama elithi ukulawula alithandeki ngoba lenza umuntu acabange ngokuphoqwa nokwenziswa izinto ezithile. Ngakho, amazwi kaPawulu okunxusa amaKristu aseKolose ayekanye nawo athi, “Ukuthula kukaKristu makulawule ezinhliziyweni zenu,” angase ezwakale engenakulinganisela. (Kolose 3:15) Angithi siyizidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela? Pho, kungani kufanele sivumele okuthile noma othile alawule ezinhliziyweni zethu?

2 UPawulu wayengatsheli abaseKolose ukuba bayeke ukuba nenkululeko yokuzikhethela. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukulawula’ kwabaseKolose 3:15 lihlobene negama elisho unompempe owayenikeza umklomelo emincintiswaneni yezemidlalo yangaleso sikhathi. Abancintisanayo babenenkululeko ethile ngaphakathi kwemithetho yomdlalo, kodwa ekugcineni, ngunompempe owayenquma ukuthi ubani owayelandele imithetho futhi ngenxa yalokho waphumelela emncintiswaneni. Ngokufanayo, sinenkululeko yokwenza izinqumo eziningi ekuphileni, kodwa njengoba sizenza, ukuthula kukaKristu kufanele ngaso sonke isikhathi kube “ngunompempe”—noma, njengoba kusho umhumushi u-Edgar J. Goodspeed, kube “yisimiso esibusayo” ezinhliziyweni zethu.

3. Kuyini “ukuthula kukaKristu”?

3 Kuyini “ukuthula kukaKristu”? Kuwukuthula, ukuzola kwangaphakathi, esikuthola lapho siba abafundi bakaJesu futhi sifunda ukuthi uJehova uNkulunkulu neNdododana yakhe bayasithanda futhi bayasamukela. Lapho uJesu esezobashiya abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngininika ukuthula kwami. . . . Ningavumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke noma nizivumele ukuba zishwabane ngokwesaba.” (Johane 14:27) Sekuphele iminyaka ecishe ibe ngu-2 000 lokho kuthula kujatshulelwa amalungu agcotshiwe athembekile omzimba kaKristu, futhi namuhla nabangane bawo, “ezinye izimvu,” bahlanganyela kukho. (Johane 10:16) Lokho kuthula kufanele kube yithonya elilawulayo ezinhliziyweni zethu. Lapho sibhekene nokulingwa okunzima, kungasisiza ukuba singapheli amandla ngenxa yokwesaba noma ukukhathazeka ngokweqile. Ake sibone ukuthi kwenzeka kanjani lokhu lapho sibhekene nokungabi nabulungisa, lapho sikhathazekile nalapho sizizwa singafaneleki.

Lapho Sibhekene Nokungabi Nabulungisa

4. (a) UJesu wakwazi kanjani ukungabi nabulungisa? (b) AmaKristu aye asabela kanjani lapho eyizisulu zokungabi nabulungisa?

4 INkosi uSolomoni yathi: “Umuntu [ubusa] omunye kube ngukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:9) UJesu wayazi ukuthi lawo mazwi ayiqiniso. Lapho esezulwini, wayibona indlela engenabo nakancane ubulungisa abantu ababephathana ngayo. Lapho esemhlabeni, wakuzwa mathupha ukungabi nabulungisa okukwedlula konke lapho emangalelwa ngokuhlambalaza uNkulunkulu futhi ebulawa njengeselelesi, ebe engumuntu ongenasono. (Mathewu 26:63-66; Marku 15:27) Namuhla, ukungabi nabulungisa kusadlangile, futhi amaKristu eqiniso aye ahlupheka ngokweqile, aba “izinto zokuzondwa yizizwe zonke.” (Mathewu 24:9) Nokho, naphezu kwezenzakalo ezesabekayo zasemakamu okubulawa amaNazi nawokufukuziswa aseSoviet Union, naphezu kokuhlaselwa yizixuku, ukumangalelwa nokuhlaselwa ngamanga, ukuthula kukaKristu kuye kwawagcina egxilile. Aye alingisa uJesu, esifunda lokhu ngaye: “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.”—1 Petru 2:23.

5. Lapho sizwa okuthile okubonakala kuwukungabi nabulungisa ebandleni, yini okufanele siyicabangele kuqala?

5 Ngezinga elincane kakhulu, singase sikholelwe ukuthi othile uye waphathwa ngokungafanele ebandleni lobuKristu. Esimweni esinjalo, singase sizizwe njengoPawulu, owathi: “Ubani okhutshekiswayo, ngingavuthi ngolaka mina?” (2 Korinte 11:29) Yini esingayenza? Kufanele sizibuze ukuthi, ‘Ingabe kuwukungabi nabulungisa ngempela?’ Ngokuvamile, sisuke singawazi wonke amaqiniso. Kungenzeka sisabela ngendlela eyeqisayo ngemva kokulalela othile othi uyakwazi okuhilelekile. Ngesizathu esihle, iBhayibheli lithi: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke.” (IzAga 14:15) Ngakho kudingeka siqaphe.

6. Singasabela kanjani kulokho esikubona kuwukungabi nabulungisa ebandleni?

6 Nokho, ake sithi yithi ngokwethu esiye saba yizisulu zalokho esikubona kuwukungabi nabulungisa. Umuntu onokuthula kukaKristu enhliziyweni yakhe angasabela kanjani? Singase sibone kunesidingo sokukhuluma nalowo muntu esinomuzwa wokuthi usonile. Ngemva kwalokho, kunokuba sixoxe ngale ndaba nanoma ubani oyosilalela, kungani singayiyisi kuJehova ngomthandazo bese sithembela kuye ukuthi uyoqiniseka ukuthi kwenziwa ubulungisa? (IHubo 9:10; IzAga 3:5) Kungenzeka ukuthi, ngemva kokwenza kanjalo, kuyosanelisa ukuxazulula indaba enhliziyweni yethu, ‘sithule.’ (IHubo 4:4) Ezimweni eziningi, kuyosebenza isiyalo sikaPawulu: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.”—Kolose 3:13.

7. Yini okufanele siyikhumbule njalo lapho sisebenzelana nabafowethu?

7 Nokho, noma ngabe yikuphi esikwenzayo, kudingeka sikhumbule ukuthi nakuba singenakukulawula osekwenzekile, singayilawula indlela esisabela ngayo. Uma sisabela ngendlela eyeqisayo kulokho esikubheka njengokungabi nabulungisa, lokho kungase konakalise ukuthula kwethu ngaphezu kwalokho kungabi nabulungisa ngokwako. (IzAga 18:14) Singakhubeka nokukhubeka bese siyeka ukuhlanganyela nebandla kuze kube yilapho sesinomuzwa wokuthi ubulungisa sebufeziwe. Umhubi wathi “akukho sikhubekiso” kulabo abathanda imithetho kaJehova. (IHubo 119:165) Empeleni, wonke umuntu uyabhekana nokungabi nabulungisa ngezikhathi ezithile. Ungalokothi uvumele lezo zenzakalo ezimbi ukuba zikuphazamise ekukhonzeni uJehova. Kunalokho, vumela ukuthula kukaKristu kulawule enhliziyweni yakho.

Lapho Sikhathazekile

8. Yiziphi ezinye zezinto ezibangela ukukhathazeka, futhi ukukhathazeka kungaba namuphi umphumela?

8 Ukukhathazeka kuyingxenye yokuphila engokoqobo kulezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Yiqiniso, uJesu wathi: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani.” (Luka 12:22) Kodwa akukhona konke ukukhathazeka okubangelwa yizinto ezibonakalayo. ULoti “wayecindezeleke kakhulu” ngenxa yokukhohlakala kwaseSodoma. (2 Petru 2:7) UPawulu wayekhungethwe “ukukhathazeka ngawo wonke amabandla.” (2 Korinte 11:28) Ngobusuku obandulela ukufa kwakhe, uJesu wayenomunyu kangangokuthi “izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini.” (Luka 22:44) Kusobala ukuthi akukhona konke ukukhathazeka okuwuphawu lokuba nokholo olubuthakathaka. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa yini, uma ukukhathazeka kunamandla futhi kuqhubeka isikhathi eside, kungasiphuca ukuthula. Ukukhathazeka kuye kwabanqoba abanye, kwabenza bazizwa bengenakukwazi ukuqhubeka besingethe imithwalo ehilelekile ekukhonzeni uJehova. IBhayibheli lithi: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa.” (IzAga 12:25) Yini-ke esingayenza uma sihlushwa ukukhathazeka?

9. Yiziphi ezinye izinyathelo eziwusizo ezingase zithathwe ukuze kudanjiswe ukukhathazeka, kodwa yiziphi izimbangela zokukhathazeka ezingenakususwa?

9 Kwezinye izimo, singase sikwazi ukuthatha izinyathelo eziwusizo. Uma umsuka wokukhathazeka kwethu kuyinkinga yempilo, kungaba ukuhlakanipha ukuyinaka, nakuba izinto ezinjalo ziyisinqumo somuntu siqu. * (Mathewu 9:12) Uma sisindwa yimithwalo yemfanelo eminingi, singase sikwazi ukuphathisa abanye eminye yayo. (Eksodusi 18:13-23) Nokho, kuthiwani ngalabo abanemithwalo esindayo engenakuphathiswa abanye—njengabazali? Kuthiwani ngomKristu ohlala nomngane womshado ophikisayo? Kuthiwani ngomkhaya onenkinga enkulu yezimali noma ohlala endaweni enempi? Kusobala ukuthi asinakukwazi ukususa zonke izimbangela zokukhathazeka kulesi simiso sezinto. Nokho, singakulondoloza ukuthula kukaKristu ezinhliziyweni zethu. Kanjani?

10. Yiziphi izindlela ezimbili umKristu angase afune ukudambisa ngazo ukukhathazeka?

10 Ukufuna induduzo eZwini likaNkulunkulu kungenye yezindlela. INkosi uDavide yabhala: “Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.” (IHubo 94:19) “Ukududuza” kukaJehova kutholakala eBhayibhelini. Ukuyifunda njalo leyo Ncwadi ephefumulelwe kuyosisiza sigcine ukuthula kukaKristu kusezinhliziyweni zethu. IBhayibheli lithi: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” (IHubo 55:22) Ngokufanayo, uPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ukuthandaza njalo nangobuqotho kuyosisiza ukuba silondoloze ukuthula kwethu.

11. (a) UJesu waba kanjani yisibonelo esihle mayelana nokuthandaza? (b) Kufanele siwubheke kanjani umthandazo?

11 UJesu wayeyisibonelo esihle kakhulu kulokhu. Ngezinye izikhathi, wayekhuluma noYise wasezulwini ngomthandazo amahora amaningi. (Mathewu 14:23; Luka 6:12) Umthandazo wamsiza ukuba akhuthazelele ukulingwa okunzima kunakho konke. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, usizi lwakhe lwaba lukhulu kakhulu. Wenze njani? Wathandaza “ngobuqotho ngokwengeziwe.” (Luka 22:44) Yebo, iNdodana kaNkulunkulu ephelele yayingumuntu womthandazo. Sikhulu kangakanani-ke isizathu sokuba abalandeli bayo abangaphelele bahlakulele umkhuba wokuthandaza! UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba “bathandaze ngaso sonke isikhathi futhi bangayeki.” (Luka 18:1) Umthandazo uyindlela engokoqobo nebalulekile yokukhulumisana naLowo osazi kangcono kunokuba sizazi. (IHubo 103:14) Uma sifuna ukugcina ukuthula kukaKristu kusezinhliziyweni zethu, ‘siyothandaza ngokungaphezi.’—1 Thesalonika 5:17.

Ukunqoba Ukulinganiselwa Kwethu

12. Yiziphi izizathu ezingase zenze abanye babe nomuzwa wokuthi inkonzo yabo ayanele?

12 UJehova ubheka inceku yakhe ngayinye njengeyigugu. (Hagayi 2:7, umbhalo waphansi we-NW.) Nokho, abaningi bakuthola kunzima ukwamukela lokhu. Abanye bangase badikibale ngenxa yokuguga, izibopho ezikhulayo zomkhaya noma impilo eya iba buthaka. Abanye bangase bazizwe besesimweni esingathandeki ngenxa yendlela elusizi abakhula ngayo. Abanye futhi bangase baqhathe umunyu ngenxa yamaphutha adlule, bangabaze ukuthi uJehova uyoke abathethelele. (IHubo 51:3) Yini engenziwa ngemizwa enjalo?

13. Labo abazizwa bengafaneleki bangathola yiphi induduzo engokomBhalo?

13 Ukuthula kukaKristu kuyosiqinisekisa ukuthi uJehova uyasithanda. Lokho kuthula singakubuyisela ezinhliziyweni zethu ngokuzindla ngeqiniso lokuthi uJesu akazange nanini athi ukubaluleka kwethu kulinganiswa ngokuqhathanisa lokho esikwenzayo nalokho okwenziwa abanye. (Mathewu 25:14, 15; Marku 12:41-44) Wagcizelela ukwethembeka. Watshela abafundi bakhe: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Kwayena uJesu ‘wayedelelwa’ abantu, kodwa wayengangabazi ukuthi uYise wayemthanda. (Isaya 53:3; Johane 10:17) Futhi watshela abafundi bakhe ukuthi nabo babethandwa. (Johane 14:21) Ukuze agcizelele lokhu, uJesu wathi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele namunye wabo phansi uYihlo engazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” (Mathewu 10:29-31) Yeka isiqinisekiso esimnandi sothando lukaJehova!

14. Sinasiphi isiqinisekiso sokuthi uJehova uyasazisa ngamunye wethu?

14 UJesu wathi futhi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa.” (Johane 6:44) Njengoba uJehova eye wasidonsa ukuze silandele uJesu, kumelwe ukuba ufuna sisindiswe. UJesu watshela abafundi bakhe: “Akuyona into efiselekayo kuBaba osezulwini ukuba oyedwa walaba abancane abhubhe.” (Mathewu 18:14) Ngakho-ke, uma ukhonza ngenhliziyo ephelele, ungajabula ngenxa yemisebenzi yakho emihle. (Galathiya 6:4) Uma ukhathazwa amaphutha adlule, qiniseka ukuthi uJehova uyokwenza ukuthethelela “kube kukhulu” kwabaphenduka ngobuqotho. (Isaya 43:25; 55:7) Uma uzizwa udikibele nganoma yisiphi isizathu, khumbula ukuthi uJehova “useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.”—IHubo 34:18.

15. (a) USathane uzama kanjani ukusiphuca ukuthula kwethu? (b) Yini esingaqiniseka ngayo mayelana noJehova?

15 USathane angajabula afe uma engakuphuca ukuthula kwakho. Ungumbangeli wesono esizuzwe njengefa sonke esilwa naso. (Roma 7:21-24) Nakanjani angathanda ukuba ube nomuzwa wokuthi ukungapheleli kwakho kwenza inkonzo yakho ingamukeleki kuNkulunkulu. Ungalokothi uvumele uDeveli akuqede amandla! Waqaphele amacebo akhe, futhi ukuwaqaphela makukwenze uzimisele ukukhuthazela. (2 Korinte 2:11; Efesu 6:11-13) Khumbula ukuthi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” (1 Johane 3:20) UJehova ubona okungaphezu kokushiyeka kwethu. Ubona nezisusa nezinhloso zethu. Ngakho, mawakuqinise la mazwi omhubi: “UJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.”—IHubo 94:14.

Ukuba Nobunye Ekuthuleni KukaKristu

16. Kushiwo kanjani ukuthi asisodwa njengoba sizama ukukhuthazela?

16 UPawulu wabhala wathi kufanele sivumele ukuthula kukaKristu kulawule ezinhliziyweni zethu ngoba ‘sabizelwa kukho simzimba munye.’ AmaKristu agcotshiwe uPawulu ayewabhalela abizelwa ukuba abe yingxenye yomzimba kaKristu, njengoba benjalo nabaseleyo babagcotshiwe namuhla. Abangane babo ‘bezinye izimvu’ bamunye nabo, ‘bemhlambi munye’ ngaphansi ‘kukamalusi munye,’ uJesu Kristu. (Johane 10:16) Ndawonye, ‘umhlambi’ womhlaba wonke wezigidi zabantu wenza ukuthula kukaKristu kulawule ezinhliziyweni zawo. Ukwazi ukuthi asisodwa kusisiza ukuba sikhuthazele. UPetru wabhala: “Thathani ukuma kwenu ngokumelene [noSathane], niqinile okholweni, nazi ukuthi izinto ezifanayo eziyizinhlupheko ziyafezwa kuyo yonke inhlangano yabafowenu ezweni.”—1 Petru 5:9.

17. Yini okufanele isishukumisele ukuba senze ukuthula kukaKristu kulawule ezinhliziyweni zethu?

17 Kwangathi-ke sonke singaqhubeka sihlakulela ukuthula, okuyisithelo esibalulekile somoya kaNkulunkulu ongcwele. (Galathiya 5:22, 23) Ekugcineni, labo uJehova abathola bengenabala, bengenasici futhi besekuthuleni bayobusiswa ngokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi, lapho ukulunga kuyohlala khona. (2 Petru 3:13, 14) Sinezizathu ezinhle zokwenza ukuthula kukaKristu kulawule ezinhliziyweni zethu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Kwezinye izimo, ukukhathazeka kungase kubangelwe noma kwandiswe yizimo zempilo, njengesifo sokucindezeleka.

Uyakhumbula?

• Kuyini ukuthula kukaKristu?

• Ukuthula kukaKristu kungalawula kanjani ezinhliziyweni zethu lapho sibhekene nokungabi nabulungisa?

• Ukuthula kukaKristu kusisiza kanjani ukuba sibhekane nokukhathazeka?

• Ukuthula kukaKristu kusiduduza kanjani lapho sizizwa singafane- leki?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Lapho ephambi kwabamangaleli bakhe, uJesu wazibeka ezandleni zikaJehova

[Isithombe ekhasini 16]

Njengokugona okufudumele kukababa onothando, induduzo kaJehova ingadambisa ukukhathazeka kwethu

[Isithombe ekhasini 18]

Ukukhuthazela kusho lukhulu kuNkulunkulu