Yiba Nokubonga Futhi Ujabule
Yiba Nokubonga Futhi Ujabule
IPHEPHANDABA laseCanada i-Calgary Herald lathi: “Ukufuna ukubonisa ukubonga kuyinto eyisisekelo kumuntu.” I-Herald yacaphuna abafundi abaneminyaka engu-9 abasesikoleni sabaqalayo ababecelwe uthisha wabo ukuba babhale ngazo zonke izinto ababebonga ngazo. Enye ingane yathi iyabonga kakhulu ngomkhaya wakubo ‘ngoba uye wayinakekela.’ Nentombazanyana ethile yabonga ngomkhaya wakubo, yathi: “Bangigcina ngivikelekile, ngiphilile, bayanginakekela, bayangithanda, bangipha ukudla futhi ngaphandle kwabazali bami, ngabe angikho kulo mhlaba.”
Ukungabongi kuholela esimweni sokuhlala unganelisi. Ngokwesazi semfundiso yenkolo nefilosofi uJ. I. Packer, “sadalelwa ukuba siphile ngokwethembela kuNkulunkulu nakomunye nomunye.” Lokhu kusikhumbuza iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile esashiwo emakhulwini eminyaka edlule, esithi: “Ziboniseni ninokubonga.” (Kolose 3:15) Ukubonisa abanye ukubonga nokwazisa okusuka enhliziyweni kukhuthaza ubuhlobo bokukhathalelana.
Ngaphezu kwalokho, ngokwazisa nokubheka abanye njengabayigugu, sibuye sizibonise sinokubonga kuJehova futhi uyakuphawula lokho. IBhayibheli lithi: “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) UNkulunkulu uyasiqinisekisa ukuthi uyalukhumbula futhi uyalwazisa uthando abantu abalubonisa kulo igama lakhe. (Heberu 6:10) Yebo, sinesizathu esihle sokubonisa ukubonga ngoba lapho le mfanelo yokuhlonipha uNkulunkulu ibonakaliswa nsuku zonke, iyamjabulisa uJehova futhi inezela enjabulweni yethu. Kunjengoba izAga 15:13 zisho: “Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle.”