Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isifundo Esivela Esundwini

Isifundo Esivela Esundwini

Isifundo Esivela Esundwini

“UMFANEKISO okhangayo, omuhle ngendlela engavamile.” Enye i-encyclopedia yeBhayibheli ilichaza kanjalo isundu. Ezikhathini zeBhayibheli nanamuhla, amasundu ahlobisa iNile Valley yaseGibithe, akhe nomthunzi oqabulayo ezindaweni ezivundile zaseNegeb Desert.

Njengeningi lezihlahla zalolu hlobo, isundu lima lithi mpó ngendlela ephawulekayo. Ezinye zazo zifinyelela ubude obungamamitha angu-30 futhi ziqhubeke zithela iminyaka engu-150. Yebo, isundu liyakhanga kakhulu futhi lithela ngendlela emangazayo. Unyaka ngamunye lithela izixhanti eziningi zama-date. Isixhanti ngasinye nje singaba nama-date angaphezu kwenkulungwane. Mayelana nama-date, esinye isazi sabhala: “Labo . . . abazazi ngokuzibona sezomisiwe lezo zithelo zafakwa nelebula emafasiteleni asezitolo ababazi ubumnandi bokuzidla zisanda kukhiwa esihlahleni.”

Ngokufanelekayo, iBhayibheli lifanisa abantu abathile namasundu. Ukuze umuntu akhange emehlweni kaNkulunkulu, njengesundu elithelayo, kumelwe abe oqotho ngokuziphatha futhi kumelwe aqhubeke eveza imisebenzi emihle. (Mathewu 7:17-20) Ngenxa yalokhu, ethempelini likaSolomoni nasethempelini lasembonweni kaHezekeli kwahlotshiswa ngemifanekiso egwediwe yamasundu. (1 AmaKhosi 6:29, 32, 35; Hezekeli 40:14-16, 20, 22) Ngakho, ukuze ukukhulekela komuntu kwamukeleke kuNkulunkulu, kumelwe lowo muntu abe nezici ezifiselekayo zesundu. IZwi likaNkulunkulu liyachaza: “Olungileyo uyahluma njengesundu.”—IHubo 92:12.