Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa UJehova Lapho Uqeqesha Izingane Zakho

Lingisa UJehova Lapho Uqeqesha Izingane Zakho

Lingisa UJehova Lapho Uqeqesha Izingane Zakho

“Angithi bonke abazali bayaziqondisa izingane zabo?”—HEBERU 12:7, Contemporary English Version.

1, 2. Kungani abazali benenkinga yokukhulisa izingane zabo?

UKUHLOLA okwenziwa eJapane eminyakeni embalwa edlule kwembula ukuthi cishe ingxenye yabantu abadala okwaxoxwa nabo yayinomuzwa wokuthi kuncane kakhulu ukukhulumisana phakathi kwabazali nezingane zabo nokuthi abazali bazitotosa kakhulu izingane zabo. Kokunye ukuhlola okwenziwa kulelo zwe, cishe ingxenye yesine yalabo abaphendula yavuma ukuthi ayazi ukuthi kufanele ixoxe kanjani nezingane. Lena akuyona into eyenzeka eMpumalanga kuphela. “Abazali abaningi baseCanada bávuma ukuthi bazizwa bengaqiniseki ukuthi bangaba kanjani abazali abakahle,” kubika i-Toronto Star. Yonke indawo, abazali bakuthola kunzima ukukhulisa izingane zabo.

2 Kungani abazali benenkinga yokukhulisa izingane zabo? Isizathu esiyinhloko ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” futhi sezifikile “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Ngaphezu kwalokho, “imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe,” kusho iBhayibheli. (Genesise 8:21) Futhi intsha ichayeke ngokukhethekile ekuhlaseleni kukaSathane, osizakala ngabangenalwazi “njengengonyama ebhongayo.” (1 Petru 5:8) Ziningi ngempela izithiyo kubazali abangamaKristu, abazama ukukhulisa izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zikhule zibe abakhulekeli bakaJehova abavuthiwe, abakwaziyo ukuhlukanisa “okulungile nokungalungile”?—Heberu 5:14.

3. Kungani ukuqeqesha nesiqondiso sabazali kubalulekile ekukhuliseni izingane ngokuphumelelayo?

3 Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” (IzAga 13:1; 22:15) Ukuze zibususe lobo buwula ezinhliziyweni zazo, izingane zidinga ukuqondiswa abazali bazo ngothando. Nokho, intsha ayikujabuleli njalo lokho kuqondiswa. Empeleni, ngokuvamile iyasicasukela iseluleko kungakhathaliseki ukuthi sivela kubani. Ngakho-ke, abazali kumelwe bafunde ‘ukukhulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe.’ (IzAga 22:6) Lapho izingane zinamathela esiyalweni esinjalo, kungasho ukuphila kuzo. (IzAga 4:13) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba abazali bazi ukuthi yini ehilelekile ekuqeqesheni izingane zabo!

Lokho Okushiwo Yisiyalo

4. Iyini incazelo eyinhloko yelithi “isiyalo” ngokwendlela elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini?

4 Ngenxa yokwesaba ukubizwa ngabaxhaphazayo—ngokomzimba, ngamazwi, noma ngokomzwelo—abanye abazali abaziqondisi izingane zabo. Akumelwe sibe nalolo valo. Ngokwendlela elisetshenziswa ngayo eBhayibhelini, igama elithi “isiyalo” alisikiseli ukuxhaphaza noma isihluku sanoma yiluphi uhlobo. Igama lesiGreki elisho “isiyalo” ngokuyinhloko lihlobene nokufundisa, ukuqondisa futhi ngezinye izikhathi ukujezisa ngamandla kodwa ngothando.

5. Kungani kuzuzisa ukuhlola indlela uJehova asebenzelana ngayo nabantu bakhe?

5 UJehova uNkulunkulu ubeka isibonelo esiphelele ekunikezeni isiyalo esinjalo. Eqhathanisa uJehova nobaba ongumuntu, umphostoli uPawulu wabhala: “Angithi bonke abazali bayaziqondisa izingane zabo? . . . Obaba bethu abangabantu basiqondisa okwesikhashana, futhi bakwenza ngendlela abacabanga ukuthi yiyona engcono kakhulu. Kodwa uNkulunkulu usiqondisa ukuze kusizakale thina, ngoba ufuna sibe ngcwele.” (Heberu 12:7-10, Contemporary English Version) Yebo, uJehova uyala abantu bakhe ukuze babe ngcwele, noma bahlanzeke. Ngokuqinisekile, kuningi esingakufunda ngokuyala izingane lapho sihlola indlela uJehova aye wabaqeqesha ngayo abantu bakhe.—Duteronomi 32:4; Mathewu 7:11; Efesu 5:1.

Uthando—Amandla Ashukumisayo

6. Kungani kungase kube nzima ngabazali ukulingisa uthando lukaJehova?

6 “UNkulunkulu uluthando,” kusho umphostoli uJohane. Ngakho-ke, ukuqeqesha kukaJehova kushukunyiswa uthando ngaso sonke isikhathi. (1 Johane 4:8; IzAga 3:11, 12) Ingabe lokho kusho ukuthi abazali abazithandayo ngokwemvelo izingane zabo bayokuthola kulula ukulingisa uJehova kulokhu? Cha. Uthando lukaNkulunkulu luwuthando olunezimiso. Futhi isazi esithile esingumGreki siphawula ukuthi uthando olunjalo “aluvumelani nokuthambekela okungokwemvelo ngaso sonke isikhathi.” UNkulunkulu akathonywa ngokungafanele yimizwelo eyeqisayo. Ngaso sonke isikhathi ucabangela lokho okungcono kakhulu ngabantu bakhe.—Isaya 30:20; 48:17.

7, 8. (a) Yisiphi isibonelo sothando olunezimiso uJehova ásibeka ekusebenzelaneni nabantu bakhe? (b) Abazali bangamlingisa kanjani uJehova lapho besiza izingane zabo ukuba zikwazi ukulandela izimiso zeBhayibheli?

7 Cabanga ngothando uJehova alubonisa lapho esebenzelana nama-Israyeli. UMose wasebenzisa umfanekiso omuhle ukuze achaze uthando uJehova ayenalo ngesizwe sakwa-Israyeli esasisesincane. Siyafunda: “Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe. UJehova yedwa wamhola [uJakobe].” (Duteronomi 32:9, 11, 12) Ukuze lufundise amaphuphu alo ukundiza, ukhozi olungumama “lunyakazisa isidleke salo” lubhakuze ukuze lwenze amaphuphu alo andize. Lapho ekugcineni iphuphu liphuma esidlekeni, ngokuvamile esiba sedwaleni eliphakeme, unina “ubhakuza phezu” kwalo. Uma kubonakala sengathi lingase liyoshayeka phansi, unina ushona phansi kwalo, aliphakamise “ngezimpaphe zakhe.” Ngothando, uJehova wasinakekela ngendlela efanayo isizwe sakwa-Israyeli esasisanda kuzalwa. Wasinika uMthetho KaMose. (IHubo 78:5-7) UNkulunkulu wabe esesiqapha ngeso elibukhali lesi sizwe, elungele ukungenela abasize abantu bakhe lapho besenkingeni.

8 Abazali abangamaKristu bangalulingisa kanjani uthando lukaJehova? Okokuqala, kumelwe bafundise izingane zabo izimiso nezindinganiso eziseZwini likaNkulunkulu. (Duteronomi 6:4-9) Umgomo uwukusiza izingane zifunde indlela yokwenza izinqumo ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Ngokwenza lokhu, abazali abanothando kunjengokungathi babhakuza phezu kwezingane zabo, beqaphele ukuthi zizisebenzisa kanjani izimiso ezizifundile. Njengoba izingane zikhula futhi kancane kancane zinikwa inkululeko enkudlwana, abazali abakhathalelayo bakulungele “ukushona phansi” ‘bathwale izingane zabo ngezimpaphe zabo’ noma nini lapho kunengozi. Luhlobo luni lwengozi?

9. Iyiphi ingozi ngokukhethekile okumelwe abazali abanothando bayiqaphele? Bonisa.

9 UJehova uNkulunkulu waxwayisa ama-Israyeli ngemiphumela yokuzihlanganisa nababi. (Numeri 25:1-18; Ezra 10:10-14) Ukuzihlanganisa nabantu abangafanele kuyingozi evamile nanamuhla. (1 Korinte 15:33) Abazali abangamaKristu kuhle balingise uJehova kulokhu. Intombazane eneminyaka engu-15 ubudala okuthiwa uLisa yaba nesithakazelo kumfana owayengenazo izindinganiso zokuziphatha nezingokomoya ezinjengezomkhaya wakubo kantombazane. “Abazali bami baluphawula ngokushesha ushintsho esimweni sami sengqondo futhi babonisa ukukhathazeka,” kulandisa uLisa. “Ngezinye izikhathi babengiqondisa, futhi ngezinye babengikhuthaza ngesisa.” Bahlala phansi noLisa bamlalela ngesineke, kanjalo bamsiza ukuba abhekane nalokho abakubona kuyinkinga eyisisekelo—isifiso sokwamukelwa ontanga yakhe. *

Gcina Imizila Yokukhulumisana Ivulekile Londoloza Ukukhulumisana Okuhle

10. Yiziphi izindlela uJehova abeka ngazo isibonelo esihle ekukhulumisaneni nama-Israyeli?

10 Ukuze baphumelele ekuqeqesheni izingane, abazali kumelwe bazame ukugcina imizila yokukhulumisana nezingane zabo ivulekile. Nakuba uJehova ekwazi kahle okusezinhliziyweni zethu, usikhuthaza ukuba sikhulume naye. (1 IziKronike 28:9) Ngemva kokunikeza ama-Israyeli uMthetho, uJehova wabela amaLevi ukuba awafundise, wathumela abaprofethi ukuba babonisane nawo futhi bawaqondise. Wabonisa nokuzimisela ukulalela imithandazo yawo.—2 IziKronike 17:7-9; IHubo 65:2; Isaya 1:1-3, 18-20; Jeremiya 25:4; Galathiya 3:22-24.

11. (a) Abazali bangakuthuthukisa kanjani ukukhulumisana okuhle nezingane zabo? (b) Kungani kubalulekile ukuba abazali babe yizilaleli ezinhle lapho bekhulumisana nezingane zabo?

11 Abazali bangamlingisa kanjani uJehova lapho bekhulumisana nezingane zabo? Okokuqala nokusemqoka, kumelwe bazinike isikhathi sokuba kanye nazo. Kuhle futhi abazali bagweme amazwi okungacabangi alulazayo, anjengokuthi, “Yilokho nje? Bengithi yinto ebalulekile”; “Kuwubuwula-ke lokho”; “Kanti wena ulindeleni? Uphethwe ubungane nje.” (IzAga 12:18) Ukuze bakhuthaze izingane zabo ukuba zibhoboke, abazali abahlakaniphile bazama ukuba yizilaleli ezinhle. Abazali abangazinaki izingane zabo lapho zisencane bangase bazithole benganakwa nabo lapho izingane sezikhulile. Ngaso sonke isikhathi uJehova ukulungele ukulalela abantu bakhe. Uhlala ebalalele labo abaphendukela kuye ngokuthobeka ngomthandazo.—IHubo 91:15; Jeremiya 29:12; Luka 11:9-13.

12. Yiziphi izimfanelo abazali abangazibonisa ezingakwenza kube lula kakhudlwana ezinganeni ukukhuluma nabo?

12 Cabanga nendlela izici ezithile zobuntu bukaNkulunkulu eziye zakwenza kwaba lula ngayo kubantu bakhe ukukhuluma naye ngokukhululeka. Ngokwesibonelo, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide yona kakhulu ngokuphinga noBati Sheba. Njengomuntu ongaphelele, uDavide wenza nezinye izono ezimbi ekuphileni kwakhe. Nokho, akazange nanini ayeke ukukhuluma noJehova acele ukuba amthethelele futhi amsole. Ngokungangabazeki, umusa kaNkulunkulu wothando nesihe kwakwenza kwaba lula ngoDavide ukuphendukela kuJehova. (IHubo 103:8) Ngokubonisa izimfanelo zikaNkulunkulu ezinjengesisa nesihe, abazali bangasiza ekugcineni imizila yokukhulumisana ivulekile ngisho nalapho izingane zona.—IHubo 103:13; Malaki 3:17.

Yiba Ocabangelayo

13. Kuhlanganisani ukuba ocabangelayo?

13 Lapho belalele izingane zabo, abazali kumelwe babe abacabangelayo futhi babonise “ukuhlakanipha okuvela phezulu.” (Jakobe 3:17) “Ukuba nengqondo kwenu makwaziwe yibo bonke abantu,” kubhala umphostoli uPawulu. (Filipi 4:5) Kusho ukuthini ukuba ocabangelayo? Enye incazelo yegama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ocabangelayo” isho “ukungaphikeleli ukuba kugcinwe umthetho njengoba unjalo.” Abazali bangaba kanjani abacabangelayo, bebe benamathele ezindinganisweni eziqinile zokuziphatha nezingokomoya?

14. UJehova wakubonisa kanjani ukuba ocabangelayo ekusebenzelaneni noLoti?

14 UJehova ubeka isibonelo esivelele ekubeni ocabangelayo. (IHubo 10:17) Lapho enxusa uLoti nomkhaya wakhe ukuba baphume emzini waseSodoma owawusuzobhujiswa, uLoti ‘walibala.’ Kamuva, lapho ingelosi kaJehova imcela ukuba abalekele ezintabeni, uLoti wathi: “Angikwazi ukubalekela entabeni . . . Lowo muzi [waseSowari] useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane; ake ngibalekele khona angithi mncane.” UJehova wasabela kanjani kulokhu? Wathi: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.” (Genesise 19:16-21, 30) UJehova wayezimisele ukuhambisana nesicelo sikaLoti. Yebo, abazali kudingeka banamathele ezindinganisweni uJehova uNkulunkulu azibeka eZwini lakhe, iBhayibheli. Noma kunjalo, kungase kwenzeke ukuvumelana nezifiso zezingane lapho kungekho zimiso zeBhayibheli ezeqiwayo.

15, 16. Yisiphi isifundo abazali abangasifunda emfanekisweni oku-Isaya 28:24, 25?

15 Ukuba ocabangelayo kuhlanganisa nokulungisa izinhliziyo zezingane ukuze zikulungele ukwamukela isiyalo. Ngendlela esamfanekiso, u-Isaya wafanisa uJehova nomlimi wayesethi: “Ingabe umlimi ukuze ahlwanyele imbewu ulima usuku lonke, avukuze futhi ahlelembe inhlabathi yakhe? Akathi yini lapho esehlelembe ubuso bayo, abese esakaza ikhumini elimnyama afafaze ikhumini, futhi akumelwe yini afake ukolweni, unyaluthi nebhali endaweni emisiwe, nesipelite sibe umngcele wakhe?”—Isaya 28:24, 25NW.

16 UJehova ‘uyalima ukuze atshale’ futhi ‘uyavukuza futhi ahlelembe inhlabathi yakhe.’ Kanjalo uyazilungisa izinhliziyo zabantu bakhe ngaphambi kokubayala. Lapho beqondisa izingane zabo, abazali ‘bangazilima’ kanjani izinhliziyo zezingane zabo? Omunye ubaba walingisa uJehova lapho elungisa umfanyana wakhe oneminyaka emine ubudala. Lapho indodana yakhe ishaya umfana kamakhelwane, uyise waqale wazilalela ngesineke izaba zendodana yakhe. Njengokungathi ‘ulima’ inhliziyo yendodana yakhe, wabe esexoxa indaba yomfanyana owayehlupheka kakhulu ehlushwa yisiqhwaga. Lapho ezwa le ndaba, umfana washukumiseleka ukuba athi kumelwe sijeziswe leso siqhwaga. Lokho ‘kulima’ kwalungisa inhliziyo yomfana, kwenza kwaba lula kakhudlwana ukuba abone ukuthi ukushaya umfana kamakhelwane yisenzo sesiqhwaga, yinto embi.—2 Samuweli 12:1-14.

17. Yisiphi isifundo sokuqondisa kwabazali esinikezwa ku-Isaya 28:26-29?

17 U-Isaya waqhubeka wafanisa isiqondiso sikaJehova nenye inqubo yokulima—ukugqula. Umlimi usebenzisa amathuluzi okugqula ahlukahlukene kuye ngokuqina kwamakhoba ezinhlamvu azigqulayo. Indukwana isetshenziselwa ikhumini elimnyama elithambile, umshiza usetshenziselwe ikhumini kodwa ezinhlamvwini ezinamakhoba aqinile kunalokho kusetshenziswa isihlibhi noma amasondo enqola. Nokho, lezo zinhlamvu eziqinile ngeke azigandaye aze azifihlize. Ngokufanayo, lapho uJehova efuna ukususa noma yini engafiseleki kubantu bakhe, isijeziso sakhe usifanelanisa nezidingo nezimo zangaleso sikhathi. Akenzi noma yikanjani ngendlela ewubushiqela noma abe nokhahlo. (Isaya 28:26-29) Ezinye izingane ziyasabela lapho abazali bazo beziphonsa nje iso, kungadingeki lutho olunye. Ezinye zidinga izikhumbuzo eziphindaphindwayo, kanti ezinye zingase zidinge okuqinaqinile kunalokho. Abazali abacabangelayo bayosebenzisa ukuqondisa okufanelana nezidingo zengane ngayinye.

Yenza Izingxoxo Zomkhaya Zijabulise

18. Abazali bangasenza kanjani isikhathi sokuba nesifundo somkhaya seBhayibheli esiqhutshwa njalo?

18 Enye yezindlela ezingcono kakhulu zokufundisa izingane zakho yisifundo seBhayibheli somkhaya esiqhutshwa njalo nengxoxo engokomBhalo yansuku zonke. Isifundo somkhaya siphumelela kakhulu lapho siqhutshwa njalo. Uma sishiyelwa ekutheni ithuba laso liyoziveza noma ekutheni kuyobonakala ngaleso sikhathi, cishe ngeke siqhutshwe njalo. Ngakho abazali kumelwe ‘bathengisise ithuba’ lesifundo. (Efesu 5:15-17) Ukuthola isikhathi esiqondile esivumelana nawo wonke umuntu kungaba yinselele. Enye inhloko yomkhaya yathola ukuthi njengoba izingane zikhula, izimiso zazo ezingafani zazikwenza kube nzima ukuhlanganisa wonke umkhaya ndawonye. Nokho, umkhaya wawuba ndawonye njalo ngobusuku bemihlangano yebandla. Ngakho-ke, ubaba wekhaya wahlela ukuba isifundo somkhaya sibe ngobunye balobo busuku. Lokhu kwasebenza kahle. Zonke lezo zingane ezintathu manje ziyizinceku zikaJehova ezibhapathiziwe.

19. Abazali bangamlingisa kanjani uJehova lapho beqhuba isifundo somkhaya?

19 Nokho, akwanele ukumane uhlanganise indaba ethile engokomBhalo esifundweni. UJehova wafundisa ama-Israyeli abuyiselwe ezweni lakubo ngabapristi, ‘ababechaza’ uMthetho, ‘bewaqondisa okwakufundwa.’ (Nehemiya 8:8) Ubaba othile owasiza zonke izingane zakhe eziyisikhombisa ukuba zimthande uJehova wayengena ekamelweni lakhe njalo ngaphambi kwesifundo somkhaya ukuze alungiselele, afanelanise indaba nezidingo zengane ngayinye. Wayesenza sijabulise ezinganeni zakhe isifundo. “Isifundo sasihlale simnandi,” kukhumbula enye yamadodana akhe asekhulile. “Uma siphandle sidlala ibhola egcekeni bese sibizelwa isifundo somkhaya, sasilishiya phansi ngokushesha ibhola singene endlini siye esifundweni. Kwakungolunye lwezinsuku ezimnandi kakhulu kulo lonke isonto.”

20. Iyiphi inkinga engavela ekukhuliseni izingane okusamelwe kuxoxwe ngayo?

20 Umhubi wathi: “Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.” (IHubo 127:3) Ukuqeqesha izingane zethu kudinga isikhathi nomzamo, kodwa ukuziqeqesha kahle kungasho ukuphila okuphakade kuzo. Yeka ukuthi kungaba umvuzo omuhle kanjani lowo! Ngakho-ke, masilingise uJehova ngokuzimisela lapho siqeqesha izingane zethu. Nokho, nakuba abazali bephathiswe umthwalo ‘wokukhulisa izingane ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova,’ asikho isiqinisekiso sokuthi bayophumelela. (Efesu 6:4) Ngisho nalapho inakekelwa kahle kakhulu, ingane ingaba yihlongandlebe futhi iyeke ukukhonza uJehova. Kuthiwani-ke esimweni esinjalo? Lokho kuzoxoxwa ngako esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Izenzakalo ezikulesi sihloko nesilandelayo kungenzeka zithathwé emazweni anezinkambiso ezihlukile kwezelakini. Zama ukuqonda izimiso ezihilelekile futhi uzisebenzise ezinkambisweni zakwelakini.

Ungaphendula Kanjani?

• Abazali bangalulingisa kanjani uthando lukaJehova oluchazwe kuDuteronomi 32:11, 12?

• Yini oyifundile endleleni uJehova akhulumisana ngayo nama-Israyeli?

• Ukulalela kukaJehova ukunxusa kukaLoti kusifundisani?

• Yisiphi isifundo ositholile ku-Isaya 28:24-29 mayelana nokuqondisa izingane?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 8, 9]

UMose wafanisa ukuqeqesha kukaJehova abantu bakhe nendlela ukhozi olwenza ngayo emaphuphwini alo

[Izithombe ekhasini 10]

Abazali kudingeka bazinike isikhathi sokuba kanye nezingane zabo

[Isithombe ekhasini 12]

“Kwakungolunye lwezinsuku ezimnandi kakhulu kulo lonke isonto”