Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukholo Lweqiniso—Ingabe Lusengaba Khona?

Ukholo Lweqiniso—Ingabe Lusengaba Khona?

Ukholo Lweqiniso—Ingabe Lusengaba Khona?

“Ukholo luwukuqiniseka ngomusa kaNkulunkulu okuphilayo nokunesibindi, okuqiniseke nokugxile kangangokuthi okholwayo anganikela ngokuphila kwakhe izikhathi eziyinkulungwane ngenxa yako.”—MARTIN LUTHER, 1522.

“Kunjengokungathi sesiwumphakathi ogxile ezintweni zezwe, lapho ngezinga elikhulu ukholo nezenzo zobuKristu sekuyizinto esezashabalala.”—LUDOVIC KENNEDY, 1999.

IMIBONO mayelana nokholo ihlukahluka kakhulu. Esikhathini esidlule, kwakuyinto evamile ukuba nokholo kuNkulunkulu. Namuhla, ezweni elinokungabaza nokuhlupheka, ukholo lweqiniso kuNkulunkulu naseBhayibhelini lunyamalala ngokushesha.

Ukholo Lweqiniso

Kwabaningi, “ukholo” lumane lusho ukuba nenkolelo engokwenkolo noma ukuqhuba uhlobo oluthile lokukhulekela. Nokho, ngokwendlela elisetshenziswa ngayo eBhayibhelini, elithi “ukholo” ngokuyisisekelo lisho ukwethemba ngokugcwele—ukuqiniseka okuphelele nokungenakuzanyazanyiswa ngoNkulunkulu nezithembiso zakhe. Luyimfanelo ebonakalisa umfundi kaJesu Kristu.

Ngesinye isikhathi, uJesu Kristu wakhuluma ngesidingo sokuthandaza ‘ungayeki.’ Lapho enza kanjalo, wabuza ukuthi lwaluyoba khona yini ukholo lweqiniso esikhathini sethu. Wathi: “Lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe ngempela iyoluthola [lolu kholo] emhlabeni?” Kungani abuza umbuzo onjalo?—Luka 18:1, 8.

Baphelelwa Ukholo

Ziningi izinto ezingenza abantu baphelelwe kwayilolo kholo okungenzeka banalo. Ezinye zazo yizinto ezibuhlungu nezivivinyayo zokuphila kwansuku zonke. Ngokwesibonelo, uProfesa Michael Goulder wayengumpristi eManchester, eNgilandi, lapho kuphahlazeka indiza eMunich ngo-1958 kufa abaningi babadlali beqembu lebhola iManchester United. Ohlelweni lwe-BBC kuthelevishini, umsakazi uJoan Bakewell wachaza ukuthi uGoulder “wazizwa engenalusizo lapho ebona izinga lokudabuka kwabantu.” Omunye wemiphumela kwaba ukuba “aphelelwe ukholo kuNkulunkulu ongenelayo ezintweni ezizokwehlela abantu.” UGoulder waveza inkolelo yakhe yokuthi “iBhayibheli alilona . . . izwi likaNkulunkulu elingawenzi amaphutha” kodwa kunalokho, “yizwi labantu eliwenzayo amaphutha, mhlawumbe elinezingxenyana ezithile eziphefumulelwe ngokwaphezulu.”

Kwezinye izimo ukholo luvele lushabalale. Yilokho okwenzeka kumlobi nomsakazi uLudovic Kennedy. Uthi kusukela eseyingane “ukungabaza nokungaqiniseki [kwakhe ngoNkulunkulu] kwakufika kubuye kunyamalale futhi ukungakholwa [kwakhe] kwakhula.” Kubonakala sengathi akekho owayekwazi ukumnika izimpendulo ezinengqondo zemibuzo yakhe. Ukushonela kukayise olwandle kwaba yigalelo elinzima kulolo kholo lwakhe olwaluvele luntekenteke. Imithandazo yokucela uNkulunkulu ukuba “asilondoloze ezingozini zasolwandle nasebudloveni besitha” ayiphendulwanga lapho umkhumbi wabagibeli uyise ayekuwo uhlaselwa futhi uphihlizwa yimikhumbi yempi yamaJalimane phakathi neMpi Yezwe II.—All in the Mind—A Farewell to God.

Izenzakalo ezinjengalezi aziyona into engavamile. Umphostoli uPawulu uthi: “Ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Wena ucabangani? Ingabe kusengenzeka ukuba nokholo kuNkulunkulu neZwi lakhe kuleli zwe eliya lingabaza ngezinga elikhulayo? Ake ubone ukuthi isihloko esilandelayo sithini ngale ndaba.