Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufinyelela Labo Abangafinyeleleki Kalula

Ukufinyelela Labo Abangafinyeleleki Kalula

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukufinyelela Labo Abangafinyeleleki Kalula

OFAKAZI BAKAJEHOVA bazama ukukhuluma nawo wonke umuntu abangakhuluma naye ngesigijimi soMbuso. Ngezinye izikhathi, kudingeka umzamo ongavamile ukuze kufinyelelwe labo abangavami ukuba semakhaya. (Marku 13:10) Mayelana nalokhu, isikhonzi esiyiphayona elikhethekile ezweni elithile laseNingizimu Melika sixoxa isenzakalo esilandelayo.

“Ngelinye ilanga ngathola ukuthi umbusi wesifundazwe wayezovakashela insimu esabelwe kuyo mina nomkami. Njengoba kwakusobala ukuthi ungomunye walabo bantu abangavami ukuba semakhaya abo, ngambhalela incwadi ngafaka nezincwadi zeBhayibheli ezimbalwa, ezihlanganisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu nethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Encwadini yami ngachaza injongo yencwadi ngayinye kulezi.

“Ngenxa yokuthi nganginesithakazelo sokuthola ukuthi uzosabela kanjani kulezi zincwadi, ngacela ukubonana naye. Ngemva kwamasonto athile ngavunyelwa ukubonana naye, ngaphatha i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Umhlangano wethu wathatha cishe amahora amabili. Ngemva kokubukela i-video kanye nalo mbusi, ngambuza ukuthi ucabangani ngayo. Waphendula: ‘Ayikho enye inhlangano enjengeyenu emhlabeni. Ngifisa sengathi ngabe nginabantu abanjengani abangangisiza ukuze ngiqede imisebenzi yami kahulumeni!’ Wabe esebuza ukuthi ngake ngaya yini endlunkulu yomhlaba wonke yenhlangano yethu. Ngamtshela ukuthi nakuba kwakulokhu kuwumgomo wami kusukela ngineminyaka engu-14 ubudala, ngangingakalitholi ithuba lokuvakashela indlunkulu yethu yomhlaba wonke eseBrooklyn, eNew York. Kwakungomunye waleyo migomo engafinyeleleki kalula. Wathula wangibukisisa okwesikhashana. Wabe esethi ufuna ngilithole lelo thuba. Wasitholela izimvume ezingokomthetho wasipha namathikithi endiza!

“Lo mbusi manje ubathola njalo omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Sithemba ukuthi maduze nje sizokwazi ukuqala isifundo seBhayibheli naye.”