Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungayisiza Kanjani Ingane “Yolahleko”?

Ungayisiza Kanjani Ingane “Yolahleko”?

Ungayisiza Kanjani Ingane “Yolahleko”?

‘Jabula ngoba ubelahlekile watholakala.’—LUKA 15:32.

1, 2. (a) Ezinye izingane ziye zasabela kanjani eqinisweni lobuKristu? (b) Abazali nezingane abasesimweni esinjalo bangase bazizwe kanjani?

“NGIYAYEKA ukuhlanganyela!” Yeka ukuthi ukuzwa la mazwi enganeni yabo kubashaqisa kanjani abazali abesaba uNkulunkulu abaye bazama kanzima ukukhulisa izingane zabo ngendlela yobuKristu! Enye intsha ivele “ikhukhuleke” ngaphandle kokusho ngomlomo ukuthi ihloseni. (Heberu 2:1) Eningi yayo ifana nendodana yolahleko yomzekeliso kaJesu, eyashiya umuzi kayise yayosaphaza ifa layo ezweni elikude.—Luka 15:11-16.

2 Nakuba iningi loFakazi BakaJehova lingena-yo le nkinga, kulabo abanayo, akukho mazwi enduduzo angabususa ngokuphelele ubuhlungu ababuzwayo. Nosizi lowo musha onhlanhlathayo angaba nalo akumelwe lushalazelwe. Ekujuleni kwenhliziyo, unembeza wakhe ungase umhluphe. Emzekelisweni kaJesu, indodana yolahleko yagcina ‘isangulukile,’ uyise wajabula. Abazali nabanye ebandleni bangazisiza kanjani izingane zolahleko ukuba ‘zisanguluke’?—Luka 15:17.

Okwenza Ezinye Zinqume Ukulishiya Iqiniso

3. Yiziphi ezinye zezizathu ezenza izingane zinqume ukulishiya ibandla lobuKristu?

3 Kunamakhulu ezinkulungwane ezingane ezikhonza uJehova ngenjabulo ebandleni lobuKristu. Pho, yini eyenza ezinye izingane zilishiye iqiniso? Zingase zibe nomuzwa wokuthi kukhona okuziphuthelayo okutholakala ezweni. (2 Thimothewu 4:10) Noma zingase zibheke umhlambi kaJehova oyisivikelo njengonemithetho evimbela ngokweqile. Unembeza onecala, isithakazelo esinamandla kwabobulili obuhlukile, noma isifiso sokwamukelwa ontanga nakho kungenza osemusha akhukhuleke aphume emhlanjini kaJehova. Osemusha angase ayeke ukukhonza uJehova ngenxa yalokho akubona kuwubuzenzisi kubazali bakhe noma komunye umKristu.

4. Yini ngokuvamile ewumsuka wokunhlanhlatha kwezingane?

4 Isimo sengqondo nokuziphatha kokuvukela kwengane ngokuvamile kuyizimpawu zokuba buthakathaka ngokomoya, izinkomba zalokho okusenhliziyweni yayo. (IzAga 15:13; Mathewu 12:34) Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isizathu esenza osemusha anhlanhlathe, umsuka wenkinga ngokuvamile kusuke kuwukuthi akanalo ‘ulwazi olunembile lweqiniso.’ (2 Thimothewu 3:7) Kunokuba zikhulekele uJehova ngokugcina icala nje, kubalulekile ukuba izingane zihlakulele ubuhlobo obuseduze naye. Yini eyozisiza ukuba zenze kanjalo?

Sondela KuNkulunkulu

5. Yini edingekayo ukuze osemusha ahlakulele ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu?

5 Umfundi uJakobe wabhala: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Ukuze enze kanjalo, osemusha kumelwe asizwe ahlakulele ukulithanda iZwi likaNkulunkulu. (IHubo 34:8) Ekuqaleni uyodinga “ubisi”—izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Kodwa njengoba elijabulela iZwi likaNkulunkulu futhi eqala ukuthanda “ukudla okuqinile”—ukwaziswa okujulile okungokomoya—ngokushesha uyofinyelela ekuvuthweni okungokomoya. (Heberu 5:11-14; IHubo 1:2) Osemusha othile owavuma ukuthi wake wangena shí ezindleleni zezwe waqala ukwazisa izindinganiso ezingokomoya. Yini eyamsiza ukuba aguquke? Esebenzisa ukusikisela kokuba afunde lonke iBhayibheli, wanamathela esimisweni sokufunda iBhayibheli njalo. Yebo, ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo kubalulekile ekuhlakuleleni ubuhlobo obuseduze noJehova.

6, 7. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zilithande iZwi likaNkulunkulu?

6 Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba abazali basize izingane zabo zihlakulele ukuthanda iZwi likaNkulunkulu! Naphezu kokuba nesifundo somkhaya esiqhutshwa njalo, enye intombazane eyeve eshumini nambili yayijwayelene nentsha engalaleli. Mayelana nesifundo somkhaya sakubo, iyakhumbula: “Lapho ubaba ebuza imibuzo, ngangivele ngizifunde phansi izimpendulo, ngingambheki nokumbheka.” Kunokuba bamane bahlanganise nje indaba esifundweni somkhaya, abazali abahlakaniphile basebenzisa ubuciko bokufundisa. (2 Thimothewu 4:2) Ukuze osemusha asijabulele isifundo, kumelwe asizwe simthinta. Kungani ungambuzi imibuzo yokuthola uvo lwakhe, umvumele asho akucabangayo nakuzwayo? Mkhuthaze ukuba abonise ukuthi indaba okuxoxwa ngayo isebenza kanjani esimweni esingokoqobo. *

7 Ngaphezu kwalokho, yenze iphile ingxoxo engokomBhalo. Lapho kufaneleka khona, izingane mazidlale izenzakalo zaseBhayibhelini. Zisize ukuba zizibone ngeso lengqondo izindawo nokuma kwamazwe ezenzeka kuwo izenzakalo enixoxa ngazo. Ukusebenzisa amabalazwe namashadi kungase kusize. Yebo, ngokucabanga nje kancane, isifundo somkhaya singenziwa siphile futhi sihlukahluke. Abazali kuhle futhi bahlole nobabo ubuhlobo noJehova. Njengoba bona ngokwabo besondela kuJehova, bayokwazi ukusiza izingane zabo ukuba zenze kanjalo.—Duteronomi 6:5-7.

8. Umthandazo umsiza kanjani umuntu ukuba asondele kuNkulunkulu?

8 Umthandazo futhi uyamsiza umuntu ukuba asondele kuNkulunkulu. Intombazane eyayisanda kweva eshumini nambili yazizwa ihluleka ukukhetha phakathi kwendlela yobuKristu yokuphila nokuzihlanganisa nabangane abangakholelwa kulokho yona ekholelwa kukho. (Jakobe 4:4) Yenzani ngako? Yavuma: “Ngokokuqala ngqá, ngathandaza kuJehova ngendlela engangizizwa ngayo.” Yaphetha ngokuthi umthandazo wayo waphendulwa lapho ekugcineni ithola umngane eyayingathululela kuye isifuba ebandleni lobuKristu. Inomuzwa wokuthi uJehova wayeyiqondisa, yaqala ukwakha ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Abazali bangazisiza izingane zabo ngokuthuthukisa eyabo imithandazo. Lapho bethandaza njengomkhaya, abazali bangathulula izinhliziyo zabo ukuze izingane zibuzwe ubuhlobo obuseduze abazali abanabo noJehova.

Yiba Nesineke Kodwa Uqine

9, 10. Yisiphi isibonelo uJehova asibeka ekubeni obhekakade kuma-Israyeli anhlanhlathayo?

9 Lapho osemusha eqala ukukhukhuleka, angase azame ukuzihlukanisa futhi alwe nanoma yimiphi imizamo yabazali bakhe yokuxoxa naye ngezinto ezingokomoya. Yini abangayenza abazali abasesimweni esivivinya njengalesi? Cabangela lokho uJehova akwenza ku-Israyeli wasendulo. Wawabekezelela iminyaka engaphezu kuka-900 ama-Israyeli ‘antamo lukhuni’ ngaphambi kokuba awayeke endleleni yawo enhlanhlathayo. (Eksodusi 34:9; 2 IziKronike 36:17-21; Roma 10:21) Naphezu kokuba ‘ayemlinga’ ngokuphindaphindiwe, uJehova waba “nesihawu” kuwo. “Wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.” (IHubo 78:38-42) UNkulunkulu akenzanga phutha lapho esebenzelana nawo. Abazali abanothando balingisa uJehova futhi babe nesineke lapho ingane ingasabeli ngokushesha emizamweni yabo yokuyisiza.

10 Ukuba obhekakade, noma onesineke, kusho futhi ukwenqaba ukulilahla ngokuphelele ithemba lokuthi kuyoke kube nentuthuko ebuhlotsheni obulimele. UJehova wabeka isibonelo sokuba obhekakade. Wathatha isinyathelo ngokuthumela izithunywa zakhe “njalonjalo” kuma-Israyeli. UJehova ‘wayebahawukela abantu bakhe,’ yize ‘babeziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bedelela amazwi akhe.’ (2 IziKronike 36:15, 16) Wawanxusa ama-Israyeli, wathi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi.” (Jeremiya 25:4, 5) Nokho, uJehova akayekethisanga ezimisweni zakhe zokulunga. Ama-Israyeli ayalwa ukuba ‘abuyele’ kuNkulunkulu nasezindleleni zakhe.

11. Abazali bangaba kanjani ababhekakade kodwa baqine lapho besebenzelana nengane ephambukayo?

11 Abazali bangalingisa uJehova ekubeni ababhekakade ngokungasheshi bayidele ingane ephambukayo. Bengalilahli ithemba, bangathatha isinyathelo sokugcina imizila yokukhulumisana ivulekile noma sokuphinda bakhulume nengane. Bangayinxusa “njalonjalo” ingane ukuba ibuyele endleleni yeqiniso, bebe benamathele ezimisweni zokulunga.

Lapho Ingane Isusiwe Ekuhlanganyeleni

12. Abazali banamuphi umthwalo wemfanelo mayelana nengane ehlala nabo kodwa exoshiwe ebandleni?

12 Kuthiwani uma ingane ehlala nabazali bayo ihileleka esonweni esibi bese kuthi ngenxa yesimo sengqondo sokungaphenduki ixoshwe ebandleni? Njengoba le ngane ihlala nabazali bayo, basenomthwalo wemfanelo wokuyifundisa nokuyiyala ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu. Kungenziwa kanjani lokhu?—IzAga 6:20-22; 29:17.

13. Abazali bangazama kanjani ukufinyelela inhliziyo yengane eyonile?

13 Mhlawumbe kungenzeka—empeleni kungakuhle kakhulu—ukuba lokho kufundisa nokuyala kwenziwe esifundweni seBhayibheli sangasese. Umzali kumelwe abheke ngalé kwesimo sengqondo sengane esilukhuni, azame ukubona okusenhliziyweni yayo. Igula kangakanani ngempela ngokomoya? (IzAga 20:5) Ingabe ingxenye esabelayo yenhliziyo yayo ingafinyelelwa? Yimiphi imibhalo engasetshenziswa ngokuphumelelayo? Umphostoli uPawulu uyasiqinisekisa: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili futhi lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heberu 4:12) Yebo, abazali bangenza okungaphezu kokumane batshele izingane zabo ukuba zingaphinde zihileleke ekwenzeni okubi. Bangazama ukuqala nokunakekela inqubo yokululama kwazo.

14. Yisiphi isinyathelo sokuqala osemusha owonile okufanele asithathe ukuze avuselele ubuhlobo bakhe noJehova, futhi abazali bangayisiza kanjani ingane ukuba ithathe leso sinyathelo?

14 Ingane eyonile kudingeka ivuselele ubuhlobo bayo noJehova. Isinyathelo sokuqala okumelwe isithathe ‘ukuphenduka, iguquke.’ (IzEnzo 3:19; Isaya 55:6, 7) Lapho besiza ingane esemzini wabo ukuba iphenduke, abazali kumelwe ‘bazigcine bezibambile ngaphansi kobubi, beyiyala ngobumnene’ ingane engenaso isimo sengqondo esihle. (2 Thimothewu 2:24-26) Kudingeka ‘bayisole’ ngomqondo ongokweBhayibheli. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “sola” lingahunyushwa nangokuthi “nikeza ubufakazi obugculisayo.” (IsAmbulo 3:19; Johane 16:8) Ngakho-ke, ukusola kuhilela nokuveza ubufakazi obanele bokukholisa ingane ukuthi inkambo yayo iyisono. Kuyavunywa, ukwenza lokho akulula. Uma kungenzeka, abazali bangathinta inhliziyo yayo, basebenzise zonke izindlela ezifanelekayo ngokomBhalo ukuze bayenze ikholiseke. Kufanele bazame ukuyisiza iqaphele isidingo ‘sokuzonda okubi, ithande okuhle.’ (Amose 5:15) ‘Ingqondo yayo efanele ingase ibuye, iphume ogibeni lukaDeveli.’

15. Umthandazo ufeza yiphi indima ekuvuseleleni ubuhlobo bomuntu owonile noJehova?

15 Lapho umuntu evuselela ubuhlobo bakhe noJehova, kumelwe nakanjani kusetshenziswe umthandazo. Yiqiniso, akekho okufanele “enze isicelo” mayelana nesono sangamabomu okusobala ukuthi lowo muntu obehlanganyela nebandla lobuKristu akaphenduki kuso. (1 Johane 5:16, 17; Jeremiya 7:16-20; Heberu 10:26, 27) Nokho, abazali bangacela uJehova ukuba abanike ukuhlakanipha kokusingatha leso simo. (Jakobe 1:5) Uma osemusha osusiwe ekuhlanganyeleni enikeza ubufakazi bokuphenduka kodwa engenayo ‘inkululeko yokukhuluma kuNkulunkulu,’ abazali bangase bathandazele ukuba uma uNkulunkulu ethola isisekelo sokuthethelela iphutha laleyo ngane, kwenzeke intando yakhe. (1 Johane 3:21) Ukuzwa le mithandazo kufanele kusize osemusha abone ukuthi uJehova unguNkulunkulu onesihe. *Eksodusi 34:6, 7; Jakobe 5:16.

16. Singawasiza kanjani amalungu emikhaya enezingane ezisusiwe ekuhlanganyeleni?

16 Uma osemusha obhapathiziwe esuswa ekuhlanganyeleni, amalungu ebandla alindeleke ukuba ‘ayeke ukuzihlanganisa’ naye. (1 Korinte 5:11; 2 Johane 10, 11) Lokhu kungagcina kumsizile ukuba ‘asanguluke,’ abuyele emhlanjini kaNkulunkulu oyisivikelo. (Luka 15:17) Nokho, kungakhathaliseki ukuthi uyabuya noma cha, amalungu ebandla angawukhuthaza umkhaya wosemusha osusiwe ekuhlanganyeleni. Sonke singafuna amathuba okubonisa “ukuzwelana,” sibe “nobubele besisa” kuwo.—1 Petru 3:8, 9.

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

17. Yini okufanele amalungu ebandla ayikhumbule lapho ezama ukusiza ingane enhlanhlathayo?

17 Kuthiwani ngosemusha ongasusiwe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu, kodwa osebuthakathaka okholweni? Umphostoli uPawulu wabhala: “Uma ilungu elilodwa lihlupheka, wonke amanye amalungu ahlupheka kanye nalo.” (1 Korinte 12:26) Abanye bangabonisa isithakazelo ngokoqobo kosemusha onjalo. Yebo, kudingeka isilinganiso esithile sokuqapha, ngoba osemusha ogulayo ngokomoya angaba nethonya elibi kwenye intsha. (Galathiya 5:7-9) Ebandleni elithile, abantu abadala ababenezinhloso ezinhle befuna ukusiza intsha ethile eyayisibuthakathaka ngokomoya bayimemela emibuthanweni ukuze kuzodlalwa umculo othandwayo ndawonye. Nakuba le ntsha yavumela phezulu futhi yazijabulela lezo zikhathi, ithonya layo komunye nomunye lagcina liholele ekubeni izihlukanise nebandla. (1 Korinte 15:33; Jude 22, 23) Okungasiza ekwelapheni ingane egulayo akuyona imibuthano yokuzijabulisa engenasiqondiso esingokomoya, kodwa ubudlelwane obuyisiza ukuba ihlakulele uthando ngezinto ezingokomoya. *

18. Singasilingisa kanjani isimo sengqondo sikayise wendodana yolahleko yomzekeliso kaJesu?

18 Lapho osemusha oye walishiya ibandla ebuyela eHholo LoMbuso noma eya emhlanganweni omkhulu, cabanga indlela okungenzeka uzizwa ngayo. Akufanele yini sibonise isimo sengqondo sokumamukela njengoyise wendodana yolahleko yomzekeliso kaJesu? (Luka 15:18-20, 25-32) Osemusha owashiya ibandla lobuKristu kamuva waya emhlanganweni wesigodi wathi: “Ngangicabanga ukuthi wonke umuntu wayeyomshalazela umuntu onjengami, kodwa abazalwane nodade beza kimi bangamukela. Ngathinteka kakhulu.” Waqala ukutadisha iBhayibheli kabusha, kamuva wabhapathizwa.

Ungadeli

19, 20. Kungani kufanele silondoloze isimo sengqondo esiqondile mayelana nengane yolahleko?

19 Ukusiza ingane “yolahleko” ukuba ‘isanguluke’ kudinga isineke futhi kungaba yinselele kubazali nakwabanye. Kodwa ungadeli. “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabangela ukwephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Sinesiqinisekiso esingokomBhalo sokuthi uJehova ufuna abantu baphenduke, baphile. Empeleni, uye wathatha isinyathelo sokwenza ilungiselelo lokubuyisana nabantu. (2 Korinte 5:18, 19) Isineke sakhe siye senza izigidi zasanguluka.—Isaya 2:2, 3.

20 Akufanele-ke yini abazali basebenzise zonke izindlela ezingokomBhalo abangazisebenzisa ukuze basize ingane yabo yolahleko ukuba isanguluke? Ngokulingisa uJehova, yiba obhekakade njengoba uthatha izinyathelo eziqondile zokusiza ingane yakho ukuba ibuyele kuJehova. Namathela ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli, uzame ukubonisa izimfanelo zikaJehova eziwuthando, ubulungisa nokuhlakanipha ube uthandazela usizo lwakhe. Njengoba namahlongandlebe amaningi ayenezinhliziyo ezilukhuni eye asabela esimemweni sikaJehova sothando sokuba abuye, neyakho indodana noma indodakazi yolahleko ingabuyela emhlanjini kaNkulunkulu oyisivikelo.—Luka 15:6, 7.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 6 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela yokufundisa izingane ngokuphumelelayo, bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1999, amakhasi 13-17.

^ par. 15 Imithandazo enjalo ayinakwenziwa obala emihlanganweni yebandla yenzelwa ingane esusiwe ekuhlanganyeleni, ngoba abanye kungenzeka abazi ukuthi lowo muntu osusiwe ekuhlanganyeleni ukusiphi isimo.—Bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1980, amakhasi 31-2.

^ par. 17 Ukuze uthole ukusikisela okuqondile, bheka i-Phaphama! ka-December 22, 1972, amakhasi 18-23, neka-September 22, 1996, amakhasi 21-3.

Uyakhumbula?

• Yini okungenzeka iwumsuka wenkinga lapho intsha ishiya ibandla?

• Izingane zingasizwa kanjani ukuba zihlakulele ubuhlobo obuseduze noJehova?

• Kungani abazali kudingeka babe ababhekakade kodwa futhi baqine lapho besiza ingane yolahleko?

• Labo abasebandleni bangayisiza kanjani ingane yolahleko ukuba ibuye?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Ukufunda iZwi likaNkulunkulu kubalulekile ekuhlakuleleni ubuhlobo obuseduze noJehova

[Isithombe ekhasini 15]

Umthandazo wabazali osuka enhliziyweni ungasiza izingane zabo zibuzwe ubuhlobo obuseduze abazali abanabo noJehova

[Isithombe ekhasini 17]

Yamukele ingane yolahleko lapho ‘isanguluka’

[Isithombe ekhasini 18]

Thatha izinyathelo eziqondile zokusiza ingane yakho ibuyele kuJehova