Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amanzi Anika Ukuphila Ayageleza E-Andes

Amanzi Anika Ukuphila Ayageleza E-Andes

Amanzi Anika Ukuphila Ayageleza E-Andes

IziNtaba zase-Andes zehla zinqamule maphakathi nePeru, zihlukanise izwe entshonalanga kube yindawo egagadekile egudla ugu, empumalanga kube namahlathi enile anenkungu. Kulolu lungelunge lwezintaba kuhlala abantu abangaphezu kwengxenye yesithathu yabantu basePeru abayizigidi ezingu-27. Abanye basemathafeni aphezulu nasemaqeleni ayimiqansa ezintaba zase-Andes kanti abanye basezihosheni eziphansi emajukujukwini nasezigodini ezivundile zalolo khahlamba.

Ulungelunge olumakhelekethe lwe-Andes lwenza kungabi lula ukungena kulo kwabavela ngaphandle. Ngenxa yalokho, izigidi ezihlala khona ziziphilela zodwa, azithintwa kangako yizenzakalo nezinhlelo zezentuthuko ezenzeka ngaphandle kwale ndawo.

Kwakhiwe imizana ngemizana ngasemifudlaneni ukuze kutholakale amanzi adingwa yizilimo nemihlambi yamakamela ohlobo lwama-llama, ama-alpaca, ama-vicuña, neyezimvu. Nokho, kunolunye uhlobo lwamanzi abalulekile olugeleza e-Andes—amanzi aqabulayo angokomoya avela kuJehova, “umthombo wamanzi aphilileyo.” (Jeremiya 2:13) UNkulunkulu usebenzisa oFakazi bakhe ukuze basize abantu abaqhwakele phezulu e-Andes ukuba bathole ulwazi olunembile ngaye nangezinjongo zakhe.—Isaya 12:3; Johane 17:3.

Njengoba kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso,” lezi zikhonzi zizama konke okusemandleni azo ukuze zifinyelele nemiphakathi engafinyeleleki kalula ngesigijimi seBhayibheli esinika ukuphila. (1 Thimothewu 2:4) Lesi sigijimi esisekelwe eBhayibhelini sinikeza ukukhanya futhi sihle. Siye sakhulula abantu abanhliziyo ziqotho ezinkolelweni eziyize, emasikweni nasemibonweni eyayibenza besabe abafileyo, imimoya emibi namandla emvelo. Okubaluleke nakakhulu, lesi sigijimi sibanika ithemba elikhazimulayo lokuphila okungenasiphelo emhlabeni oyipharadesi.

Ukwenza Umzamo

Abashumayeli boMbuso abavakashela lezi zindawo ezikude kudingeka benze ukulungisa okuningi. Ukuze bafinyelele izinhliziyo zabantu, abafundisi beBhayibheli kudingeka bazi ngezinga elithile isiQuechua noma isi-Aymara, izilimi ezimbili zendawo.

Ukufinyelela imizana esezigodini zase-Andes akulula. Ababaningi ojantshi besitimela abaya kulezo zindawo. Izinto zokuhamba ziyingozi futhi ziphazanyiswa yisimo esibi sezulu nokuma kwendawo okungekuhle. Pho, oFakazi babafinyelela kanjani abantu ukuze babalethele isigijimi soMbuso?

Abashumayeli bezindaba ezinhle abanesibindi baye bayamukela le nselele, basabela ngomoya womprofethi u-Isaya: “Nangu mina; ngithume mina.” (Isaya 6:8) Baye basebenzisa omahamba-nendlwana abathathu ukuze baye ezindaweni ezisenyakatho, enkabeni naseningizimu yaleli zwe. Ehlome ngamabhokisi amaningi amaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli, amaphayona ashisekayo, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele, aye ahlwanyela imbewu yeqiniso leBhayibheli kulaba bantu abanobungane, abazamukela kahle izivakashi nabanhliziyo ziqotho abahlala lapho.

Okuyingozi nakakhulu ngamagwingcigwingci emigwaqo yasezintabeni. Ukuze zidlule kwamanye awo, izimoto kudingeka zishenxe kaningi. Langa limbe lapho ibhasi lenza lokhu kushenxa, isithunywa sevangeli esasihlezi esihlalweni esisemuva sabheka phandle ngefasitela sabona elinye lamasondo angemuva lisonqenqemeni lwewa elingamamitha angaphezu kwangu-190 ukuya phansi! Sacimeza laze lasuka ibhasi laya phambili.

Eminye imigwaqo isesimweni esibi futhi iwumngcingo. Uhamba kulawo makhelekethe, omunye womahamba-nendlwana owawehla ngomgwaqo owumngcingo wahlangana neloli likhuphuka. Umahamba-nendlwana kwadingeka uhlehle ukhuphuke umqansa uze ufike lapho kwakunesikhala esanele ukuba kuphanjwane khona ngengcacamezela.

Noma kunjalo, imiphumela yemizamo enjalo ephikelelayo iye yaba mihle kakhulu. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngaleyo mizamo?

“Ukunisela” ILake Titicaca

Njengoba iphansi kweziNtaba zase-Andes endaweni engamamitha angu-3 800 ngaphezu kolwandle, iLake Titicaca iyichibi eliphakeme kunawo wonke okungahamba kuwo imikhumbi emhlabeni. Iziqongo zezintaba ezilele iqhwa, ezinye ezingaphezu kwamamitha angu-6 400 ukuphakama, ziyiziphethu zeningi lemifula engu-25 ephakela iTiticaca. Ngenxa yokuphakama, le ndawo iyabanda, futhi abantu abangadabuki kuyo kudingeka bashikashikane nokuguliswa ukuphakama kwendawo.

Ngesinye isikhathi, iqembu lamaphayona akhuluma isiQuechua nesi-Aymara lahamba laya eziqhingini zase-Amantani naseTaquile eziseLake Titicaca. Laphatha ama-slide anesihloko esithi “Ukuhlolisisa Amasonto,” acubungula amanga eLobukholwa ngokungagwegwesi. Amukelwa kahle la ma-slide. Enye indoda eyabamukela abazalwane yavula ikamelo layo elikhulu emzini wayo lapho babengahlala khona bafundise ngeBhayibheli.

Emhlanganweni wokuqala e-Amantani kwaba nabantu abayikhulu; umhlangano waseTaquile waba nabangu-140. Ama-slide ayengolimi lwesiQuechua. Omunye umbhangqwana owawuke wahlala ezwekazini wathi: “Bese kufanele ukuba nina boFakazi BakaJehova nisikhumbule. Besithandazela ukuba nifike.”

Ngaphezu kwalezi ziqhingi ezimbili ezinkudlwana, kunezinye iziqhingi “ezintantayo” ezilinganiselwa ku-40 eLake Titicaca nazo eziye zafinyelelwa ngezindaba ezinhle. Iziqhingi ezintantayo? Yebo, zakhiwa ngama-totora, umhlanga omila ezindaweni ezingajulile kakhulu kuleli chibi. Ama-totora, akhula aphumele ngaphezu kwamanzi. Ukuze bakhe isiqhingi, abantu bendawo bayawugoba lo mhlanga, usazimelele phansi echibini, baweluke wakhe ungqimba. Lolu ngqimba lube seluphahlekwa ngodaka luqiniswe ngomhlanga owengeziwe ogawuliwe. Abantu bahlala emaqhugwaneni omhlanga akhiwe phezu kwalolu ngqimba.

OFakazi BakaJehova bathenga isikebhe ukuze bashumayele kubantu abaseziqhingini zaseLake Titicaca. Lesi sikebhe singathwala abantu abangu-16. Ngemva kokumisa eziqhingini ezintantayo, oFakazi bahamba ngezinyawo phezu kwezingqimba zomhlanga beya endlini ngayinye. Bathi kuvamile ukuba uzwe ukunyakaza okuncane ngaphansi. Umuntu ohlushwa yisicanucanu uma ehamba ngomkhumbi ngeke alunge kule ndawo!

Abantu abakhuluma isi-Aymara bona bahlala ezindaweni eziningana ezigudle ugu nasezinhlonhlweni ezingena echibini. Bona bafinyeleleka kalula ngesikebhe kunangokuhamba ezweni. Abantu abahlala endaweni efinyelelwa yilezi zikebhe ngesigijimi soMbuso sebebonke kulinganiselwa ukuthi bacela ku-400 000. Luselude ukhalo kulezi zikebhe.

Ukukholisa Ukoma Okungokomoya

UFlavio wayehlala endaweni yaseSanta Lucia, ngaseJuliaca, e-Andes. ESontweni lakubo labaVangeli, wayefundiswe imfundiso yesihogo somlilo. Wayeseneminyaka eminingi ephila ngokwesaba lokho kujeziswa phakade ngomlilo. Wayevamile ukuzibuza ukuthi uNkulunkulu wothando angabahlupha kanjani phakade abantu emlilweni. Lapho uTito, isikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi KaJehova, ehambele kuleyo ndawo, wahambela noFlavio.

Omunye wemibuzo yokuqala eyabuzwa nguFlavio kwakuwukuthi, “Ingabe le nkolo yakho ifundisa ukuthi abantu bayahlushwa esihogweni somlilo?” UTito waphendula wathi umqondo onjalo uyanengeka kuMdali futhi uyalihlambalaza igama likaJehova, uNkulunkulu wothando. Esebenzisa inguqulo yeBhayibheli lakhe uFlavio, uTito wambonisa ukuthi abafileyo abazi lutho nokuthi balindele uvuko lwasemhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. (UmShumayeli 9:5; Johane 5:28, 29) Lokhu kwamvula amehlo uFlavio. Wasamukela ngokushesha isifundo seBhayibheli futhi kungakabiphi waba ngumKristu obhapathiziwe.

Indawo Enabantu Abanokwazisa

Cabanga indlela okujabulisa ngayo ukuletha imiBhalo kubantu abangakaze balibone iBhayibheli noma ukushumayela ezindaweni ezinabantu abangakaze bezwe ngoFakazi BakaJehova noma ngezindaba ezinhle abazishumayelayo! Yilokho okwenzeka kodade abathathu abangamaphayona—uRosa, u-Alicia noCecilia—abashumayela emizaneni yase-Izcuchaca naseConayca, ephakeme ngamamitha angaphezu kwangu-3 600 enkabeni yePeru.

Lapho befika kowokuqala wale mizana, babengenandawo ababezohlala kuyo. Bakhuluma nomphathi wamaphoyisa endawo, bachaza isizathu sokuhambela kwabo. Waba yini umphumela? Wabavumela ukuba balale esiteshini samaphoyisa ngalolo suku. Ngakusasa, la maphayona akwazi ukuthola indlu ezinzile eyaba yindawo asebenzela kuyo.

Ngokushesha kwafika isikhathi seSikhumbuzo sokufa kukaKristu saminyaka yonke. Amaphayona ayehambelé yonke imizi endaweni yase-Izcuchaca, ehambise amaBhayibheli amaningi futhi eseqale nezifundo zeBhayibheli eziningana. Ngaphambi kweSikhumbuzo, akhipha izimemo zalesi senzakalo, achaza injongo yalo mkhosi nalokho okumelelwa yizifanekiselo ezisetshenziswa kuwo. Kwakumenywe iqembu labazalwane ukuba lizosiza kulesi senzakalo, omunye wabo wanikeza inkulumo. Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani ukubona abantu abangu-50 bakulowo mzana omncane kulesi senzakalo esikhethekile! Ngokokuqala ngqá, bakwazi ukuqonda ukuthi sisho ukuthini ngempela iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Futhi, yeka ukuthi kwakuyigugu kangakanani kubo ukuphatha iZwi likaNkulunkulu ngezabo izandla!

Ukukhululeka Emithwalweni Esindayo

Ukuletha amanzi aqabulayo eqiniso leBhayibheli ezithunjweni zenkolo yamanga kuhlale kujabulisa. IPisac yayiyindawo yoMbuso Wama-Inca asendulo. Iningi labantu abahlala lapho namuhla liye lafundiswa imfundiso engeyona engokomBhalo yesihogo somlilo. Abapristi babo babatshela ukuthi bangangena ezulwini kuphela ngokuncengelwa yibo abapristi.

Ngokuqondakalayo, abantu abanjalo bomele amanzi aqabulayo eqiniso leBhayibheli. Lapho eshumayela endlini ngendlu, uSantiago, isikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi KaJehova, waba nethuba lokuchazela indoda ethile ukuthi abantu abalungile bayophila emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:11) USantiago wayibonisa eBhayibhelini ukuthi abafileyo bayovuswa nokuthi isintu siyofundiswa izindlela eziphelele zikaJehova sithole ukuphila okuphakade. (Isaya 11:9) Kuze kube yileso sikhathi, leyo ndoda yayilokhu ingumKatolika oshisekayo, isebenzelana nemimoya futhi idakwa. Manje yayisinethemba elisekelwe eBhayibhelini nomgomo ekuphileni—ukuphila ePharadesi. Yashisa zonke izinto zayo eziphathelene nemimoya yayeka nokudakwa. Yaqoqa umkhaya wayo, yamukela isifundo seBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi wonke lowo mkhaya wazinikezela kuJehova uNkulunkulu, wabhapathizwa.

Umoya Wokungenisa Izihambi Uyajatshulelwa

Abantu abahlala ezintabeni abeve benomoya wokungenisa izivakashi. Nakuba imizi yabo ingadle ngabuhle futhi bempofu, izivakashi bazipha lokho abanakho. Ngaphambi kokuba afunde izindinganiso eziphakeme zeBhayibheli, umninikhaya angase aphe isivakashi amaqabunga e-coca ukuze sihlafune njengoba bexoxa. Kodwa lapho esenguFakazi, angase asiphe ushukela ngokhezo, okuyinto enenani elilinganayo nelamaqabunga e-coca ngokubaluleka kulezi zifundazwe ezingazodwa.

Isithunywa sevangeli esithile sacelwa umzalwane ukuba simphelezele lapho eya empindelweni. Ngemva kokukhuphuka kanzima endleleni ewummango, bashaya izandla ukuze umninikhaya azi ukuthi kukhona abantu abafikile. Bangeniswa endlini efulelwe ngotshani, kwadingeka bagobe njengoba bengena emnyango omfushane. Ngokucophelela bagwegwa indawo emaphakathi nendlu, lapho umama ayembe khona umgodi, wafaka ingubo yokulala wayesebeka khona ingane yakhe. Njengoba ingakwazi ukuphuma, le ngane yayizibhibhidlela nje ngenjabulo njengoba abantu abadala bexoxa. Ngemva kokuba nengxoxo ethakazelisayo ngezibusiso zoMbuso, lo mama waletha ujeke unesiphuzo sendawo. Ababange besapholisa maseko behla emthambekeni wentaba sebeya kwezinye izimpindelo.

Inala Yesivuno

Manje kule ndawo sekunamaqembu angawodwa angaba yikhulu anabantu abangaphezu kwenkulungwane abatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kuye kuthunyelwe abaphothule eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo saseLima ukuze bayosiza ekuthuthukiseni la maqembu abe amabandla. Abantu abanhliziyo zilungile asebenesikhathi eside beyizithunjwa zenkolo yamanga nezezinkolelo-ze baye bakhululwa yizindaba ezinhle zoMbuso! (Johane 8:32) Ukomela kwabo amanzi eqiniso kuyaneliswa.

[Isithombe ekhasini 10]

Ukushumayela eziqhingini “ezintantayo” zaseLake Titicaca