Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ungalenza Leli Zwe Libe Yindawo Engcono?

Ingabe Ungalenza Leli Zwe Libe Yindawo Engcono?

Ingabe Ungalenza Leli Zwe Libe Yindawo Engcono?

“Ezombangazwe ngeke ziphinde ziwuhlanganise umphakathi. Azikuhlomele ukwakha kabusha izinkolelo zokuziphatha zakudala. Izinqubo-mgomo ezingcono kakhulu azikwazi ukubuyisela ukuziphatha okuhle kwezokuthandana noma emshadweni, ukwenza obaba bazinakekele izingane zabo, ukubuyisela umuzwa wokushaqeka noma wamahloni kubantu njengangaphambili . . . Ingxenye enkulu yezinkinga zokuziphatha ezisikhathazayo ayinakuqedwa umthetho.”

INGABE kuthi vumelana nalawo mazwi ashiwo othile owayeyisekela kuhulumeni wase-United States? Uma kunjalo, liyini ikhambi lezinkinga eziningi namuhla ezidalwa ubugovu, ukungabi nothando emikhayeni, ukungabi nasimilo, ukungazi nezinye izici ezonakalisayo eziququda umphakathi? Abanye abantu banomuzwa wokuthi alikho ikhambi, ngakho bavele baziphilele ukuphila kwabo balwele ukukwenza kube ngcono ngezinga abangenza ngalo. Abanye banethemba lokuthi ngolunye usuku kuyovela umholi onogazi nokhaliphile, mhlawumbe umholi wenkolo imbala, abaqondise endleleni efanele.

Empeleni, eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, abantu bafuna ukubeka uJesu Kristu abe yinkosi yabo ngoba bebona ukuthi wayethunywe nguNkulunkulu futhi wayengaba ngumbusi okahle kunabo bonke. Nokho, lapho uJesu ebona abakuhlosile, wanyamalala ngokushesha. (Johane 6:14, 15) Kamuva wachazela umbusi wamaRoma: “Umbuso wami awuyona ingxenye yalelizwe.” (Johane 18:36) Nokho, namuhla bambalwa abathatha ukuma uJesu akuthatha—ngisho nabaholi benkolo abathi bangabalandeli bakhe. Abanye balaba baye bazama ukulenza ngcono leli zwe ngokuzama ukuthonya ababusi balo noma ngokuba nezikhundla zezombangazwe. Lokhu singakubona uma sibheka eminyakeni yawo-1960 nawo-1970.

Imizamo Engokwenkolo Yokuthuthukisa Izwe

Ngasekupheleni kwawo-1960, izazi ezithile zemfundiso yenkolo zasemazweni aseLatin-America zangenela umzabalazo wokulwela abampofu nabacindezelwe. Ukuze zifeze lokhu, zakha imfundiso yenkolo yenkululeko, eyayingasamchazi uKristu njengomsindisi ngomqondo weBhayibheli nje kuphela kodwa nangokwezombangazwe nezomnotho. E-United States, abaholi benkolo abaningana ababekhathazeke kakhulu ngokuwohloka kwezindinganiso zokuziphatha bakha inhlangano ebizwa ngokuthi yi-Moral Majority. Umgomo wayo kwakuwukubeka ezikhundleni zezombangazwe abantu ababeyoshaya imithetho egqugquzela izindinganiso ezinhle emikhayeni. Ngokufanayo, emazweni amaningi obuSulumane, kunamaqembu aye azama ukunqanda inkohlakalo nokweqisa ngokugqugquzela ukunamathela kakhudlwana kuyiKoran.

Ingabe unomuzwa wokuthi imizamo enjalo iye yenza leli zwe laba ngcono? Sekukonke, amaqiniso abonisa ukuthi, izindinganiso zokuziphatha ziyaqhubeka ziwohloka futhi igebe phakathi kwabacebile nabampofu liya likhula nakakhulu, kuhlanganise nasemazweni eyayivelele kuwo imfundiso yenkolo yenkululeko.

Ngenxa yokuthi i-Moral Majority yahluleka ezinhlosweni zayo eziyinhloko e-United States, umsunguli wayo, uJerry Falwell, wayivala le nhlangano ngo-1989. Kuye kwavela ezinye izinhlangano esikhundleni sayo. Noma kunjalo, uPaul Weyrich, umqambi waleli binzana elithi “moral majority,” wabhala kumagazini i-Christianity Today: “Ngisho nalapho siphumelela kwezombangazwe, ukuphumelela kwethu kuyahluleka ukufeza izinqubo-mgomo esikholelwa ukuthi zibalulekile.” Wabhala nokuthi: “Usiko-mpilo luya luba yisitamukoko esikhulayo. Sixakwé ukuwohloka okukhulu kwamasiko, ukuwohloka okukhulu kangangokuthi kumane nje kungaphezu kwezombangazwe.”

Umlobi uCal Thomas futhi ongumlobeli wengosi ethile yephephandaba wembula lokho ayekubheka njengephutha eliyisisekelo ekuzameni ukuthuthukisa umphakathi ngezombangazwe: “Ushintsho lwangempela lwenzeka ngomuntu ngamunye, hhayi ngokhetho ngalunye, ngoba izinkinga zethu eziyinhloko azizona ezingokwezomnotho nezingokwezombangazwe kodwa zingezokuziphatha nezingokomoya.”

Kodwa umuntu uzixazulula kanjani izinkinga zokuziphatha nezingokomoya ezweni elingenazo izindinganiso ezimisiwe nezingaguquki, lapho abantu bezinqumela bona okulungile nokungalungile? Uma abantu abanethonya nabanezinhloso ezinhle—kungaba abenkolo noma cha—behluleka ukwenza leli zwe libe yindawo engcono ngempela, ukhona yini ongaphumelela? Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, ikhona impendulo. Eqinisweni, yiyo kanye eyenza uJesu athi uMbuso wakhe awuwona owaleli zwe.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 2]

COVER: Dirty water: WHO/UNICEF photo; globe: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 3]

Children: UN photo; globe: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.