Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isihluthulelo Sezwe Elinenjabulo

Isihluthulelo Sezwe Elinenjabulo

Isihluthulelo Sezwe Elinenjabulo

“UKUPHELA komuntu obé nethonya kunabo bonke—hhayi nje kuphela kulezi zinkulungwane ezimbili zeminyaka ezidlule kodwa kuwo wonke umlando womuntu—kuye kwaba nguJesu waseNazaretha,” kusho umagazini i-Time. Lapho uJesu esemhlabeni, izinkulungwane zabantu abanhliziyo ziqotho azizange nje kuphela ziqaphele ubukhulu bakhe kodwa zabona nokukhathalela kwakhe abanye. Ngakho, akumangazi ukuthi zafuna ukumbeka abe yinkosi. (Johane 6:10, 14, 15) Nokho, njengoba kushiwo esihlokweni esandulele, uJesu wenqaba ukuzihilela kwezombangazwe.

INDLELA uJesu asabela ngayo yayisekelwe okungenani ezicini ezintathu: umbono kaYise ngokubonakaliswa kokufuna kwabantu ukuzinqumela, okuhlanganisa nokubusa kwabantu; ukuqaphela kukaJesu ukuthi kunamandla amakhulu, acashile, alwa ngisho nemizamo yabantu engcono kakhulu yokubusa; nenjongo kaNkulunkulu yokumisa uhulumeni wasezulwini oyobusa phezu kwawo wonke umhlaba. Njengoba sihlolisisa la maphuzu amathathu, sizobona ukuthi kungani imizamo yabantu yokwenza leli zwe libe ngcono ingazange iphumelele. Sizobona nokuthi ingafinyelelwa kanjani impumelelo.

Ingabe Abantu Bangazibusa?

Lapho uNkulunkulu edala abantu, wabanika igunya phezu kwezilwane. (Genesise 1:26) Kodwa abantu babengaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Indoda nomfazi bokuqala kwakufanele baqinisekise ukuzithoba kwabo kuNkulunkulu ngokumlalela, bangadli izithelo zomuthi othile owodwa, “umuthi wokwazi okuhle nokubi.” (Genesise 2:17) Ngokudabukisayo, u-Adamu no-Eva bayisebenzisa kabi inkululeko yabo yokuzikhethela, bangamlalela uNkulunkulu. Ukudla isithelo esenqatshelwe kwakungekhona nje ukweba kuphela. Kwakuwukuvukela ubukhosi bukaNkulunkulu. Umbhalo waphansi kaGenesise 2:17 kuyi-New Jerusalem Bible uthi u-Adamu no-Eva bazifunela “uzibuse ngokuphelele endabeni yokuziphatha, okuyiyona ndlela umuntu enqaba ngayo ukuqaphela isimo sakhe njengesidalwa . . . Isono sokuqala sasingukuhlasela ubukhosi bukaNkulunkulu.”

Ngenxa yezimpikiswano ezibucayi ezazihilelekile mayelana nokuziphatha, uNkulunkulu wabavumela o-Adamu no-Eva nenzalo yabo ukuba bazikhethele indlela yokuphila efunwa yibo, bazibekela ezabo izindinganiso zokulungile nokungalungile. (IHubo 147:19, 20; Roma 2:14) Empeleni, yaqala ngaleso sikhathi imizamo yabantu yokuzinqumela ngokwabo. Ingabe iye yaphumelela? Njengoba sekudlule izinkulungwane zeminyaka, singasho ukuthi cha! UmShumayeli 8:9 uthi: ‘Lapho umuntu ebusa omunye kuba ngukulimala kwakhe.’ Lo mlando odabukisayo wokuzibusa kwabantu uqinisekisa amazwi kaJeremiya 10:23: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Umlando uye wafakazela ukuthi abantu abakwazi ukubusa ngokuphumelelayo ngaphandle koMdali wabo.

UJesu wavumelana nalokhu ngokugcwele. Ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu kwakuzondeka kuye. Wathi: “Angenzi lutho ngokusuka kimi siqu . . . Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo [uNkulunkulu].” (Johane 4:34; 8:28, 29) Ngakho, njengoba ayengagunyaziwe nguNkulunkulu ukuba amukele ubukhosi kubantu, uJesu akazange aze akucabange nokukucabanga ukubamukela. Nokho, lokhu akusho ukuthi wayengafuni ukusiza abanye abantu. Ngokuphambene nalokho, wenza konke okusemandleni akhe ukuba asize abantu bathole injabulo enkulu ngaleso sikhathi nasesikhathini esizayo. Waze ngisho wanikela nangokuphila kwakhe ngenxa yesintu. (Mathewu 5:3-11; 7:24-27; Johane 3:16) Kodwa uJesu wayazi ukuthi “konke kunesikhathi sakho,” kuhlanganise nesikhathi sikaNkulunkulu sokumisa ubukhosi bakhe phezu kwesintu. (UmShumayeli 3:1; Mathewu 24:14, 21, 22, 36-39) Nokho, khumbula ukuthi e-Edene abazali bethu bokuqala bazithoba entandweni yesidalwa somoya esibi esakhuluma ngenyoka ebonakalayo. Lokhu kusiletha esizathwini sesibili esenza uJesu agweme ezombangazwe.

Umbusi Wezwe Ongaziwa

IBhayibheli lisitshela ukuthi uSathane wathembisa ukunika uJesu “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo” ngokwenza isenzo esisodwa sokumkhulekela. (Mathewu 4:8-10) Ngokuyisisekelo, uJesu wathenjiswa ukubusa umhlaba—kodwa ngokwemibandela kaDeveli. UJesu akazange awele kulesi silingo. Nokho, ingabe kwakuyisilingo ngempela? Ingabe uSathane wayengasenza isithembiso sokuphana ngento enkulu kangako? Yebo, ngoba uJesu uqobo wabiza uDeveli ‘ngombusi walelizwe,’ futhi umphostoli uPawulu wamchaza ngokuthi “unkulunkulu walesisimiso sezinto.”—Johane 14:30; 2 Korinte 4:4; Efesu 6:12.

Yebo, uJesu wayazi ukuthi uDeveli empeleni akasikhathaleli isintu. Wachaza uDeveli ngokuthi ‘ungumbulali’ futhi ‘unguyise wamanga nakho konke okungamanga.’ (Johane 8:44, The Amplified Bible) Kusobala ukuthi izwe ‘elisemandleni’ omoya omubi onjalo alinakuba nenjabulo yangempela. (1 Johane 5:19) Kodwa uDeveli ngeke abe naleli gunya unomphela. Maduze nje, uJesu manje oyisidalwa somoya esinamandla, uzomsusa uSathane futhi aliqede ngokuphelele ithonya lakhe.—Heberu 2:14; IsAmbulo 20:1-3.

Kwayena uSathane uyazi ukuthi izinsuku zakhe njengombusi wezwe ziyamphelela. Yingakho esekhipha wonke amangwevu akhe ukuze onakalise abantu baze bafinyelele iqophelo lapho bengasenakulungiswa khona, njengoba nje enza ngaphambi kweSikhukhula sosuku lukaNowa. (Genesise 6:1-5; Jude 6) IsAmbulo 12:12 sithi: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” Iziprofetho zeBhayibheli nezenzakalo zezwe kubonisa ukuthi siphila ngasekupheleni kwale “nkathi yesikhathi emfushane.” (2 Thimothewu 3:1-5) Impumuzo isiseduze.

Uhulumeni Oyoletha Injabulo

Isizathu sesithathu esenza ukuba uJesu adede kwezombangazwe siwukuthi wayazi ukuthi esikhathini esithile esinqunyiwe esizayo, uNkulunkulu wayeyomisa uhulumeni wasezulwini owawuyobusa umhlaba. IBhayibheli libiza lo hulumeni ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu, futhi wawuyisihloko esikhulu sokufundisa kukaJesu. (Luka 4:43; IsAmbulo 11:15) UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandazele ukuba ufike lowo Mbuso, ngoba ‘intando kaNkulunkulu iyokwenzeka emhlabeni njengasezulwini’ kuphela uma sekubusa wona. (Mathewu 6:9, 10) Ungase uzibuze, ‘Uma lo Mbuso uyobusa wonke umhlaba, kuyokwenzekani ngohulumeni babantu?’

Impendulo itholakala kuDaniyeli 2:44: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso [eyenziwe abantu], wona uqobo ume phakade.” (Omalukeke sizenzele.) Kungani uMbuso kaNkulunkulu kuyodingeka ‘uyichoboze’ imibuso yasemhlabeni? Yingoba le mibuso iyaphikelela ibhebhethekisa umoya wokwedelela uNkulunkulu wokuzinqumela ngokwabo, umoya owahlwanyelwa nguSathane lé ensimini yase-Edene. Ngaphezu kokuphikisana nalokho okulungele isintu, labo abazama ukubhebhethekisa lowo moya baziqhatha noMdali. (IHubo 2:6-12; IsAmbulo 16:14, 16) Ngakho, kumelwe sizibuze, ‘Ingabe thina sisekela ukubuswa nguNkulunkulu noma siphikisana nakho?’

Obukabani Ubukhosi Oyobukhetha?

Ukuze asize abantu banqume benolwazi mayelana nobubusi, uJesu wathuma abafundi bakhe ukuba bashumayele “izindaba ezinhle zombuso . . . emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke” ngaphambi kokuba kufike ukuphela kwalesi simiso sezinto. (Mathewu 24:14) Obani namuhla abaziwa emhlabeni wonke ngokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu? OFakazi BakaJehova. Empeleni, lo magazini usunesikhathi eside unamazwi athi “Ememezela UMbuso KaJehova” esembozweni sangaphambili. Namuhla, oFakazi abayizigidi ezingaba yisithupha emazweni angaphezu kuka-230 basiza abantu ukuba bathole ulwazi olunembile ngalowo Mbuso. *

Izibusiso Zezikhonzi ZoMbuso

Ngaso sonke isikhathi uJesu wayenza izinto ngendlela kaNkulunkulu. Ngakho, kunokuba akhethe inkambo yokuzibusa azame ukuphasa noma ukuthuthukisa isimiso sezinto sangaleso sikhathi ngezindlela zezombangazwe, wazikhandla ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu, owukuphela kwekhambi lezinkinga zezwe. Ngenxa yobuqotho bakhe, wavuzwa ngokubekwa esihlalweni sobukhosi esikhazimulayo ezulwini ukuze abe yiNkosi yalowo Mbuso. Yeka umklomelo omuhle ngokuzithoba kwakhe kuNkulunkulu!—Daniyeli 7:13, 14.

Izigidi namuhla ezilingisa uJesu ngokubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala nangokuzithoba entandweni kaNkulunkulu nazo zijabulela isipho esimangalisayo—ilungelo lokuba yizikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 6:33) Ngaphansi kokubusa kwawo kothando, ziyolethwa ekupheleleni kobuntu, zibe nethemba lokuphila okuphakade. (IsAmbulo 21:3, 4) Eyoku-1 Johane 2:17 ithi: “Izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” Lapho uSathane nabalandeli bakhe sebesusiwe futhi umhlaba usuguqulwe waba yipharadesi lembulunga yonke elingenabo ubuzwe obuhlukanisayo, izimiso zezentengiselwano ezonakele nenkolo yamanga, yeka ukuthi kuyoba yinjabulo enkulu kangakanani ukuhlala phakade lapha!—IHubo 37:29; 72:16.

Yebo, uMbuso kaNkulunkulu uyisihluthulelo sangempela sezwe elijabula ngempela, futhi umyalezo owumemezelayo ubizwa kufanele ngokuthi izindaba ezinhle. Uma ungakakwenzi lokhu kakade, ngokulandelayo lapho kufika omunye woFakazi BakaJehova kwakho, kungani ungazamukeli lezi zindaba ezinhle ezilethwa kuwe?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 16 Lapho besekela uMbuso kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova abazigaxi kwezombangazwe noma bagqugquzele ukuvukelwa kohulumeni bezwe, ngisho nasemazweni lapho oFakazi bevinjelwe noma beshushiswa khona. (Thithu 3:1) Kunalokho, bazama ukusiza abantu ngokomoya nangendlela engahileli ezombangazwe njengoba kwenza uJesu nabafundi bakhe bekhulu lokuqala. OFakazi bazama ukusiza abantu abathambekele ekulungeni abasemiphakathini yabo ukuba bamukele izindinganiso ezinhle zeBhayibheli, ezinjengothando emkhayeni, ukwethembeka, ukuhlanzeka kokuziphatha, nemikhuba emihle yokusebenza. Ngokuyinhloko, bazama ukubafundisa indlela yokulandela izimiso zeBhayibheli nokubheka eMbusweni kaNkulunkulu njengoyithemba langempela lesintu.

[Izithombe ekhasini 5]

Umlando uyakufakazela ukuthi abantu abanakubusa ngokuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 5]

Ngenxa yokuthi ubusa “isimiso sezinto” samanje, uSathane wayengamthembisa uJesu “yonke imibuso yezwe”

[Izithombe ekhasini 7]

UJesu wafundisa ukuthi ngaphansi kwelungiselelo loMbuso kaNkulunkulu, izwe liyoba yindawo enhle