Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Londoloza Inhliziyo Yakho

Londoloza Inhliziyo Yakho

Londoloza Inhliziyo Yakho

“Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”—IZAGA 4:23.

1, 2. Kungani kudingeka siyilondoloze inhliziyo yethu?

NGEMVA kwesivunguvungu, ikhehla lasesiqhingini saseCaribbean laphuma esiphephelweni salo. Njengoba libuka umonakalo olizungezile, laqaphela ukuthi isihlahla esikhulu esase sinamashumi eminyaka simi eduze kwesango lalo sasingasekho. Lazibuza: ‘Kwenzeké kanjani ukuthi siwe kanti izihlahla ezincane eziseduze zona zisindile?’ Lapho libheka isiphunzi salesi sihlahla esiwile sayithola impendulo. Lesi sihlahla esasibonakala singayi ndawo sasibuthukile ngaphakathi, futhi isivunguvungu sasimane sadalula lowo monakalo owawungabonakali.

2 Akuve kudabukisa lapho umkhulekeli weqiniso obebonakala egxilile endleleni yokuphila yobuKristu enqotshwa uvivinyo lokholo. IBhayibheli lisho kufanele ukuthi “imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Genesise 8:21) Lokhu kusho ukuthi ngisho nenhliziyo enhle kunazo zonke ingayengekela ekwenzeni okubi uma ingaqashelwe ngaso sonke isikhathi. Njengoba kungekho nhliziyo yomuntu ongaphelele egomekile ekonakaleni, kudingeka sisithathe ngokungathi sína lesi seluleko: “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho.” (IzAga 4:23) Singayilondoloza kanjani-ke inhliziyo yethu engokomfanekiso?

Kumelwe Ihlolwe Njalo Nakanjani

3, 4. (a) Yimiphi imibuzo engase ibuzwe mayelana nenhliziyo engokoqobo? (b) Yini eyosisiza ukuba sihlole inhliziyo yethu engokomfanekiso?

3 Uma uya kudokotela uyohlolwa, cishe uyoyihlola nenhliziyo yakho. Ingabe impilo yakho iyonke, kuhlanganise nenhliziyo yakho, ibonisa ukuthi uthola izakhi zomzimba ezanele? Unjani umfutho wegazi lakho? Ingabe inhliziyo yakho ishaya kahle futhi inamandla? Umzimba wakho uyakuthola yini ukuvivinywa okwanele? Ingabe inhliziyo yakho ikhandleka ngokungadingekile?

4 Uma inhliziyo engokoqobo idinga ukuhlolwa njalo, kuthiwani ngenhliziyo yakho engokomfanekiso? UJehova uyayihlola. (1 IziKronike 29:17) Nathi kufanele siyihlole. Kanjani? Ngokubuza imibuzo enjengokuthi: Ingabe inhliziyo yami ithola ukudla okungokomoya okwanele ngesifundo somuntu siqu esenziwa njalo nangokuba khona emihlanganweni? (IHubo 1:1, 2; Heberu 10:24, 25) Ingabe inhliziyo yami isikhathalela kakhulu isigijimi sikaJehova ‘njengomlilo oshisayo, ovalelwe emathanjeni ami,’ okungishukumisela ukuba ngihlanganyele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi? (Jeremiya 20:9; Mathewu 28:19, 20; Roma 1:15, 16) Ngiyashukumiseleka yini ukuba ngizikhandle ngamandla, ngihlanganyele esicini esithile senkonzo yesikhathi esigcwele lapho kungenzeka? (Luka 13:24) Inhliziyo yami engokomfanekiso ngiyichaya esimweni esinjani? Ingabe ngizihlanganisa nabanye abanezinhliziyo ezigxile ekukhulekeleni kweqiniso? (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Kwangathi singashesha ukuphawula noma yikuphi ukushiyeka, sithathe izinyathelo zokulungisa isimo ngokuphazima kweso.

5. Ukuvivinywa kokholo kungasiza ngani?

5 Sivamile ukwehlelwa uvivinyo lokholo. Lolu vivinyo lusinika amathuba okuphawula isimo senhliziyo yethu. UMose wathi kuma-Israyeli ayesezongena eZweni Lesithembiso: ‘UJehova uNkulunkulu ukuholile le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.’ (Duteronomi 8:2) Asivamile yini ukumangazwa yimizwa, izifiso nendlela esisabela ngayo lapho sibhekana nezimo noma izilingo ebesingazilindele? Ukulingwa uJehova akuvumelayo ukuba kusehlele kungasenza sikuqaphele ngempela ukushiyeka kwethu, kusinike ithuba lokuthuthukisa. (Jakobe 1:2-4) Kwangathi singeyeke ukucabanga nokuthandaza mayelana nendlela esisabela ngayo ovivinyweni!

Embulani Amazwi Ethu?

6. Izinto esithanda ukuxoxa ngazo zingembulani ngenhliziyo yethu?

6 Singakubona kanjani lokho esikugcine enhliziyweni yethu? UJesu wathi: “Umuntu omuhle ukhipha okuhle emcebweni omuhle wenhliziyo yakhe, kodwa umuntu omubi ukhipha okubi emcebweni wakhe omubi; ngoba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Luka 6:45) Lokho esivame ukukhuluma ngakho kuyinkomba ekahle yalokho inhliziyo yethu egxile kukho. Ingabe sivame ukukhuluma ngezinto ezibonakalayo nangokufeza okuthile ezintweni zezwe? Noma ingabe izingxoxo zethu zivame ukugxila ezintweni ezingokomoya nasemigomweni engokwasezulwini? Kunokuba siwagqamise amaphutha abanye, ingabe sithambekele ekuwasibekeleni ngothando? (IzAga 10:11, 12) Ingabe sithambekele ekukhulumeni kakhulu ngabantu nalokho okwenzeka ekuphileni kwabo, hhayi kangako ngezimiso nangemiqondo? Kungenzeka yini ukuthi lokhu kuwuphawu lokuthi sinesithakazelo eseqile ezindabeni zabanye zangasese?—1 Petru 4:15.

7. Yisiphi isifundo esingasifunda endabeni kaJosefa nabafowabo abayishumi mayelana nokulondoloza inhliziyo yethu?

7 Cabanga ngalokho okwenzeka komunye umkhaya omkhulu. Amadodana kaJakobe ayishumi amadala ‘ayengenakukhuluma ngokuthula’ nomfowabo omncane uJosefa. Ngani? Ayenesikhwele ngoba uJosefa eyintandokazi kayise. Kamuva lapho uJosefa ebusiswa ngamaphupho avela kuNkulunkulu, amaphupho ayefakazela ukuthi uNkulunkulu wayemthandile, abafowabo ‘bamzonda kakhulu.’ (Genesise 37:4, 5, 11) Ngonya, bathengisela umfowabo ebugqilini. Bezama ukufihla ukona kwabo, babe sebekhohlisa uyise ukuze acabange ukuthi uJosefa wayebulawe yisilwane sasendle. Abafowabo bakaJosefa abayishumi behluleka ukulondoloza inhliziyo yabo kuleso senzakalo. Uma sishesha ukugxeka abanye, ingabe lokho kungaba yinkomba yokuba nomona noma isikhwele enhliziyweni yethu? Kudingeka sikuhlole ngokucophelela okuphuma ngomlomo wethu futhi sikususe ngokushesha ukuthambekela okungafanele.

8. Yini eyosisiza ukuba sihlole inhliziyo yethu uma siwela ekuqambeni amanga?

8 Nakuba “kungenakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga,” abantu abangaphelele bangawaqamba amanga. (Heberu 6:18) “Bonke abantu banamanga,” kubalisa umhubi. (IHubo 116:11) Ngisho nomphostoli uPetru waphika uJesu kathathu, eqamba amanga. (Mathewu 26:69-75) Kusobala ukuthi kumelwe siqaphele ukuba siwagweme amanga, ngoba uJehova uyaluzonda ‘ulimi lwamanga.’ (IzAga 6:16-19) Uma kungenzeka siwele ekuqambeni amanga, kuyoba kuhle sihlaziye imbangela. Ingabe kubangelwé ukwesaba abantu? Ingabe yingoba besisaba isijeziso? Ingabe besizama ukulondoloza idumela lethu noma kubangelwe ubugovu nje ngokuqondile? Noma ngabe yikuphi, yeka indlela okufaneleka ngayo ukuba sicabangisise ngale ndaba, sikuvume ngokuthobeka ukushiyeka kwethu, sinxuse uJehova ukuba asithethelele futhi sifune usizo lwakhe ukuze sibunqobe lobu buthakathaka! “Amadoda amadala ebandla” angase abe abantu abakahle kakhulu ukunikeza lolo sizo.—Jakobe 5:14.

9. Imithandazo yethu ingembulani ngenhliziyo yethu?

9 Ephendula isicelo senkosi esencane uSolomoni sokuhlakanipha nolwazi, uJehova wathi: “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho, ungacelanga ingcebo, nemfuyo, nodumo . . . , uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo.” (2 IziKronike 1:11, 12) Ngalokho uSolomoni akucela nangakucelanga, uJehova wazi ukuthi yini eyayithandwa yinhliziyo kaSolomoni. Lokho esikushoyo kuNkulunkulu kwembulani ngeyethu inhliziyo? Ingabe imithandazo yethu yembula ukuthi sinxanele ulwazi, ukuhlakanipha nokuqonda? (IzAga 2:1-6; Mathewu 5:3) Ingabe izithakazelo zoMbuso ziyigugu enhliziyweni yethu? (Mathewu 6:9, 10) Uma imithandazo yethu ingasenamizwa, sekungeyokugcina icala, lokhu kungaba uphawu lwesidingo sokuzinika isikhathi sokuzindla ngezenzo zikaJehova. (IHubo 103:2) Wonke amaKristu kufanele aqaphele ukuze abone ukuthi yembulani imithandazo yawo.

Zithini Izenzo Zethu?

10, 11. (a) Ukuphinga nobufebe kusukaphi? (b) Yini eyosisiza ukuba ‘singaphingi enhliziyweni’?

10 Kuye kuthiwe izenzo zikhuluma ngaphezu kwamazwi. Izenzo zethu zembula lukhulu ngempela mayelana nalokho esiyikho ngaphakathi. Ngokwesibonelo, endabeni yezimiso zokuziphatha, ukulondoloza inhliziyo kuhilela okungaphezu kokumane sigweme isenzo sobufebe noma sokuphinga. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Singakugwema kanjani ukuphinga ngisho nasenhliziyweni yethu?

11 Inzalamizi ethembekile uJobe yababekela isibonelo abesilisa nabesifazane abashadile abangamaKristu. Ngokungangabazeki uJobe wayesebenzelana ngendlela evamile nabesifazane abasebasha, aze abasize ngomusa uma bedinga usizo. Kodwa le ndoda eqotho yayingenakulokotha ibe nemizwa yothando ngabo. Ngani? Ngoba yayenze isinqumo esiqinile sokungababuki ngokubakhanuka abesifazane. Yathi: “Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?” (Jobe 31:1) Kwangathi singenza isivumelwano esifanayo namehlo ethu, silondoloze inhliziyo yethu.

12. Ungamsebenzisa kanjani uLuka 16:10 mayelana nokulondoloza inhliziyo yakho?

12 INdodana kaNkulunkulu yathi: “Umuntu okholekile kokuncane kakhulu ukholekile nakokukhulu, futhi umuntu ongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Yebo, kudingeka sihlole ukuziphatha kwethu ezintweni ezibonakala zizincane zokuphila kwansuku zonke, ngisho nakulezo ezenzeka ekusithekeni emakhaya ethu. (IHubo 101:2) Lapho sihlezi ekhaya, sibuka ithelevishini, noma sikuyi-Internet, siyaqikelela yini ukuthi siyasilalela lesi siyalo esingokomBhalo: “Ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo, izinto ezingafaneleki”? (Efesu 5:3, 4) Futhi kuthiwani ngobudlova obungatholakala kuyithelevishini noma kuma-video game? Umhubi wathi: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.”—IHubo 11:5.

13. Yikuphi ukuqapha okudingekayo lapho sizindla ngalokho okuphuma enhliziyweni yethu?

13 UJeremiya waxwayisa: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?” (Jeremiya 17:9) Lokhu kukhohlisa kwenhliziyo kungase kuziveze lapho sibekela amaphutha ethu izaba, silulaza ukushiyeka, sishalazela izisihla ezimbi ebuntwini bethu ngokuzama ukunikeza izizathu zazo, noma ngokuba nehaba mayelana nezinto esizifezayo. Inhliziyo embi iyakwazi nokuba mbaxa-mbili—ilalise ulimi isho okuthile, izenzo zisho okuhlukile. (IHubo 12:2; IzAga 23:7) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sethembeke njengoba sihlola lokho okuphuma enhliziyweni!

Ingabe Iso Lethu Lihle?

14, 15. (a) Liyini iso ‘elihle’? (b) Ukugcina iso lilihle kusisiza kanjani ukuba silondoloze inhliziyo?

14 UJesu wathi: “Isibani somzimba iso.” Wanezela: “Khona-ke, uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzokhanya.” (Mathewu 6:22) Iso elihle ligxile emgomweni noma enjongweni eyodwa, aliphazamiseki kuwo. Ngempela, iso lethu kufanele ligxile ‘ekufuneni kuqala umbuso nokulunga kukaNkulunkulu.’ (Mathewu 6:33) Kungenzekani enhliziyweni yethu engokomfanekiso uma iso lethu singaligcini lilihle?

15 Cabanga ngendaba yomsebenzi wokuziphilisa. Ukunakekela izidingo zomkhaya wethu kuyimfuneko yobuKristu. (1 Thimothewu 5:8) Kodwa kuthiwani uma silingwa yisifiso sokuba nokwamuva, okungcono kunakho konke nalokho okufunwa kakhulu ekudleni, izembatho, indawo yokuhlala nokunye? Ingabe lokho akunakuyenza isigqila ngempela inhliziyo nengqondo, kusenze sigcine icala nje ekukhulekeleni kwethu? (IHubo 119:113; Roma 16:18) Singazinakelani izidingo ezingokwenyama kakhulu kangangokuthi ukuphila kwethu kugxile emkhayeni, ebhizinisini nasezintweni ezibonakalayo nje kuphela? Khumbula iseluleko esiphefumulelwe: “Zinakeni ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, futhi ngokungazelelwe lolosuku lufike phezu kwenu ngaso lesosikhathi njengogibe. Ngoba luyofika phezu kwabo bonke labo abahlala phezu kobuso bomhlaba wonke.”—Luka 21:34, 35.

16. Yisiphi iseluleko uJesu asinikeza mayelana neso, futhi ngani?

16 Iso liwumzila obalulekile wokudlulisela imiyalezo engqondweni nasenhliziyweni. Lokho eligxila kukho kungayithonya kakhulu imicabango, imizwelo nezenzo zethu. Esebenzisa ulimi olusamfanekiso, uJesu wakhuluma ngamandla esilingo esihilela ukubona wathi: “Manje, uma leloliso lakho langakwesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahlele kude nawe. Ngoba kunenzuzo ngokwengeziwe ngawe ukuba ulahlekelwe elilodwa lamalungu akho kunokuba umzimba wakho wonke uphonswe eGehena.” (Mathewu 5:29) Iso kumelwe livinjwe ukuba lingagxili ekubukeni izinto ezingafaneleki. Ngokwesibonelo, akumelwe livunyelwe ukuba ligxile ezintweni eziklanyelwe ukwakha noma ukuvusa izinkanuko nezifiso ezingafanele.

17. Ukusebenzisa eyabaseKolose 3:5 kusisiza kanjani ukuba silondoloze inhliziyo?

17 Yebo, iso aliyona ukuphela kwendlela yokwamukela nokudlulisela imiyalezo mayelana nokwenzekayo. Nezinye izinzwa, njengokuthinta nokuzwa, zifeza indima yazo, futhi kudingeka sithathe izinyathelo zokuqapha mayelana nezitho zomzimba ezifanele. Umphostoli uPawulu wayala: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka, okuwukukhonza izithombe.”—Kolose 3:5.

18. Yiziphi izinyathelo okufanele sizithathe mayelana nemicabango engafanele?

18 Isifiso esingafanele singakheka kude engqondweni yethu. Ukugxila kuso ngokuvamile kusenza sibe namandla leso sifiso esingafanele, sithonye inhliziyo. “Khona-ke isifiso, lapho sesivundile, sizala isono.” (Jakobe 1:14, 15) Abaningi bayavuma ukuthi ngokuvamile kwenzeka kanjalo ukushaya indlwabu. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sihlale sigcwalisa izingqondo zethu ngeminako engokomoya! (Filipi 4:8) Futhi uma kwenzeka sifikelwa umcabango ongafanele, kufanele sizame ukuwukhipha engqondweni.

‘Khonza UJehova Ngenhliziyo Epheleleyo’

19, 20. Singaphumelela kanjani ekukhonzeni uJehova ngenhliziyo epheleleyo?

19 Lapho isikhulile, iNkosi uDavide yatshela indodana yayo: “Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango.” (1 IziKronike 28:9) NoSolomoni ngokwakhe wathandazela “inhliziyo elalelayo.” (1 AmaKhosi 3:9) Nokho, wabhekana nenselele yokulondoloza leyo nhliziyo kukho konke ukuphila kwakhe.

20 Ukuze siphumelele kulokhu, kudingeka singagcini nje ngokuzuza inhliziyo ejabulisa uJehova kodwa futhi siyilondoloze. Ukuze senze lokho, kumelwe sigcine enhliziyweni yethu izikhumbuzo zeZwi likaNkulunkulu—zibe ‘phakathi kwayo.’ (IzAga 4:20-22) Kufanele futhi sikwenze umkhuba ukuhlola inhliziyo yethu, sicabangisise futhi sithandaze ngalokho okwembulwa amazwi nezenzo zethu. Kusiza ngani lokho kucabangisisa uma singalufuni ngobuqotho usizo lukaJehova lokulungisa noma yibuphi ubuthakathaka esibubonayo? Futhi yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba siqaphelisise lokho esikufaka ngaphakathi ngezinzwa zethu! Lapho senza lokhu, sinesiqinisekiso sokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Yebo, masizimisele ukulondoloza inhliziyo yethu ngaphezu kwakho konke okunye okumelwe kuqashwe, sikhonze uJehova ngenhliziyo epheleleyo.

Uyakhumbula?

• Kungani kubalulekile ukulondoloza inhliziyo?

• Ukuhlaziya lokho esikushoyo kusisiza kanjani ukuba silondoloze inhliziyo yethu?

• Kungani kufanele sigcine iso lethu “lilihle”?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 23]

Yini esivame ukuxoxa ngayo enkonzweni yasensimini, emihlanganweni nasekhaya?

[Izithombe ekhasini 25]

Iso elihle aliphazamiseki