Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngize Ngithole Ukuthi Nginani!”

“Ngize Ngithole Ukuthi Nginani!”

“Ngize Ngithole Ukuthi Nginani!”

YAZIZWA kanjalo indoda ethile yaseJapane lapho ifunda indaba yokuphila ekuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 2000. Isihloko sayo sasithi “Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa,” ixoxa ngothile owayeyisithunywa sevangeli osenesifo esibizwa ngokuthi yi-manic-depressive psychosis kwezokwelapha.

Le ndoda yaseTokyo yathi encwadini eyayibhalele abanyathelisi balo magazini: “Izimpawu ezachazwa zaziyikho kanye lokho engiba nakho. Ngakho ngaya esibhedlela sezifo zengqondo ngathola ukuthi nginokucindezeleka kwemizwa eshintshashintshayo. Udokotela owangihlola wamangala. Wathi, ‘Abantu abanalesi sifo ngokuvamile abacabangi ukuthi bayagula.’ Ngasizakala ngasibona singakabi mandla kakhulu lesi sifo.”

Izigidi zabantu emhlabeni wonke zizuza ngezindlela ezihlukahlukene ekufundeni umagazini ngamunye we-Nqabayokulinda nomngane wawo, i-Phaphama! Bazithola zifundisa futhi zanelisa izihloko zalab’ omagazini. Umagazini INqabayokulinda manje unyatheliswa ngezilimi ezingu-141, i-Phaphama! ngezingu-86. Nawe uzokujabulela ukuyifunda njalo INqabayokulinda ne-Phaphama! Uma ungathanda ukuthola ikhophi yalab’ omagazini noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 2.