Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Senza Okusemandleni Ethu!

Senza Okusemandleni Ethu!

Senza Okusemandleni Ethu!

“YENZA okusemandleni akho.” Esinye isithunywa sevangeli sake sanikezwa leso seluleko esisebenzisekayo yilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Kodwa kungani isikhonzi esingumakad’ ebona sinikezwa iseluleko esisobala kangaka? Iningi lezithunywa zevangeli alibona yini abantu abanesibindi, ababhekana njalo nezimbungulu, izinyoka, ukushisa, izifo nobunzima obuhlukahlukene?

Empeleni, izithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova zingabesilisa nabesifazane abavamile, amaKristu aye ashukunyiswa uthando lwawo olujulile ngoJehova nangomakhelwane ukuba ayokhonza kwamanye amazwe. Zizama ukukhonza uJehova ngokusemandleni azo, zithembele kuye ukuze zithole amandla.—Efesu 6:10.

Ukuze sazi okwengeziwe ngomsebenzi wezithunywa zevangeli, ngeso lengqondo ake sisebenzise usuku sivakashele ikhaya elivamile lezithunywa zevangeli eNtshonalanga Afrika.

Usuku Emsebenzini Wezithunywa Zevangeli

Sekuzoshaya u-7:00 ekuseni. Sifiké ngesikhathi ekhaya lezithunywa zevangeli ukuze sihlanganyele nazo engxoxweni yetekisi losuku. Izithunywa zevangeli eziyishumi zisamukela ngemfudumalo, zisinike izihlalo etafuleni lokudla kwasekuseni. Njengoba siqala ukwazana, omunye udade oyisithunywa sevangeli oseneminyaka eminingi esesabelweni sakhe, uqala ukulandisa okuhlangenwe nakho okuhlekisayo aba nakho enkonzweni. Kodwa ingxoxo yethu iyanqamuka lapho owengamele itekisi langalolo suku ekhumbuza leli qembu elijabule ukuthi sekuyisikhathi sokuhlola itekisi losuku. Itekisi lizoqhutshwa ngesiFulentshi. Nakuba thina singakhulumi lolo limi, indlela ezikhuluma ngayo lezi zithunywa zevangeli ezidabuka kwamanye amazwe yenza kucace ukuthi ziza kahle kakhulu ekufundeni lolu limi.

Ngemva kwale ngxoxo engokomBhalo, kuba nomthandazo othinta inhliziyo, bese kuba yisikhathi sokudla. Njengoba siphaka okusanhlamvu sigcwalisa izitsha, isithunywa sevangeli esihlezi eduze kwethu sisinxusa ukuba sinezele ngezingcezu zikabhanana ngaphezulu. Sibe sesiyasichazela ukuthi asiwuthandisisi ubhanana, kodwa lesi sithunywa sisitshele ukuthi umbono wethu uzoshintsha uma sesike sanambitha ubhanana otshalwa lapha. Ngakho sifaka izingcezu ezimbalwa ekudleni kwethu. Isithunywa sevangeli besiqinisile! Lo bhanana wehla esiphundu—umnandi njengo-ice cream! Siyaqinisekiswa nokuthi isinkwa samaFulentshi esizosidla sibhakwe ekuseni namuhla esitodlwaneni esingaphesheya komgwaqo.

Ngemva kokudla, sizosebenza usuku lonke nombhangqwana wezithunywa zevangeli esizozibiza ngoBen noKaren. Sizwile ngensimu ekhiqizayo yakuleli zwe laseNtshonalanga Afrika, futhi simagange ukuzibonela mathupha.

Lapho sifika esitobhini sebhasi, sithola kunabantu abaningana abalindile. Kungakabiphi, abangane bethu abayizithunywa zevangeli sebexoxa ngomdlandla nowesifazane othile nendodana yakhe ngeBhayibheli. Njengoba singasazi isiFulentshi, sigcina ngokumamatheka nje! Lapho nje lona wesifazane ethatha INqabayokulinda ne-Phaphama!, ibhasi liyafika, bese wonke umuntu ezama ukugibela kanyekanye! Njengoba sizabalaza sigibela, isixuku esifuqayo sisidudulela phakathi. Akulula ukuhamba uqonde njengoba siya emuva nebhasi. Lapho umshayeli elisusa, sibambelela siqinise. Siyagaklazeka njengoba ibhasi lihamba lima ukuze kungene abantu abengeziwe kuso lesi siminyaminya. Sibheka esigibele nabo simamatheke, nabo bamamatheke. Ukube nje siyakwazi ukukhuluma nabo!

Njengoba ibhasi lihamba ngesivinini, silunguza ngefasitela sibuka ukuphithiza okusemgwaqweni. Abesifazane ababili bayahambisana bethwele imithwalo esindayo ekhanda. Omunye wabo uthwele umgqomo omkhulu wamanzi. Indoda engumthengisi yendlale ingubo eceleni komgwaqo yahlela ngononina izintwana ezimbalwa enethemba lokuthi zizothengwa. Nomaphi ubona abantu bethenga noma bethengisa cishe noma yini ongayithenga noma ongayithengisa.

Singazelele, uBen, omi eduze kwami, uzwa into imngcofa emlenzeni. Kungaba yini? Ibhasi ligcwele, kodwa nanso leyo nto imphinda. Ugcina ekwazile ukubheka phansi. Ngasezinyaweni zakhe kunesikhwama esinedada eliphilayo elilokhu likhipha ikhanda limngcofe! UBen uyachaza ukuthi cishe umninilo uliyisa emakethe uyolithengisa.

Lapho sifika ensimini yethu, kuyasijabulisa ukuthola ukuthi sizobe sishumayela endaweni evamile yabaNsundu. Njengoba siya endlini yokuqala, uBen ushaya izandla kakhulu ukuze umninikhaya azi ukuthi kunabantu. Yiyona ndlela lena abantu “abangqongqoza” ngayo kule ndawo. Kuvela insizwa ethile ichaze ukuthi imatasa kodwa icele ukuba siphinde sibuye selithe ukuphakama ilanga.

Endlini elandelayo, sithola owesifazane okhuluma ulimi uBen angalwazi. Ubiza indodana yakhe ukuze izomhumushela lokho uBen azokusho. Lapho uBen eqeda, lona wesifazane uthatha incwajana ekhuluma ngeBhayibheli, indodana yakhe ithembise ukuthi izosale imchazela yona. Endlini yesithathu, kunentsha eningana ehlezi egcekeni elingaphambili. Ababili kuyo basukuma ngokushesha ezihlalweni zabo ukuze kuhlale izivakashi. Kube sekulandela ingxoxo emnandi yokusetshenziswa kwesiphambano ekukhulekeleni. Kuhlelwe ukuba le ngxoxo iqhutshwe ngesonto elilandelayo. Manje sekuyisikhathi sokuphindela kuleya nsizwa ebimatasa esiyithole endlini yokuqala. Isizwile ngandlela-thile ngengxoxo yethu nentsha esiyithole ezansi nomgwaqo. Inemibuzo eminingi yeBhayibheli futhi icela ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Ngemva kokuhlola ikhalenda lakhe, uBen uyavuma ukubuya ngesikhathi esifanayo ngesonto elilandelayo. Njengoba siphindela ekhaya lezithunywa zevangeli ukuze siyodla ukudla kwasemini, uBen noKaren bayachaza ukuthi kudingeka basihlele kahle isikhathi sezifundo zabo zeBhayibheli ngoba kulula ukuba baqale izifundo ezingaphezu kwalezo abangaziqhuba.

Siyabancoma ngokuqephuza kwabo ngesiFulentshi. UBen ube esechaza ukuthi yena noKaren sebeneminyaka eyisithupha beyizithunywa zevangeli, futhi sebeqala ukuzizwa bekhululekile lapho bekhuluma isiFulentshi. Bayavuma ukuthi akubanga lula ukufunda ulimi olusha, kodwa ukuphikelela kwabo kwabasiza.

Ngo-12:30 emini, zonke izithunywa zevangeli zibuthanela etafuleni zizodla. Basitshele ukuthi usuku ngalunye kuba nesithunywa sevangeli esabelwa ukulungisa ukudla kwasekuseni nokwasemini nokugeza izitsha kamuva. Namuhla, esinye sezithunywa zevangeli sipheke isidlo esiconsisa amathe senkukhu namazambane okuthosiwe, kanye nesaladi katamatisi—intandokazi yaso!

Bahlelé ukwenzani oBen noKaren emini nje? Bayachaza ukuthi wonke umuntu ubalekela ilanga kusukela ngo-1:00 kuya ku-3:00 ntambama, ngakho izithunywa zevangeli ngokuvamile zisebenzisa esinye saleso sikhathi ukuze zitadishe noma zithathe isithongwana. Asimangali lapho uKaren esitshela ukuthi izithunywa zevangeli ezintsha akuzithathi isikhathi eside ukujwayela leli siko!

Ngemva kwesithongwana, sibuyela enkonzweni yasensimini. Umuntu othakazelayo uBen osekuyisikhashana ezama ukumthola akekho ekhaya nanamuhla, kodwa kuvela izinsizwa ezimbili lapho uBen eshaya izandla. Zisitshela ukuthi umninikhaya ukhulumile ngokufika kukaBen wazikhuthaza kakhulu ukuba zithathe insiza-kufunda yeBhayibheli ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Sazishiyela leyo ncwadi sijabule. Sabe sesigibela ibhasi elizosiyisa endaweni uKaren azoqhuba kuyo isifundo seBhayibheli nowesifazane othakazelayo.

Njengoba ibhasi lihamba emigwaqweni ephithizelayo, uKaren usixoxela ukuthi wahlangana nalona wesifazane begibele ithekisi ngolunye usuku, kukhona nabanye abagibeli abaningana. UKaren wanika lona wesifazane ipheshana ukuze alifunde njengoba beqhubeka nohambo. Lona wesifazane walifunda lelo pheshana wayesecela elinye elihlukile. Lelo walifunda ngesithakazelo esikhulu kunelokuqala. Ekupheleni kohambo, uKaren wahlela ukuba amvakashele kwakhe lona wesifazane, waqala isifundo seBhayibheli esithuthukayo ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Namuhla, uKaren uzofunda naye isifundo sesihlanu kuleyo ncwajana.

Silujabulele kakhulu usuku enkonzweni yasensimini, kodwa sisenemibuzo ngomsebenzi wezithunywa zevangeli. Esibavakashele bayasiqinisekisa ukuthi uma sesifike ekhaya, bazosilungisela ukudlana okulula bese bephendula imibuzo yethu.

Indlela Ezizigcina Ngayo Ziqhubeka

Njengoba sizitika ngamaqanda athosiwe, isinkwa samaFulentshi noshizi, sitshelwa okwengeziwe ngokuphila kwezithunywa zevangeli. UMsombuluko ngokuvamile usuku izithunywa zevangeli eziphumula ngalo noma zenze izinto zomuntu siqu. Iningi lezithunywa zevangeli lisebenzisa isikhathi esithile ngalolo suku libhalela abasekhaya nabangane. Ukuzwa ezasekhaya kubaluleke kakhulu kuzo, futhi izithunywa zevangeli ziyakujabulela ukuthumela nokuthola izincwadi.

Njengoba izithunywa zevangeli zihlala futhi zisebenze ndawonye eduze, kubalulekile ukuba zigcine ukukhulumisana okuhle ngokuba nesikhathi sobudlelwane nezinye izithunywa zevangeli nangokuxoxa ngezinto ezingokomoya. Ukuze kwenzeke lokho, ngaphezu kokunamathela esimisweni sesifundo somuntu siqu esenziwa njalo, njalo ngoMsombuluko kusihlwa izithunywa zevangeli zitadisha iBhayibheli kanye nomagazini INqabayokulinda. UBen uveza ukuthi lapho izithunywa zevangeli ezinezizinda ezingafani zihlala ndawonye, ukungaboni ngaso linye ezintweni ezithile ezincane akunakugwenywa, kodwa ilungiselelo elingokomoya lesifundo somkhaya liyazisiza ukuba zilondoloze umoya wokuthula nobunye. Ugcizelela ukuthi kuyasiza nokuba umuntu angazibheki njengobaluleke ngokweqile.

Ukuthobeka nakho kubalulekile. Izithunywa zevangeli azithunyelwa ukuba ziyokhonzwa, kodwa ukuba ziyokhonza. Abangane bethu baphawula ukuthi enye yezinto okunzima kakhulu ukuyisho nganoma yiluphi ulimi ukuthi “Ngiyaxolisa,” ikakhulu lapho umuntu exolisela into ayisho noma ayenze engahlosile. UBen usikhumbuza isibonelo esiseBhayibhelini sika-Abigayili, owaxolisela ubuluhlaza bomyeni wakhe kanjalo walungisa isimo esasingaholela enhlekeleleni. (1 Samuweli 25:23-28) Ukukwazi ‘ukuphila ngokuthula’ kuyingxenye ebalulekile yokuba yisithunywa sevangeli esikahle.—2 Korinte 13:11.

Kanye ngenyanga izithunywa zevangeli ziba nomhlangano wokuxoxa ngezinto ezithinta umkhaya, futhi zenze izinguquko ohlelweni lwezabelo. Kamuva, wonke umuntu ujabulela isidlo se-dessert ekhethekile. Kubonakala sengathi leli lungiselelo liyasiza futhi liyathandeka kakhulu.

Lapho sesikuqedile ukudla kwakusihlwa, bathi ukusihambisa kafushane besibonisa leli khaya lezithunywa zevangeli. Siphawula ukuthi, nakuba lingeyona indlu yakwanokusho, izithunywa zevangeli ziyabambisana ukuze ziligcine lingahlalwa mpukane. Kunesiqandisi, umshini wokuhlanza izingubo nesitofu. UKaren usitshela ukuthi emazweni ashisayo, njengakuleli laseNtshonalanga Afrika, kuyenzeka babe nomshini wokulawula izinga lokushisa. Indawo yokuhlala efanelekayo, ukudla okunempilo nezinyathelo ezilula zempilo kusiza izithunywa zevangeli ukuba zihlale zinempilo futhi zikhiqiza.

Gxila Ezicini Ezinhle

Konke esikubonile kusihlabe umxhwele. Kungenzeka yini ukuthi umsebenzi wezithunywa zevangeli usifanele? Singazi kanjani? Esibavakashele basitshela izinto ezimbalwa esingacabanga ngazo.

Okokuqala, basitshela ukuthi izithunywa zevangeli ezingamaKristu azingeneli le nkonzo ngoba zifuna ukuphila okunezenzakalo ezivusa amadlingozi. Zifuna abantu abanhliziyo ziqotho abafuna ukwazi ngezinjongo zikaNkulunkulu ezimangalisayo. Izithunywa zevangeli zisebenza okungenani amahora angu-140 ngenyanga enkonzweni yasensimini, ngakho kumelwe nakanjani umuntu abe nothando lwenkonzo.

‘Kodwa umuntu uzithini izinyoka, izibankwa nezimbungulu?’ sizibuza. UBen uyasitshela ukuthi nakuba lezi zinto zikhona ezabelweni eziningi zezithunywa zevangeli, izithunywa zevangeli ziyazijwayela. Uyanezela ukuthi isabelo ngasinye sezithunywa zevangeli sinento yaso ehlukile enhle, futhi ngokuhamba kwesikhathi, izithunywa zevangeli zigxila ezicini ezinhle zesabelo sazo. Ngokushesha izimo umuntu ekuqaleni ayengazibheka “njengezihlukile” ziba yinhlalayenza futhi zize zijabulise ngezinye izikhathi. Omunye udade oyisithunywa sevangeli esakhonza iminyaka eminingi eNtshonalanga Afrika ngaphambi kokuba izibopho zomuntu siqu zimphoqe ukuba aphindele ekhaya wathi ukushiya isabelo sakhe kwakunzima ngaphezu kwalapho eshiya izwe lakubo eminyakeni eminingi edlule. Isabelo sakhe sase siyikhaya lakhe.

Ingabe Wena Ukulungele?

UBen noKaren basitshele okuningi esingakucabangela. Uthini wena? Wake wacabanga yini ngokukhonza njengesithunywa sevangeli ensimini yakwelinye izwe? Uma kunjalo, kungenzeka kuseduze ukuba ufinyelele umgomo wakho kunalokho okucabangayo. Enye yezinto eziyinhloko ezidingekayo ukuba nothando ngenkonzo yesikhathi esigcwele nokujabulela umsebenzi wokusiza abantu. Khumbula, izithunywa zevangeli azibona ompetha kodwa zingabantu besilisa nabesifazane abavamile. Zenza okusemandleni azo ukuze zifeze umsebenzi obaluleke kakhulu.

[Isithombe ekhasini 27]

Usuku ngalunye luqala ngengxoxo yetekisi losuku

[Isithombe ekhasini 28, 29]

E-Afrika

[Isithombe ekhasini 29]

Ukuphila kokuba yisithunywa sevangeli kunganelisa kakhulu