Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Gqokani Ukubhekakade’

‘Gqokani Ukubhekakade’

Gqokani Ukubhekakade’

“Gqokani ukusondelana okunesisa kobubele . . . nokubhekakade.”—KOLOSE 3:12.

1. Landisa isibonelo esihle sokubhekakade.

URÉGIS, ohlala eningizimu-ntshonalanga yeFrance, waba nguFakazi KaJehova obhapathiziwe ngo-1952. Kwaphela iminyaka umkakhe enza konke ayengakwenza ukuze athiye imizamo yakhe yokukhonza uJehova. Wayezama ukubhoboza amathayi emoto kaRégis ukuze angayi emihlanganweni, futhi ngesinye isikhathi waze wamlandela lapho eshumayela isigijimi seBhayibheli endlini ngendlu, ebukisa ngaye njengoba ekhuluma nabaninikhaya ngezindaba ezinhle zoMbuso. Naphezu kwalokhu kuphikiswa okuqhubekayo, uRégis waqhubeka ebhekakade. Ngakho, uRégis uyisibonelo esihle kuwo wonke amaKristu, ngoba uJehova ufuna bonke abakhulekeli bakhe babe ababhekakade ekusebenzelaneni kwabo nabanye.

2. Lisho ukuthini ngokwezwi nezwi igama lesiGreki elisho “ukubhekakade,” futhi libonisani?

2 Igama lesiGreki elisho “ukubhekakade” ngokwezwi nezwi lisho “ubude bomoya.” INguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi ilihumusha kayishumi leli gama ngokuthi “ukubhekakade,” kathathu ngokuthi “ukubekezela,” kanye ngokuthi “ukubonisa ukubekezela.” Amagama akho kokubili isiHeberu nesiGreki ahunyushwa ngokuthi “ukubhekakade” ahlanganisa umqondo wokubekezela, unembe nokuphuza ukuthukuthela.

3. Umbono wobuKristu ngokubhekakade wawuhluke kanjani kowamaGreki ekhulu lokuqala?

3 AmaGreki ekhulu lokuqala ayengakubheki njengemfanelo enhle ukubhekakade. Leli gama ngokwalo lalingalokothi lisetshenziswe yizazi zefilosofi ezingamaStoyiku. Ngokwesazi seBhayibheli uWilliam Barclay, ukubhekakade “kuphambene kakhulu nenkambiso yamaGreki,” phakathi kwezinye izinto eyayikhuthaza “ukungavumi ukubekezelela noma yikuphi ukoniwa noma ukulinyazwa.” Sithi: “KumGreki iqhawe kwakungumuntu owenza noma yini ukuze aziphindiselele. KumKristu iqhawe ngumuntu okuthi noma kukhona angakwenza, enqabe ukukwenza.” Kungenzeka amaGreki ayebheka ukubhekakade njengophawu lobuthakathaka, kodwa lapha, njengakwezinye izinto, “into kaNkulunkulu ewubuwula ihlakaniphile kunabantu, nento kaNkulunkulu ebuthakathaka inamandla kunabantu.”—1 Korinte 1:25.

Isibonelo SikaKristu Sokubhekakade

4, 5. Yisiphi isibonelo esimangalisayo sokubhekakade uJesu asibeka?

4 Njengoba edlulwa nguJehova kuphela, uKristu Jesu wabeka isibonelo esihle sokubhekakade. Lapho engaphansi kokucindezeleka okukhulu, uJesu wabonisa ukuzibamba ngendlela emangalisayo. Kwaprofethwa kwathiwa ngaye: “Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.”—Isaya 53:7.

5 Yeka ukubhekakade okumangalisayo uJesu akubonisa kuyo yonke inkonzo yakhe emhlabeni! Wakhuthazelela imibuzo ecushiwe yezitha zakhe nokwethukwa abaphikisi. (Mathewu 22:15-46; 1 Petru 2:23) Wababekezelela abafundi bakhe, ngisho nalapho beqhubeka bephikisana ngokuthi ubani owayemkhulu kunabo bonke. (Marku 9:33-37; 10:35-45; Luka 22:24-27) Futhi yeka ukuzibamba okubabazekayo uJesu akubonisa ngobusuku bokukhashelwa kwakhe lapho uPetru noJohane belala ngemva kokuba ebatshele ukuba ‘bahlale belindile’!—Mathewu 26:36-41.

6. UPawulu wazuza kanjani emfanelweni kaJesu yokubhekakade, futhi yini esiyifundayo kulokhu?

6 Ngemva kokufa nokuvuka kwakhe, uJesu waqhubeka enokubhekakade. Umphostoli uPawulu wayekuqaphela ngokukhethekile lokhu, ngoba ngaphambili wayekade engumshushisi wamaKristu. UPawulu wabhala: “Likholekile futhi lifanelwe ukwamukelwa ngokugcwele lelizwi lokuthi uKristu Jesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni. Kulezi ngingesiphambili. Noma kunjalo, isizathu sokuba ngiboniswe isihe sasiwukuba uKristu Jesu abonise ngami njengesibonelo esiphambili konke ukubhekakade kwakhe njengesiboniso salabo abazobeka ukholo lwabo kuye ngenjongo yokuphila okuphakade.” (1 Thimothewu 1:15, 16) Kungakhathaliseki ukuthi sasinjani esikhathini esidlule, uma sibeka ukholo lwethu kuJesu, uyosibonisa ukubhekakade—yebo, abe elindele ukuba siveze “imisebenzi efanele ukuphenduka.” (IzEnzo 26:20; Roma 2:4) Imiyalezo uKristu ayithumela emabandleni ayisikhombisa ase-Asia Minor ibonisa ukuthi nakuba enokubhekakade, uyilindele nentuthuko.—IsAmbulo, izahluko 2 no-3.

Kuyisithelo Somoya

7. Ukubhekakade kuhlobene kanjani nomoya ongcwele?

7 Esahlukweni sesihlanu sencwadi ayeyibhalele abaseGalathiya, uPawulu uveza umahluko phakathi kwemisebenzi yenyama nezithelo zomoya. (Galathiya 5:19-23) Njengoba ukubhekakade kungenye yezimfanelo zikaJehova, le mfanelo isuka kuye futhi iyisithelo somoya wakhe. (Eksodusi 34:6, 7) Empeleni, ukubhekakade kubekwe kwaba okwesine ohlwini lukaPawulu oluchaza izithelo zomoya, kundawonye ‘nothando, injabulo, ukuthula, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba.’ (Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, lapho izinceku zikaNkulunkulu zibonisa ukubekezela, noma ukubhekakade, okufuze okukaNkulunkulu, zenza kanjalo ngaphansi kwethonya lomoya ongcwele.

8. Yini eyosenza sikwazi ukuhlakulela izithelo zomoya, kuhlanganise nokubhekakade?

8 Nokho, lokhu akusho ukuthi uJehova umnika ngenkani umuntu umoya wakhe. Kumelwe sikuvumele ngokuzithandela ukuba usithonye. (2 Korinte 3:17; Efesu 4:30) Umoya siwuvumela ukuba usebenze ekuphileni kwethu ngokuhlakulela izithelo zawo kukho konke esikwenzayo. Ngemva kokubala imisebenzi yenyama nezithelo zomoya, uPawulu wanezela: “Uma siphila ngomoya, masiqhubekeni futhi sihamba ngokuhlelekile ngomoya. Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa insini. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; ngoba lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni yakhe, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okumi phakade okuvela emoyeni.” (Galathiya 5:25; 6:7, 8) Ukuze siphumelele ekuhlakuleleni ukubhekakade, kumelwe sihlakulele nazo zonke lezi ezinye izithelo ezivezwa umoya ongcwele kumaKristu.

“Uthando Lubhekakade”

9. Yini okungenzeka yabangela uPawulu ukuba atshele abaseKorinte ukuthi “uthando lubhekakade”?

9 UPawulu wabonisa ukuthi kunokuhlobana okukhethekile phakathi kothando nokubhekakade lapho ethi: “Uthando lubhekakade.” (1 Korinte 13:4) Esinye isazi seBhayibheli, u-Albert Barnes, sisikisela ukuthi uPawulu wagcizelela lokhu ngenxa yemibango nezingxabano ezazisebandleni lobuKristu laseKorinte. (1 Korinte 1:11, 12) UBarnes uthi: “Igama [elisho ukubhekakade] elisetshenziswe lapha liphambene nokuxhamazela: amazwi nemicabango yentukuthelo nokuba nenhliziyo encane. Libonisa isimo sengqondo ESINGABEKEZELA ISIKHATHI ESIDE lapho ucindezelwe, ucasulwa.” Uthando nokubhekakade kusenayo ingxenye enkulu ekugcineni ukuthula kwebandla lobuKristu.

10. (a) Uthando lusisiza kanjani ukuba sibe nokubhekakade, futhi yisiphi iseluleko umphostoli uPawulu asinikezayo mayelana nalokhu? (b) Isazi esithile seBhayibheli sathini ngokubhekakade kukaNkulunkulu nomusa wakhe? (Bheka umbhalo waphansi.)

10 “Uthando lubhekakade futhi lunomusa. Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki.” Ngakho, ngezindlela eziningi, uthando lusisiza ukuba sibe ababhekakade. * (1 Korinte 13:4, 5) Uthando lusenza sikwazi ukubekezelelana ngesineke, sikhumbule nokuthi sonke asiphelele futhi sinamaphutha nokushiyeka. Lusisiza ukuba sicabangele abanye futhi sithethelele. Umphostoli uPawulu usikhuthaza ukuba sihambe ‘ngokuthobeka kwengqondo okuphelele nobumnene, ngokubhekakade, sibekezelelana ngothando, sizama ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’—Efesu 4:1-3.

11. Kungani kubaluleke ngokukhethekile ukuba obhekakade emaqenjini amaKristu?

11 Ukubhekakade kwamalungu amaqembu amaKristu kunomthelela ekuthuleni nasenjabulweni yawo, kungaba amabandla, amakhaya aseBethel, amakhaya ezithunywa zevangeli, amaqembu asezakhiweni, noma izikole. Ngenxa yokungafani kobuntu, izinto ezithandwayo, indlela abantu abakhuliswe ngayo, izindinganiso zesizotha, ngisho nokuhlanzeka, kungavela izimo ezivivinyayo ngezikhathi ezithile. Lokhu kuyiqiniso nasemikhayeni. Ukwephuza ukuthukuthela kubalulekile. (IzAga 14:29; 15:18; 19:11) Ukubhekakade—ukukhuthazela ngesineke, ngethemba lokuthi izinto ziyoba ngcono—kudingeka kuwo wonke umuntu.—Roma 15:1-6.

Ukubhekakade Kusisiza Ukuba Sikhuthazele

12. Kungani kubalulekile ukubhekakade ezimweni ezivivinyayo?

12 Ukubhekakade kusisiza ukuba sikhuthazelele izimo ezivivinyayo ezibonakala sengathi azinakuphela noma azinalo ikhambi elisheshayo. Kwakunjalo ngoRégis, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Kwaphela iminyaka umkakhe ephikisana nemizamo yakhe yokukhonza uJehova. Nokho, ngolunye usuku weza kuRégis ekhala izinyembezi, wathi: “Ngiyazi ukuthi yiqiniso. Ngisize. Ngifuna ukufundelwa iBhayibheli.” Wagcina ebhapathiziwe njengoFakazi. URégis uthi: “Lokhu kwabonisa ukuthi uJehova wayibusisa leyo minyaka yokushikashikeka, ukubekezela nokukhuthazela.” Ukubhekakade kwakhe kwavuzwa.

13. Yini eyenza uPawulu wakwazi ukukhuthazela, futhi isibonelo sakhe singasisiza kanjani ukuba sikhuthazele?

13 Emuva ekhulwini lokuqala C.E., umphostoli uPawulu wayeyisibonelo esihle sokubhekakade. (2 Korinte 6:3-10; 1 Thimothewu 1:16) Ngasekupheleni kokuphila kwakhe lapho eluleka umngane wakhe omncane uThimothewu, uPawulu wamxwayisa ngokuthi wonke amaKristu ayeyobhekana nokulingwa. UPawulu wabala isibonelo sakhe siqu, watusa izimfanelo zobuKristu eziyisisekelo ezidingekayo ukuze umuntu akhuthazele. Wabhala: “Uye wayilandela eduze imfundiso yami, inkambo yami yokuphila, injongo yami, ukholo lwami, ukubhekakade kwami, uthando lwami, ukukhuthazela kwami, ukushushiswa kwami, izinhlupheko zami, uhlobo lwezinto ezenzeka kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra, uhlobo lokushushiswa engilubekezelele; kodwa nokho iNkosi yangikhulula kukho konke. Eqinisweni, bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ebuhlotsheni noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:10-12; IzEnzo 13:49-51; 14:19-22) Ukuze sikhuthazele, sonke sidinga ukholo, uthando nokubhekakade.

Masigqoke Ukubhekakade

14. UPawulu wazifanisa nani izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu ezinjengokubhekakade, futhi yisiphi iseluleko asinika amaKristu aseKolose?

14 Ukubhekakade nezinye izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu, umphostoli uPawulu wazifanisa nezembatho okufanele umKristu azigqoke ngemva kokukhumula imikhuba ehambisana ‘nobuntu obudala.’ (Kolose 3:5-10) Wabhala: “Njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandwayo, gqokani ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezizinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:12-14.

15. Uba yini umphumela lapho amaKristu ‘egqoka’ ukubhekakade nezinye izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu?

15 Lapho amalungu ebandla ‘egqoka’ ububele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, ukubhekakade nothando, ayakwazi ukuxazulula izinkinga nokuphokophela phambili ngobunye enkonzweni kaJehova. Ababonisi abangamaKristu ngokukhethekile kudingeka babe ababhekakade. Kungase kube nezikhathi lapho kudingeka basole omunye umKristu, kodwa kunezindlela ezihlukahlukene zokukwenza lokhu. UPawulu wachaza isimo sengqondo esingcono kunazo zonke lapho ebhalela uThimothewu: “Usole, ukhuze, ukhuthaze, ngakho konke ukubhekakade nobuciko bokufundisa.” (2 Thimothewu 4:2) Yebo, izimvu zikaJehova kufanele ngaso sonke isikhathi ziphathwe ngokubhekakade, isizotha nesisa.—Mathewu 7:12; 11:28; IzEnzo 20:28, 29; Roma 12:10.

“Ababhekakade Kubo Bonke”

16. Yini engaba umphumela lapho siba “ababhekakade kubo bonke”?

16 Ukubhekakade kukaJehova kuso sonke isintu kwenza nathi sibe nesibopho sokuba “ababhekakade kubo bonke.” (1 Thesalonika 5:14) Lokhu kusho ukubekezelela amalungu emikhaya yethu angebona oFakazi, omakhelwane, esisebenza nabo nesifunda nabo. Imibono eminingi eyiphutha iye yasuswa oFakazi kokunye asebeneminyaka eminingi bebekezelele izinkulumo zokubhuqa noma ushushiso oluqondile oluvela kubantu abasebenza nabo noma abafunda nabo esikoleni. (Kolose 4:5, 6) Umphostoli uPetru wabhala: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.”—1 Petru 2:12.

17. Singalulingisa kanjani uthando lukaJehova nokubhekakade kwakhe, futhi kungani kufanele senze kanjalo?

17 Ukubhekakade kukaJehova kuyosindisa izigidi zabantu. (2 Petru 3:9, 15) Uma silingisa uthando nokubhekakade kukaJehova, siyoqhubeka ngesineke sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu futhi sifundisa abanye ukuba bazithobe ekubuseni koMbuso kaKristu. (Mathewu 28:18-20; Marku 13:10) Uma singase siyeke ukushumayela, kungaba njengokungathi sifuna ukukubekela umngcele ukubhekakade kukaJehova futhi asiyiqapheli injongo yako, ewukwenza abantu baphenduke.—Roma 2:4.

18. Yini uPawulu ayithandazela mayelana nabaseKolose?

18 Encwadini eyayiya kumaKristu aseKolose, e-Asia Minor, uPawulu wabhala: “Yingakho futhi, kusukela ngosuku esezwa ngalo ngakho, singayekanga ukunithandazela futhi sicela ukuba nigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba niqhubeka nithela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi nanda olwazini olunembile ngoNkulunkulu, nenziwa nibe namandla ngawo wonke amandla kuze kube sezingeni lamandla akhe akhazimulayo ukuze nikhuthazele ngokugcwele futhi nibe ababhekakade ngenjabulo.”—Kolose 1:9-11.

19, 20. (a) Singakugwema kanjani ukukubheka njengokuwuvivinyo ukubhekakade kukaJehova okuqhubekayo? (b) Yiziphi izinzuzo esiyozithola ngokuba ababhekakade?

19 Ukuqhubeka kokubhekakade, noma ukubekezela, kukaJehova ngeke kusivivinye uma ‘sigcwele ulwazi olunembile ngentando yakhe,’ ewukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) ‘Siyoqhubeka sithela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle,’ ikakhulu kowokushumayela “izindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14) Uma siqhubeka senza lokhu ngokwethembeka, uJehova uyosenza ‘sibe namandla ngawo wonke amandla,’ sikwazi ‘ukukhuthazela ngokugcwele futhi sibe ababhekakade ngenjabulo.’ Ngokwenza kanjalo, ‘siyohamba ngokufanele uJehova,’ futhi siyoba nokuthula okubangelwa ukwazi ukuthi ‘simjabulisa ngokugcwele.’

20 Kwangathi singakholiseka ngokugcwele ngokuhlakanipha kokubhekakade kukaJehova. Kuphumela ensindisweni yethu neyalabo abakulalelayo ukushumayela nokufundisa kwethu. (1 Thimothewu 4:16) Ukuhlakulela izithelo zomoya—uthando, umusa, ubuhle, ubumnene nokuzithiba—kuyosenza sikwazi ukubhekakade ngenjabulo. Siyokwazi kangcono ukuhlalisana ngokuthula namalungu omkhaya wethu kanye nabafowethu nodadewethu ebandleni. Ukubhekakade kuyosisiza futhi ukuba sibekezelele esisebenza nabo nesifunda nabo. Futhi ukubhekakade kwethu kuyobe kunenjongo, ukusindisa abenzi bokubi nokukhazimulisa uNkulunkulu obhekakade, uJehova.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 Sikhuluma ngamazwi kaPawulu athi “uthando lubhekakade futhi lunomusa,” isazi seBhayibheli uGordon D. Fee siyabhala: “Ngokwemfundiso kaPawulu [izimfanelo zokubhekakade nomusa] zimelela izinhlangothi ezimbili zesimo sengqondo saphezulu ngakubantu (Qhathanisa namaRoma 2:4). Kolunye uhlangothi, unembe lukaNkulunkulu olunothando lubonakaliswa ngokubamba ulaka lwakhe ngenxa yokuhlubuka kwesintu; ngakolunye, umusa wakhe utholakala ezicini eziningi abonisa kuzo isihe sakhe. Ngakho incazelo kaPawulu yothando iqala ngale ncazelo ekabili kaNkulunkulu, oye wazibonakalisa ngoKristu enonembe nomusa kulabo abafanelwe yisahlulelo saphezulu.”

Ungachaza?

• UKristu uyisibonelo esihle sokubhekakade ngaziphi izindlela?

• Yini eyosisiza ukuba sihlakulele ukubhekakade?

• Ukubhekakade kuyisiza kanjani imikhaya, amaqembu amaKristu nabadala?

• Ukuba ababhekakade kuyoziletha kanjani izinzuzo kithi nakwabanye?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Ngisho nalapho ecindezeleke kakhulu, uJesu wababekezelela abafundi bakhe

[Isithombe ekhasini 16]

Ababonisi abangamaKristu banxuswa ukuba babeke isibonelo esihle sokubhekakade lapho besebenzelana nabafowabo

[Isithombe ekhasini 17]

Uma silingisa uthando lukaJehova nokubhekakade kwakhe, siyoqhubeka sishumayela izindaba ezinhle

[Isithombe ekhasini 18]

UPawulu wathandazela ukuba amaKristu ‘abe abhekakade ngenjabulo’