Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

UJehova wasenzela e-Uri noma eHarana isivumelwano sakhe no-Abrahama?

Ukulandisa kokuqala ngesivumelwano sikaJehova no-Abrahama kutholakala kuGenesise 12:1-3, othi: “UJehova wathi ku-Abrama: * ‘Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Ngiyakukwenza isizwe esikhulu . . . Imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.’” Kungenzeka kakhulu ukuthi uJehova wenza lesi sivumelwano no-Abrahama lapho u-Abrahama ese-Uri wayesesiqinisekisa kabusha lapho eseHarana.

Ekhulwini lokuqala, uStefanu wabhekisela emyalweni kaJehova owawuthi u-Abrahama makathuthele eKhanani. Ekhuluma neSanhedrini, wathi: “UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abrahama lapho eseMesopotamiya, ngaphambi kokuba ahlale eHarana, futhi wathi kuye, ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho uye ezweni engizokubonisa lona.’” (IzEnzo 7:2, 3) U-Abrahama wayedabuka e-Uri, futhi njengoba kwabonisa uStefanu, wawuzwa elapho okokuqala umyalo wokuba aye eKhanani. (Genesise 15:7; Nehemiya 9:7) UStefanu akashongo lutho ngesivumelwano sikaNkulunkulu no-Abrahama, kodwa kuGenesise 12:1-3 leso sivumelwano sihlanganiswa nomyalo wokuya eKhanani. Ngakho kunengqondo ukukholelwa ukuthi uJehova wasenzela e-Uri isivumelwano no-Abrahama.

Nokho, ukufunda ukulandisa kukaGenesise ngokucophelela kusikisela ukuthi uJehova waphinde wasisho isivumelwano sakhe ku-Abrahama eHarana, njengoba nje kamuva asiphinda kaningana eKhanani futhi waningiliza izici ezithile zaso. (Genesise 15:5; 17:1-5; 18:18; 22:16-18) NgokukaGenesise 11:31, 32, uyise ka-Abrahama, uThera, wasuka e-Uri waya eKhanani, ehamba no-Abrahama, uSara noLoti. Bafika eHarana, bahlala khona kwaze kwafa uThera. U-Abrahama wahlala eHarana isikhathi eside ngokwanele ukuba azizuzele ingcebo eningi. (Genesise 12:5) Esikhathini esithile kamuva noNahori, umfowabo ka-Abrahama, wathuthela lapho.

Ngemva kokusitshela ngokufa kukaThera, iBhayibheli lilandisa amazwi uJehova awasho ku-Abrahama bese liqhubeka: “Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile.” (Genesise 12:4) Ngakho, kuGenesise 11:31–12:4 sithola umqondo oqinile wokuthi uJehova washo amazwi akuGenesise 12:1-3 ngemva kokufa kukaThera. Uma kunjalo, u-Abrahama wathutha eHarana ngoba elalela umyalo ayesanda kuwuzwa nalowo ayewuzwe eminyakeni eminingi ngaphambili e-Uri.

NgokukaGenesise 12:1, uJehova wayala u-Abrahama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo.” ‘Izwe’ lakubo ka-Abrahama kwake kwaba se-Uri, futhi ‘indlu’ kayise yayilapho. Nokho, uyise ka-Abrahama wathuthela umndeni wakhe eHarana, futhi kamuva u-Abrahama wayesebiza leyo ndawo ngokuthi izwe lakubo. Ngemva kweminyaka eminingi eseKhanani, lapho ethumela inceku yakhe ‘ezweni lakubo nasezihlotsheni zakhe’ ukuba iyotholela u-Isaka umfazi, le nceku yaya “emzini kaNahori” (okungaba seHarana noma eduze nakhona). (Genesise 24:4, 10) Inceku yamthola lapho uRebeka phakathi kwezihlobo zika-Abrahama, umndeni omkhulu kaNahori.—Genesise 22:20-24; 24:15, 24, 29; 27:42, 43.

Lapho ekhuluma neSanhedrini, uStefanu wathi ngo-Abrahama: “Ngemva kokuba uyise esefile, uNkulunkulu wabangela ukuba ashintshe indawo yakhe yokuhlala eze kulelizwe enihlala kulo manje.” (IzEnzo 7:4) Lokhu kubonisa ukuthi uJehova wakhuluma no-Abrahama eHarana. Kunengqondo ukukholelwa ukuthi uJehova wasiphinda ngaleso sikhathi isivumelwano sakhe no-Abrahama esibikwe kuGenesise 12:1-3, ngoba isivumelwano saqala ukusebenza lapho u-Abrahama ethuthela eKhanani. Ngakho ukucabangela wonke amaqiniso kuholela esiphethweni sokuthi kungenzeka kakhulu ukuthi uJehova wasenza isivumelwano sakhe no-Abrahama e-Uri, wayesesiqinisekisa kabusha eHarana.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 UJehova washintsha igama lika-Abrama laba ngu-Abrahama eKhanani lapho u-Abrahama eseneminyaka engu-99 ubudala.—Genesise 17:1, 5.