Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Isibusiso SikaJehova Siyacebisa”

“Isibusiso SikaJehova Siyacebisa”

“Isibusiso SikaJehova Siyacebisa”

SONKE siyakufuna ukubusiswa. Kuye kwathiwa izibusiso zithuthukisa injabulo, inhlalakahle noma ukuchuma. Njengoba uJehova enguMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele,” zonke izibusiso zangempela nezihlala njalo zisuka kuMdali wethu onothando. (Jakobe 1:17) Uthululela izibusiso kuso sonke isintu, ngisho nakulabo abangamazi. UJesu wathi ngoYise: ‘Wenza ilanga lakhe liphume phezu kwabantu ababi nabahle futhi wenza line phezu kwabantu abalungileyo nabangalungile.’ (Mathewu 5:45) Nokho, uJehova ubanakekela ngokukhethekile labo abamthandayo.—Duteronomi 28:1-14; Jobe 1:1; 42:12.

Umhubi wabhala: “UJehova . . . akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.” (IHubo 84:11) Yebo, labo abakhonza uJehova banokuphila okucebile nokunenjongo. Bayazi ukuthi “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.” IBhayibheli lithi futhi: “Ababusisiweyo [bakaJehova] bazakulidla ifa lomhlaba.” (IzAga 10:22; IHubo 37:22, 29) Yeka isibusiso okuyoba yiso lokho!

Singasithola kanjani isibusiso sikaJehova? Phakathi kokunye, kudingeka sihlakulele izimfanelo ezimjabulisayo. (Duteronomi 30:16, 19, 20; Mika 6:8) Lokhu siyakubona esibonelweni sezinceku zikaJehova ezintathu zasendulo.

UJehova Uyazibusisa Izinceku Zakhe

UNowa wayeyinceku kaNkulunkulu evelele. KuGenesise 6:8, siyafunda: “UNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.” Ngani? Ngoba uNowa wayelalela. Ukulandisa kuthi: “UNowa wayehamba noNkulunkulu.” UNowa wagcina izimiso zikaJehova ezilungile futhi walalela imiyalo yakhe. Ngesikhathi izwe licwile obishini lobudlova nokukhohlakala, uNowa washukumiseleka ukuba ‘enze njengalokho uNkulunkulu emyalile.’ (Genesise 6:9, 22) Ngenxa yalokho, uJehova wamyala ukuba akhe “umkhumbi wokusindisa indlu [kaNowa].” (Heberu 11:7) Ngale ndlela, uNowa nomkhaya wakhe—nalo lonke uhlanga lwesintu olwavela ngabo—basinda ekubhujisweni kwaleso sizukulwane. Futhi uNowa wafa enethemba lokuvuselwa ekuphileni okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Yeka izibusiso ezicebile azithola!

U-Abrahama naye waba nezimfanelo ezijabulisa uJehova. Evelele kuzo kwakuwukholo. (Heberu 11:8-10) U-Abrahama washiya ukuphila okunethezekile e-Uri, kamuva nase-Harana, ngoba enokholo esithembisweni sikaJehova sokuthi inzalo yakhe yayiyokwanda, ibe yisibusiso kuzo zonke izizwe. (Genesise 12:2, 3) Naphezu kweminyaka eminingi yokuvivinywa, ukholo lwakhe lwavuzwa lapho kuzalwa indodana yakhe, u-Isaka. Ngayo, u-Abrahama waba ngukhokho wesizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe, u-Israyeli, wagcina ebe nangukhokho kaMesiya. (Roma 4:19-21) Ngaphezu kwalokho, ‘unguyise wabo bonke abanokholo’ futhi wabizwa ngokuthi “umngane kaJehova.” (Roma 4:11; Jakobe 2:23; Galathiya 3:7, 29) Yeka ukuphila okunenjongo akuphila, futhi yeka indlela abusiswa ngokucebe ngayo!

Cabanga nangendoda ethembekile, uMose. Imfanelo eyayivelele kwezakhe kwakuwukwazisa kwakhe izinto ezingokomoya. UMose wafulathela yonke ingcebo yaseGibithe “waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Heberu 11:27) Ngemva kweminyaka engu-40 ekwaMidiyani, wabuyela eGibithe eseyikhehla futhi wema phambi kombusi owayephakeme kunabo bonke ngaleso sikhathi, uFaro, efuna ukuba kukhululwe abafowabo. (Eksodusi 7:1-7) Waba ngufakazi wokuzibonela wezinhlupho eziyishumi, ukuvuleka koLwandle Olubomvu nokubhujiswa kwamabutho kaFaro. UJehova wamsebenzisa ukuze anikeze u-Israyeli uMthetho futhi abe ngumlamuleli esivumelwaneni saKhe nalesi sizwe esisha. Iminyaka engu-40, uMose wahola isizwe sakwa-Israyeli ehlane. Ukuphila kwakhe kwakunenjongo yangempela, futhi wajabulela izibusiso zenkonzo ezikhetheke kakhulu.

Izibusiso Zanamuhla

Lokhu kulandisa kubonisa ukuthi ukuphila kwalabo abakhonza uNkulunkulu kunenjongo ngempela. Njengoba abantu bakaJehova behlakulela izimfanelo ezinjengokulalela, ukholo nokwazisa izinto ezingokomoya, babusiswa ngokucebile.

Thina-ke sibusiswe kanjani? Phela, njengoba izigidi ezikweLobukholwa zibulawa yindlala engokomoya, thina siyakwazi ‘ukuqhakaza ngenxa yobuhle bukaJehova.’ (Jeremiya 31:12, NW) NgoJesu Kristu ‘nesigqila esikholekile nesiqondayo,’ uJehova uye wanikeza insada yokudla okungokomoya okusisiza ukuba sihlale ‘emgwaqweni oholela ekuphileni.’ (Mathewu 7:13, 14; 24:45; Johane 17:3) Ubudlelwane nabafowethu abangamaKristu bungesinye isibusiso esicebile. Emihlanganweni nangezinye izikhathi, ukuba nabakhulekeli esikanye nabo ababonisa uthando futhi abazama ngobuqotho ukugqoka “ubuntu obusha” kuletha injabulo enkulu. (Kolose 3:8-10; IHubo 133:1) Nokho, isibusiso sethu esikhulu kunazo zonke yilungelo eliyigugu lokuba nobuhlobo bomuntu siqu noJehova uNkulunkulu nelokulandela ezinyathelweni zeNdodana yakhe, uKristu Jesu.—Roma 5:1, 8; Filipi 3:8.

Lapho sicabanga ngezibusiso ezinjalo, siyaqaphela ukuthi liyigugu kangakanani ngempela ilungelo esinalo lokukhonza uNkulunkulu. Mhlawumbe sicabanga ngomzekeliso kaJesu womthengisi ohambahambayo owayefuna amaparele amahle. UJesu wathi ngalo mlisa: “Lapho ethola iparele elilodwa lenani eliphakeme, wahamba futhi wathengisa masinyane zonke izinto ayenazo wayeselithenga.” (Mathewu 13:46) Ngokuqinisekile, yileyo ndlela esizizwa ngayo ngobuhlobo bethu noNkulunkulu, ilungelo esinalo lokumkhonza, ubudlelwane bethu bobuKristu, ithemba lethu lobuKristu nazo zonke ezinye izibusiso ezihlobene nokholo lwethu. Akukho okuyigugu ngaphezu kwalokhu ekuphileni kwethu.

Buyisela KuJehova

Ngenxa yokuthi siyamqaphela uJehova njengonguMuphi wazo zonke izipho ezinhle, izinhliziyo zethu zishukumiseleka ukuba sibonise ukwazisa ngezibusiso esizitholayo. Singakwenza kanjani lokho? Enye indlela ingokusiza abanye ukuba nabo bajabulele izibusiso ezifanayo. (Mathewu 28:19) Emazweni angaphezu kwangu-230, oFakazi BakaJehova bamatasa behambela omakhelwane babo ukuze benze lokho kanye. Njengoba benza kanjalo, basebenzisa lokho okuncane abanakho—isikhathi, amandla nezinto zabo ezibonakalayo—ukuze basize abanye ‘bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’—1 Thimothewu 2:4.

Cabanga ngamaphayona ahlala eGlendale, eCalifornia, e-U.S.A. Njalo ngoMgqibelo ekuseni athatha uhambo lwamakhilomitha angaba yikhulu ukuya nokubuya ehambela ijele lombuso. Nakuba ekwazi ukusebenzisa amahora ambalwa kuphela ukuze axoxe neziboshwa lapho efikile, awadangali. Elinye lawo lithi: “Kuyavuza kakhulu ukukhonza kule nsimu eyingqayizivele. Sikhonza ngenjabulo enkulu. Kunabantu abaningi abanesithakazelo kangangokuthi asikwazi ukubabona bonke. Kumanje nje, sifundela abantu abahlanu, kanti kunabanye abane abacele isifundo seBhayibheli.”

Izikhonzi ezishisekayo ezingamaKristu ziyakujabulela ukuzinikela mahhala ukuze zenze lo msebenzi osindisa ukuphila. Zibonisa isimo sengqondo sikaJesu, owathi: “Namukelé mahhala, yiphani mahhala.” (Mathewu 10:8) Emhlabeni wonke kunezigidi ezenza inkonzo efanayo yokuzidela, futhi ngenxa yalokho kunenqwaba yabantu abanhliziyo ziqotho abasabelayo babe ngabafundi. Kule minyaka emihlanu edlule iyodwa, kube nabantu abacishe babe yizigidi ezingu-1,7 abanikezela ukuphila kwabo kuJehova. Ukunakekela izidingo zalokhu kwanda okuqhubekayo kwenza kudingeke ukuba kukhiqizwe amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini futhi kwakhiwe namaHholo OMbuso amasha nezinye izindawo zokuhlangana. Ivelaphi imali yokunakekela lezi zidingo? Eminikelweni yokuzithandela kuphela.

Ngenxa yobumpofu ezingxenyeni ezithile zomhlaba, abaningi bayashikashikeka ukuze nje batholele imikhaya yabo izinto eziyisisekelo. Ngokukamagazini i-New Scientist, abantu abayizigidi eziyinkulungwane basebenzisa okungenani amaphesenti angu-70 omholo wabo ukuthenga ukudla kodwa. Abafowethu nodadewethu abaningi abangamaKristu bakuleso simo. Ngaphandle kosizo lwabakholwa nabo, bebengeke babe namandla okuthola izinto ezinjengezincwadi zobuKristu noma amaHholo OMbuso afanelekayo.

Yebo, lokho akusho ukuthi abanjalo bamane baneliswe ukushiyela kwabanye ukuba babathwalele umthwalo wabo. Kodwa bayaludinga usizo. Lapho ekhuthaza ama-Israyeli ukuba anikele ngezinto ezibonakalayo ukuze abonge uJehova ngezibusiso zawo, uMose wathi: “Yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.” (Duteronomi 16:17) Ngakho, lapho uJesu ebona umfelokazi enikela “izinhlamvu zemali ezimbili ezincane zenani elincane kakhulu” ethempelini, wamncoma kubafundi bakhe. Wenza lokho ayengakwenza. (Luka 21:2, 3) Ngokufanayo, amaKristu asezimweni zobuphofu enza lokho angakwenza. Futhi uma kunganele, okuntulekayo kungagcwaliselwa yiminikelo yamanye amaKristu angempofu kangako ngokwezinto ezibonakalayo.—2 Korinte 8:13-15.

Lapho sibuyisela kuNkulunkulu ngezindlela ezinjalo, kubalulekile ukuba sibe nesisusa esifanele. (2 Korinte 8:12) UPawulu wathi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Ngokupha ngesandla esivulekile ngokusuka enhliziyweni, sisekela ukwanda kwenhlangano kaNkulunkulu okwenzekayo njengamanje, sibuye sandise neyethu injabulo.—IzEnzo 20:35.

Ukuhlangayela emsebenzini wokushumayela nokwenza iminikelo yokuzithandela kuyizindlela ezimbili esinganikela ngazo kuJehova sibonga izibusiso asinike zona. Futhi yeka indlela okukhuthaza ngayo ukwazi ukuthi uJehova ufisa ukuthululela isibusiso sakhe kwabaqotho abaningi abengeziwe, okungenzeka abakamazi manje! (2 Petru 3:9) Ngakho-ke, masiqhubeke sisebenzisa esinakho enkonzweni kaNkulunkulu ukuze sithole abanhliziyo ziqotho futhi sibasize ukuba babe nezimfanelo ezinjengokulalela, ukholo nokwazisa. Ngaleyo ndlela, siyoba nenjabulo yokubasiza ukuba ‘bezwe futhi babone ukuthi uJehova muhle.’—IHubo 34:8.

[Ibhokisi ekhasini 28, 29]

Izindlela Abanye Abakhetha Ukunikela Ngazo

IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE

Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi, “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.”

Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eseBrooklyn, eNew York, noma ehhovisi legatsha lendawo. Iminikelo yokuzithandela yemali ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile e-Accounting Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini. Kunganikelwa nangamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane eshoyo ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.

ILUNGISELELO LOMNIKELO ONOMBANDELA

Imali ingase inikelwe ngaphansi kwelungiselelo elikhethekile lokuthi uma onikelayo evelelwa yisidingo somuntu siqu, umnikelo ubuyiselwe kuye. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza uthintane ne-Accounting Office yehhovisi legatsha lendawo.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali neminikelo enemibandela yemali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:

Umshuwalense: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Society.

Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa kuyi-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile noma ngokuba indawo igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa noma yisiphi isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.

Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.

Uma unesithakazelo kunoma yiliphi lala malungiselelo okupha okuhleliwe, kufanele uthintane ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi noma ehhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini.

ACCOUNTING OFFICE

Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania

Private Bag X2067,

Krugersdorp, 1740, South Africa,

Ucingo: (011) 761-1000