“USuku Lokubekezelelana Ngokwenkolo”
“USuku Lokubekezelelana Ngokwenkolo”
EHLATSHWE umxhwele yingxoxo ayebe nayo noFakazi BakaJehova, uthisha-nhloko wesikole esithile sasePoland wabekela isikole sakhe “uSuku Lokubekezelelana Ngokwenkolo.” Wasikisela ukuba abathandayo kubafundi—amaKatolika, amaBuddha noFakazi BakaJehova—balungiselele izinkulumo ezimfushane zokwenza abanye abafundi bazi izinkolelo zabo nezinto abazenzayo. OFakazi BakaJehova abathathu abevé eshumini nambili bavolontiya ngokushesha.
Lapho lufika usuku, owokuqala ezikhulumini kwaba nguMalwina oneminyaka engu-15 ubudala. Ngokwengxenye, wathi: “Abaningi benu básazi singakezi ukuzofunda kulesi sikole ngoba sasike safika emakini. Cishe niyazibuza ukuthi kungani sifika njalo. Yingoba silandela isibonelo sikaJesu Kristu, uMsunguli wobuKristu. Wayeshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nomaphi lapho abantu babetholakala khona. Abaphostoli namanye amaKristu okuqala benza okufanayo. Ezindaweni eziningi, oFakazi BakaJehova babekezelela uvivinyo olunzima lokholo, kodwa siyajabula ngokuthi kwesethu isikole sinokuthula, eninesandla nonke kukho. Siyanibonga ngalokho!”
Lapho ephetha inkulumo yakhe, uMalwina wathi: “Kunesinye futhi isizathu esenza sifike emakini. Siyanikhathalela. IBhayibheli lithi maduze nje isintu sizokwehlelwa yizenzakalo ezinkulu. Ngakho ngokuzayo lapho singqongqoza kini, sizani nizinike isikhathi sokulalela. Sifisa ukunixoxela ukuthi singaphila kanjani phakade epharadesi emhlabeni.”
Isikhulumi esalandela kwaba nguMateusz, naye oneminyaka engu-15 ubudala. UMateusz watshela izilaleli zakhe ukuthi phakathi neminyaka edlule, oFakazi BakaJehova baye basebenzisa izindlela ezihlukahlukene ukuze basakaze izindaba ezinhle. Ngokwesibonelo, ngo-1914—ngenkathi yamabhayisikobho ayengenamazwi—oFakazi babebonisa abantu i-“Photo-Drama of Creation,” umbukiso wezithombe ezinyakazayo wama-slide ayehambisana namazwi.
UMateusz wachaza indima yomsakazo ekusakazeni isigijimi soMbuso wabe esechaza
isimiso se-computer esiyingqayizivele se-MEPS (Multilanguage Electronic Phototypesetting System) esakhiwa oFakazi BakaJehova. Walandisa nendlela oFakazi BakaJehova abaye basiza ngayo ekwaziseni odokotela ngezindlela zokwelapha ezingasebenzisi gazi. Wathi: “Manje, odokotela abaphambili balapha ePoland bakhuluma kahle kakhulu ngokuma kwethu futhi bagcizelela ukuthi unyaka ngamunye inani elandayo leziguli ezingebona oFakazi lihlinzwa ngaphandle kwegazi.”UMateusz waphetha ngokulandisa ngokwakhiwa kwamaHholo OMbuso, wathi: “Ningathanda yini ukuvakashela elethu? Kungenwa mahhala, futhi akunankongozelo.” Ekhuluma ngendawo yemihlangano emikhulu eseSosnowiec, uMateusz wathi: “Kufanele nisibone lesi sakhiwo esikhulu futhi esifeza umsebenzi waso. Kungani ningahambi nathi ukuya khona? Kukhona esikucabangayo, umngane wethu uKatarzyna uzonixoxela ngako.”
UKatarzyna oneminyaka engu-15 ubudala wabe esekhuluma ngentshiseko: “Namukelekile ukuza emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova ozoba seSosnowiec. Kuyoxoxwa nangezinto ezithinta intsha.” UKatarzyna wakhuluma nangomkhosi oyinhloko wamaKristu—iSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu. Wakhuthaza izilaleli zakhe: “Ngonyaka odlule kwaba nabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-14 emhlabeni wonke kulowo mkhosi. Kungani ningezi nani ngokulandelayo?”
Ngemva kwezinkulumo zabo, uMalwina, uMateusz noKatarzyna banika othisha incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu kanye namakhasethi amabili ama-video akhuluma ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova. * Othisha bazamukela lezi zinto babonga, bathembisa nokuzisebenzisa lapho befundisa ezomlando.
Ekupheleni kwesimiso, uMartyna oneminyaka engu-12 ubudala wadlalela bonke ababebuthene ingoma ethi “Siyakubonga, Jehova.” Lab’ oFakazi abasebasha ‘baqunga isibindi ngoNkulunkulu wabo’ banikeza ubufakazi obuhle. (1 Thesalonika 2:2) Yeka isibonelo esihle kakhulu koFakazi abasebasha yonke indawo!
[Umbhalo waphansi]
^ par. 9 Zikhishwa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 26]
UMalwina elungiselela inkulumo yakhe ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuyinikeza esikoleni
[Isithombe ekhasini 26]
UKatarzyna ekhetha imibhalo ayezoyisebenzisa enkulumweni