Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ensimini yase-Edene, inyoka yawufaka kanjani ku-Eva umqondo wokuba ephule umthetho kaNkulunkulu ophathelene nomuthi wokwazi okuhle nokubi?

UGenesise 3:1 uthi: “Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na?” Kuye kwaba nokusikisela okuhlukahlukene kokuthi inyoka yaxhumana kanjani no-Eva. Omunye umqondo uthi yaxhumana naye ngokushukuma komzimba. Ngokwesibonelo, umfundisi oyiNgisi uJoseph Benson waphawula: “Kubonakala kwakungaba ngezimpawu zohlobo oluthile. Abanye baye bacabangela ukuthi izinyoka zazinamandla okucabanga futhi zikhuluma, . . . nakuba bungekho ubufakazi balokhu.”

Ngokushukumisa umzimba, inyoka yayingawudlulisela kanjani ku-Eva umqondo wokuthi ngokudla isithelo esenqatshelwe wayeyofana noNkulunkulu, akwazi ukunquma ukuthi yikuphi okuhle nokubi? Ngaphezu kwalokho, u-Eva naye wahlanganyela engxoxweni, ephendula umbuzo owawuphakanyiswe inyoka. (Genesise 3:2-5) Umbono wokuthi inyoka yakhuluma ngezimpawu nangokushukuma komzimba kuphela ungaholela esiphethweni sokuthi u-Eva waphendula ngokusebenzisa ukushukuma komzimba, kanti iBhayibheli lithi wakhuluma.

Ebhekisela kulesi senzakalo, umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu akanye nawo: “Ngiyesaba ukuthi ngandlela-thile, njengoba inyoka yayenga u-Eva ngobuqili bayo, izingqondo zenu zingase zonakaliswe.” Ingozi ayekhuluma ngayo uPawulu yayivela “kubaphostoli bamanga, izisebenzi ezinenkohliso.” Usongo olwalubekwa yilaba “baphostoli abahle kakhulu” lwalungagcini kuphela ngokushukuma komzimba. Lwaluhlanganisa inkulumo yabo—amazwi abo obuqili, ayeshiwo ngenjongo yokudukisa abanye.—2 Korinte 11:3-5, 13.

Nakuba kwasetshenziswa inkulumo ukuze kudukiswe u-Eva ensimini yase-Edene, akukho okusikisela ukuthi inyoka yangempela yayinemisipha yezwi. Empeleni yayingayidingi. Lapho ingelosi kaNkulunkulu ikhuluma noBileyamu ngembongolo, lesi silwane sasingalidingi iphimbo elifana nelomuntu. (Numeri 22:26-31) Ngokusobala, lapho lesi ‘silwane esithwalayo esingenazwi sikhuluma ngezwi lomuntu,’ amandla okwenza kanjalo ayevela endaweni yomoya.—2 Petru 2:16.

Isidalwa somoya esakhulumisa inyoka eyakhuluma no-Eva sivezwa eBhayibhelini ngokuthi “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane.” (IsAmbulo 12:9) Amazwi u-Eva awezwa nasabela kuwo ayevela kuSathane, yena “oqhubeka eziguqula ingelosi yokukhanya.”—2 Korinte 11:14.

[Isithombe ekhasini 27]

‘Niyoba njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi’