Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Likhona Ithemba Lensindiso?

Ingabe Likhona Ithemba Lensindiso?

Ingabe Likhona Ithemba Lensindiso?

Ikhulu leminyaka lama-20 liye labizwa ngelinye lalawo okuye kwachitheka igazi kakhulu kulo kunawo wonke emlandweni wesintu. Ubugebengu, izimpi, izingxabano zobuhlanga, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ukungathembeki nobudlova kuye kwadlanga ngokukhethekile emashumini eminyaka ambalwa asanda kudlula. Ngaphezu kwalokhu, nezela ubuhlungu nokuhlupheka okuye kwabangelwa ukugula, ukuguga nokufa. Ubani nje ongakulangazeleli ukukhululwa ezinkingeni ezinkulu ezisezweni namuhla? Uma sibheka ikusasa, likhona yini ithemba lensindiso?

CABANGA ngombono umphostoli uJohane awuboniswa eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule. Wabhala: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) Nomprofethi u-Isaya wabikezela okufanayo: “Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.”—Isaya 25:8.

Cabanga nje ukuthi ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu kuyosho ukuthini! Isintu siyohlengwa, noma sikhululwe, ekucindezelweni nasebudloveni, ezimbangeleni zokuhlupheka nosizi. Phela, ngisho nokugula, ukuguga nokufa imbala ngeke kusasihlupha! IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithembisa ukuphila okuphakade ezimweni eziphelele emhlabeni. (Luka 23:43; Johane 17:3) Futhi bonke abakufisayo bangakuthola. ‘Intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’—1 Thimothewu 2:3, 4.

Nokho, ukuze sizuze ezithembisweni zikaNkulunkulu, kumelwe siqonde indima efezwa nguJesu Kristu ekusindisweni kwethu futhi sibonise ukholo kuye. UJesu ngokwakhe wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Ebhekisele endimeni kaJesu Kristu eyinhloko kule ndaba, umphostoli uPetru wathi: “Ayikho insindiso kunoma ubani omunye, ngoba alikho elinye igama ngaphansi kwezulu elinikwe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.” (IzEnzo 4:12) Umphostoli uPawulu nomngane wakhe uSila banxusa umuntu owayebuza ngobuqotho: “Kholelwa eNkosini uJesu futhi uzosindiswa, wena nendlu yakho.”—IzEnzo 16:30, 31.

Yebo, uJesu Kristu ‘unguMmeli Oyinhloko wokuphila,’ futhi insindiso itholakala ngaye kuphela. (IzEnzo 3:15) Kodwa kungenzeka kanjani ukuba umuntu oyedwa abe semqoka kangaka ekusisindiseni? Ukuyiqonda ngokucacile indima yakhe kulokhu kufanele kuqinise ithemba lethu lensindiso.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 2]

Page 3: Bombers: USAF photo; starving children: UNITED NATIONS/J. FRAND; burning battleship: U.S. Navy photo