Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubusingatha Kanjani Ubuzenzisi?

Ubusingatha Kanjani Ubuzenzisi?

Ubusingatha Kanjani Ubuzenzisi?

ENSIMINI yaseGetsemane, uJuda Iskariyothe waya kuJesu wafike “wamanga ngesisa esikhulu.” Lokhu kwakuyindlela evamile yokubonisa uthando olufudumele. Kodwa isenzo sikaJuda sasimane siwukuzenzisa ukuze abonise ababezobopha uJesu ebusuku ukuthi uyena muphi. (Mathewu 26:48, 49) UJuda wayengumzenzisi—umuntu ozishaya lokho angeyikho, ofihla izisusa zakhe ezimbi azenze umuntu oqotho. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umzenzisi” lisho “umuntu ophendulayo” futhi lisho nomdlali waseshashalazini. Ngokuhamba kwesikhathi, leli gama lagcina selisho noma ubani omane nje ezishaya lokho angeyikho ukuze akhohlise abanye.

Usabela kanjani ebuzenzisini? Ngokwesibonelo, uyathukuthela yini lapho ubona abakhiqizi bakasikilidi bekhuthaza ukubhema naphezu kobufakazi bezempilo bokuthi umkhiqizo wabo uyingozi? Ingabe buyakuthukuthelisa ubuzenzisi babanakekeli abaxhaphaza labo abaphathiswe ukuba babanakekele? Ingabe uphatheka kabi lapho umngane obucabanga ukuthi uqotho kuvela kamuva ukuthi akathembekile? Bukuthinta kanjani ubuzenzisi obungokwenkolo?

“Maye Kini . . . Bazenzisi!”

Cabanga ngesimo esingokwenkolo esasikhona ngesikhathi uJesu esemhlabeni. Ababhali nabaFarisi babezishaya abafundisi abaqotho boMthetho kaNkulunkulu, kodwa empeleni babegxisha izingqondo zabantu ngezimfundiso zabantu ezazenza uNkulunkulu anganakwa. Ababhali nabaFarisi ngokucophelela bagcizelela ukuba umthetho ugcinwe njengoba unjalo, kodwa abazange bazinake izimiso eziyisisekelo ezazibonisa uthando nobubele. Lapho bephakathi kwabantu babezishaya abazinikele kuNkulunkulu, kodwa lapho bengasese babegcwele ububi. Izenzo zabo zazingahambisani neze namazwi abo. Umgomo wabo ekwenzeni izinto ‘kwakuwukubonwa abantu.’ ‘Babefana namathuna acakiwe, ngaphandle abonakala emahle ngempela kodwa ngaphakathi agcwele amathambo abantu abafileyo nayo yonke inhlobo yokungahlanzeki.’ Edalula ubuzenzisi babo ngesibindi, uJesu ngokuphindaphindiwe wathi kubo: “Maye kinina, babhali nabaFarisi, bazenzisi!”—Mathewu 23:5, 13-31.

Ukube wawuphile ngalezo zinsuku, njengabanye abantu abaqotho, ubuzenzisi obunjalo obungokwenkolo babungase bukunenge ngempela. (Roma 2:21-24; 2 Petru 2:1-3) Kodwa ingabe wawuyovumela ubuzenzisi bababhali nabaFarisi bukwenze ucasuke kangangokuba uzonde yonke inkolo, kuhlanganise naleyo eyayifundiswa futhi iqhutshwa nguJesu Kristu nabafundi bakhe? Kwakungeke yini kube ukuzigwaza ngowakho?

Ukuziphatha kokuzenzisa kwabantu benkolo kungase kusenze sinengwe yinkolo, siyifulathele. Nokho, ukusabela kanjalo kungasenza futhi singabuboni ubuqotho babakhulekeli beqiniso. Yona kanye imingcele esiyibekayo ukuze sizivikele ebuzenzisini empeleni ingasihlukanisa nabangane abaqotho. Ngakho-ke, indlela esisabela ngayo ebuzenzisini kufanele ibe nengqondo ilinganisele.

“Hlalani Nivulé Amehlo”

Okokuqala, kumelwe sifunde ukubona abazenzisi. Lokhu akulula ngaso sonke isikhathi. Omunye umkhaya wafunda lokhu ngokulahlekelwa kakhulu. Umama wekhaya wayesesimweni sokuquleka. Lapho lo mkhaya usimangalela ngecala lobudedengu isibhedlela okwakwenzeke kuso lokhu, waqasha ummeli futhi owayengumshumayeli esontweni lendawo. Nakuba isibhedlela sakhokha isinxephezelo esiyizigidi zamaRandi angu-27,2, usizi lwalo mkhaya lwaba lubi nakakhulu. Umama wakhona washona ewuphuya, kungekho nemali yokumngcwaba. Ngani? Ummeli wayezithathele ingxenye enkulu yemali. Mayelana nalo mmeli, iphephabhuku elithile lezomthetho lathi: “Uma kuwukuthi ubeshumayela ngokuvumelana nokuziphatha kwakhe . . . , umyalezo wakhe ubuyothi: kubamba ezingelayo.” Singazivikela kanjani kubantu abanjalo?

UJesu wanika labo ababebhekene nobuzenzisi obungokwenkolo ngosuku lwakhe iseluleko esithi: “Hlalani nivulé amehlo.” (Mathewu 16:6; Luka 12:1) Yebo, kumelwe siqaphe. Abantu bangase bazishaye abanezinhloso ezinhle ngokumangalisayo, kuthi noma ubabheka ubone ubuqotho bodwa kubo, kodwa kudingeka sibonise ukuqapha okunengqondo, singamukeli wonke umuntu ngokwalokho abonakala eyikho ngaphandle. Besingeke yini siyihlolisise imali yethu engamaphepha uma sazi ukuthi kukhona abasebenzisa imali yomgunyathi?

Abazenzisi baye bavela ngisho nangaphakathi ebandleni lobuKristu beqiniso. Umfundi uJude waxwayisa ngabo, ethi: “Laba bangamadwala afihleke ngaphansi kwamanzi emadilini enu othando kuyilapho bedla nani, bangabelusi abazondla bona ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi apheshulwa umoya ayiswe ngapha nangapha; bayimithi ekupheleni kwekwindla, kodwa engenazithelo.”—Jude 12.

‘Ukuhlala sivulé amehlo’ kusho ukugwema ukukhohliswa ngumuntu ozishaya onothando kodwa empeleni ozicabangela yena [ngugombela kwesakhe] futhi othuthukisa imibono engasekelwe eZwini likaNkulunkulu. Njengedwala elinezingedla elingaphansi nje kwamanzi azolile, umuntu onjalo angabangela ukuphihlizekelwa umkhumbi ngokomoya kwabangaqaphele. (1 Thimothewu 1:19) Umzenzisi angase athembise ukuqabuleka okukhulu okungokomoya kodwa kamuva kuvele ukuthi ‘uyifu elingenamanzi’—elingalethi mvula. Njengomuthi ongenazithelo, umkhohlisi akanazo izithelo zangempela zobuKristu. (Mathewu 7:15-20; Galathiya 5:19-21) Yebo, kudingeka sihlale siqaphile ngokuphathelene nabakhohlisi abanjalo. Nokho, lokho kumelwe sikwenze ngaphandle kokusola izisusa zawo wonke umuntu.

“Yekani Ukwahlulela”

Yeka ukuthi kulula kanjani ngabantu abangaphelele ukuphawula ukushiyeka kwabanye bebe bengakunaki okwabo! Nokho, lokhu kuthambekela kusenza sibe sengozini yobuzenzisi. UJesu wathi: “Mzenzisi! Khipha kuqala umshayo esweni lakho siqu, khona-ke uyobona ngokucacile ukuthi ungawukhipha kanjani umucu wotshani esweni lomfowenu.” Kuhle sisilalele lesi seluleko: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa; ngoba noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, niyokwahlulelwa ngaso . . . Khona-ke, kungani ubheka umucu wotshani osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngomshayo osesweni lakho siqu?”—Mathewu 7:1-5.

Lapho ngezinye izikhathi abanye benza izinto ezibonakala ziwubuzenzisi, kumelwe siqaphele ukuba singajahi ukubabiza ngabazenzisi. Ngokwesibonelo, umphostoli uPetru “waqala ukuhoxa futhi wazihlukanisa” nabeZizwe akholwa nabo e-Antiyokiya ukuze ajabulise izivakashi ezingamaJuda ezivela eJerusalema. NoBarnaba ‘waholeleka kanye noPetru nabanye kulokhu kuzenzisa.’ Lokhu wakwenza naphezu kokuba ayenikezwe ilungelo lokuvulela abeZizwe indlela yokuba bamukelwe ebandleni lobuKristu.’ (Galathiya 2:11-14; IzEnzo 10:24-28, 34, 35) Kodwa ngokuqinisekile lokhu kushiyeka kukaBarnaba noPetru akubabekanga esimweni esifanayo nababhali nabaFarisi noma noJuda Iskariyothe.

“Uthando Lwenu Malungabi Nabuzenzisi”

UJesu wayala: “Lapho wenzela abanye abantu okuhle ungaqashi umshayi wecilongo ukuze ahambe phambi kwakho—njengalabo badlali bemidlalo emasinagogeni nasemigwaqweni abaqikelelayo ukuthi abantu bayabababaza.” (Mathewu 6:2, Phillips) Umphostoli uPawulu wabhala: “Uthando lwenu malungabi nabuzenzisi.” (Roma 12:9) Wakhuthaza uThimothewu owayesemncane ukuba abe ‘nothando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo nasokholweni olungenabuzenzisi.’ (1 Thimothewu 1:5) Uma uthando nokholo lwethu kuqotho—kungangcolisiwe ubugovu nokukhohlisa—abanye bayosethemba. Siyoba umthombo wangempela wamandla nesikhuthazo kulabo abasizungezile. (Filipi 2:4; 1 Johane 3:17, 18; 4:20, 21) Futhi ngaphezu kwakho konke, siyokwamukeleka kuJehova.

Ngakolunye uhlangothi, ubuzenzisi buyogcina bubabulele labo ababusebenzisayo. Ekugcineni, ubuzenzisi buyodalulwa bube sobala. UJesu Kristu wathi: “Akukho okumboziwe okungeke kwambulwe, nokusithekile okungeke kwaziwe.” (Mathewu 10:26; Luka 12:2) Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “UNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.”—UmShumayeli 12:14.

Sisalindele leso sikhathi, kungani sivumela ubuzenzisi babanye ukuba busithonye kangangokuba sizincishe uthando oluqotho lwabangane beqiniso? Singaba abaqaphile ngaphandle kokuba abasola ngokweqile. Futhi masigcine olwethu uthando nokholo kungenabo ubuzenzisi.—Jakobe 3:17; 1 Petru 1:22.

[Isithombe ekhasini 22, 23]

Wawuyobuvumela yini ubuzenzisi bababhali nabaFarisi bukwenze ufulathele uJesu Kristu nabafundi bakhe?