Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ekukhanyeni Kwakho Siyakubona Ukukhanya”

“Ekukhanyeni Kwakho Siyakubona Ukukhanya”

“Ekukhanyeni Kwakho Siyakubona Ukukhanya”

NGOKUVAMILE ukukhanya sikuthatha kalula—kuze kube yilapho kuhamba ugesi bese indawo esakhe kuyo igubuzelwa ubumnyama. ‘Iziko lethu lokukhanya’ elisemkhathini—ilanga—linokwethenjelwa ngokuphelele. Futhi ngenxa yokukhanya okuvela elangeni, siyakwazi ukubona, ukudla, ukuphefumula nokuphila.

Njengoba ukukhanya kudingeka ukuze kube nokuphila, akufanele kusimangaze ukufunda kuGenesise ukuthi ukukhanya kwaba khona ngosuku lokuqala lokudala. “UNkulunkulu wathi: ‘Makube khona ukukhanya;’ kwaba khona ukukhanya.” (Genesise 1:3) Selokhu kwathí nhlo, amadoda ahloniphayo njengeNkosi uDavide ayeqaphela uJehova njengowumthombo wokuphila nokukhanya. UDavide wabhala: “Ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.”—IHubo 36:9.

Amazwi kaDavide asebenza ngomqondo ongokoqobo nongokomfanekiso. I-Encyclopædia Britannica ithi: “Ngokuqinisekile, ukukhanya kunengxenye enzweni yokubona.” Ibe isinezela: “Imininingwane efika ngamehlo ebuchosheni miningi ngaphezu kweyazo zonke ezinye izitho zezinzwa.” Njengoba okuningi kwalokho esikufundayo kuxhomeke esiphweni sokubona—esidinga ukukhanya ukuze sisebenze kahle—ukukhanya kuyasetshenziswa nangomqondo ongokomfanekiso emiBhalweni.

Ngakho, uJesu watshela abafundi bakhe: “Mina ngiwukukhanya kwezwe. Lowo ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyoba nokukhanya kokuphila.” (Johane 8:12) Ukukhanya okungokomfanekiso uJesu ayekhuluma ngakho kwakuyisigijimi seqiniso ayesishumayela, esasingakhanyisa izingqondo nezinhliziyo zezilaleli zakhe. Ngemva kweminyaka eminingi yobumnyama obungokomoya, ekugcineni abafundi bakaJesu base bengayiqonda injongo kaNkulunkulu ngesintu nethemba loMbuso. Lokhu ‘kwakuwukukhanya kokuphila’ ngempela, njengoba lolo lwazi lwalungaholela ekuphileni okuphakade. Lapho ethandaza kuYise osezulwini, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kwangathi singelokothe sikuthathe kalula lokhu kukhanya okungokomoya!