Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMthetho Wegolide—Imfundiso Yomhlaba Wonke

UMthetho Wegolide—Imfundiso Yomhlaba Wonke

UMthetho Wegolide—Imfundiso Yomhlaba Wonke

“Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

LAWO mazwi ashiwo nguJesu Kristu eNtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni eminyakeni ecishe ibe yizinkulungwane ezimbili edlule. Emakhulwini eminyaka kusukela ngaleso sikhathi, kuye kwashiwo futhi kwabhalwa okuningi ngalawo mazwi acacile. Ngokwesibonelo, aye anconywa ngokuthi “awumgogodla womBhalo,” “ukubekwa ngamafuphi kwesibopho somKristu kumakhelwane wakhe,” “isimiso esiyisisekelo sokuziphatha.” Aye aziwa kakhulu kangangokuthi ngokuvamile aye abizwa ngokuthi uMthetho Wegolide.

Nokho, umqondo walo Mthetho Wegolide awugcini neze emazweni okuthiwa awobuKristu. UbuJuda, ubuBuddha nefilosofi yamaGreki konke kwasicacisa ngandlela-thile lesi simiso sokuziphatha. Kubantu baseMpumalanga Ekude, kunenkulumo edume kakhulu kaConfucius, ohlonishwa njengoyisazi nomfundisi omkhulu kunabo bonke eMpumalanga. Encwadini ethi The Analects, engeyesine kwethi Four Books kaConfucius, sithola lo mqondo uvezwe kathathu. Kabili lapho ephendula imibuzo yabafundi, uConfucius wathi: “Lokho ongafuni kwenziwe kuwe, ungakwenzi kwabanye.” Ngesinye isikhathi, lapho umfundi wakhe uZigong eqhosha ethi “Lokho engingafuni abanye bakwenze kimi, nami angifuni ukukwenza kubo,” lo mfundisi wanikeza impendulo esangulukisayo, “Yebo, kodwa awukakakwazi ukukwenza lokhu.”

Lapho umuntu efunda la mazwi, angabona ukuthi amazwi kaConfucius ayinkulumo echaza okwashiwo uJesu kamuva, kodwa wona awahileli isenzo. Umehluko osobala ukuthi uMthetho Wegolide owashiwo nguJesu udinga ukuthatha izinyathelo eziqondile zokwenza okuhle kwabanye. Ake sithi bonke abantu bebenza ngokwamazwi kaJesu ahilela isinyathelo esiqondile, benakekelana futhi bethatha izinyathelo zokusiza abanye, bephila ngokwalo mthetho nsuku zonke. Ucabanga ukuthi lokho bekuyokwenza izwe lanamuhla libe yindawo engcono? Akungabazeki.

Kungakhathaliseki ukuthi lo mthetho ushiwo ngendlela ehilela isenzo noma engasihileli, nanoma iyiphi enye, okuphawulekayo ukuthi abantu ezikhathini ezihlukene nasezindaweni ezihlukene futhi abanezizinda ezihlukahlukene baye bawukholelwa kakhulu umqondo oqukethwe uMthetho Wegolide. Lokhu kumane kubonisa ukuthi lokho uJesu akusho eNtshumayelweni YaseNtabeni kuyimfundiso yomhlaba wonke ethinta ukuphila kwabantu kuyo yonke indawo nganoma iyiphi inkathi.

Zibuze, ‘Ngingathanda yini ukuphathwa ngenhlonipho, ngokungabandlululwa nangokwethembeka? Ngingathanda yini ukuphila ezweni elingenakho ukucwasana kobuhlanga, ubugebengu nempi? Ngingathanda yini ukuba semkhayeni omalungu awo wonke abonisa ukukhathalela imizwa nenhlalakahle yabanye?’ Ubani ngempela ongathi cha kulokho? Iqiniso elibuhlungu ukuthi bambalwa kakhulu abajabulela lezi zimo. Iningi labantu, libheka ukufisa lezi zinto njengephupho.

Ukonakaliswa KoMthetho Wegolide

Kuwo wonke umlando, kuye kwaba namacala obugebengu aphambene nobuntu, kuwona amalungelo abantu aye angashaywa mkhuba ngokuphelele. Lawa ahilela ukuhweba ngezigqila eziphuma e-Afrika, amakamu okufa amaNazi, ukugqilazwa kwezingane ngempoqo nokuqothulwa kwezinhlanga okunonya ezindaweni ngezindawo. Uhlu lwalezi zinto ezesabekayo lude kakhulu kunalokhu.

Namuhla, izwe lethu eliqhakambisa ezobuchwepheshe lingugombela kwesakhe. Bambalwa abantu abacabanga ngabanye lapho ukwenza kanjalo kubeka isimo sabo ebucayini noma lapho kusongela lokho abathi amalungelo abo. (2 Thimothewu 3:1-5) Kungani abantu abaningi kangaka beye baba ngamagovu, abanonya, abangazweli nabangogombela kwesabo? Akubangelwa yini ukuthi, nakuba uMthetho Wegolide usaziwa ngabaningi, kodwa ushaywa indiva njengongasebenzi, oyisimiso sokuziphatha esesiyigxaba? Ngokudabukisayo, lokhu kunjalo ngisho nakwabaningi abathi bakholelwa kuNkulunkulu. Futhi ngokwendlela izinto ezenzeka ngayo, abantu bazoba ogombela kwesabo nakakhulu.

Ngakho-ke, imibuzo ebalulekile okumelwe icatshangelwe ithi: Kuhilelani ukuphila ngoMthetho Wegolide? Bakhona yini abantu abasaphila ngawo? Futhi siyoke sibe khona yini isikhathi lapho sonke isintu siyophila ngokuvumelana noMthetho Wegolide? Ukuze uthole izimpendulo eziyiqiniso zale mibuzo, siza ufunde isihloko esilandelayo.

[Isithombe ekhasini 3]

UConfucius nabanye báfundisa uMthetho Wegolide ngezindlela ezihlukene