Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMthetho Wegolide—Uyasebenza

UMthetho Wegolide—Uyasebenza

UMthetho Wegolide—Uyasebenza

Nakuba iningi labantu libheka uMthetho Wegolide njengemfundiso yokuziphatha eyashiwo uJesu, yena ngokwakhe wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.”—Johane 7:16.

YEBO, uMsunguli walokho uJesu akufundisa, kuhlanganise nalokho okwagcina kwaziwa ngokuthi uMthetho Wegolide, yilowo owathuma uJesu, uMdali, uJehova uNkulunkulu.

Injongo kaNkulunkulu ekuqaleni kwakuwukuba sonke isintu siphathane ngendlela esingathanda ukuphathwa ngayo. Wabeka isibonelo esihle kunazo zonke sokubonisa ukukhathalela inhlalakahle yabanye endleleni adala ngayo abantu: “UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.” (Genesise 1:27) Lokhu kusho ukuthi ngothando uNkulunkulu wanika abantu isilinganiso esithile sezimfanelo zakhe ezivelele ukuze bakwazi ukuphila ngokuthula nenjabulo nangokuzwana—bakwazi ukwenza lokhu phakade. Lapho uqeqeshwe ngokufanele, unembeza wabo abawunikwe uNkulunkulu wawuyobaqondisa ukuba baphathe abanye ngendlela abangathanda ukuphathwa ngayo ngokwabo.

Ubugovu Buyangenela

Njengoba isintu sasinesiqalo esihle kangako, kwénzekani? Kalula nje, kwavela ubugovu. Iningi labantu liyayazi indaba yeBhayibheli yalokho okwenziwa abantu bokuqala ababili, njengoba ilotshwe kuGenesise isahluko 3. Begqugquzelwa nguSathane, umphikisi wezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga, o-Adamu no-Eva bakwenqaba ngobugovu ukubusa kukaNkulunkulu, bakhetha ukuzibusa nokuzinqumela. Isenzo sabo sobugovu nokuvukela asiphumelanga ekulahlekelweni kwabo kuphela kodwa nasemiphumeleni edabukisayo kuyo yonke inzalo yabo ababesazoba nayo. Lokho kwakuwukubonakaliswa okucacile komphumela omubi wokushaya indiva imfundiso eyagcina yaziwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Ngenxa yalokho, “ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”—Roma 5:12.

Nakuba isintu sisonke sazifulathela izindlela zikaJehova uNkulunkulu zothando, yena akazange asilahle. Ngokwesibonelo, uJehova wanika isizwe sama-Israyeli uMthetho wakhe ukuze usiqondise. Wawafundisa ukuphatha abanye ngendlela nawo ayengathanda ukuphathwa ngayo. UMthetho wanikeza isiqondiso ekuphatheni izigqila, izintandane nabafelokazi. Wachaza indlela okwakufanele kusingathwe ngayo amacala okuhlasela, ukuthumba nokweba. Imithetho yenhlanzeko yayibonisa ukukhathalela impilo yabanye. Kwakukhona ngisho nemithetho yezindaba eziphathelene nobulili. UJehova wabeka uMthetho wakhe ngamafuphi ngokuthi kubantu: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” amazwi uJesu awacaphuna kamuva. (Levitikusi 19:18; Mathewu 22:39, 40) UMthetho wathinta nendlela okwakufanele baphathwe ngayo abafokazi ababephakathi kwama-Israyeli. Wayala: “Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi, lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe.” Ngamanye amazwi, ama-Israyeli kwakufanele abonise umusa wokuzwelana nabasekuhluphekeni.—Eksodusi 23:9; Levitikusi 19:34; Duteronomi 10:19.

Uma nje u-Israyeli ayewulandela ngokwethembeka uMthetho, uJehova wayesibusisa isizwe. Ngaphansi kokubusa kukaDavide nokukaSolomoni, isizwe sachuma futhi abantu babejabule, benelisekile. Ukulandisa okungokomlando kuyasitshela: ‘OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula. OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe.’—1 AmaKhosi 4:20, 25.

Ngokudabukisayo, ukuthula nokulondeka kwalesi sizwe akuqhubekanga isikhathi eside. Nakuba ayenoMthetho kaNkulunkulu, ama-Israyeli awazange awulalele; avumela ubugovu ukuba buqede ukukhathalela kwawo abanye. Lokhu, kanye nokuhlubuka, kwaphumela ebunzimeni kuwo njengabantu ngabanye nanjengesizwe. Ekugcineni, ngonyaka ka-607 B.C.E., uJehova wavumela abaseBabiloni ukuba babhubhise umbuso wakwaJuda, umuzi waseJerusalema ngisho nethempeli elihle ngokubabazekayo elalilapho. Ngasiphi isizathu? “‘Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami, bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,’ usho uJehova, ‘noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.’” (Jeremiya 25:8, 9) Yeka ukuthi bazilimaza kangakanani ngokulahla ukukhulekelwa kukaJehova okumsulwa!

Isibonelo Sokulingiswa

Ngakolunye uhlangothi, uJesu Kristu akagcinanga ngokufundisa uMthetho Wegolide kuphela kodwa futhi wabeka isibonelo esihle kakhulu sokuwulandela. Wayeyikhathalela ngobuqotho inhlalakahle yabanye. (Mathewu 9:36; 14:14; Luka 5:12, 13) Ngesinye isikhathi engasemzini waseNayini, uJesu wabona umfelokazi ososizini esodwendweni lomngcwabo wendodana yakhe ewukuphela kwayo. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Lapho iNkosi imbona, yaba nesihawu ngaye.” (Luka 7:11-15) Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words, inkulumo ethi “yaba nesihawu” isho “ukuthinteka njengokungathi ezibilinini.” UJesu wezwa ubuhlungu benhliziyo yomfelokazi, kwamshukumisela ukuba athathe isinyathelo sokudambisa ubuhlungu bakhe. Yeka injabulo aba nayo lowo mfelokazi lapho uJesu evusa umfana futhi ‘emnika unina’!

Okokugcina, ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu, uJesu wavuma ukuhlupheka, wanikela ngokuphila kwakhe njengesihlengo ukuze isintu sikhululwe ebugqilini besono nokufa. Lesi kwakuyisibonelo esizidlula zonke sokuphila ngokuvumelana noMthetho Wegolide.—Mathewu 20:28; Johane 15:13; Heberu 4:15.

Abantu Abasebenzisa UMthetho Wegolide

Bakhona yini esikhathini sethu abantu abaphila ngokuvumelana noMthetho Wegolide ngempela? Yebo, futhi abagcini ngokwenza kanjalo kuphela lapho kuvumelana nezimo zabo. Ngokwesibonelo, phakathi neMpi Yezwe II eJalimane lobuNazi, oFakazi BakaJehova balondoloza ukholo lwabo kuNkulunkulu nothando ngomakhelwane, benqaba ukuyekethisa uMthetho Wegolide. Lapho uMbuso uphoqelela ukuba kube nomkhankaso wokuzonda nokubandlulula wonke amaJuda, oFakazi baqhubeka belandela uMthetho Wegolide. Ngisho nasemakamu okuhlushwa, baqhubeka benakekela abanye abantu, babelana ngokudla kwabo namaJuda nabangewona amaJuda ngokufanayo, yize kwakukuncane. Ngaphezu kwalokho, nakuba babeyalwa uMbuso ukuba bathathe izikhali babulale abanye, benqaba ukwenza kanjalo, njengoba nje nabo babengafisi ukubulawa abanye. Babengababulala kanjani nje abantu obekufanele babathande njengoba bezithanda bona? Ngenxa yokwenqaba kwabo, abaningi babo abagcinanga ngokuthunyelwa emakamu okuhlushwa kuphela kodwa babulawa.—Mathewu 5:43-48.

Njengoba ufunda lesi sihloko, uzuza kwesinye futhi isibonelo sokusebenza koMthetho Wegolide. OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi abantu abaningi namuhla bahlupheka ngendlela engenathemba futhi abanalusizo. Ngenxa yalokhu, ngokuzithandela oFakazi bathatha izinyathelo zokusiza abanye ukuba bafunde ngethemba nesiqondiso esisebenzayo esitholakala eBhayibhelini. Konke kuyingxenye yomsebenzi wokufundisa wembulunga yonke owenziwa ngezinga ongakaze wenziwe ngalo. Uba yini umphumela? Njengoba kwaprofethwa ku-Isaya 2:2-4, “abantu abaningi,” empeleni abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emhlabeni wonke, baye ‘bafundiswa izindlela zikaJehova futhi bahamba emikhondweni yakhe.’ Ngomqondo ongokomfanekiso, baye bafunda ‘ukukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba nemikhonto yabo ibe ngocelemba.’ Baye bathola ukuthula nokulondeka kulezi zikhathi zeziyaluyalu.

Kuthiwani Ngawe?

Ake ucabange isikhashana ngobuhlungu nokuhlupheka ukunganakwa koMthetho Wegolide okuye kwakuletha esintwini kusukela ekuhlubukeni kwase-Edene, okwagqugquzelwa nguSathane uDeveli. Injongo kaJehova iwukusilungisa maduze nje lesi simo. Kanjani? “Ngenxa yalenjongo iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa, okuwukuthi, ukuzobhidliza imisebenzi kaDeveli.” (1 Johane 3:8) Lokhu kuyokwenzeka ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, osezandleni zikaJesu Kristu ohlakaniphile nonekhono, owafundisa futhi waphila ngokuvumelana noMthetho Wegolide.—IHubo 37:9-11; Daniyeli 2:44.

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide yathi: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla. Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.” (IHubo 37:25, 26) Awuvumi yini ukuthi iningi labantu namuhla liyathatha, lihlwithe, kunokuba ‘lihawukele, litsheleke’? Ngokusobala, ukulandela uMthetho Wegolide kungaholela ekuthuleni nokulondeka kweqiniso ngoba kwenza umuntu abe sethubeni lokuthola izibusiso manje nasesikhathini esizayo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. UMbuso kaNkulunkulu uyosusa yonke iminonjana yobugovu nobubi emhlabeni, ulethe isimiso esisha esenziwe nguNkulunkulu esikhundleni salesi simiso sokubusa kwabantu okonakele. Ngaleso sikhathi, bonke abantu bayojabulela ukuphila ngoMthetho Wegolide.—IHubo 29:11; 2 Petru 3:13.

[Izithombe ekhasini 4, 5]

UJesu akagcinanga ngokuwufundisa kuphela uMthetho Wegolide kodwa futhi wabeka isibonelo esizidlula zonke sokuphila ngawo

[Izithombe ekhasini 7]

Ukulandela uMthetho Wegolide kungaholela ekuthuleni nokulondeka kweqiniso