Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakugwema Ukumelwa Yinhliziyo Ngokomoya

Ungakugwema Ukumelwa Yinhliziyo Ngokomoya

Ungakugwema Ukumelwa Yinhliziyo Ngokomoya

Umdlali ophambili emhlabeni, onekhono elihle futhi obonakala esesimweni esihle kakhulu somzimba, washayeka phansi wafa kungazelelwe eprakthiza. Lo mdlali kwakunguSergei Grinkov, umshushuluzi waseqhweni owayesezuze indondo yegolide kuma-Olympic kabili, okusasa lakhe lanqamuka lisaqala nje ukuqhakaza—eneminyaka engu-28 kuphela ubudala. Ave kudabukisa! Yayiyini imbangela? Ukumelwa yinhliziyo. Kwathiwa ukufa kwakhe kwakungalindelekile neze ngoba kwakungekho noluncane uphawu lokuthi wayenesifo senhliziyo. Nokho, abahloli bathola ukuthi inhliziyo yakhe yayivuvukele nemithambo yegazi yenhliziyo ivaleke kakhulu.

NAKUBA kungase kubonakale sengathi abaningi bamelwa yinhliziyo bengabanga nazimpawu ezixwayisayo, izazi zezokwelapha zithi kuyaqabukela kwenzeka. Iqiniso liwukuthi izimpawu ezingamabika nezici eziwumthelela ezinjengephika, umzimba omkhulu ngokweqile namahlaba esifubeni ngokuvamile azinakwa. Ngenxa yalokho, ngisho noma kungenzeka ukuba bangafi lapho bemelwa yinhliziyo, abaningi kubashiya bekhubazeke kakhulu ekuphileni kwabo konke.

Iningi lezazi zezokwelapha namuhla liyavuma ukuthi ukuvimbela ukumelwa yinhliziyo kudinga ukuba umuntu ahlale njalo eqaphe ukudla akudlayo nendlela aphila ngayo futhi ahlolwe njalo. * Lezo zinyathelo, kanye nokuzimisela ngobuqotho ukwenza ushintsho lapho kudingeka khona, ziyosiza kakhulu ekuvikeleni umuntu emiphumeleni edabukisayo yokumelwa yinhliziyo.

Nokho, kukhona esinye isici senhliziyo yethu esidinga ukunakwa nakakhulu. “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho,” kuxwayisa iBhayibheli, “ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.” (IzAga 4:23) Yebo, lo mbhalo ubhekisela ngokuyinhloko enhliziyweni engokomoya engokomfanekiso. Kudingeka ukuqapha ukuze silonde inhliziyo yethu engokoqobo, kodwa kubaluleke nakakhulu ukuhlale siqaphile uma sifuna ukuvikela inhliziyo yethu engokomfanekiso ezifweni ezingaholela ekufeni okungokomoya.

Ukuhlaziya Ukumelwa Yinhliziyo Okungokomfanekiso

Njengoba kunjalo ngesifo senhliziyo engokoqobo, enye yezindlela eziqinisekile zokuvimbela ukumelwa yinhliziyo ngomqondo ongokomoya iwukufunda ngezimbangela zako bese uthatha izinyathelo wenze okuthile ngazo. Ngakho ake sihlole ezinye zezici eziyisisekelo eziwumthelela ezinkingeni zenhliziyo—engokoqobo nengokomfanekiso.

Uhlobo lokudla. Kuyinto evunywayo ngokuvamile ukuthi nakuba ukudla okungenamsoco kunambitheka kahle, akunanzuzo etheni emzimbeni. Ngokufanayo, ukudla kwengqondo okungenamsoco kutholakala kalula futhi kujabulisa izinzwa, kodwa kuyingozi empilweni yomuntu engokomoya. Kunensada yezinto ezikhangiswa ngobuhlakani ezibonisa ubulili obungemthetho, izidakamizwa, ubudlova, nokusebenzelana nemimoya. Ukondla ingqondo yakho ngokudla okunjalo kungayibulala inhliziyo engokomfanekiso. IZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngokokuziphilisa komuntu—akusuki kuBaba, kodwa kusuka ezweni. Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:16, 17.

Ukudla okunempilo, njengezithelo nemifino eluhlaza, akuthandeki kangako kumuntu osejwayele ukudla okungenamsoco. Ngokufanayo, ukudla okungokomoya okunempilo nokuqinile kungase kungathandeki kangako kumuntu osejwayele ukondla ingqondo nenhliziyo yakhe ngokudla kwezwe. Angase aqhubeke ephila ‘ngobisi’ lweZwi likaNkulunkulu isikhathi esithile. (Heberu 5:13) Njengoba isikhathi sihamba, akafinyeleli ekuvuthweni okungokomoya okudingekayo ukuze athwale imithwalo yakhe yemfanelo eyisisekelo ebandleni lobuKristu nasenkonzweni. (Mathewu 24:14; 28:19; Heberu 10:24, 25) Abanye abakuleso simo baye bavumela amandla abo angokomoya ukuba anciphe kuze kube sezingeni lapho beba oFakazi abapholile!

Enye ingozi iwukuthi ukubonakala kwangaphandle kungase kukhohlise. Ukufeza izibopho zobuKristu ngokugcina icala kungase kufihle isifo esikhulayo senhliziyo engokomfanekiso eyenziwa buthaka ukugxila ngasese ekucabangeni kokuthanda izinto ezibonakalayo noma ekuzijabuliseni okunokuziphatha okubi, ubudlova, noma ukusebenzelana nemimoya. Lokho kudla okungokomoya okungalungile kungase kubonakale sengathi akunamphumela otheni esimweni esingokomoya somuntu, kodwa kungakhubaza inhliziyo engokomfanekiso njengoba nje ukudla okungenamsoco okwenza imithambo yegazi iqine kuyilimaza inhliziyo engokoqobo. UJesu waxwayisa ngokuvumela izifiso ezingafanele ukuba zingene enhliziyweni yomuntu. Wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Yebo, ukudla ukudla okungokomoya okungalungile kungaholela ekumelweni yinhliziyo ngokomoya. Nokho, kusenezinye izinto ezidinga ukunakwa.

Ukuzivivinya. Kuyinto eyaziwa kahle ukuthi indlela yokuphila ngaphandle kokuvivinya umzimba ingaba umthelela ekumelweni yinhliziyo engokoqobo. Ngokufanayo, indlela yokuphila ngaphandle kokuzivivinya ngokomoya ingaba nemiphumela emibi kakhulu. Ngokwesibonelo, umuntu angase ahlanganyele ngezinga elithile enkonzweni yobuKristu kodwa agcine kulokho esingakubiza ngokuthi yisilinganiso esimanelisayo, angazikhandli kangako ukuba abe “isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) Noma, umuntu angase aye emihlanganweni ethile yobuKristu kodwa angenzi lutho olutheni ukuze ayilungiselele futhi ahlanganyele kuyo. Angase angabi namigomo engokomoya noma uthando noma umdlandla ngezinto ezingokomoya. Lokhu kuntuleka kokuzivivinya ngokomoya kugcina kulwenze buthaka, noma kulubulele nokulubulala, ukholo okungenzeka wake waba nalo. (Jakobe 2:26) Umphostoli uPawulu, waphawula le ngozi lapho ebhalela amaKristu angamaHeberu, amanye awo okubonakala ukuthi ayesewele endleleni enjalo yokuphila ngaphandle kokuzivivinya ngokomoya. Qaphela indlela axwayisa ngayo ngendlela lokhu okwakungalilimaza ngayo ingokomoya lawo. “Qaphelani, bafowethu, funa kukhule kunoma ubani kini inhliziyo embi entula ukholo ngokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo; kodwa qhubekani nikhuthazana usuku ngalunye, uma nje kusengathiwa ‘Namuhla,’ funa noma ubani kini enziwe lukhuni amandla okukhohlisa esono.”—Heberu 3:12, 13.

Ukucindezeleka. Enye imbangela eyinhloko yokumelwa yinhliziyo ukucindezeleka ngokweqile. Ngokufanayo, ukucindezeleka, noma ‘izinkathazo zokuphila,’ zingaba yingozi enkulu enhliziyweni engokomfanekiso, zize zenze umuntu oyisisulu sazo ayeke ngokuphelele nokukhonza uNkulunkulu. Siyafaneleka isixwayiso sikaJesu kule ndaba: “Zinakeni ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, futhi ngokungazelelwe lolosuku lufike phezu kwenu ngaso lesosikhathi njengogibe.” (Luka 21:34, 35) Inhliziyo yethu engokomfanekiso ingase icindezeleke futhi uma sidliwa yisazela ngenxa yesono sangasese isikhathi eside. INkosi uDavide yazizwela mathupha ubuhlungu obubangelwa yilokho kucindezeleka okulimazayo lapho ithi: “Akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.”—IHubo 38:3, 4.

Ukuzethemba ngokweqile. Abaningi abaye bamelwa yinhliziyo babesethemba kakhulu isimo sempilo yabo ngaphambi nje kokuba bamelwe yinhliziyo. Ngokuvamile babengenandaba nokuhlolwa odokotela, mhlawumbe baze ngisho bakuhleke njengokungadingeki nakancane. Ngokufanayo, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi njengoba sebenesikhathi bengamaKristu, akukho lutho olungabehlela. Bangase bangakunaki ukuhlolwa noma ukuzihlola bona ngokomoya kuze kube yilapho kwenzeka inhlekelele. Kubalulekile ukukhumbula iseluleko esihle sokungazethembi ngokweqile esanikezwa ngumphostoli uPawulu: “Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi.” Inkambo yokuhlakanipha iwukuvuma ukuthi asiphelele futhi sizihlole njalo ngokomoya.—1 Korinte 10:12; IzAga 28:14.

Ungazizibi Izimpawu Eziyisixwayiso

ImiBhalo isiveza njengesibaluleke kakhulu isimo senhliziyo engokomoya, futhi ngesizathu esihle. KuJeremiya 17:9, 10, siyafunda: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na? ‘Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.’” Kodwa ngaphezu kokuhlola inhliziyo yethu, uJehova wenza nelungiselelo lothando lokusisiza ekuzihloleni okudingekayo.

‘Ngesigqila esikholekile nesiqondayo,’ sinikwa izikhumbuzo ezifika ngesikhathi. (Mathewu 24:45) Ngokwesibonelo, enye yezindlela eziyinhloko inhliziyo yethu engokomfanekiso engasikhohlisa ngayo iwukusenza sondle ingqondo yethu ngamaphupho ezwe. Lena yimicabango ewutalagu, amaphupho asemini, ukuzulazula kwengqondo engenzi lutho. Lokhu kungaba yingozi kakhulu, ikakhulu uma kuvusa imicabango engahlanzekile. Ngakho, kumelwe sikwenqabe ngokuphelele. Uma sikuzonda ukungabi namthetho njengoba kwenza uJesu, siyovikela inhliziyo yethu ekuzondleni ngamaphupho ezwe.—Heberu 1:8, 9.

Ngaphezu kwalokho, sinosizo lwabadala abanothando ebandleni lobuKristu. Nakuba ukukhathalela kwabanye kwaziswa kakhulu, yithi uqobo esinomthwalo wokunakekela inhliziyo yethu engokomoya. Kuxhomeke kithi ngabanye ‘ukuqiniseka ngazo zonke izinto,’ ‘nokuqhubeka sivivinya ukuthi sisokholweni yini.’—1 Thesalonika 5:21; 2 Korinte 13:5.

Londoloza Inhliziyo

Isimiso seBhayibheli esithi “noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi” siyasebenza nasempilweni yenhliziyo yethu engokomfanekiso. (Galathiya 6:7) Ngokuvamile, lokho okubonakala kuyinhlekelele ezumayo engokomoya kuye kuvele ukuthi kuwumphumela womlando omude wangasese wokuzitika eminakweni elimazayo ngokomoya njengokubukela izithombe ezingcolile zobulili, ukukhathalela izinto ezibonakalayo ngokweqile nokulwela ukuvelela noma ukuzuza amandla.

Ngakho-ke, ukuze umuntu avikele inhliziyo, kubaluleke kakhulu ukuqapha lokho akudlayo ngokomoya. Nika ingqondo yakho nenhliziyo ukudla okunomsoco ngokuzondla ngeZwi likaNkulunkulu. Kugweme ukudla kwengqondo okungenamsoco okutholakala kalula nokukhanga inyama kodwa okumane kwenze inhliziyo engokomfanekiso ingazweli. Umhubi uxwayisa ngomfanekiso ofanelekayo—onengqondo nangokombono wezokwelapha: “Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho.”—IHubo 119:70.

Uma unobuthaka bangasese osebunesikhathi eside, zama kanzima ukuhlukana nabo, funa buvale imithambo yenhliziyo yakho engokomfanekiso. Uma izwe liqala ukubonakala likhanga futhi libonakala lithembisa lukhulu ngokuphathelene nenjabulo, zindla ngeseluleko esihlakaniphile esanikezwa ngumphostoli uPawulu. Wabhala: “Ngiyakusho lokhu, bafowethu, ukuthi isikhathi esesisele sinciphile. Kusukela manje labo . . . abasebenzisa izwe [mababe] njengalabo abangalisebenzisi ngokugcwele; ngoba isimo salelizwe siyashintsha.” (1 Korinte 7:29-31) Futhi, uma ubona sengathi ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kuqala ukukuqhweba, lalela amazwi kaJobe: “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami, ngathi egolideni elihle: ‘Ngithemba wena;’ nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.”—Jobe 31:24, 28; IHubo 62:10; 1 Thimothewu 6:9, 10.

Liveza ingozi yokujwayela ukungasinaki iseluleko esisekelwe eBhayibhelini, iBhayibheli liyaxwayisa: “Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.” (IzAga 29:1) Ngokuhlukile, ngokuyinakekela kahle inhliziyo yethu engokomoya, singathola injabulo nokuthula kwengqondo okulethwa ukuphila ukuphila okulula nokucocekile. Selokhu kwathi nhlo, lena yindlela ebituswa yobuKristu beqiniso. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Empeleni, kuyiyo indlela yokuthola inzuzo enkulu, lokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa. Ngoba asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezizinto.”—1 Thimothewu 6:6-8.

Yebo, ukuziqeqesha nokuzivivinya endleleni yokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kuyoqinisekisa ukuthi siba nenhliziyo engokomoya enempilo nenamandla. Ngokuqaphelisisa lokho esikudlayo ngokomoya, ngeke sivumele izindlela zaleli zwe nokucabanga kwalo okubulalayo kulimaze inhliziyo yethu engokomfanekiso. Okubaluleke kunakho konke, ngokwamukela amalungiselelo kaJehova ngenhlangano yakhe, kwangathi singavumela ukuba ihlolwe njalo inhliziyo yethu engokomfanekiso. Ukwenza kanjalo ngenkuthalo kuyosisiza kakhulu ukuba sigweme imiphumela edabukisayo yokumelwa yinhliziyo ngokomoya.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza ubheke uchungechunge oluthi “Isifo Senhliziyo—Yini Engenziwa?” kuyi-Phaphama! ka-December 8, 1996, eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]

UKUDLA OKUNGOKOMOYA OKUNGALUNGILE KUNGAKHUBAZA INHLIZIYO ENGOKOMFANEKISO NJENGOBA NJE UKUDLA OKUNGENAMSOCO KUNGALIMAZA IMITHAMBO NENHLIZIYO ENGOKOQOBO

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]

INDLELA YOKUPHILA NGAPHANDLE KOKUZIVIVINYA INGABA NEMIPHUMELA EMIBI

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

‘IZINKATHAZO ZOKUPHILA’ ZINGAKUBANGELA KALULA UKUFA KWENHLIZIYO ENGOKOMFANEKISO

[Isithombe ekhasini 11]

Ukudebeselela impilo yethu engokomoya kungaholela ebuhlungwini obukhulu

[Izithombe ekhasini 13]

Ukuhlakulela imikhuba emihle engokomoya kuyayilonda inhliziyo engokomfanekiso

[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]

AP Photo/David Longstreath