Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ushaye Inombolo Yocingo Okungeyona”

“Ushaye Inombolo Yocingo Okungeyona”

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

“Ushaye Inombolo Yocingo Okungeyona”

EGOLI, eNingizimu Afrika, uLeslie noCaroline babetshintshana ngokufakaza ngocingo kubantu abahlala endaweni yasebathatha umhlalaphansi okwakungangenwa kalula kuyo. Bambalwa ababebathola ekhaya kanti babengenasithakazelo esigijimini sabo sobuKristu, yingakho kwamkhuthaza uCaroline lapho owesifazane ephendula.

“Ingabe nguNkosikazi B—lowo?” kubuza uCaroline.

“Qha, akuyena,” kusho izwi elinobungane, “NginguNkosikazi G—. Ushaye inombolo okungeyona.”

Ephawula ukuba nobungane kwezwi lale nkosikazi, uCaroline wathi: “Kulungile, mangikuchazele lokho ebengifuna ukukutshela uNkosikazi B—.” Wabe eseqhubeka ekhuluma ngezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu ozayo. Ngemva kokuba sebenze amalungiselelo okuba alethelwe incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, uNkosikazi G—wabuza: “Konje ungowayiphi inkolo?”

“SingoFakazi BakaJehova,” kuphendula uCaroline.

“Cha bo-bo, yileyo nkolo kanti! Angisenasifiso sokunibona.”

“Kodwa Nkosikazi G—,” kunxusa uCaroline, “emizuzwini engu-20 edlule, ngiye ngakuxoxela ngethemba elimangalisayo, ngikubonisa eBhayibhelini lokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenzela isintu maduze nje. Uye wakujabulela kakhulu ukuzwa lezi zinto, wafuna nokufunda okwengeziwe. Wazini ngempela ngoFakazi BakaJehova? Uma ugula, ungaya yini kumuntu olungisa izimoto? Kungani ungangivumeli ngikutshele lokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo?”

Ngemva kwesikhashana kuthule, kwaqhamuka impendulo: “Ngicabanga ukuthi uqinisile. Ufike nakanjani. Kodwa uze wazi nje ukuthi awusoze wangiguqula!”

“Nkosikazi G—,ngeke ngikuguqule ngisho noma bengithanda,” kuphendula uCaroline. “NguJehova kuphela ongenza lokho.”

Incwajana yahanjiswa, futhi uNkosikazi G— (uBetty) wavuma ukuba aphinde ahanjelwe. Lapho uCaroline ebuyela, uBetty wathi utshele abanye besifazane ahlala nabo etafuleni ukuthi uxoxisana noFakazi BakaJehova. “Ungakwenza kanjani lokho?” bambuza bechaya izandla. “Labo bantu abakholelwa ngisho nakuJesu!”

Ngokushesha uCaroline wakhumbuza uBetty ngephuzu eliyinhloko lengxoxo ababegcine ngayo ngoMbuso kaNkulunkulu.

“Ubani oyoba iNkosi?” kubuza uCaroline.

“UJesu,” kuphendula uBetty.

“Kunjalo,” kusho uCaroline. Waqhubeka wachaza ukuthi oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, kepha akalingani noNkulunkulu njengengxenye kaZiqu-zintathu.—Marku 13:32; Luka 22:42; Johane 14:28.

Ngemva kokuhambela okwengeziwe, kwacaca ukuthi nakuba uBetty ayenomoya omuhle futhi ejabule, wayehlushwa impilo engeyinhle. Eqinisweni, wayenomdlavuza futhi ekwesaba ukufa. Wathi: “Ngifisa sengathi ngangizizwe eminyakeni edlule lezi zinto futhi ngaba nokholo olufana nolwenu.” UCaroline wamduduza ngokumbonisa imibhalo echaza ukufa ngokuthi kuwubuthongo obujulile umuntu angavuka kubo ngesikhathi sovuko. (Johane 11:11, 25) Lokhu kwasho okukhulu kuBetty, manje ojabulela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Yimpilo yakhe ewohlokayo kuphela emvimbela ukuba aye emihlanganweni eHholo LoMbuso.

UCaroline uthi: “Kuyangikhanyela ukuthi izingelosi ziqondisa lo msebenzi. UBetty ‘wayeyinombolo yocingo okungeyona,’ futhi cabanga nje, uneminyaka engu-89 ubudala!—IsAmbulo 14:6.