Yenza Ukuba Inhliziyo Yakho Yesabe UJehova
Yenza Ukuba Inhliziyo Yakho Yesabe UJehova
“Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami.”—DUTERONOMI 5:29.
1. Singaqiniseka kanjani ukuthi ngolunye usuku abantu bayokhululeka ekwesabeni?
ISINTU sesinamakhulu eminyaka sikhungethwe ukwesaba. Ukwesaba indlala, izifo, ubugebengu, noma izimpi kwenza izigidi zihlale zikhathazekile. Ngenxa yalokhu, isandulela seSimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu siveza isifiso sokwakha izwe lapho bonke abantu beyojabulela khona ukukhululeka ekwesabeni. * Ngokujabulisayo, uNkulunkulu ngokwakhe uyasiqinisekisa ukuthi izwe elinjalo liyoba khona—nakuba kungeke kube ngemizamo yabantu. Ngomprofethi wakhe uMika, uJehova usithembisa ukuthi ezweni lakhe elisha lokulunga, ‘akakho oyakwesabisa abantu bakhe.’—Mika 4:4.
2. (a) ImiBhalo isinxusa kanjani ukuba simesabe uNkulunkulu? (b) Yimiphi imibuzo engase iphakame lapho sicabanga ngesibopho sethu sokwesaba uNkulunkulu?
2 Ngakolunye uhlangothi, ukwesaba kungaba futhi yithonya elihle. EmiBhalweni, izinceku zikaNkulunkulu zinxuswa kaningi ukuba zimesabe uJehova. UMose watshela ama-Israyeli: “Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena.” (Duteronomi 6:13) Ngemva kwamakhulu eminyaka, uSolomoni wabhala: “Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.” (UmShumayeli 12:13) Ngomsebenzi wethu wokushumayela, esiwenza siqondiswa yizingelosi, nathi sinxusa bonke abantu ukuba ‘bamesabe uNkulunkulu bamnike inkazimulo.’ (IsAmbulo 14:6, 7) Ngaphandle kokumesaba uJehova, amaKristu kumelwe amthande ngayo yonke inhliziyo yawo. (Mathewu 22:37, 38) Singamthanda kanjani uNkulunkulu kodwa futhi simesabe? Kungani uNkulunkulu onothando kudingeka esatshwe? Yiziphi izinzuzo esizithola ngokuhlakulela ukwesaba uNkulunkulu? Ukuze siphendule le mibuzo, kumelwe siqale siqonde ukuthi kusho ukuthini ukwesaba uNkulunkulu nokuthi lokhu kwesaba kuyingxenye eyisisekelo ngamuphi umqondo ebuhlotsheni bethu noJehova.
Ukuthuthumela, Inhlonipho Nokwesaba
3. Kusho ukuthini ukwesaba uNkulunkulu?
3 Ukwesaba uNkulunkulu kuwumuzwa amaKristu okufanele abe nawo ngoMdali wawo. Enye incazelo yalokhu kwesaba iwukuthi “kuwukuthuthumela nokwesaba okujulile ngoMdali nokwesaba okunempilo ukumdumaza.” Ngakho, ukwesaba uNkulunkulu kuthonya izici ezimbili ezibalulekile zokuphila kwethu: isimo sethu sengqondo mayelana noNkulunkulu nesimo sethu sengqondo mayelana nokuziphatha akuzondayo. Ngokusobala, zombili lezi zici zibaluleke kakhulu futhi zidinga ukunakisiswa. Njengoba kuvezwa yi-Vine’s Expository Dictionary of New Testament Words, kumaKristu lokhu kwesaba okunenhlonipho ‘kuyisisusa esilawulayo ekuphileni, ezintweni ezingokomoya nakwezokuziphatha.’
4. Singayihlakulela kanjani imizwa yokuhlonipha uMdali wethu?
4 Singayihlakulela kanjani imizwa yokuhlonipha uMdali wethu? Lapho sibona indawo enhle, impophoma emangalisayo, noma ukushona kwelanga okuhle sibamba ongezansi. Lo muzwa uba namandla lapho sibona ngamehlo okholo IHubo 8:3, 4) Lokhu kuhlabeka umxhwele ngokujulile kuholela enhloniphweni, esishukumisela ukuba simbonge futhi simdumise uJehova ngakho konke asenzela khona. UDavide wabhala nokuthi: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.”—IHubo 139:14.
isandla sikaNkulunkulu esadala leyo misebenzi. Ngaphezu kwalokho, njengeNkosi uDavide, siqaphela nobuze bethu uma siziqhathanisa nendalo kaJehova esabekayo. “Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule?” (5. Kungani kufanele simesabe uJehova, futhi sinasiphi isibonelo esihle salokhu?
5 Imizwa yokuthuthumela nenhlonipho yenza siwesabe ngendlela enempilo amandla kaNkulunkulu njengoMdali negunya lakhe njengoMbusi ofanele wendawo yonke. Embonweni owabonwa ngumphostoli uJohane, “labo abaphuma besinqobile isilo sasendle nomfanekiso waso”—abalandeli bakaKristu abagcotshiwe besezikhundleni zabo zasezulwini—bathi: “Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade. Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, futhi akhazimulise igama lakho?” (IsAmbulo 15:2-4) Ukwesaba uNkulunkulu, okubangelwa yinhlonipho ejulile ngobukhulu bakhe, kwenza laba abayobusa noKristu eMbusweni wasezulwini badumise uNkulunkulu njengonegunya eliphakeme kunawo wonke. Lapho sicabanga ngakho konke uJehova aye wakufeza, nendlela elungile abusa ngayo indawo yonke, asinaso yini isizathu esanele sokumesaba?—IHubo 2:11; Jeremiya 10:7.
6. Kungani kufanele sibe nokwesaba okunempilo ukudumaza uJehova?
6 Nokho, ngaphezu kokuthuthumela nenhlonipho, ukwesaba uNkulunkulu kumelwe kuhlanganise nokwesaba okunempilo ukumdumaza noma ukungamlaleli. Ngani? Ngoba, nakuba uJehova ‘ephuza ukuthukuthela futhi echichima umusa wothando,’ kumelwe sikhumbule ukuthi ‘ngeke neze akhulule esijezisweni.’ (Eksodusi 34:6, 7, NW) Nakuba enothando nesihe, uJehova akakubekezeleli ukungalungi nokona kwangamabomu. (IHubo 5:4, 5; Habakuki 1:13) Labo abakwenza umkhuba ngamabomu ukwenza okubi phambi kukaJehova bengaphenduki futhi baphikisane naye ngeke bangajezi. Njengoba umphostoli uPawulu asho, “kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.” Ukwesaba okunempilo ukuwela esimweni esinjalo kuyisivikelo kithi.—Heberu 10:31.
“Ninamathele Kuye”
7. Sinaziphi izizathu zokwethembela emandleni kaJehova asindisayo?
7 Ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho nokuwaqaphela ngokujulile amandla akhe amakhulu kuza ngaphambi kokumethemba nokwethembela kuJehova. Njengoba nje ingane encane izizwa ilondekile lapho uyise eseduze, nathi sizizwa silondekile ngaphansi kwesandla sikaJehova esiqondisayo. Phawula indlela ama-Israyeli asabela ngayo ngemva kokuba uJehova ewaholile wawakhipha eGibithe: “U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova.” (Eksodusi 14:31) Okwenzeka ku-Elisha nakho kufakazela ukuthi “ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.” (IHubo 34:7; 2 AmaKhosi 6:15-17) Umlando wanamuhla wabantu bakaJehova, futhi cishe nalokho esiye sabhekana nakho ngokwethu, kufakazela ukuthi uNkulunkulu uyawasebenzisa amandla akhe ukuze asize labo abamkhonzayo. (2 IziKronike 16:9) Kanjalo siqala ukuqonda ukuthi “ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla.”—IzAga 14:26.
8. (a) Kungani ukwesaba uNkulunkulu kusishukumisela ukuba sihambe ezindleleni zakhe? (b) Chaza ukuthi kufanele ‘sinamathele’ kanjani kuJehova.
8 Ukwesaba uNkulunkulu okunempilo akugcini ngokusenza simethembe kuphela kodwa futhi kusishukumisela ukuba sihambe ezindleleni zakhe. Lapho uSolomoni enikezela ithempeli, wathandaza kuJehova wathi: ‘Mabakwesabe [abantwana bakwa-Israyeli], bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuhamba kwabo ezweni owalinika obaba.’ (2 IziKronike 6:31) Ngaphambili, uMose wanxusa ama-Israyeli: “Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.” (Duteronomi 13:4) Njengoba la mavesi ebonisa ngokucacile, isifiso sokuhamba ezindleleni zikaJehova ‘nokunamathela’ kuye sibangelwa ukumethemba nokwethembela kuye. Yebo, ukwesaba uNkulunkulu kusiholela ekubeni simlalele uJehova, simkhonze, sinamathele kuye, njengoba nje ingane encane ingase inamathele ngokoqobo kuyise ethembele kuye ngokugcwele.—IHubo 63:8; Isaya 41:13.
Ukuthanda UNkulunkulu Kuwukumesaba
9. Uthando ngoNkulunkulu luhlobene kanjani nokumesaba?
9 Ngokombono ongokomBhalo, ukwesaba uNkulunkulu akusho neze ukungamthandi. Ngokuphambene, ama-Israyeli ayalwa ukuba ‘amesabe uJehova ukuze ahambe ngezindlela zakhe zonke, amthande.’ (Duteronomi 10:12) Ngakho, ukwesaba uNkulunkulu kuhlobene kakhulu nokumthanda. Ukwesaba uNkulunkulu kusishukumisela ukuba sihambe ezindleleni zakhe, kanti lokho kunikeza ubufakazi bokuthi siyamthanda. (1 Johane 5:3) Lokhu kunengqondo ngoba lapho simthanda umuntu othile, sesaba ngakhona ukumphatha kabi. Ama-Israyeli amphatha kabi uJehova ngenkambo yawo yokuhlubuka ehlane. Ngokuqinisekile ngeke sifune ukwenza noma yini engamzwisa ubuhlungu obunjalo uBaba wethu osezulwini. (IHubo 78:40, 41) Ngakolunye uhlangothi, njengoba ‘uJehova ethokoza ngabamesabayo,’ ukumlalela nokwethembeka kwethu kuye kuyayithokozisa inhliziyo yakhe. (IHubo 147:11; IzAga 27:11) Uthando ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba simjabulise kanti ukumesaba kusisiza ukuba sigweme ukumzwisa ubuhlungu. Lezi zimfanelo ziyaphelelisana, aziphikisani.
10. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayekujabulela ukwesaba uJehova?
10 Inkambo yokuphila kukaJesu Kristu iyibonisa ngokucacile indlela esingamthanda futhi simesabe ngayo uNkulunkulu ngesikhathi esifanayo. Ekhuluma ngoJesu, umprofethi u-Isaya wabhala: “UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, Isaya 11:2, 3) Ngokwalesi siprofetho, umoya kaNkulunkulu washukumisela uJesu ukuba amesabe uYise wasezulwini. Ngaphezu kwalokho, siqaphela ukuthi lokhu kwesaba, okwakungewona neze umthwalo, kwakuwumthombo wokwaneliseka. UJesu wayekujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu nokumjabulisa, ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu. Lapho esezobulawa esigxotsheni sokuhlushwa, watshela uJehova: “Kungabi njengoba kuthanda mina, kodwa kube njengoba kuthanda wena.” (Mathewu 26:39) Ngenxa yalokhu kwesaba uNkulunkulu, uJehova wakulalela ngomusa ukunxusa kweNdodana yakhe, wayiqinisa futhi wayisindisa ngokuyibuyisa ekufeni.—Heberu 5:7.
umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova.” (Ukufunda Ukwesaba UJehova
11, 12. (a) Kungani kumelwe sifunde ukwesaba uNkulunkulu? (b) UJesu usifundisa kanjani ukwesaba uJehova?
11 Ngokungafani nenhlonipho ezenzakalelayo esiyizwa lapho sibona amandla nobukhulu bemvelo, ukwesaba uNkulunkulu akuzenzakaleli. Yingakho uDavide Omkhulu, uJesu Kristu, esimema esiprofethweni: “Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.” (IHubo 34:11) Singafunda kanjani kuJesu ukwesaba uJehova?
12 UJesu usifundisa ukwesaba uJehova ngokusisiza ukuba siqonde ubuntu obuhle bukaBaba wethu osezulwini. (Johane 1:18) Isibonelo sikaJesu ngokwaso siveza indlela uNkulunkulu acabanga ngayo naphatha ngayo abanye, ngoba uJesu ubonisa ubuntu bukaYise njengoba bunjalo. (Johane 14:9, 10) Ngaphezu kwalokho, ngomhlatshelo kaJesu, siyakwazi ukusondela kuJehova lapho sithandazela ukuthethelelwa kwezono zethu. Lokhu kubonakaliswa okuvelele kwesihe sikaNkulunkulu ngokwako kuyisizathu esinamandla sokumesaba. Umhubi wabhala: “Ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.”—IHubo 130:4.
13. Yiziphi izinyathelo ezivezwe encwadini yezAga ezisisiza ukuba sesabe uJehova?
13 Incwadi yezAga inikeza uhlu lwezinyathelo ezenza sikwazi ukuhlakulela ukwesaba uNkulunkulu. “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, . . . khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.” (IzAga 2:1-5) Ngakho-ke, ukuze simesabe uNkulunkulu kumelwe sitadishe iZwi lakhe, sizame ngobuqotho ukuqonda elisifundisa kona, bese sisinakisisa iseluleko salo.
14. Singasilandela kanjani iseluleko esanikwa amakhosi akwa-Israyeli?
14 Inkosi ngayinye yakwa-Israyeli wasendulo yayalwa ukuba izenzele ikhophi yoMthetho, ‘iyifunde zonke izinsuku zokuhamba kwayo ukuba ifunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wayo, igcine onke amazwi omthetho.’ (Duteronomi 17:18, 19) Ukufunda nokutadisha iBhayibheli kubaluleke ngezinga elifanayo kithi uma sifuna ukufunda ukwesaba uJehova. Njengoba sisebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu, kancane kancane sizuza ukuhlakanipha nolwazi lwaphezulu. ‘Siyakuqonda ukumesaba uJehova’ ngoba sibona imiphumela emihle okuyivezayo ekuphileni kwethu, futhi siyabazisa ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ngokubuthana njalo nesikholwa nabo, abancane nabadala, singalalela imfundo yaphezulu, sifunde ukwesaba uNkulunkulu, sihambe ezindleleni zakhe.—Duteronomi 31:12.
Bayajabula Bonke Abesaba UJehova
15. Ukwesaba uNkulunkulu kuhlobene ngaziphi izindlela nokumkhulekela kwethu?
15 Kulokhu okwandulele, singabona ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kuyisimo sengqondo esihle okufanele sisihlakulele sonke, ngoba kuyingxenye eyisisekelo yokukhulekela kwethu uJehova. Kusenza simethembe ngokuphelele, sihambe ezindleleni zakhe futhi sinamathele kuye. Njengoba kwakunjalo ngoJesu Kristu, ukwesaba uNkulunkulu kungasishukumisela ukuba sifeze isibopho sethu sokuzinikezela manje kuze kube phakade.
16. Kungani uJehova esikhuthaza ukuba simesabe?
16 Ukwesaba uNkulunkulu akukhwantabalisi neze noma kubeke imingcele engadingekile. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.” (IHubo 128:1) UJehova usikhuthaza ukuba simesabe ngoba uyazi ukuthi le mfanelo iyosivikela. Emazwini awasho kuMose siyakuzwa ukukhathalela kwakhe kothando: “Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.”—Duteronomi 5:29.
17. (a) Yiziphi izinzuzo esizithola ngokwesaba uNkulunkulu? (b) Yiziphi izici zokwesaba uNkulunkulu ezizohlolwa esihlokweni esilandelayo?
17 Ngokufanayo, uma sihlakulela ukwesaba uNkulunkulu ezinhliziyweni zethu, kuyosihambela kahle. Ngaziphi izindlela? Okokuqala, isimo sengqondo esinjalo siyomjabulisa uNkulunkulu futhi siyosisondeza kuye. UDavide wayazi ngokuzibonela ukuthi “uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.” (IHubo 145:19) Okwesibili, ukwesaba uNkulunkulu kuyosizuzisa ngoba kuyothonya isimo sethu sengqondo mayelana nokubi. (IzAga 3:7) Isihloko esilandelayo sizohlola ukuthi lokhu kwesaba kusivikela kanjani ezingozini ezingokomoya, futhi sizobukeza izibonelo ezithile ezingokomBhalo zamadoda ayemesaba uNkulunkulu futhi adeda kokubi.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 1 UMkhandlu-jikelele weZizwe Ezihlangane wamukela iSimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu ngo-December 10, 1948.
Ungayiphendula Le Mibuzo?
• Kusho ukuthini ukwesaba uNkulunkulu, futhi kusithinta kanjani?
• Ukwesaba uNkulunkulu nokuhamba noNkulunkulu kuhlobene kanjani?
• Isibonelo sikaJesu sibonisa kanjani ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kuhlobene nothando ngoNkulunkulu?
• Yiziphi izindlela esingahlakulela ngazo ukwesaba uJehova enhliziyweni yethu?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 17]
Amakhosi akwa-Israyeli ayalwa ukuba azenzele ikhophi yoMthetho futhi ayifunde nsuku zonke
[Isithombe ekhasini 18]
Ukwesaba uJehova kusenza simethembe njengendodana yethemba uyise
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
Stars: Photo by Malin, © IAC/RGO 1991