Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazali Yanelisani Izidingo Zabantwana Benu!

Bazali Yanelisani Izidingo Zabantwana Benu!

Bazali Yanelisani Izidingo Zabantwana Benu!

ABANTWANA badinga isiqondiso nesiyalo sothando, ikakhulukazi sabazali babo. Mayelana nale ndaba, uTania Zagury, uthisha waseBrazil uthi: “Bonke abantwana bathambekele ekufuneni injabulo. Kudingekile ukubeka imingcele. Abazali okufanele benze lokhu. Uma bengakwenzi, abantwana abalawuleki.”

Nokho, emazweni amaningi, ithonya lomphakathi oyekelelayo nohlonipha inkululeko yomuntu siqu lingenza kube nzima ukulandela iseluleko esingenhla. Pho, abazali bangalutholaphi usizo? Abazali abesaba uNkulunkulu bayaqaphela ukuthi abantwana babo “bayifa elivela kuJehova.” (IHubo 127:3) Ngakho-ke, babheka eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuze bathole isiqondiso sokubakhulisa. Ngokwesibonelo, izAga 13:24 zithi: “Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.”

Igama elisetshenziswe eBhayibhelini elithi “uswazi” akufanele liqondwe ngokuthi lisho ukujezisa ngokushaya kuphela; limelela indlela yokuqondisa, yanoma yiluphi uhlobo. Ngempela, ezikhathini eziningi kungase kudingeke amazwi nje kuphela ukuze kubuyiswe umntwana ophambukayo. IzAga 29:17 zithi: “Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.”

Abantwana badinga isiyalo sothando ukuze bahlukane nemikhuba engathandeki. Ukuqondisa okunjalo okuqinile nokho okunomusa kuwubufakazi bokuthi umzali uyayikhathalela ingane. (IzAga 22:6) Ngakho-ke, bazali, ningayeki! Ngokulandela iseluleko seBhayibheli esinengqondo nesisebenzisekayo, niyojabulisa uJehova uNkulunkulu futhi nizuze ukuhlonishwa yizingane zenu.