Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Fundani Kimi’

‘Fundani Kimi’

‘Fundani Kimi’

“Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.”—MATHEWU 11:29.

1. Kungani ukufunda kuJesu kungaba mnandi futhi kucebise?

NGASO sonke isikhathi, uJesu Kristu wayecabanga, efundisa futhi enza ngendlela efanelekayo. Isikhathi sakhe emhlabeni sasisifushane, kodwa wayenomsebenzi ovuzayo nowanelisayo, futhi waqhubeka ejabule. Waqoqa abafundi wabafundisa indlela yokukhulekela uNkulunkulu, ukuthanda isintu nokunqoba izwe. (Johane 16:33) Wafaka ithemba ezinhliziyweni zabo, “wenza ukuphila nokungonakali kwakhanya ngezindaba ezinhle.” (2 Thimothewu 1:10) Uma ungomunye wabafundi bakhe, ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumfundi? Ngokuhlola lokho uJesu akusho mayelana nabafundi, singafunda indlela yokucebisa ukuphila kwethu. Lokho kuhilela ukwamukela umbono wakhe nokusebenzisa izimiso ezithile eziyisisekelo.—Mathewu 10:24, 25; Luka 14:26, 27; Johane 8:31, 32; 13:35; 15:8.

2, 3. (a) Uyini umfundi kaJesu? (b) Kungani kubalulekile ukuba sizibuze ukuthi, ‘Ngingumfundi kabani?’

2 EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, igama elihunyushwe ngokuthi “umfundi” (disciple) ngokuyisisekelo lisho umuntu ogxilisa ingqondo yakhe kokuthile, noma ofundayo. Igama elihlobene nalo livela embhalweni okusekelwe kuwo isihloko sethu, uMathewu 11:29: “Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” Yebo, umfundi uyafunda. AmaVangeli ngokuvamile asebenzisa igama elithi “umfundi” kubalandeli bakaJesu abaseduze, ababehamba naye lapho eshumayela nababefundiswa nguye. Abanye abantu kungenzeka babemane bamukele izimfundiso zikaJesu, benze kanjalo ngasese imbala. (Luka 6:17; Johane 19:38) Abalobi bamaVangeli bakhuluma ‘nangabafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi.’ (Marku 2:18) Njengoba uJesu axwayisa abalandeli bakhe ukuba “baqaphele . . . imfundiso yabaFarisi,” singazibuza, ‘Ngingumfundi kabani mina?’—Mathewu 16:12.

3 Uma singabafundi bakaJesu, uma siye safunda kuye, khona-ke abanye kufanele bazizwe beqabulekile ngokomoya lapho benathi. Kufanele bezwe ukuthi sesinomoya omnene kakhudlwana futhi sithobekile ngenhliziyo. Uma sinomthwalo wemfanelo wokwengamela emsebenzini, singabazali, noma sinomsebenzi wokwalusa ebandleni lobuKristu, ingabe labo esiphathiswe bona sibaphatha ngendlela uJesu ayephatha ngayo labo ayephathiswe bona?

Indlela UJesu Ayebaphatha Ngayo Abantu

4, 5. (a) Kungani kungenzima ukwazi indlela uJesu ayebaphatha ngayo abantu ababenezinkinga? (b) Kwenzekani kuJesu lapho edla emzini womFarisi?

4 Kudingeka sazi ukuthi uJesu wayebaphatha kanjani abantu, ikakhulu labo ababenezinkinga ezinkulu. Akufanele kube nzima ukukufunda lokho; iBhayibheli linemibiko eminingi yezenzakalo lapho uJesu ayehlangana khona nabanye, abanye babo ababekhathazekile. Masiphawule nendlela abaholi benkolo, ikakhulu abaFarisi, ababebaphatha ngayo abantu abanezinkinga ezifanayo. Umehluko uzosiqaphelisa okuthile.

5 Ngonyaka ka-31 C.E., lapho uJesu esohambweni lokushumayela eGalile, ‘othile kubaFarisi waqhubeka ecela uJesu ukuba adle naye.’ UJesu akenqenanga ukusamukela leso simemo. “Ngakho [iNdodana kaNkulunkulu] yangena endlini yalomFarisi futhi yahlala-bulala etafuleni. Futhi, bheka! owesifazane owaziwayo emzini ukuthi uyisoni wezwa ukuthi yayihlezi-bulala ekudleni endlini yomFarisi, waletha umfuma we-alabhaste wamafutha anamakha, futhi, ethatha indawo ngemuva ezinyaweni zayo, wakhala futhi waqala ukumanzisa izinyawo zayo ngezinyembezi zakhe ezisula ngezinwele zekhanda lakhe. Futhi, wanga izinyawo zayo ngesisa wazigcoba ngamafutha anamakha.”—Luka 7:36-38.

6. Kwakungenzeka kanjani ukuba owesifazane ‘oyisoni’ abe semzini womFarisi?

6 Ake uyicabange le nto. Enye incwadi ithi: “Lona wesifazane (v.37) wenza ngokwenkambiso eyayivumela abantu abaswele ukuba baye edilini elinjalo bayothola ezinye zezinsalela.” Lokho kungenza kuqondakale ukuthi umuntu wayengangena kanjani engamenywanga. Kungenzeka kwakukhona nabanye ababenethemba lokukhothoza ngemva kwesidlo. Nokho, ukwenza kwalona wesifazane kwakungavamile. Akahlalanga eceleni abukele, alinde ukuba kuphele isidlo. Wayenedumela elingathandeki, ‘eyisoni’ esaziwayo, kangangokuthi uJesu wathi wayezazi ‘izono zakhe, nakuba zaziziningi.’—Luka 7:47.

7, 8. (a) Sasingase sisabele kanjani ezimweni ezinjengalezo ezibikwa kuLuka 7:36-38? (b) USimoni wasabela kanjani?

7 Awuzicabange uphila ngaleso sikhathi futhi usesimweni uJesu ayekuso. Wawuyosabela kanjani? Ingabe wawuyozizwa ungakhululekile lapho lona wesifazane esondela kuwe? Sasiyokuthinta kanjani isimo esinjalo? (Luka 7:45) Ingabe wawuyonengeka?

8 Ukube wawuphakathi kwezinye zezimenywa, ingabe wawuyocabanga ngendlela ethi ayifane nekaSimoni umFarisi? ‘Lapho lomFarisi ommemile uJesu ekubona lokhu wathi ngaphakathi kuye: “Lomuntu, ukuba ubengumprofethi, ngabe uyazi ukuthi ubani lona omthintayo nokuthi uluhlobo luni lowesifazane, ukuthi uyisoni.”’ (Luka 7:39) Ngokuphambene, uJesu wayengumuntu onobubele obukhulu. Wayeluqonda usizi lwalona wesifazane futhi ekuzwa ukuhlupheka kwakhe. Asitshelwa ukuthi wayengene kanjani ekuphileni kwesono. Uma ayethengisa ngomzimba ngempela, amadoda omuzi, amaJuda azinikele, ngokusobala ayengamsizanga.

9. UJesu waphendula wathini, futhi kungenzeka kwaba namuphi umphumela?

9 Kodwa uJesu wafuna ukumsiza. Wathi kuye: “Izono zakho zithethelelwe.” Wabe esenezela: “Ukholo lwakho lukusindisile; hamba ngokuthula.” (Luka 7:48-50) Ukulandisa kuphelela lapha. Omunye angase athi uJesu akamenzelanga lutho olutheni lona wesifazane. Ngokuyisisekelo, wambusisa wayesethi akahambe. Ingabe ucabanga ukuthi cishe waphindela endleleni yakhe yokuphila edabukisayo? Nakuba singenakusho ngokuqiniseka, phawula lokho uLuka akushoyo ngokulandelayo. Walandisa ukuthi uJesu wayehamba “umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso.” ULuka wabika nokuthi “abesifazane abathile” babekanye noJesu nabafundi bakhe, “bebakhonza ngalokho okungokwabo [abesifazane].” Kungenzeka ukuthi lona wesifazane owayephendukile futhi enokwazisa wayephakathi kwabo, eqala indlela yokuphila yokuhlonipha uNkulunkulu ngonembeza ohlanzekile, umuzwa omusha wokuba nenjongo nothando olujule nakakhulu ngoNkulunkulu.—Luka 8:1-3.

Umehluko Phakathi KukaJesu NabaFarisi

10. Kungani kuzuzisa ukuhlola ukulandisa kukaJesu nowesifazane emzini kaSimoni?

10 Yini esingayifunda kulokhu kulandisa okuphawulekayo? Kusithinta imizwelo, akunjalo? Ake uzicabange usemzini kaSimoni. Wawuyozizwa kanjani? Ingabe wawuyosabela njengoba kwenza uJesu, noma wawuyozizwa njengomninikhaya ongumFarisi? UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, ngakho asinakuzizwa futhi senze ngokufana nsé naye. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka asithandi ukuzibheka njengabanjengoSimoni, umFarisi. Bayabalwa abantu abangaziqhenya ngokufana nomFarisi.

11. Kungani singeke sithande ukwenziwa mdibi munye nabaFarisi?

11 Lapho sicwaninga ubufakazi beBhayibheli nobezazi zezwe, singaphetha ngokuthi abaFarisi babeziphakamisa, bezibheka njengabanakekeli benhlalakahle yomphakathi neyesizwe. Babenganelisekile ngokuthi uMthetho kaNkulunkulu ngokuyisisekelo wawucacile futhi uqondakala kalula. Noma nini lapho uMthetho wawubonakala ungacacisi kubo, babefuna ukuchibiyela lokho ababekubona kuyizikhala ngezindlela ezichaziwe zokuwusebenzisa ukuze kungadingeki nakancane ukuba kusetshenziswe unembeza. Laba baholi benkolo bazama ukwakha umthetho wokulawula ukuziphatha kuzo zonke izici, ngisho nasezintweni eziwubala. *

12. AbaFarisi babezibheka kanjani?

12 Isazi-mlando sekhulu lokuqala esingumJuda uJosephus sikwenza kube sobala ukuthi abaFarisi babezibheka njengabanomusa, abamnene, abangakhethi nabawufanelekela ngokugcwele umsebenzi wabo. Ngokungangabazeki, abanye babo babesondele impela ekubeni yilokho. Ungase ukhumbule uNikodemu. (Johane 3:1, 2; 7:50, 51) Ngokuhamba kwesikhathi, abanye babo bamukela indlela yobuKristu. (IzEnzo 15:5) Umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala ngamaJuda athile, anjengabaFarisi: “Banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.” (Roma 10:2) Nokho, amaVangeli abaveza ngendlela ababebonakala ngayo kubantu abavamile—babeqhosha, bezazisa, bezibona belungile, befuna amaphutha, bahlulela abanye futhi bebabukela phansi.

Umbono KaJesu

13. Wathini uJesu ngabaFarisi?

13 UJesu wabagxeka ababhali nabaFarisi ngokuba abazenzisi. “Babopha imithwalo esindayo bayibeke phezu kwamahlombe abantu, kodwa bona ngokwabo abathandi ukuyinyakazisa nangomunwe wabo.” Yebo, umthwalo wawusinda, futhi ijoka abantu ababethweswa lona lalikhuhla kabuhlungu. UJesu waqhubeka wabiza ababhali nabaFarisi ngokuthi ‘iziwula.’ Isiwula siyingozi emphakathini. UJesu futhi wabiza ababhali nabaFarisi ngokuthi ‘abaqondisi abayizimpumputhe,’ wagcizelela ukuthi ‘babengazinakanga izindaba zoMthetho ezinesisindo esikhudlwana, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokukholeka.’ Ubani obengafuna ukubhekwa nguJesu njengofana nomFarisi?—Mathewu 23:1-4, 16, 17, 23.

14, 15. (a) Indlela uJesu amphatha ngayo uMathewu Levi yembulani mayelana nezindlela zabaFarisi? (b) Yiziphi izifundo ezibalulekile esingazifunda kulokhu kulandisa?

14 Cishe noma ubani ofunda ukulandisa kwamaVangeli angakubona ukuthambekela kokugxeka kweningi labaFarisi. Ngemva kokuba uJesu ememe uMathewu Levi, umthelisi, ukuba abe ngumfundi, uLevi wamhlinzeka ngedili elikhulu. Ukulandisa kuthi: “Khona-ke abaFarisi nababhali babo baqala ukububula kubafundi bakhe, bethi: ‘Kungani nidla futhi niphuza nabathelisi nezoni?’ Ephendula uJesu wathi kubo: ‘ . . . Ngizelé ukubizela izoni ekuphendukeni, hhayi abalungileyo.’”—Luka 5:27-32.

15 ULevi waqonda nokunye futhi uJesu akusho kuleso senzakalo: “Hambani niyofunda ukuthi kusho ukuthini lokhu, ‘Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.’” (Mathewu 9:13) Nakuba abaFarisi babethi bayakholelwa emibhalweni yabaprofethi abangamaHeberu, abawamukelanga la mazwi akuHoseya 6:6. Babengamane benze iphutha ngokugcina amasiko. Ngamunye wethu angazibuza, ‘Ingabe nginedumela lokunamathela ngokweqile emithethweni ethile, njengaleyo ebonisa umbono womuntu siqu noma emane iyindlela evamile yokwenza izinto? Noma ingabe abanye bangibheka njengomuntu onesihe nonomusa kuqala?’

16. AbaFarisi babenamiphi imikhuba, futhi singakugwema kanjani ukuba njengabo?

16 AbaFarisi babecusumbula bengaqedi. Babecinga wonke amaphutha—angempela nacatshangwa yibo. Babenza abantu bahlale bezama ukuzivikela futhi bebakhumbuza ngokushiyeka kwabo. AbaFarisi babeziqhenya ngokunikela okweshumi kwamakhambi amancanyana, anjengeminti, idile nekhumini. Babebonisa ukuthi bakholiwe ngendlela ababegqoka ngayo futhi bezama ukuqondisa isizwe. Ngokuqinisekile, ukuze izenzo zethu zivumelane nesibonelo sikaJesu, kumelwe sigweme ukuthambekela kokuhlale sifuna futhi sigqamisa amaphutha abanye.

UJesu Wayezisingatha Kanjani Izinkinga?

17-19. (a) Chaza indlela uJesu asingatha ngayo isimo esasingase sibe nemiphumela emibi kakhulu. (b) Yini eyayenza lesi simo sikhathaze futhi singathandeki? (c) Ukube wawulapho ngesikhathi owesifazane efika kuJesu, wawuyosabela kanjani?

17 Indlela kaJesu yokusingatha izinkinga yayihluke kakhulu kweyabaFarisi. Cabanga indlela uJesu asingatha ngayo isimo esasingase sibe sibi kakhulu. Sasihilela owesifazane owayeseneminyaka engu-12 enomopho. Ungakufunda kuLuka 8:42-48 lokhu kulandisa.

18 Ukulandisa kukaMarku kuthi lona wesifazane ‘wayethukile futhi ethuthumela.’ (Marku 5:33) Ngani? Ngokungangabazeki ngoba wayazi ukuthi wayephule uMthetho kaNkulunkulu. NgokukaLevitikusi 15:25-28, owesifazane onomopho ongewona ongokwemvelo wayeba ngongcolile lapho usaqhubeka nangemva kwesonto usunqamukile. Yonke into nawo wonke umuntu ayemthinta wayeba ngongcolile. Ukuze afike kuJesu, lona wesifazane kwakudingeke achushe esixukwini. Njengoba sibheka le ndaba sekudlule iminyaka engu-2 000 yenzeka, siyamzwela.

19 Ukube wawukhona ngalolo suku, wawuyosibheka kanjani lesi simo? Wawuyothini? Phawula ukuthi uJesu waphatha lona wesifazane ngendlela enomusa, enothando nenokucabangela, wangazigigiyela nakuzigigiyela izinkinga okungenzeka lona wesifazane wayezibangele.—Marku 5:34.

20. Ukube uLevitikusi 15:25-28 ubeyimfuneko namuhla, iyiphi inselele ebesingabhekana nayo?

20 Kukhona yini esingakufunda kulesi senzakalo? Ake sithi ungumdala ebandleni lobuKristu namuhla. Ake sithi futhi uLevitikusi 15:25-28 ubeyimfuneko yobuKristu namuhla futhi kunowesifazane ongumKristu ophule lo mthetho, ozizwa ephithene ikhanda futhi elahliwe. Ubungasabela kanjani? Ingabe ubuyomphoxa obala ngeseluleko esigxekayo? Ungase uthi: “Cha, angisoze ngakwenza lokho! Bengingalandela isibonelo sikaJesu, ngenze yonke imizamo yokuba nomusa, nothando nokucabangela.” Kuhle kakhulu! Kodwa inselele iwukukwenza, ukulingisa isibonelo sikaJesu.

21. UJesu wabafundisani abantu ngoMthetho?

21 Ngokuyisisekelo, abantu babezizwa beqabulekile, beqiniswe idolo futhi bekhuthaziwe nguJesu. Lapho uMthetho kaNkulunkulu wawucacisa khona, kwakudingeka kwenziwe njengoba usho. Uma wawubonakala ungacacisi, kwakusebenza unembeza wabo futhi babengabonisa uthando lwabo ngoNkulunkulu ngezinqumo abazenzayo. UMthetho wawungabacindezeli. (Marku 2:27, 28) UNkulunkulu wayebathanda abantu bakhe, ebenzela okubazuzisayo ngaso sonke isikhathi, futhi ezimisele ukuba nesihe lapho benza iphutha. NoJesu wayenjalo.—Johane 14:9.

Imiphumela Yezimfundiso ZikaJesu

22. Ukufunda kuJesu kwenza abafundi bakhe baba nasiphi isimo sengqondo?

22 Labo abamlalela uJesu futhi baba ngabafundi bakhe babekwazisa ukuba yiqiniso kwala mazwi akhe: “Ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:30) Babengazizwa neze bethweswe kakhulu, behlukunyezwa noma ebakhakhabisa. Babekhululeka, bejabula futhi beqiniseka kakhudlwana ngobuhlobo babo noNkulunkulu nangobuhlobo babo bebodwa. (Mathewu 7:1-5; Luka 9:49, 50) Bafunda kuye ukuthi ukuba ngumholi ongokomoya kufuna ukuba umuntu abe oqabulayo kwabanye, abonise ukuthobeka kwengqondo nenhliziyo.—1 Korinte 16:17, 18; Filipi 2:3.

23. Ukuba kanye noJesu kwabafundisa siphi isifundo esibalulekile abafundi futhi kwabasiza ukuba bafinyelele kuziphi iziphetho?

23 Ngaphezu kwalokho, abaningi kwabahlaba umxhwele ngokujulile ukubaluleka kokuhlala ebunyeni noKristu nokwamukela umoya awubonisa. Watshela abafundi bakhe: “Njengoba nje uBaba engithandile futhi nami nginithandile, hlalani othandweni lwami. Uma nigcina imiyalo yami, niyohlala othandweni lwami, njengoba nje nami ngiye ngagcina imiyalo kaBaba futhi ngihlala othandweni lwakhe.” (Johane 15:9, 10) Ukuze baphumelele njengezikhonzi nezinceku zikaNkulunkulu, kwakuyodingeka bakusebenzise ngenkuthalo lokho ababekufunde kuJesu, kokubili ekushumayeleni nasekufundiseni obala ngezindaba ezinhle zikaNkulunkulu nasekusebenzelaneni nomkhaya nabangane. Lapho abazalwane banda bakha amabandla, kwakuyodingeka bahlale bezikhumbuza ukuthi indlela yakhe kwakuyiyona ndlela elungile. Lokho ayekufundisa kwakuyiqiniso, futhi ukuphila ababekubone kuye kwakuwukuphila umuntu ayengakufisa ngempela.—Johane 14:6; Efesu 4:20, 21.

24. Yiziphi izinto okufanele sizilalele esibonelweni sikaJesu?

24 Njengoba manje ucabanga ngezinye zezinto esixoxe ngazo, uyazibona yini izindlela ongathuthuka ngazo? Uyavuma yini ukuthi ngaso sonke isikhathi uJesu wayecabanga, efundisa futhi enza ngendlela efanelekayo? Uma kunjalo, qina idolo. Amazwi akhe asikhuthazayo athi: “Uma nizazi lezizinto, niyajabula uma nizenza.”—Johane 13:17.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 “Umehluko oyisisekelo [phakathi kukaJesu nabaFarisi] ucaca kuphela uma kucatshangwa ngezindlela ezimbili eziphikisanayo ababemqonda ngazo uNkulunkulu. KubaFarisi, ngokuyinhloko uNkulunkulu ungumuntu ofuna izinto; kuJesu, umnene futhi unobubele. Yiqiniso ukuthi umFarisi akaphiki ukuthi uNkulunkulu muhle futhi unothando, kodwa kuye, lezi zimfanelo zabonakaliswa esiphweni esiyiTora [uMthetho] nasethubeni lokufeza lokho okufunwa yiyo. . . . UmFarisi wayebheka ukunamathela emasikweni adluliselwa ngomlomo, nemithetho yawo yokuchaza umthetho, njengokuyindlela yokugcwaliseka kweTora. . . . Ukuphakamisa kukaJesu umyalo okabili wothando (Math. 22:34-40) awubeke ezingeni lokuba yiyona ncazelo eyamukelwayo nokulahla kwakhe imingcele yamasiko adluliselwa ngomlomo . . . kwamholela ekubeni angqubuzane nezindlela zabaFarisi zokuchaza izindaba zikanembeza.”—The New International Dictionary of New Testament Theology.

Ungaphendula Kanjani?

• Kusho ukuthini kuwe ukuba ngumfundi kaJesu?

• UJesu wabaphatha kanjani abantu?

• Yini esingayifunda endleleni uJesu ayefundisa ngayo?

• AbaFarisi babehluke kanjani kuJesu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 18, 19]

Yeka indlela isimo sengqondo sikaJesu ngabantu esasihluke ngayo kwesabaFarisi!