Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Umfazi ongumKristu angabubonisa kanjani ubuqotho kuNkulunkulu ngesikhathi esifanayo ebe ezithoba kumyeni wakhe ongakholwa uma ehlanganyela ekugubheni amaholide enkolo?

Ukwenza kwakhe kanjalo kuyodinga ukuhlakanipha nesu. Kodwa usuke enza kahle ngokuzama ukulinganisela phakathi kwalezi zibopho ezimbili. UJesu wanikeza iseluleko ngesimo esithi asifane: “Ngakho-ke, buyiselani izinto zikaKesari kuKesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Mathewu 22:21) Yiqiniso, wayekhuluma ngezibopho kohulumeni, labo amaKristu ayetshelwe ukuba azithobe kubo. (Roma 13:1) Nakuba kunjalo, iseluleko sakhe singasebenza nasekufezeni komfazi izibopho zakhe kuNkulunkulu ngesikhathi esifanayo ebe ebonisa ukuzithoba endodeni yakhe, ngisho noma ingakholwa.

Akekho noyedwa ojwayelene neBhayibheli ongaphika ukuthi ligcizelela ukuthi isibopho sokuqala kumKristu siwukwethembeka zikhathi zonke kuNkulunkulu uMninimandla onke. (IzEnzo 5:29) Nakuba kunjalo, ezimweni eziningi umkhulekeli weqiniso angazamukela izicelo noma izimfuno zalowo ongakholwa onegunya ebe engayaphuli imithetho ephakeme kaNkulunkulu.

Sithola isibonelo esifundisayo samaHeberu amathathu njengoba silandiswe kuDaniyeli isahluko 3. UNebukadinesari, umbusi wabo ophakeme, wakhipha umthetho wokuthi bona nabanye baye ethafeni laseDura. Eqaphela ukuthi kwakuhlelwe ukukhulekela kwamanga, la maHeberu amathathu cishe ayengakhetha ukungabi khona lapho. Kungenzeka uDaniyeli wakwazi ukucela ukuba angabikhona, kepha laba abathathu abakwazanga. * Ngakho balalela baba khona, kodwa babengeke—futhi abazange—bahlanganyele kunoma isiphi isenzo esingafanele.—Daniyeli 3:1-18.

Ngokufanayo, ezikhathini zamaholide indoda engakholwa ingacela noma iphoqelele umkayo ongumKristu ukuba enze okuthile abengathanda ukukugwema. Cabangela izibonelo ezithile: Indoda imtshela ukuba apheke ukudla okuthile ngosuku yona nabanye abazogubha ngalo iholide. Noma iphoqelele ukuba umkhaya wayo (kuhlanganise nomkayo) uvakashele izihlobo zayo ngalolo suku ngenjongo yokuyodla noma yokuvakasha nje. Noma-ke ngisho nangaphambi kweholide, ingase ithi lapho umkayo eyothenga, makayithengele okuthile—ukudla okuhlobene nalelo holide, izinto ezizosetshenziswa njengezipho, noma iphepha lokusonga izipho, namakhadi azohambisana nezipho zakhe.

Nalapha futhi, umfazi ongumKristu kumelwe azimisele ukungahlanganyeli emikhosini yenkolo yamanga. Kodwa kuthiwani ngezicelo ezinjalo? Indoda iyinhloko yomkhaya, futhi iZwi likaNkulunkulu lithi: “Nina bafazi, zithobeni kubayeni benu, njengoba kufaneleka eNkosini.” (Kolose 3:18) Kulezi zimo, inkosikazi ingakubonisa yini ukuzithoba, ibe ithembekile kuNkulunkulu? Kumelwe inqume ukuthi ingazithoba kanjani kumyeni wayo ibe ilalela uJehova, okuyiyonanto esemqoka.

Ngezinye izikhathi, umyeni wakhe angase amcele ukuba apheke ukudla okuthile, ngoba mhlawumbe ekuthanda noma ngenxa yokujwayela ukudla loko kudla ngesikhathi esithile. Inkosikazi iyofuna ukubonisa umyeni wayo uthando nokuqaphela ubunhloko bakhe. Angakwenza yini owesifazane lokho ngisho noma isicelo esinjalo indoda isenza ngalelo holide? Amanye amakhosikazi angamaKristu angakwenza lokho ngonembeza omuhle, ekubheka njengomsebenzi ovamile wokulungiselela ukudla. Ngokuqinisekile, akekho umKristu oqotho ongabheka noma iliphi iholide njengelibalulekile, ngisho noma umyeni wakhe elibheka kanjalo. Ngendlela efanayo, indoda ingase ifune ukuba umkayo ahambe nayo lapho ivakashela izihlobo zayo ngezikhathi ezihlukahlukene phakathi nenyanga noma nonyaka. Angahamba yini owesifazane ngisho noma kuwusuku lweholide? Noma ingabe owesifazane angathanda ukuthenga izinto indoda ethi makazithenge ngaphandle kokusola izisusa zayo ngalokho efuna ukukwenza ngazo?

Yiqiniso, owesifazane ongumKristu kufanele acabange ngabanye—ukuthi kuyobathinta kanjani. (Filipi 2:4) Uyogwema ukunikeza umbono wokuthi uyalisekela iholide, njengoba namaHeberu amathathu ngokunokwenzeka ayengakhetha ukuba abanye bangawaboni lapho eya ethafeni laseDura. Ngakho, ngokuhlakanipha owesifazane angazama ukubonisana nendoda yakhe ukuze athole ukuthi, ngenxa yokucabangela imizwa yakhe, indoda ingazenzela yini ezinye izinto ezihlobene neholide ukuze izivumelanise nomkayo oyithandayo noyihloniphayo. Indoda ingase ikubone ukuhlakanipha kokungazifaki yona nomkayo esimweni esidumazayo uma umkayo kuyofanele enqabe ukuhlanganyela emikhosini yenkolo yamanga.—IzAga 22:3.

Ekugcineni, umKristu othembekile kumelwe ahlole amaqiniso bese enquma lokho azokwenza. Ukulalela uNkulunkulu kumelwe kuze kuqala, njengoba kwenza amaHeberu amathathu. (1 Korinte 10:31) Enalokhu engqondweni, umKristu ngamunye kumelwe anqume ukuthi yiziphi izinto ezingabonisi ukuhlehla okholweni angazenza lapho ecelwa yilabo abanegunya ekhaya noma emphakathini.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 2001.