Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

• Inkantolo yaseJalimane Yomthetho-Sisekelo yanezela kuphi ukunqoba emacaleni omthetho ahilela inkolo?

Leyo nkantolo yachitha isinqumo senye inkantolo esasilahla oFakazi BakaJehova kanye nokuqashelwa kwabo njengenhlangano esemthethweni. Isinqumo esibavunayo saphawula ukuthi ngaphansi kwenkululeko engokwenkolo, umuntu ‘angalalela izinkolelo zakhe’ kunalokho okufunwa uHulumeni.—8/15, ikhasi 8.

UJobe wahlupheka isikhathi esingakanani?

Incwadi kaJobe ayibonisi ukuthi wahlupheka iminyaka eminingi. Ukuhlupheka kukaJobe nomvuthwandaba wako kungenzeka ukuthi kwaba izinyangana ezimbalwa, mhlawumbe ngaphansi konyaka.—8/15, ikhasi 31.

Kungani singaqiniseka ukuthi uDeveli akayona nje inkolelo-ze?

UJesu Kristu wayazi ukuthi uDeveli ungokoqobo. UJesu akazange alingwe ububi obuthile obabungaphakathi kuye, kodwa walingwa umuntu wangempela. (Mathewu 4:1-11; Johane 8:44; 14:30)—9/1, amakhasi 5-6.

IzAga 10:15 zithi: “Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.” Kuyiqiniso kanjani lokhu?

Imali ingaba isivikelo ezimweni ezithile zokuphila ezingalindelekile, njengoba nje nomuzi obiyelwe unikeza labo abahlala kuwo ukulondeka okuthile. Ngakolunye uhlangothi, ubumpofu bungaba yincithakalo lapho kuvela izimo ezingalindelekile.—9/15, ikhasi 24.

Kungamuphi umqondo abantu “baqala ukubiza igama likaJehova” ezinsukwini zika-Enoshe. (Genesise 4:26NW)

Igama likaNkulunkulu belilokhu lisetshenziswa kwasekuqaleni komlando womuntu; ngakho-ke, okwaqala esikhathini sika-Enoshe kwakungekona ukubiza uJehova ngokholo. Kungenzeka ukuthi ngokuhlambalaza abantu babezibiza bona ngegama likaNkulunkulu noma bebiza abanye ababethi basebenzisa bona ukuze bakhulekele uNkulunkulu.—9/15, ikhasi 29.

Njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini, igama elithi “isiyalo” lisho ukuthini?

Leli gama alibhekisele kunoma iluphi uhlobo lokuxhaphaza noma isihluku. (IzAga 4:13; 22:15) Igama lesiGreki elisho “isiyalo” lihlobana ngokuyinhloko nokuyala, imfundo, ukuqondiswa futhi ngezinye izikhathi nesijeziso esiqinile kodwa esinothando. Indlela ebalulekile abazali abangalingisa ngayo uJehova iwukuzama ukugcina imizila yokukhulumisana nabantwana babo ivulekile. (Heberu 12:7-10)—10/1, amakhasi 8, 10.

AmaKristu namuhla akubonisa kanjani ukuthi akhetha ukubusa kukaNkulunkulu?

Njengoba besekela uMbuso kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova abazigaxi kwezombangazwe noma baphehle ukuvukela, ngisho nasemazweni lapho oFakazi bevinjelwe khona imbala. (Thithu 3:1) Bawusizo ngendlela uJesu nabafundi bakhe bokuqala ababewusizo ngayo futhi bazama ukusiza abantu ukuba basebenzise izimiso ezinhle zeBhayibheli ezinjengokwethembeka, ukuhlanzeka kokuziphatha nemikhuba emihle yokusebenza.—10/15, ikhasi 6.

Ageleza kanjani amanzi anika ukuphila e-Andes?

Kulelo zwe, oFakazi BakaJehova benza umzamo wokuyisa amaqiniso eBhayibheli kubantu, ngisho nangezilimi ezimbili zendawo, isiQuechua nesi-Aymara. OFakazi bavakashela abantu abahlala eziqhingini eziseLake Titicaca, kuhlanganise neziqhingi “ezintantayo” ezakhiwe ngemihlanga emila kulawo manzi echibi.—10/15, amakhasi 8-10.

UNkulunkulu usinikeni ukuze isiqondise engase ifaniswe nesimiso sokuqondisa se-computer ezindizeni zesimanje ezithwala abantu?

UNkulunkulu uye wanikeza abantu isiqondiso sokuziphatha, umuzwa wangaphakathi wokuziphatha. Ngunembeza wethu esizalwa nawo. (Roma 2:14, 15)—11/1, amakhasi 3-4.

Kungani ukufa kukaJesu kunenani elikhulu?

Lapho umuntu ophelele u-Adamu ona, wazilahlekisela ukuphila kobuntu yena nesizukulwane sakhe. (Roma 5:12) Njengomuntu ophelele, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe kobuntu, ngaleyo ndlela enikeza isihlengo esisiza isintu esithembekile ukuba sizuze ukuphila okuphakade.—11/15, amakhasi 5-6.

Ayengobani amaSkithe okukhulunywa ngawo kweyabaseKolose 3:11?

AmaSkithe ayeyisizwe sabantu abayimizulane emaqeleni ezintaba zase-Eurasia, abusa cishe kusukela ngo-700 kuya ku-300 B.C.E. Ayengabagibeli bamahhashi namabutho asabekayo. Kungenzeka ukuthi eyabaseKolose 3:11 yayingasho isizwe esithile ngokuqondile, kodwa yayibhekisela kubantu abangaphucukile nakancane.—11/15, amakhasi 24-5.

Kungani singase sithi uMthetho Wegolide yimfundiso okudingeka siyinake njalo?

Lesi simiso sokuziphatha sikhona ebuJudeni, kumaBuddha, kuyifilosofi yamaGreki nakubu-Confucian. Nokho, lokho uJesu akusho eNtshumayelweni yaseNtabeni kudinga ukuthatha izinyathelo eziqondile futhi kuthinta izimpilo zabantu yonke indawo nakunoma iyiphi inkathi. (Mathewu 7:12)—12/1, ikhasi 3.