Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhululeka Ekucindezelekeni—Ikhambi Elisebenzayo

Ukukhululeka Ekucindezelekeni—Ikhambi Elisebenzayo

Ukukhululeka Ekucindezelekeni—Ikhambi Elisebenzayo

“Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.”—MATHEWU 11:28.

1, 2. (a) IBhayibheli liquketheni esiza ekunciphiseni ukucindezeleka okweqile? (b) Zaziphumelela kangakanani izimfundiso zikaJesu?

CISHE ungavuma ukuthi ukucindezeleka okweqile akulungile; kubangela usizi. IBhayibheli liveza ukuthi yonke indalo engabantu ithwele kanzima kangangokuthi abaningi bakulindele ngamnyama ukukhululeka ekuphileni kwanamuhla okucindezelayo. (Roma 8:20-22) Kodwa imiBhalo ibonisa nendlela esingathola ngayo impumuzo enkulu osizini kwamanje. Leyo mpumuzo itholakala ngokulandela iseluleko nesibonelo sensizwa eyayiphila emakhulwini eminyaka angu-20 adlule. Yayingumbazi, kodwa ikakhulu yayithanda abantu. Yayikhuluma ithinte izinhliziyo zabantu, ibhekana nezidingo zabo, isiza ababuthakathaka iduduze nabacindezelekile. Ngaphezu kwalokho, yasiza abaningi ukuba bafinyelele ezingeni ababengalifinyelela lengokomoya. Ngakho bathola ukukhululeka ekucindezelekeni okweqile, njengoba nawe ungakuthola.—Luka 4:16-21; 19:47, 48; Johane 7:46.

2 Le ndoda, uJesu waseNazaretha, yayingaqondiswa yimfundo ewulwazi lwezwe eyayifunwa abathile emizini yasendulo yaseRoma, e-Athene, noma e-Aleksandriya. Nokho, izimfundiso zayo zidumile. Zazigxile esicini esisodwa: uhulumeni uNkulunkulu ayobusa ngawo umhlaba wethu ngokuphumelelayo. UJesu wachaza nezimiso zokuphila eziyisisekelo—izimiso eziyigugu ngempela namuhla. Labo abakufundayo futhi bakusebenzise lokho uJesu akufundisa bajabulela izinzuzo ezisheshayo, ezihlanganisa ukukhululeka ekucindezelekeni okweqile. Ngeke yini wena ukujabulele lokho?

3. Yisiphi isimemo esihle uJesu asikhipha?

3 Kungenzeka uyangabaza. ‘Umuntu owaphila kudala kangaka angakuthinta yini ukuphila kwami namuhla?’ Ake ulalele amazwi kaJesu ayisimemo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:28-30) Wayesho ukuthini? Ake siwahlolisise la mazwi, sibone ukuthi angakusiza ukuba uthole ukukhululeka ekucindezelekeni ngokweqile.

4. UJesu wakhuluma nobani, futhi kungani izilaleli zakhe zazingase zikuthole kunzima ukwenza lokho ayekucela kuzo?

4 UJesu wakhuluma nabaningi ababezama kanzima ukwenza okusemthethweni kodwa ‘besindwa’ ngenxa yokuthi abaholi bamaJuda babenza inkolo ibe yinto ewumthwalo osindayo. (Mathewu 23:4) Babegxila ohideni lwemithetho elawula cishe zonke izici zokuphila. Ubungeke yini wena ukuthole kucindezela ukuhlale uzwa amazwi athi “akumelwe” wenze lokhu noma lokhuya? Ngokuhlukile, uJesu wayememela abantu eqinisweni, ekulungeni, ekuphileni okungcono ngokulalela yena. Yebo, ukwazi uNkulunkulu weqiniso kwakuhilela ukunaka uJesu Kristu, ngoba kuye, abantu babengabona—futhi basengabona—ukuthi uJehova unjani. UJesu wathi: “Lowo ongibonile mina umbonile noBaba futhi.”—Johane 14:9.

Ingabe Ukuphila Kwakho Kucindezela Ngokweqile?

5, 6. Izimo zomsebenzi namaholo osuku lukaJesu kuqhathaniseka kanjani nokwethu namuhla?

5 Le ndaba ingase ikukhathaze ngoba mhlawumbe umsebenzi wakho noma isimo somkhaya wakho sikukhathaza kakhulu. Noma kungenzeka eminye imithwalo yemfanelo ibonakala ingaphezu kwamandla. Uma kunjalo, unjengabaqotho uJesu ayehlangana nabo futhi abasize. Ngokwesibonelo, cabanga ngenkinga yomsebenzi wokuziphilisa. Abaningi badonsa kanzima kulokhu namuhla, futhi kwakunjalo nangesikhathi sikaJesu.

6 Emuva ngaleso sikhathi, isisebenzi sasikhandleka amahora angu-12 ngosuku, izinsuku ezingu-6 ngesonto, ngokuvamile ukuze sithole udenariyu owodwa kuphela ngosuku lonke. (Mathewu 20:2-10) Ungakanani lowo mholo uma uwuqhathanisa nowakho noma owabangane bakho? Kungaba nzima ukuqhathanisa imiholo yasendulo neyanamuhla. Enye yezindlela zokuyiqhathanisa iwukucabanga ngamandla emali, lokho engakuthenga. Esinye isazi sithi ngosuku lukaJesu isinkwa esenziwe ngezinkomishi ezine zikafulawa kakolweni sasibiza cishe umholo wehora elilodwa. Esinye sithi inkomishi yewayini lezinga elikahle yayibiza cishe umholo wamahora amabili. Ungabona emininingwaneni enjalo ukuthi ngaleso sikhathi abantu babekhandleka kanzima isikhathi eside ukuze baqhubeke bephila. Babeyidinga impumuzo nokuqabuleka, njengathi. Uma unomsebenzi wokuziphilisa, ungase uzizwe ucindezeleka ukuba ukhiqize kakhudlwana. Ngokuvamile asisitholi isikhathi sokwenza izinqumo ezicatshangwe kahle. Ungase uvume ukuthi ulangazelela impumuzo.

7. Izilaleli zikaJesu zasabela kanjani esigijimini sakhe?

7 Kusobala ukuthi isimemo sikaJesu kubo bonke ‘ababekhandleka nababesindwa’ sasiyokhanga kakhulu eningini lezilaleli emuva ngaleso sikhathi. (Mathewu 4:25; Marku 3:7, 8) Futhi khumbula ukuthi uJesu wanezela nesithembiso esithi, ‘Ngizonenza niqabuleke.’ Leso sithembiso esifanayo siyasebenza namuhla. Singasebenza kithi uma ‘sikhandleka futhi sisindwa.’ Singasebenza nakwabathandekayo bethu, okungenzeka isimo sabo sifuze esethu.

8. Ukukhulisa izingane nokuguga kunezela kanjani ekucindezelekeni?

8 Kukhona nezinye izinto ezikhathaza abantu. Ukukhulisa izingane kuyinselele enkulu. Ukuba yingane ngokwako kungaba yinselele. Inani elandayo labantu babo bonke ubudala libhekana nezinkinga zempilo engokwengqondo nengokomzimba. Futhi nakuba kungenzeka ukuthi abantu baphila isikhathi eside kunakuqala, asebegugile banezinkinga ezihlukile ababhekana nazo, naphezu kwentuthuko yezokwelapha.—UmShumayeli 12:1.

Ngaphansi Kwejoka

9, 10. Ezikhathini zasendulo, ijoka laliwuphawu lwani, futhi kungani uJesu amema abantu ukuba babeke ijoka lakhe phezu kwabo?

9 Uphawulile yini ukuthi emazwini acashunwe kuMathewu 11:28, 29, uJesu wathi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi”? Emuva ngaleso sikhathi, umuntu ovamile wayengase azizwe sengathi ungaphansi kwejoka. Kusukela endulo, ijoka laliwuphawu lobugqila noma ukucindezelwa. (Genesise 27:40; Levitikusi 26:13; Duteronomi 28:48) Izisebenzi eziningi uJesu ayehlangana nazo zazifaka ijoka elingokoqobo emahlombe, zithwale imithwalo esindayo. Kuye ngokuthi lakhiwe kanjani, ijoka lalingahlala kahle entanyeni nasemahlombe noma lalingakhuhla kabuhlungu. Njengombazi, kungenzeka uJesu wayewakha amajoka futhi wayeyokwazi ukubaza “elomusa.” Mhlawumbe ezindaweni ezithintana nenyama wayefaka isikhumba noma indwangu eyenza ijoka lihlale kahle ngangokunokwenzeka.

10 Lapho uJesu ethi, “Bekani ijoka lami phezu kwenu,” kungenzeka wayezifanisa nomuntu owakha amajoka abazwe kahle, ayeyoba “nomusa” entanyeni nasemahlombe esisebenzi. Ngakho, uJesu wanezela: “Nomthwalo wami ulula.” Lokhu kwakubonisa ukuthi umgoqo wejoka wawungewona ongathandeki, kanti nomsebenzi wawungagqilazi. Kuyavunywa, ngokumema izilaleli zakhe ukuba zamukele ijoka lakhe, uJesu wayengathembisi impumuzo esheshayo kuzo zonke izimo ezazicindezela ngaleso sikhathi. Noma kunjalo, umbono ohlukile ayewuveza wawuyoletha ukuqabuleka okukhulu. Ukwenza izinguquko endleleni yabo yokuphila neyokwenza izinto kwakuyonika abantu impumuzo. Okubaluleke nakakhulu, ithemba elicacile neliqinile laliyobasiza ukuba bathole ukuphila kungacindezeli kangako.

Ungakuthola Ukuqabuleka

11. Kungani uJesu ayengasikiseli nje ukuthatha elinye ijoka esikhundleni selinye?

11 Siza uphawule ukuthi uJesu wayengasho ukuthi abantu babeyoyeka elinye ijoka bathathe elinye. IRoma yayizoqhubeka ilawula izwe, njengoba nje nohulumeni banamuhla belawula izindawo amaKristu ahlala kuzo. Imithetho yentela yamaRoma yekhulu lokuqala yayingeke isuswe. Izinkinga zempilo nezomnotho zazisazoqhubeka. Ukungapheleli nesono kwakuzoqhubeka kuthonya abantu. Noma kunjalo, babengathola ukuqabuleka ngokwamukela imfundiso kaJesu, njengoba nje nathi singayithola namuhla.

12, 13. Yini uJesu ayiqokomisa eyayiyoletha ukuqabuleka, futhi abanye basabela kanjani?

12 Indlela eyinhloko umfanekiso kaJesu wejoka osebenza ngayo yabonakala emsebenzini wokwenza abafundi. Akunakungatshazwa ukuthi umsebenzi kaJesu oyinhloko kwakuwukufundisa abanye, egcizelela uMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:23) Ngakho lapho ethi, “Bekani ijoka lami phezu kwenu,” ngokuqinisekile lokho kwakuhilela ukumlandela kulowo msebenzi. Ukulandisa kwamaVangeli kubonisa ukuthi uJesu wayeshukumisa abantu abaqotho ukuba bashintshe umsebenzi wabo wokuziphilisa, okuyinto ebakhathaza kakhulu abaningi ekuphileni kwabo. Khumbula lapho ebiza uPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane, ethi: “Ngilandeleni, ngizonenza nibe abadobi babantu.” (Marku 1:16-20) Wabonisa labo badobi indlela okwakunganelisa ngayo uma babengenza umsebenzi ayewubeka kuqala ekuphileni kwakhe, benze kanjalo ngaphansi kwesiqondiso sakhe nangosizo lwakhe.

13 Ezinye zezilaleli zakhe ezingamaJuda zakuqonda ayekufundisa, zakusebenzisa. Ake ubone ngeso lengqondo isenzakalo sasogwini lolwandle esifunda ngaso kuLuka 5:1-11. Abadobi abane babefukuze ubusuku bonke, bangabamba lutho. Bengazelele, amanetha abo ágcwala! Lokhu akuzange kuzenzakalele nje; kwakubangelwa ukungenela kukaJesu. Lapho bebheka ngasogwini, babona isixuku sabantu esinesithakazelo esikhulu ezimfundisweni zikaJesu. Lokhu kwabacacisela lokho uJesu ayebatshele kona laba abane: ‘Kusukela manje kuqhubeke nizobe nidoba abantu bephila.’ Benze njani? “Babuyisela izikebhe ezweni, futhi bashiya konke bamlandela.”

14. (a) Singakuthola kanjani ukuqabuleka namuhla? (b) Yiziphi izindaba ezinhle eziqabulayo ezamenyezelwa nguJesu?

14 Ngokuyisisekelo, nawe ungasabela ngendlela efanayo. Umsebenzi wokufundisa abantu iqiniso leBhayibheli usaqhubeka. OFakazi BakaJehova abangaba yizigidi eziyisithupha emhlabeni wonke baye bamukela isimemo sikaJesu ‘sokubeka ijoka lakhe phezu’ kwabo; baye baba ‘ngabadobi babantu.’ (Mathewu 4:19) Abanye bakwenza kube umsebenzi wabo wesikhathi esigcwele; abanye benza lokho abangakwenza ngezikhathi ezithile. Bonke bakuthola kuqabula, ngakho izingcindezi ziyancipha ekuphileni kwabo. Kuhilela ukwenza into abayijabulelayo, ukutshela abanye izindaba ezinhle—“izindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 4:23) Kuhlale kumnandi ukuxoxa izindaba ezinhle kodwa ikakhulu lezi zindaba ezinhle. IBhayibheli liqukethe ukwaziswa okuyinhloko esikudingayo ukuze sikholise abaningi ukuthi bangaphila ukuphila okungacindezeli kangako.—2 Thimothewu 3:16, 17.

15. Ungazuza kanjani ezimfundisweni zikaJesu eziphathelene nokuphila?

15 Ngezinga elithile, ngisho nabantu abasanda kuqala ukufunda ngoMbuso kaNkulunkulu baye bazuza ezimfundisweni zikaJesu eziphathelene nendlela yokuphila. Abaningi bangasho ngobuqotho ukuthi izimfundiso zikaJesu ziye zabaqabula futhi zabasiza ukuba bashintshe ukuphila kwabo. Ungazitholela lokho ngokuhlola ezinye zezimiso zokuphila ezivezwe ekulandiseni kokuphila nenkonzo kaJesu, ikakhulu emaVangelini alotshwa nguMathewu, uMarku noLuka.

Indlela Yokuthola Ukuqabuleka

16, 17. (a) Ungazitholaphi ezinye zezimfundiso zikaJesu eziyinhloko? (b) Kudingekani ukuze umuntu athole ukuqabuleka ngokusebenzisa izimfundiso zikaJesu?

16 Entwasahlobo ka-31 C.E., uJesu wabeka inkulumo esadume umhlaba wonke nanamuhla. Ivame ukubizwa ngokuthi iNtshumayelo YaseNtabeni. Ilotshwe kuMathewu izahluko 5 kuya ku-7 nakuLuka isahluko 6, futhi ifingqa izimfundiso zakhe eziningi. Ungazithola nezinye izimfundiso zikaJesu kwezinye izindawo emaVangelini. Okuningi kwalokho akusho kucacile, nakuba ukukusebenzisa kungaba yinselele. Kungani ungazifundi ngokucophelela lezo zahluko, ucabangisise ngazo? Vumela imiqondo yakhe enamandla ithonye ukucabanga nesimo sakho sengqondo.

17 Ngokusobala, izimfundiso zikaJesu zingahlelwa ngezindlela ezihlukahlukene. Ake sihlele izimfundiso eziyinhloko ukuze usuku ngalunye lwenyanga lube neyodwa, sinomgomo wokuba uzisebenzise ekuphileni kwakho. Kanjani? Ungadlulisi nje amehlo. Khumbula umbusi ocebile owabuza uJesu Kristu: “Kufanele ngenzeni ukuze ngizuze njengefa ukuphila okumi phakade?” Lapho uJesu ephinda izimfuneko ezibalulekile zoMthetho kaNkulunkulu, le ndoda yaphendula yathi kakade yayizifeza lezi zimfuneko. Noma kunjalo, yaqaphela ukuthi kwakusadingeka yenze okwengeziwe. UJesu wayicela ukuba izikhandle kakhudlwana ukuze isebenzise izimiso zokuhlonipha zikaNkulunkulu ngezindlela ezingokoqobo, ibe ngumfundi okhuthele. Ngokusobala, le ndoda yayingazimisele ukwenza okungako. (Luka 18:18-23) Ngakho, umuntu ofuna ukufunda izimfundiso zikaJesu namuhla kudingeka akhumbule ukuthi kunomehluko phakathi kokuvumelana nazo nokuzamukela ngenkuthalo, kanjalo anciphise ukucindezeleka.

18. Bonisa indlela ongalisebenzisa ngayo ngokunenzuzo ibhokisi.

18 Njengesiqalo ekuhloleni nasekusebenziseni izimfundiso zikaJesu, ake ubheke iphuzu lokuqala ebhokisini. Libhekisela kuMathewu 5:3-9. Ngokungagwegwesi nje, noma ubani kithi angasebenzisa isikhathi esiningi ezindla ngeseluleko esihle esinikezwe kulawo mavesi. Nokho, uma uwabheka ewonke, yisiphi isiphetho osifinyelelayo mayelana nesimo sengqondo? Uma ufuna ngempela ukunqoba imiphumela yokucindezeleka okweqile ekuphileni kwakho, yini ezosiza? Kungasithuthukisa kanjani isimo sakho ukwandisa izinga lokunaka kwakho izinto ezingokomoya, uvumele imicabango yakho ukuba igxile kakhudlwana kuzo? Ingabe sikhona isici esithile ekuphileni kwakho okuzodingeka ungasinaki ngezinga osinaka ngalo manje, ukuze ukwazi ukunaka kakhudlwana izinto ezingokomoya? Uma wenza kanjalo, kuzonezela enjabulweni yakho manje.

19. Yini ongayenza ukuze uthole ukuqonda okwengeziwe?

19 Manje dlulela esinyathelweni esilandelayo. Kungani ungaxoxi nenye inceku kaNkulunkulu ngalawo mavesi, mhlawumbe umngane wakho womshado, isihlobo esiseduze, noma umngane? (IzAga 18:24; 20:5) Khumbula ukuthi umbusi ocebile wabuza omunye umuntu—uJesu—ngale ndaba. Impendulo yakhe yayingakhulisa amathemba ale ndoda enjabulo nokuphila okuphakade. Umkhulekeli okanye naye oxoxa naye ngalawo mavesi ngeke alingane noJesu; noma kunjalo, ukuxoxa ngezimfundiso zikaJesu kuzonizuzisa nobabili. Zama ukukwenza ngokushesha nje.

20, 21. Yisiphi isimiso ongasilandela ukuze ufunde ngezimfundiso zikaJesu, futhi ungayihlaziya kanjani intuthuko yakho?

20 Ake uphinde ubheke ibhokisi elithi “Izimfundiso Zokukusiza.” Lezi zimfundiso zihlelwe ngendlela yokuba kube khona okungenani imfundiso eyodwa ngosuku ongacabanga ngayo. Ungaqala ngokufunda lokho uJesu akusho emavesini akhonjiwe. Yibe usucabanga ngamazwi akhe. Zindla ngokuthi ungawasebenzisa kanjani ekuphileni kwakho. Uma unomuzwa wokuthi uyawasebenzisa kakade, zindla ngokuthi yikuphi okwengeziwe ongakwenza ukuze uphile ngaleyo mfundiso yaphezulu. Zama ukuyisebenzisa ngalolo suku. Uma ukuthola kunzima ukuyiqonda noma ukubona ukuthi ungayisebenzisa kanjani, zinike nolunye usuku lokugxila kuyo. Nokho, khumbula ukuthi akudingeki uze uyifinyelele ngokugcwele ngaphambi kokuba udlulele kwelandelayo. Ngakusasa, ungagxila kwenye imfundiso. Ekupheleni kwesonto, ungabukeza izinga oye waphumelela ngalo ukusebenzisa izimfundiso ezine noma ezinhlanu zikaJesu. Ngesonto lesibili nezela ezinye, usuku ngalunye. Uma uthola ukuthi uye washiyeka ekusebenziseni imfundiso ethile, ungadikibali. Lokho kuyokwenzeka kuwo wonke amaKristu. (2 IziKronike 6:36; IHubo 130:3; UmShumayeli 7:20; Jakobe 3:8) Qhubeka nangelesithathu nelesine.

21 Ngemva kwesikhathi esingaba yinyanga, kungenzeka ube usuwahlanganise wonke la maphuzu angu-31. Noma ngabe akunjalo, uyobe uzizwa kanjani ngenxa yako? Ngeke yini ube nenjabulo enkudlwana, mhlawumbe ube ozole ngokwengeziwe? Ngisho noma uthuthuka kancane, cishe uyozizwa ungacindezelekile njengakuqala, noma okungenani uyobe ubhekana kangcono nokucindezeleka, futhi uyobe unendlela ongaqhubeka uyisebenzisa. Ungakhohlwa ukuthi maningi amanye amaphuzu amahle ezimfundiso zikaJesu angekho kulolu hlu. Kungani ungawacingi bese uzama ukuwasebenzisa?—Filipi 3:16.

22. Yini engaba umphumela wokulandela izimfundiso zikaJesu, kodwa yisiphi esinye isici esidinga ukuhlolwa?

22 Ungabona ukuthi nakuba ijoka likaJesu lingelona elingenaso isisindo, linomusa ngempela. Umthwalo wezimfundiso zakhe nowokuba ngumfundi ulula. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-60 yokuzizwela mathupha, umphostoli uJohane, umngane kaJesu othandekayo, wavuma: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.” (1 Johane 5:3) Nawe ungaqiniseka ngokufanayo. Uma uqhubeka usebenzisa izimfundiso zikaJesu, uyokubona ngokwengeziwe ukuthi izinto ezenza ukuphila kucindezele kakhulu kwabaningi namuhla azikucindezeli kangako wena. Uyobona ukuthi uye wathola impumuzo enkulu. (IHubo 34:8) Nokho, kukhona nesinye isici sejoka lomusa likaJesu okudingeka ucabange ngaso. UJesu wakhuluma nangokuba ‘mnene kwakhe nokuthobeka ngenhliziyo.’ Kuhlobana kanjani lokho nokufunda kwethu kuJesu nokumlingisa? Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngalokhu.—Mathewu 11:29.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani kufanele sibheke kuJesu lapho sifuna impumuzo ekucindezelekeni okweqile?

• Ijoka laliwuphawu lwani, futhi ngani?

• Kungani uJesu amema abantu ukuba bathathe ijoka lakhe?

• Ungakuthola kanjani ukuqabuleka okungokomoya?

[Imibuzo Yesifundo]

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

Isihloko sonyaka soFakazi BakaJehova ngo-2002 sizothi: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.”—Mathewu 11:28.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12, 13]

Izimfundiso Zokukusiza

Yiziphi izinto ezinhle ongazithola kuMathewu izahluko 5 kuya ku-7? Lezi zahluko zinezimfundiso ezanikezwa nguMfundisi OyiNgcweti, uJesu, emthambekeni wentaba yaseGalile. Siza ufunde amavesi akhonjwe ngezansi eBhayibhelini lakho, bese uzibuza imibuzo ehlobene nawo.

1. 5:3-9 Kungitshelani lokhu ngesimo sami sengqondo esivamile? Ngingakusebenzela kanjani ukuba ngibe nenjabulo enkudlwana? Ngingazinaka kanjani ngokwengeziwe izidingo zami ezingokomoya?

2. 5:25, 26 Yini engcono kunokulingisa umoya wokubanga abaningi abanawo?—Luka 12:58, 59.

3. 5:27-30 Amazwi kaJesu agcizelelani mayelana namaphupho othando? Ukuwagwema kwami kuyoyandisa kanjani injabulo yami nokuthula kwengqondo?

4. 5:38-42 Kungani kufanele ngizame ukugwema lokho okugcizelelwa umphakathi wanamuhla, ukuzazisa ngokweqile?

5. 5:43-48 Ngingazuza kanjani ngokubazi kangcono abantu engikanye nabo okungenzeka bengibabheka njengezitha? Kuyofezani lokhu ekunciphiseni noma ekuqedeni ukunganambithisisani?

6. 6:14, 15 Uma ngezinye izikhathi ngingathetheleli, kungenzeka yini ukuthi inkinga eyisisekelo umona noma intukuthelo? Ngingakushintsha kanjani lokho?

7. 6:16-18 Ingabe ngithambekele ekukhathaleleni kakhulu ukubukeka kunalokho engiyikho ngaphakathi? Yini okufanele ngiyiqaphele kakhulu?

8. 6:19-32 Ungaba yini umphumela uma ngikhathalela imali nempahla ngokweqile? Ukucabanga ngani okuyongisiza ukuba ngibe olinganiselayo kulokhu?

9. 7:1-5 Ngizizwa kanjani lapho ngiphakathi kwabantu abahlulela abanye nabagxekayo, abahlale bephawula amaphutha? Kungani kubalulekile ngami ukuba ngigweme ukuba njalo?

10. 7:7-11 Uma ukuphikelela kukuhle lapho ngenza izicelo kuNkulunkulu, kuthiwani ngezinye izici zokuphila?—Luka 11:5-13.

11. 7:12 Nakuba ngiwazi uMthetho Wegolide, ngivame kangakanani ukusebenzisa lesi seluleko ekusebenzelaneni nabanye?

12. 7:24-27 Njengoba nginomthwalo wemfanelo wokuqondisa ukuphila kwami, ngingazilungela kanjani kangcono izivunguvungu nezikhukhula zezinkinga? Kungani kufanele ngicabange ngalokhu manje?—Luka 6:46-49.

Izimfundiso ezengeziwe engingacabanga ngazo:

13. 8:2, 3 Ngingabubonisa kanjani ububele kwabahluphekayo, njengoba uJesu enza kaningi?

14. 9:9-38 Ukubonisa isihe kunayiphi ingxenye ekuphileni kwami, futhi ngingasibonisa kanjani ngokwengeziwe?

15. 12:19 Njengoba ngifunda eziprofethweni eziphathelene noJesu, ngiyazama yini ukugwema izimpikiswano ezinokubanga?

16. 12:20, 21 Yibuphi ubuhle engingabenza ngokungachobozi abanye ngamazwi noma ngezenzo zami?

17. 12:34-37 Yini engikhuluma ngayo isikhathi esiningi? Ngiyazi ukuthi uma ngikhama iwolintshi, kuphuma ujusi wewolintshi, ngakho kungani kufanele ngicabange ngalokho okungaphakathi kimi, enhliziyweni yami?—Marku 7:20-23.

18. 15:4-6 Emazwini kaJesu ngibonani mayelana nokukhathalela asebegugile ngothando?

19. 19:13-15 Yini okudingeka ngizinike isikhathi sokuyenza?

20. 20:25-28 Kungani kungazuzisi ukusebenzisa kabi igunya? Ngingamlingisa kanjani uJesu kulokhu?

Imiqondo eyengeziwe, eyalotshwa nguMarku:

21. 4:24, 25 Indlela engibaphatha ngayo abanye ibaluleke ngani?

22. 9:50 Uma engikushoyo nengikwenzayo kuthandeka, kungase kube namiphi imiphumela?

Manje, izimfundiso ezimbalwa ezalotshwa nguLuka:

23. 8:11, 14 Uma ngivumela ukukhathazeka, ingcebo nenjabulo kubuse ukuphila kwami, umphumela ungaba yini?

24. 9:1-6 Nakuba uJesu ayenamandla okwelapha abagulayo, yini ayeyibheka njengebaluleke ngaphezu kwalokho?

25. 9:52-56 Ingabe ngiyashesha ukuzwela? Ngiyawugwema yini umoya wokuphindisela?

26. 9:62 Kufanele ngiwubheke kanjani umthwalo wami wemfanelo wokukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu?

27. 10:29-37 Ngingabonisa kanjani ukuthi ngingumakhelwane, hhayi umuntu ongenandaba?

28. 11:33-36 Yiziphi izinguquko engingazenza ukuze ngenze ukuphila kwami kube lula kakhudlwana?

29. 12:15 Ukuphila kuhlobene kanjani nezinto umuntu anazo?

30. 14:28-30 Uma ngizinika isikhathi sokuhlaziya izinqumo ngokucophelela, yini engingase ngiyigweme, futhi kube nayiphi inzuzo?

31. 16:10-12 Yiziphi izinzuzo engingazithola ngokuphila ngobuqotho?

[Izithombe ekhasini 10]

Umsebenzi osindisa ukuphila owenziwa ngaphansi kwejoka likaJesu uyaqabula