Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umoya Wokuzithandela Uletha Abantu EGileyadi

Umoya Wokuzithandela Uletha Abantu EGileyadi

Umoya Wokuzithandela Uletha Abantu EGileyadi

INJONGO ye-Watchtower Bible School of Gilead ukuqeqeshela amadoda nabesifazane abazinikezele inkonzo yezithunywa zevangeli kwamanye amazwe. Obani abeza eGileyadi? Yilabo abanomoya wokuzithandela. (IHubo 110:3, NW) Ngokuqinisekile lokho kwaba sobala ngo-September 8, 2001, lapho ikilasi le-111 lithweswa iziqu.

Abanye kulabo bafundi ngokuzithandela kakade base beyishiyile imikhaya, abangane, namazwe akubo ukuze bakhonze lapho indingeko inkulu khona. Ngokwenza kanjalo bazivivinya ukuze babone ukuthi bangakwazi yini ukwenza izinguquko zokuphila endaweni ehlukile ngandlela-thile. Ngokwesibonelo, uRicher noNathalie bahlela izimo zabo ukuze bathuthele eBolivia, uTodd noMichelle bathuthela eDominican Republic, kwathi uDavid noMonique bathuthela ezweni elithile lase-Asia ukuze basakaze izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Abanye abafundi kakade base bekhonze eNicaragua, e-Ecuador nase-Albania.

UChristy wakhuthazwa ukuba afunde ulimi lweSpanishi ngesikhathi esesikoleni esiphakeme, okwamsiza kwamlungiselela iminyaka emibili ayihlala e-Ecuador ngaphambi kokuba ashade. Abanye bakhetha ukuhlanganyela namabandla asebenzisa olunye ulimi emazweni akubo. Lapho bebhekene nenselele ehlukile, uSaul noPriscilla babonisa umoya wokuzithandela ngokusebenza kanzima ukuze bathuthukise isiNgisi sabo ngaphambi kokuba beze kulesi sikole.

Amasonto angu-20 okuqeqeshelwa ukuba izithunywa zevangeli adlula ngokushesha. Lwafika usuku lokuthweswa iziqu, futhi abafundi bazithola benabangane nemikhaya, belalele iseluleko esihlakaniphile namazwi esikhuthazo okubavalelisa.

Usihlalo walesi simiso kwakunguTheodore Jaracz, owathweswa iziqu ekilasini lesikhombisa leSikole SaseGileyadi, manje okhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Amazwi akhe okuvula aqokomisa iqiniso lokuthi njengenhlangano, asikaze silahlekelwe ngumbono womgomo wokuqeqesha abafundi eGileyadi, okungukuthi, ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba owakhiweyo. (Marku 13:10) IGileyadi ihlomisa abafundi abafanelekayo ukuba bafeze lo msebenzi wokushumayela ngezinga elikhulu ngokwengeziwe kunalelo ababewufeze ngalo esikhathini esidlule nasezindaweni zomhlaba okudingeka kuzo ikakhulukazi izithunywa zevangeli eziqeqeshiwe. UMfoweth’ uJaracz wayala abafundi ukuba bakusebenzise kahle ukuqeqeshwa kwabo abakuthole eGileyadi njengoba manje beba yingxenye yezithunywa zevangeli njengamanje ezikhonza emazweni angu-19 lawo abathweswe iziqu ababelwe kuwo.

Iseluleko Esifike Ngesikhathi Kulabo Abathweswa Iziqu

Kwalandela uchungechunge lwezinkulumo. UWilliam Van De Wall, oyilungu leKomiti Yegatsha Lase-United States, wakhuluma ngesihloko esithi, “Intshiseko Yezithunywa Zevangeli—Uphawu LwamaKristu Eqiniso.” Wagxila ekuthunyweni ‘kokwenza abafundi’ okulotshwe kuMathewu 28:19, 20 futhi wanxusa abafundi wathi: “Lingisani uJesu owasifeza ngentshiseko nangomdlandla isabelo sakhe njengesithunywa sevangeli.” Ukusiza lezi zithunywa zevangeli zakusasa ukuba zilondoloze intshiseko yazo ngomsebenzi wobuthunywa bevangeli, wazikhuthaza kanje: “Namathelani esimisweni esisebenzisekayo; londolozani imikhuba emihle yesifundo somuntu siqu, nihambisane nezindaba ezingokwasezulwini; futhi nizigcine njalo ziphambi kwenu izizathu zokuthi kungani nisesabelweni senu.”

Kwabe sekulandela uGuy Pierce, ilungu leNdikimba Ebusayo. Wabeka inkulumo enesihloko esithi, “Qhubekani Nithuthukisa Amandla Enu Okucabanga.’” (Roma 12:1) Walinikeza iseluleko esisebenzayo leli kilasi elabe lithweswa iziqu, elikhuthaza ukuba lisebenzise ikhono lalo elilinikwe uNkulunkulu ukuba licabange futhi lizindle.” Wathi, “Qhubekani nicabangisisa ngalokho uJehova akushoyo kini ngeZwi lakhe. Lokhu kuyonilondoloza.” (IzAga 2:11) UMfoweth’ uPierce wabuye futhi wayala ikilasi ukuba lingabi ondlovu kayiphikiswa emibonweni yalo ukuze lingathiyi ‘amandla alo okucabanga.’ Ngokuqinisekile lezi zikhumbuzo ezifike ngesikhathi ziyoba usizo njengoba laba bafundi ababethweswa iziqu bekhonza njengezithunywa zevangeli.

Ngokulandelayo usihlalo wethula omunye wabafundisi baseGileyadi, uLawrence Bowen, owakhulumela isihloko esithi “Nquma Ukungazi Lutho.” Waphawula ukuthi emsebenzini wakhe njengesithunywa sevangeli eKorinte, umphostoli uPawulu ‘wayenqume ukungazi lutho ngaphandle kukaJesu Kristu, futhi naye ebethelwe.’ (1 Korinte 2:2) UPawulu wayazi ukuthi amandla amakhulu kakhulu endaweni yonke, umoya ongcwele, asekela isigijimi esitholakala kulo lonke iBhayibheli: Ukulwelwa kobukhosi bukaJehova ngeNzalo ethenjisiwe. (Genesise 3:15) Abafundi abangu-48 ababethweswa iziqu bakhuthazwa ukuba babe njengoPawulu noThimothewu futhi baphumelele njengezithunywa zevangeli, benamathela ‘esibonelweni samazwi anempilo.’—2 Thimothewu 1:13.

Eyokugcina yalezi zinkulumo eziwuchungechunge zokuvula yaba nesihloko esithi “Yazisa Ilungelo Lakho, Isipho Esivela KuNkulunkulu.” UWallace Liverance, unobhala weSikole SaseGileyadi, wasiza abafundi ukuba baqaphele ukuthi amalungelo enkonzo ayizibonakaliso zomusa kaNkulunkulu ongasifanele, awayona neze into esiyifanelekelayo noma esiyisebenzela kanzima. Ethathela esibonelweni somphostoli uPawulu, uMfoweth’ uLiverance waphawula: “Ukukhetha kukaJehova uPawulu ukuba abe ngumphostoli wakhe ezizweni akuzange kunqunywe imisebenzi, ukuba kubonakale njengokungathi uPawulu wayelisebenzele ilungelo lokuthola leso sabelo noma ukuthi kwakufanele vele alithole. Kwakungaxhomekanga ebudaleni noma kokuhlangenwe nakho. Ngokombono womuntu, kwakungabonakala kunguBarnaba okwakufanele akhethwe. Kwakungasekelwe ekhonweni lomuntu; ngoba kubonakala u-Apholo ayeqephuza kangcono ekukhulumeni kunoPawulu. Kwakuwukubonakaliswa komusa kaNkulunkulu ongafanelwe.” (Efesu 3:7, 8) UMfoweth’ uLiverance wakhuthaza abafundi ukuba basebenzise isipho sabo, noma ilungelo labo lenkonzo, ukuze basize abanye babe ngabangane bakaNkulunkulu bathole “isipho uNkulunkulu asinikezayo . . . , ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23.

Ngemva kwalokhu uMark Noumair, omunye wabafundisi baseGileyadi, wabe eseqhuba ingxoxo enomdlandla nabafundi abaningana ngesihloko esithi “Ukulungiselela Kuveza Imiphumela Emihle.” (IzAga 21:5) Okuhlangenwe nakho kwabonisa ukuthi lapho isikhonzi siyilungiselela kahle inkonzo, ikakhulukazi ngokulungisa inhliziyo yaso, siba nesithakazelo esiqotho kubantu. Ngeke siphelelwe amazwi. Kunalokho, siyokhuluma futhi senze izinto ukuze sibasize ngokomoya. “Lesi yisihluthulelo sokuba isithunywa sevangeli esiphumelelayo,” kuphawula uMfoweth’ uNoumair, ethathela kokuhlangenwe nakho kwakhe siqu njengesithunywa sevangeli e-Afrika.

Inkonzo Yezithunywa Zevangeli—Umsebenzi owanelisayo

URalph Walls noCharles Woody baxoxa nezithunywa zevangeli ezingomakadebona ezimbalwa nazo ezazise-Patterson Educational Center ukuze ziyoqeqeshwa ngokukhethekile. Lezi zingxoxo zagcizelela ukuthi ngukuthanda abantu okuletha injabulo enkonzweni yezithunywa zevangeli. Kwakukhuthaza kubafundi nakulabo bemikhaya yabo nabangane ababekhona ukuzwa lezi zithunywa zevangeli ezingomakadebona zichaza ngokwazo ukuthi kungani inkonzo yezithunywa zevangeli iwumsebenzi owanelisayo.

UJohn E. Barr, okhonza eNdikimbeni Ebusayo, wanikeza inkulumo engumhlabahloso walolo suku, enesihloko esithi, “Hlabelelelani UJehova Ingoma Entsha.” (Isaya 42:10, NW) UMfoweth’ uBarr waphawula ukuthi inkulumo ethi “ingoma entsha” ivela izikhathi eziyisishiyagalolunye eBhayibhelini. Wabuza lo mbuzo, “Ikhuluma ngani le ngoma entsha?” Wabe esephendula: “Umongo wembula ukuthi ingoma entsha ihlatshelelwa ngoba kunezenzakalo ezintsha ekubonakalisweni kobukhosi bukaJehova.” Wanxusa abafundi ukuba baqhubeke behlanganyela ekuhlabeleleni izindumiso zoMbuso onqobayo kaNkulunkulu osezandleni zeNkosi enguMesiya, uKristu Jesu. UMfoweth’ uBarr waphawula ukuthi ukuqeqeshwa ababekuthole eGileyadi kwakubasizile ukuba baziqonde ngokujule kakhulu kunanini ngaphambili izici ezihlukahlukene zale “ngoma entsha.” “Isikole siye sagcizelela kini isidingo sokuba ‘nihlabelele’ izindumiso zikaJehova ngokuvumelana nabafowenu nodadewenu nomaphi lapho niya khona; ngaso sonke isikhathi nihlakulela ubunye nabanye ezabelweni zenu.”

Ngemva kokuba abafundi sebenikezwe ama-diploma abo, owayekhulumela ikilasi wafunda incwadi yokwazisa okusuka enhliziyweni ngokuqeqeshwa ababekutholile eGileyadi.

Ungayandisa yini inkonzo yakho kuNkulunkulu uyenze ikhiqize ngokwengeziwe? Uma kunjalo, zikhandle njengoba benzile laba bafundi ababethweswa iziqu. Yilokhu okwabasiza ukuba bawufanelekele umkhakha wezithunywa zevangeli. Lapho umuntu ezinikela ngokuzithandela nangokwenama enkonzweni kaNkulunkulu uthola injabulo enkulu.—Isaya 6:8.

[Ibhokisi ekhasini 25]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 10

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 19

Inani labafundi: 48

Isilinganiso seminyaka yobudala: 33,2

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16,8

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12,6

[Isithombe ekhasini 26]

Ikilasi Le-111 Elithweswe Iziqu Le-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesokunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Yeomans, C.; Toukkari, A.; Nuñez, S.; Phillips, J.; Dawkin, M.; Silvestri, P. (2) Morin, N.; Biney, J.; López, M.; Van Hout, M.; Cantú, A.; Szilvassy, F. (3) Williams, M.; Itoh, M; Van Coillie, S.; Levering, D.; Fuzel, F.; Geissler, S. (4) Yeomans, J.; Moss, M.; Hodgins, M.; Dudding, S.; Briseño, J.; Phillips, M. (5) López, J.; Itoh, T.; Sommerud, S.; Kozza, C.; Fuzel, G.; Moss, D. (6) Williams, D.; Dudding, R.; Geissler, M.; Morin, R.; Biney, S.; Cantú, L. (7) Dawkin, M.; Hodgins, T.; Levering, M.; Silvestri, S.; Van Hout, D.; Briseño, A. (8) Van Coillie, M.; Nuñez, A.; Kozza, B.; Sommerud, J.; Toukkari, S.; Szilvassy, P.